-
Izisebenzi EsivininiINqabayokulinda—1989 | Agasti 15
-
-
UJESU wayesanda kuthi, “Abaningi abokuqala bayakuba-ngabokugcina, nabokugcina babe-ngabokuqala.” Manje ufanekisa lokhu ngokuxoxa indaba.
-
-
Izisebenzi EsivininiINqabayokulinda—1989 | Agasti 15
-
-
Izisebenzi ezisebenza amahora ayi-12, noma zosuku lonke, zimelela abaholi abangamaJuda abamatasa ngokuqhubekayo emsebenzini wenkolo. Abafani nabafundi bakaJesu, labo, ingxenye enkulu yokuphila kwabo, abebesebenza ekudobeni noma kweminye imisebenzi yokuziphilisa. “Umninindlu” akathumelanga uJesu Kristu ukuba aqoqe laba ukuba babe ngabafundi bakhe kwaze kwaba sekwindla ka-29 C.E. Ngakho-ke baba “ngabokugcina,” noma izisebenzi zomvini ezifike ngehora le-11.
-
-
Izisebenzi EsivininiINqabayokulinda—1989 | Agasti 15
-
-
Labafundi bakaJesu, babenjengezisebenzi ‘zokugcina,’ noma ezifike ngehora le-11.
-
-
Izisebenzi EsivininiINqabayokulinda—1989 | Agasti 15
-
-
Ingabe lokho kugcwaliseka kwalomfanekiso kaJesu kwekhulu lokuqala leminyaka kuwukugcwaliseka okuwukuphela kwakho? Cha, abefundisi beLobukholwa kulelikhulu lama-20 leminyaka, ngenxa yezikhundla zabo nemithwalo yemfanelo, ‘bebengabokuqala’ ukuqashwa ukuba benze umsebenzi esivinini sikaNkulunkulu esingokomfanekiso. Babheka abashumayeli abazinikezele abahlanganyela neWatch Tower Bible and Tract Society ‘njengabokugcina’ ukuba babe nanoma isiphi isabelo esigunyaziwe enkonzweni kaNkulunkulu.
-