Ingabe Bewazi?
Kungani iBhayibheli lihlobanisa ukukhulekelwa kukankulunkulu wamanga, uBhali, nemibuthano yokuzitika ngobulili?
Unkulunkulu wamaKhanani uBhali, wayebhekwa njengonkulunkulu wenzalo. Abakhulekeli bakhe babekholelwa ukuthi wayebangela isivuno esikhulu emasimini nokwanda kwemihlambi yabo. Ngakho-ke, ngokusho kwencwadi ethi Manners and Customs in the Bible, “izenzo zobulili emikhosini yendawo yokukhulekela zazihloselwe ukukhuthaza umhlaba ukuba ukhiqize ngokwenza unkulunkulu wesichotho uBhali nomkakhe u-Asheri ukuba bahlanganyele ubulili, okwakubangela ukuba kuvunwe kakhulu nemihlambi ibe miningi.”
AmaKhanani ayekholelwa ukuthi uBhali wayevele anyamalale, ehlele ngaphansi komhlaba phakathi nezinkathi zonyaka ezomisile lapho ayesuke enqotshwe khona uMot, unkulunkulu wesomiso nokufa. Nokho, lapho izimvula ziphinde ziqala, ayekholelwa ukuthi ziwuphawu lokubuya kukaBhali, esebuya nenala yezimila kanye nempilo. AmaKhanani ayegubha le nkathi ngokuzitika ngobulili nganoma iyiphi indlela. Yilesi isizathu esenza ukuba ukuzihlanganisa kwama-Israyeli noBhali wasePheyori kuphumele ‘ekuziphatheni kabi namadodakazi akwaMowabi.’—Numeri 25:1-3.
Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi ababhali nabaFarisi bafana “namathuna acakiwe”?
UJesu wasola ababhali nabaFarisi ngokuthi babengabazenzisi futhi wathi kubo: “Nifana namathuna acakiwe, ngaphandle abonakala emahle ngempela kodwa ngaphakathi agcwele amathambo abantu abafileyo nayo yonke inhlobo yokungcola.” (Mathewu 23:27) Kwakuwumkhuba wamaJuda ukwenza amathuna agqame ngokuwacaka ngomcako ekupheleni kwenkathi yemvula, ngosuku lwe-15 enyangeni ka-Adar, kusasele inyanga kuqale iPhasika. Empeleni, izimvula zazivame ukuwususa lowo mcako.
Ngokusho kwe-Jewish Encyclopedia, amathuna ayecakwa ukuze “abantu abaningi ababehamba emgwaqweni ngesikhathi somkhosi wePhasika” bangangcoli. Umthetho olotshwe kuNumeri 19:16 wawuthi noma ubani othinta isidumbu, ithambo lomuntu noma indawo yokungcwaba wayeba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. Lokho kungcola kwakuvimbela ama-Israyeli ukuba ahlanganyele ekukhulekeleni okumsulwa, ngoba uma ayengahlanganyela ayengabhekana nesijeziso sokufa. (Levitikusi 15:31) UJesu washo la mazwi kubaFarisi kusasele izinsukwana kuqale iPhasika; ngakho ukucakwa kwamathuna kwaminyaka yonke kwakuyinto izilaleli zakhe ezazisayikhumbula kahle kakhulu. Iphuzu likaJesu laliwukuthi abaphikisi bakhe benkolo babengekhona lokho ababebonakala beyikho ngaphandle, futhi ukuzihlanganisa nabo kwakungcolisa ngokomoya.
[Isithombe ekhasini 15]
Itshe Le-lime Elinomfanekiso KaBhali Wombani Wangekhulu Leminyaka Le-14/13 B.C.E.
[Umthombo]
Musée du Louvre, Paris