Injabulo—Iqinisekisiwe!
UJESU KRISTU wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3, NW) Ngokuphambene nokuhlakanipha okuvamile, uJesu wabhekisela ekugcwaliseni isidingo somuntu esingokomoya esikhundleni sokwanelisa izifiso zezinto ezibonakalayo njengesici esibalulekile ukuze siphumelele ekuphishekeleni injabulo. Uma lawomazwi kaJesu elandelwa, anikeza isiqinisekiso senjabulo.
Nokho, ukuqaphela komuntu isidingo sakhe esingokomoya kusho okungaphezu nje kokuqaphela ukuthi sikhona isidingo esinjalo. Ngokuvamile, isidingo esingagcwalisiwe siwumthombo wokukhathazeka nokuthukuthela kunokuba sibe umthombo wenjabulo. Isaga seBhayibheli sikubeka ngalendlela: “Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo.” (IzAga 13:12) Ngakho, injabulo iyanda lapho umuntu ethatha izinyathelo zokuqaphela isidingo sakhe esingokomoya bese esigcwalisa. Kungenziwa kanjani lokhu?
Kulapho iBhayibheli lingenela khona. Ngani? Ngoba yilona kuphela elinganikeza izimpendulo zemibuzo osekuyisikhathi eside abaningi becabanga ngayo kodwa bengazitholi izimpendulo ezanelisayo. Ngokwesibonelo, wake wazibuza yini ukuthi ‘Iyini injongo yokuphila? Kungani umuntu esemhlabeni? Ikusasa liphetheni?’ Ngaphandle kokunikeza izimpendulo ezanelisayo kulemibuzo nakweminye eminingi, iBhayibheli linikeza nesiqondiso sokuphila esiye sasiza izigidi ukuba zibhekane nezinkinga eziyinkimbinkimbi sonke esibhekana nazo namuhla futhi ezivame ukuthiya ukufuna kwethu injabulo. “Izwi [likaNkulunkulu] liyisibani ezinyaweni zami, nokukhanya endleleni yami,” kusho umhubi. (IHubo 119:105) Yebo, iBhayibheli liyisiqondiso esiqinisekile esingakusiza ukuba uphumelele ekuphishekeleni injabulo. Cabangela lezizibonelo ezimbili ezingokoqobo.
Ukusuka Ekubeni Nentukuthelo Kuya Enjabulweni Yomshado
Umshado ungaba umthombo wenjabulo noma wosizi. Ngokudabukisayo, kwabaningi uwumthombo wosizi. Nokho, lapho iseluleko seBhayibheli sisetshenziswa, siye sasiza abaningi ukuba bathole injabulo emshadweni owawungenayo injabulo.
UYungk’un noMeihsiu baba nokuhlangenwe nakho okunjalo. “Iminyaka yokuqala eyisikhombisa yomshado wethu yayingajabulisi,” kuvuma uYungk’un. “Ngangichitha isikhathi esincane kakhulu nomkami namadodakazi amabili. Eqinisweni, ngangivame ukulala emsebenzini.” Nakuba babenakho konke ababekudinga ngokwezinto ezibonakalayo, babengajabulile. Umkakhe uyanezela: “Ngaphandle kokusinakekela ngokwezinto ezibonakalayo, umyeni wami washiyela kimi zonke izindaba zomkhaya. Kwakungithukuthelisa ngempela.” Bacabanga ngisho nokuhlala ngokwehlukana.
UYungk’un wayenezinye izinkinga zomkhaya. Ngenxa yezinkinga zomkhaya zesikhathi esidlule, kwase kuyiminyaka eyisikhombisa engakhulumi nodadewabo. Lokhu kwenzeka naphezu kokuba babeqhelelene ngebanga elingaphansi kwamamitha ayikhulu. Nokho, manje ujabulela umshado ojabulisayo nobuhlobo obuhle nodadewabo. Kungani kwenzeka lolushintsho olukhulu?
“Mina nomkami saqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi saya emihlanganweni yabo yeBhayibheli yamasonto onke,” kuchaza uYungk’un. Udadewabo wenza okufanayo. Baqala ukusebenzisa izinto ababezifunda futhi bamangala lapho bebona imiphumela. UYungk’un wathola umsebenzi owamvumela ukuba anganakekeli umkhaya wakhe ngezidingo zezinto ezibonakalayo kuphela kodwa futhi nangezidingo ezingokomoya nezingokomzwelo. Manje bajabulela ukuphila komkhaya okujabulisayo, nokunobunye.
Wathola Injongo Ekuphileni
Labo abafunda isimo somuntu baye bathi ukuze sijabule, kudingeka sibe nesizathu sokuphila, injongo ekuphileni. Ukuphila okugxile ekuphishekeleni ngobugovu izinto ezibonakalayo akusanelisi lesisidingo. ULini oneminyaka engu-26 ubudala wakuthola kuyiqiniso lokhu.
Uthi: “Ngangivame ukusebenza amahora angu-12 ngosuku, izinsuku ezingu-7 ngesonto. Umgomo wami kwakuwukuvula indawo enkulu yokuthuthukisa ubuhle.” Nakuba kwase kuseduze ukuba isifiso sakhe sifezeke, wazizwa entula okuthile ekuphileni kwakhe. “Ngangivame ukuzibuza ngenjongo yokuphila. Ingabe kwakuwukusebenza nje futhi wenze imali?”
Khona-ke ngolunye usuku othile wangena esitolo sakhe futhi wambuza wona kanye umbuzo ayezibuza wona. Watshelwa ukuthi iBhayibheli lingawuphendula lowombuzo. Nakuba ayengakaze alifunde iBhayibheli ngaphambili, wavuma ukubekela eceleni ihora elilodwa isonto ngalinye ukuze alihlole.
Ngesifundo sakhe samasonto onke, uLini wafunda ukuthi iBhayibheli lalibikezele izinto eziningi ayezibona nsuku zonke. Wakhexa umlomo lapho ebona indlela iBhayibheli elalizichaze ngayo ngokunembile kusengaphambili izimo ezimzungezile, libikezela ukuthi “abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.” Wafunda nezinye iziprofetho ezibhekisela ekuhluphekeni okungenakulinganiswa okubangelwa izimpi, indlala, nezinhlekelele ezingokwemvelo okubonakala emhlabeni wonke.—2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:7, 12.
Khona-ke uLini wafunda okuthile okwamjabulisa kakhulu—lezizimo zomhlaba ezivame ukuphuca abantu injabulo ziyisibonakaliso sokuthi iseduze inkathi entsha emlandweni wesintu. (Mathewu 24:3-14) Wafunda futhi eBhayibhelini ukuthi uMdali wesintu uhlose ukumisa izwe elisha lapha emhlabeni, lapho kuyogcwala emhlabeni wonke ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo okungakaze kubonwe umuntu ongaphelele. (IHubo 72:16; Isaya 65:17, 18, 21, 22) Lomphakathi ochumile wesikhathi esizayo ngeke wonakaliswe ukuhaha, ubugovu, nokuthanda izinto ezibonakalayo, nayo yonke imiphumela yako emibi. (IHubo 37:9-11, 29; 1 Korinte 6:9, 10) Wajabula lapho efunda lamazwi eBhayibhelini: “Siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.”—2 Petru 3:13.
Ugcinelwe Injabulo
Esikhundleni sokuchitha sonke isikhathi sakhe ephishekela imigomo yezinto ezibonakalayo, uLini usechitha isikhathi sakhe esiningi etshela abanye ngezinto azifundile. Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngalezizithembiso ezimangalisayo? Ungathanda yini ukuthola indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo ukuba uthole injabulo eye yatholwa uLini, uYungk’un, uMeihsiu, nabanye abayizigidi? OFakazi BakaJehova bangathanda kakhulu ukukusiza.
[Isithombe ekhasini 8, 9]
UMdali wethu uhlose ukumisa ipharadesi lasemhlabeni