Isahluko 109
UJesu Usola Abaphikisi Bakhe
UJESU ubadide ngokuphelele abaphikisi bakhe benkolo kangangokuthi bayesaba ukumbuza noma yini futhi. Ngakho uyaqalisa udalula ukungabi nalwazi kwabo. “Nithini ngoKristu na?” ebuza. “Uyindodana kabani na?”
“EkaDavide,” kuphendula abaFarisi.
Nakuba uJesu engaphiki ukuthi uDavide ungukhokho kaKristu ongokwenyama, noma uMesiya, uyabuza: “Pho, uDavide ngoMoya [kumaHubo 110] wambiza kanjani ngokuthi iNkosi, ethi: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho. Ngakho-ke uma uDavide embiza ngokuthi iNkosi, uyindodana yakhe kanjani na?”
AbaFarisi bayathula, ngoba abazi ukuthi uKristu, noma ogcotshiweyo ungubani ngempela. UMesiya akayena nje umzukulu kaDavide ongumuntu, njengoba ngokusobala abaFarisi bekholelwa, kodwa wayephila ezulwini futhi wayemkhulu kuDavide, noma eyiNkosi.
Manje ephendukela ezixukwini nakubafundi bakhe, uJesu uxwayisa ngababhali nabaFarisi. Njengoba laba befundisa uMthetho kaNkulunkulu, “[be]hlezi esihlalweni sikaMose,” uJesu uyanxusa: “Konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine.” Kodwa uyanezela: “Ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi.”
Bangabazenzisi, futhi uJesu ubasola cishe ngenkulumo efana naleyo ayisebenzisa lapho edla endlini yomFarisi ezinyangeni ezithile ngaphambili. “Imisebenzi yonke yabo,” esho, “bayenza ukuba babonwe ngabantu.” Futhi unikeza izibonelo, ephawula:
“Amafilakteriyu abo bawenza abe-banzi.” Lamabhokisi amancane ngokuqhathaniswa, aboshelwa ebunzini noma engalweni, aqukethe izingxenye ezine zoMthetho: UEksodusi 13:1-10, 11-16; noDuteronomi 6:4-9; 11:13-21. Kodwa abaFarisi bayabandisa ubukhulu balamabhokisi ukuze banikeze umqondo wokuthi bayawushisekela uMthetho.
UJesu uyaqhubeka ethi “bawenze abe-makhulu amachopho [“izinsephe zezingubo zabo,” NW].” KuNumeri 15:38-40 amaIsrayeli ayalwa ukuba enze izinsephe ezingutsheni zawo, kodwa abaFarisi benza ezabo zibe zinkulu kunezanoma ubani. Konke kwenzelwa ukubukisa! “Bathanda izindawo ezingenhla,” kusho uJesu.
Ngokudabukisayo, abafundi bakhe siqu baye baba nalesifiso sokuvelela. Ngakho uyaluleka: “Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane. Ningabizi-muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu.” Abafundi kumelwe basilahle isifiso sokufuna ukuba ngongqá phambili! “Omkhulu kini akabe-yisikhonzi senu,” kuyala uJesu.
Ngokulandelayo uzwakalisa uchungechunge lomaye kubabhali nabaFarisi, ngokuphindaphindiwe ebabiza ngokuthi bangabazenzisi. “[Ba]valela abantu umbuso wezulu,” esho, futhi “[ba]dla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa [be]nza imikhuleko emide!”
“Maye kinina-baholi abayizimpumputhe,” kusho uJesu. Ulahla ukuntula kwabaFarisi izindinganiso ezingokomoya, okubonakala ngokuhlukanisa abakwenzayo ngemibono yabo siqu. Ngokwesibonelo, bathi, ‘Akulutho uma umuntu efunga ithempeli, kodwa uma efunga igolide lethempeli uzibophile.’ Ngokunaka kakhulu igolide lethempeli kunokubaluleka okungokomoya kwaleyondawo yokukhulekela, bembula ubumpumputhe babo bokwehluleka ukunaka okuyikho.
Khona-ke, njengoba enza ngaphambili, uJesu ulahla abaFarisi ngokudebeselela “okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa” kuyilapho benaka kakhulu ukukhokha okweshumi, noma ingxenye yeshumi, kwamakhambi angabalulekile.
UJesu ubiza abaFarisi ngokuthi ‘abaholi abayizimpumputhe, abahluza insensane, baginge ikamela.’ Bayayihluza insensane ewayinini labo, hhayi ngenxa nje yokuthi iyisinambuzane, kodwa ngoba ingcolile ngokomthetho. Nokho, ukunganaki kwabo izinto ezibalulekile zoMthetho kuqhathaniseka nokugwinya ikamela, nalo eliyisilwane esingcolile ngokomthetho. Mathewu 22:41–23:24; Marku 12:35-40; Luka 20:41-47; Levitikusi 11:4, 21-24.
▪ Kungani abaFarisi bethula lapho uJesu ebabuza ngalokho uDavide akusho kumaHubo 110?
▪ Kungani abaFarisi bewenza abe banzi amabhokisi abo aqukethe imiBhalo nezinsephe ezingutsheni zabo?
▪ Yisiphi iseluleko uJesu asinikeza abafundi bakhe?
▪ Yikuphi ukuhlukanisa okwenziwa abaFarisi ngemibono yabo siqu, futhi uJesu ubalahla kanjani ngokudebesela izinto ezibalulekile?