Isahluko 95
Izifundo Ngesahlukaniso Nangothando Ngabantwana
UJESU nabafundi bakhe basendleleni baya eJerusalema ukuze babe khona ePhasikeni lika-33 C.E. Bawela uMfula iJordani futhi bathatha indlela enqamula esifundeni sasePhereya. UJesu wayesePhereya emasontweni ambalwa ngaphambili, kodwa wabuye wabizelwa eJudiya ngoba umngane wakhe uLazaru egula. Lapho esePhereya ngalesosikhathi, uJesu wakhuluma nabaFarisi ngesahlukaniso, futhi manje baphinde bayayivusa lendaba.
Phakathi kwabaFarisi kunemiqondo eminingi ehlukahlukene ngesahlukaniso. UMose wathi owesifazane angase alahlwe ngenxa ‘yokuthile okwenyanyekayo kuye.’ Abanye bakholelwa ukuthi lokhu kubhekisela kuphela ekungabini-msulwa. Kodwa abanye babheka “okuthile okwenyanyekayo” njengokuhlanganisa namacala amancane kakhulu. Ngakho, ukuze balinge uJesu, abaFarisi bayabuza: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?” Bayaqiniseka ukuthi noma ikuphi uJesu akushoyo kuzomfaka ebunzimeni kubaFarisi abanombono ohlukile.
UJesu uwusingatha ngobuciko lombuzo, engasebenzisi noma imuphi umbono womuntu, kodwa ebhekisela emklamweni wokuqala womshado. “Anifundanga yini,” ebuza, “ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, wathi: Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba-nyamanye, na? Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”
UJesu ubonisa ukuthi injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni iwukuba abangane bomshado banamathele omunye komunye, ukuba bangafaki isahlukaniso. Uma lokho kunjalo, abaFarisi bayaphendula, “pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na?”
“Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu,” kuphendula uJesu, “kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.” Yebo, lapho uNkulunkulu emisa indinganiso yangempela yomshado ensimini yase-Edene, akenzanga lungiselelo lesahlukaniso.
UJesu uyaqhubeka etshela abaFarisi: “Namanje ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga [livela kwelesiGreki, por·neiʹa], aganwe ngomunye, uyaphinga.” Ngaleyondlela ubonisa ukuthi ipor·neiʹa, ewukuziphatha okubi kakhulu kobulili, iwukuphela kwesizathu sesahlukaniso esivunyelwe nguNkulunkulu.
Beqaphela ukuthi umshado kumelwe ube ifindo elihlala njalo elinalesisekelo kuphela sesahlukaniso, abafundi bashukunyiselwa ukuba bathi: “Uma injalo indaba yomuntu nomkakhe, akukuhle ukuganwa.” Akukho kungabaza ngokuthi umuntu ocabangela ukushada kufanele akucabangele ngokungathi sína ukuhlala njalo kwesibopho somshado!
UJesu uyaqhubeka ekhuluma ngokungashadi. Uyachaza ukuthi abanye abafana bazalwa bengabathenwa, bengenakukwazi ukushada ngenxa yokuba bengakhulanga ngokwanele ngokobulili. Abanye baye benziwa abathenwa ngabantu, bekhutshazwa izitho zobulili ngonya. Okokugcina, abanye bayasicindezela isifiso sokushada nokujabulela ubuhlobo bobulili ukuze bazinikele ngokugcwele ezindabeni eziphathelene noMbuso wamazulu. “Ongakwamukela lokho [ukungashadi] akwamukele,” kuphetha uJesu.
Manje abantu baqala ukuletha abantwana babo abancane kuJesu. Nokho, abafundi bayabakhuza abantwana futhi bazama ukubaxosha, ngokungangabazeki befuna ukuvikela uJesu ekucindezelekeni okungadingekile. Kodwa uJesu uthi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”
Yeka izifundo ezinhle uJesu azinikezayo lapha! Ukuze samukele uMbuso kaNkulunkulu, kumelwe silingise ukuthobeka nokufundiseka kwabantwana abancane. Kodwa isibonelo sikaJesu sibonisa nokuthi kubaluleke kangakanani, ikakhulukazi ngabazali, ukuba bachithe isikhathi benabantwana babo. Manje uJesu ubonisa uthando lwakhe ngalaba abancane ngokubagona nangokubabusisa. Mathewu 19:1-15; Duteronomi 24:1; Luka 16:18; Marku 10:1-16; Luka 18:15-17.
▪ Imiphi imibono ehlukene abaFarisi abanayo ngesahlukaniso, futhi bamlinga kanjani uJesu?
▪ UJesu ubhekana kanjani nemizamo yabaFarisi yokumlinga, futhi ikuphi akunikeza njengokuwukuphela kwesizathu sesahlukaniso?
▪ Kungani abafundi bakaJesu bethi akukuhle ukushada, futhi ikuphi ukutusa okunikezwa uJesu?
▪ Yini esiyifundiswa uJesu ngokusebenzelana kwakhe nabantwana abancane?