Imibono YoMbuso KaNkulunkulu Iyagcwaliseka
“Nenza kahle ngokulinaka [izwi lesiprofetho] ngokungathi isibani esikhanya endaweni emnyama.”—2 PETRU 1:19.
1. Ikuphi ukungafani esikutholayo emhlabeni namuhla?
INHLEKELELE emva kwenhlekelele—yilezo izindaba ezisematheni emhlabeni namuhla. Kusukela ezinhlekeleleni zemvelo kuya ebuphekuleni bomhlaba wonke, izinkinga zesintu ziyabhebhetheka. Ngisho nezinkolo zomhlaba zehlulekile ukusiza. Eqinisweni, ngokuvamile zenza izinto zibe zimbi nakakhulu ngokushoshozela inkani, inzondo, nobuzwe, konke okuhlukanisa abantu. Yebo, njengoba kwabikezelwa, “amaqembu ezizwe” ambozwe ‘isigayegaye.’ (Isaya 60:2) Nokho, ngesikhathi esifanayo, izigidi zibheke ikusasa ngokuqiniseka. Ngani? Ngoba zinaka izwi likaNkulunkulu eliyisiprofetho “ngokungathi isibani esikhanya endaweni emnyama.” Zivumela ‘izwi’ likaNkulunkulu, noma umyalezo wakhe oseBhayibhelini manje, ukuba uqondise izinyathelo zazo.—2 Petru 1:19.
2. Ngokwesiprofetho sikaDaniyeli ‘sesikhathi sokuphela,’ obani okuwukuphela kwabo abanikwa ukuqonda okungokomoya?
2 Ekhuluma ‘ngesikhathi sokuphela,’ umprofethi uDaniyeli wabhala: “Abaningi bayozulazula, futhi ulwazi lweqiniso luyoba luningi. Abaningi bayozihlanza bazenze mhlophe futhi bayocwengwa. Ababi ngokuqinisekile bayokwenza kabi, futhi abekho nhlobo ababi abayoqonda; kodwa abanokuqondisisa bayoqonda.” (Daniyeli 12:4, 10) Ukuqonda okungokomoya kugcinelwe kuphela labo ‘abazulazula’ ngobuqotho eZwini likaNkulunkulu, noma abalitadisha ngenkuthalo, bazithobe ezindinganisweni zalo, futhi bazame ukwenza intando yakhe.—Mathewu 13:11-15; 1 Johane 5:20.
3. Iliphi iqiniso elibalulekile elaqondwa abafundi beBhayibheli bokuqala ngawo-1870?
3 Kudala ngawo-1870, ngaphambi kokuqala ‘kwezinsuku zokugcina,’ uJehova uNkulunkulu waqala ukuzikhanyisa kakhudlwana “izimfihlo ezingcwele zombuso wamazulu.” (2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 13:11) Ngaleso sikhathi iqembu labafundi beBhayibheli laqonda ukuthi—ngokungafani nalokho okwakucatshangwa iningi—ukubuya kukaKristu kwakungeke kubonakale ngamehlo. Ngemva kokubekwa njengenkosi ezulwini, uJesu wayeyobuya ngomqondo wokuthi wayezogxilisa ukunaka kwakhe emhlabeni eseyiNkosi. Isibonakaliso esibonakala ngamehlo nesiyinhlanganisela sasiyokwenza abafundi bakhe baqaphele ukuthi ukuba khona kwakhe okungabonakali sekuqalile.—Mathewu 24:3-14.
Lapho Umbono Ugcwaliseka
4. UJehova uluqinise kanjani ukholo lwezinceku zakhe zanamuhla?
4 Ukuguqulwa isimo kwakuwumbono okhazimulayo kaKristu esenkazimulweni yoMbuso. (Mathewu 17:1-9) Lowo mbono waqinisa ukholo lukaPetru, uJakobe, noJohane lapho abaningi base beyekile ukulandela uJesu ngoba engazenzanga izinto ezingavumelani nemiBhalo ababezilindele. Nakulesi sikhathi sokuphela, uJehova uqinise ukholo lwezinceku zakhe zanamuhla ngokukukhanyisa kakhudlwana ukugcwaliseka kwalowo mbono owesabekayo nezinye iziprofetho eziningi ezihlobene nawo. Manje ake sihlole ezinye zalezi zinto ezingokomoya ezigcwalisekayo eziqinisa ukholo.
5. Ubani owaba iKhwezi, futhi ‘waphuma’ nini, kanjani?
5 Ekhuluma ngokuguqulwa kukaJesu isimo, umphostoli uPetru wabhala: “Ngenxa yalokho sinezwi lesiprofetho elenziwe laqiniseka ngokwengeziwe; futhi nenza kahle ngokulinaka ngokungathi isibani esikhanya endaweni emnyama, usuku luze luntwele futhi ikhwezi liphume, ezinhliziyweni zenu.” (2 Petru 1:19) Lelo Khwezi elingokomfanekiso, noma ‘inkanyezi yokusa ekhanyayo,’ nguJesu Kristu okhazinyulisiwe. (IsAmbulo 22:16) ‘Waphuma’ ngo-1914 lapho kuzalwa uMbuso kaNkulunkulu ezulwini, okwasho ukuqala kwenkathi entsha. (IsAmbulo 11:15) Embonweni wokuguqulwa kukaJesu isimo, kwabonakala uMose no-Eliya bexoxa noJesu. Bafanekisela bani?
6, 7. UMose no-Eliya bamelela bani ekuguqulweni kukaJesu isimo, futhi imiphi imininingwane ebalulekile evezwa imiBhalo ngalabo ababamelelayo?
6 Njengoba uMose no-Eliya babekhazimula kanye noKristu, lab’ ofakazi ababili abathembekile kumelwe ukuba bamelela labo ababusa noJesu eMbusweni wakhe. Umqondo wokuthi uJesu unabathile abusa nabo uvumelana nombono owabonwa umprofethi uDaniyeli, umbono kaMesiya esesihlalweni sobukhosi. UDaniyeli wabona “othile onjengendodana yomuntu” ethola “ububusi obumi kuze kube nini nanini” “koMdala Wezinsuku,” uJehova uNkulunkulu. Kodwa phawula lokho uDaniyeli akuboniswayo ngemva nje kwalokho. Uyabhala: “Umbuso nobubusi nobukhulu bemibuso engaphansi kwawo wonke amazulu kwanikwa abantu abangabangcwele boPhakeme Kunabo Bonke.” (Daniyeli 7:13, 14, 27) Yebo, eminyakeni engaphezu kwamakhulu amahlanu ngaphambi kokuguqulwa kukaJesu isimo, uNkulunkulu wembula ukuthi kukhona “abangcwele” ababeyothola inkazimulo yokuba amakhosi kanye noKristu.
7 Bangobani abangcwele basembonweni kaDaniyeli? Umphostoli uPawulu ukhuluma ngabo lapho ethi: “Umoya ngokwawo ufakazelana nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Khona-ke, uma singabantwana, siyizindlalifa futhi: ngempela izindlalifa zikaNkulunkulu, kodwa izindlalifa ezikanye noKristu, uma kodwa sihlupheka kanye naye ukuze sikhazinyuliswe kanye naye.” (Roma 8:16, 17) Yebo, abangcwele bangabafundi bakaJesu abagcotshwe ngomoya. Encwadini yesAmbulo, uJesu uthi: “Onqobayo ngiyomnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nje nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.” Laba ‘banqobi’ abavusiwe abangu-144 000 bayobusa noJesu phezu komhlaba wonke.—IsAmbulo 3:21; 5:9, 10; 14:1, 3, 4; 1 Korinte 15:53.
8. Abafundi bakaJesu abagcotshiwe baye bakhonza kanjani njengoMose no-Eliya, futhi kwaba namuphi umphumela?
8 Kodwa kungani amaKristu agcotshiwe emelelwa uMose no-Eliya? Isizathu siwukuthi lapho esesemhlabeni, lawo maKristu enza umsebenzi ofana nalowo owawenziwa uMose no-Eliya. Ngokwesibonelo, aba ofakazi bakaJehova, ngisho naphezu koshushiso. (Isaya 43:10; IzEnzo 8:1-8; IsAmbulo 11:2-12) NjengoMose no-Eliya, adalula inkolo yamanga ngesibindi ebe enxusa abantu abaqotho ukuba bazinikele kuNkulunkulu kuphela. (Eksodusi 32:19, 20; Duteronomi 4:22-24; 1 AmaKhosi 18:18-40) Ingabe umsebenzi wawo uye wathela? Akubuzwa! Ngaphandle kokusiza ekubutheni bonke abanye abagcotshiwe, aye asiza nezigidi ‘zezinye izimvu’ ukuba zibonise ukuzithoba ngokuzithandela kuJesu Kristu.—Johane 10:16; IsAmbulo 7:4.
UKristu Uphelelisa Ukunqoba Kwakhe
9. IsAmbulo 6:2 simveza ekusiphi isimo uJesu namuhla?
9 Njengoba engaseyena umuntu nje ogibele ithole lembongolo, uJesu uyiNkosi enamandla manje. Uvezwa egibele ihhashi—eliwuphawu lwempi eBhayibhelini. (IzAga 21:31) IsAmbulo 6:2 sithi: “Bheka! ihhashi elimhlophe; oligibele wayenomnsalo; wanikwa umqhele, waphuma enqoba futhi eyophelelisa ukunqoba kwakhe.” Ngaphezu kwalokho, ekhuluma ngoJesu, umhubi uDavide wabhala: “Induku yezikhwepha zakho uJehova uyoyithumela ivela eZiyoni, ethi: ‘Nqoba phakathi kwezitha zakho.’”—IHubo 110:2.
10. (a) Ukugibela kukaJesu kokunqoba kwaba nasiphi isiqalo esihle kakhulu? (b) Ukunqoba kokuqala kukaKristu kwalithinta kanjani izwe lilonke?
10 UJesu waqala ukunqoba kwakhe ngokunqoba izitha zakhe ezinamandla kakhulu—uSathane namademoni. Wabaxosha ezulwini, wabaphonsa phansi emhlabeni. Ngokwazi ukuthi isikhathi sayo sincane, le mimoya emibi iye yabhodlela esintwini ngentukuthelo enobudlova, yabangela usizi olukhulu. Encwadini yesAmbulo, lolu sizi lufanekiselwa abanye abagibeli bamahhashi abathathu. (IsAmbulo 6:3-8; 12:7-12) Ngokuvumelana nesiprofetho sikaJesu ‘sesibonakaliso sokuba khona kwakhe nesesiphelo sesimiso sezinto,’ ukugabavula kwamahhashi abo kuye kwabangela impi, indlala, nesifo esibulalayo. (Mathewu 24:3, 7; Luka 21:7-11) Njengemihelo yokubeletha engokoqobo, akungabazeki ukuthi le “mihelo yokucindezeleka” izoqhubeka iba namandla kuze kube yilapho uKristu ‘ephelelisa ukunqoba kwakhe’ ngokubhubhisa yonke iminonjana yenhlangano kaSathane ebonakalayo.a—Mathewu 24:8.
11. Umlando webandla lobuKristu ukufakazela kanjani ukuthi uKristu unegunya njengeNkosi?
11 Igunya likaJesu njengeNkosi libonakala nangokuthi uye walondoloza ibandla lobuKristu ukuze likwazi ukufeza umsebenzi eliwunikiwe wokushumayela isigijimi soMbuso emhlabeni wonke. Naphezu kokuphikisa okunesihluku kweBhabhiloni Elikhulu—umbuso wezwe wenkolo yamanga—nokohulumeni abanobutha, umsebenzi wokushumayela awugcinanga ngokuqhubekela phambili kodwa futhi ufinyelele izinga ongakaze ulifinyelele emlandweni. (IsAmbulo 17:5, 6) Yeka ubufakazi obunamandla bokuthi uKristu uyiNkosi!—IHubo 110:3.
12. Kungani iningi labantu lingakuqondi ukuba khona kukaKristu okungabonakali?
12 Nokho, kuyadabukisa ukuthi iningi labantu, kuhlanganise nezigidi zabazibiza ngamaKristu, aliziqondi izinto ezigcwalisekayo ezingabonakali ezibangela izigemegeme ezenzeka emhlabeni. Liyabahleka nokubahleka labo abamemezela uMbuso kaNkulunkulu. (2 Petru 3:3, 4) Ngani? Ngoba uSathane uphuphuthekise izingqondo zabo. (2 Korinte 4:3, 4) Eqinisweni, waqala emakhulwini amaningi eminyaka ukumboza amaKristu okuzisholo ngomgubuzelo wobumnyama obungokomoya, wawenza ashiya ngisho nethemba loMbuso eliyigugu.
Ukushiywa Kwethemba LoMbuso
13. Umgubuzelo wobumnyama obungokomoya waholelaphi?
13 UJesu wabikezela ukuthi izihlubuki, ezinjengokhula olutshalwe phakathi kukakolweni, zaziyongena ebandleni lobuKristu zidukise abaningi. (Mathewu 13:24-30, 36-43; IzEnzo 20:29-31; Jude 4) Ngokuhamba kwesikhathi, la maKristu okuzisholo amukela imikhosi, imikhuba, nezimfundiso zamaqaba, aze akubiza ngokuthi “kuwubuKristu.” Ngokwesibonelo, uKhisimusi usuka emigidini ehambisana nokukhulekelwa kwezithixo zamaqaba uMithra noSaturn. Kodwa yini eyabangela ukuba amaKristu okuzisholo ayamukele le mikhosi engebona ubuKristu? I-New Encyclopædia Britannica (ka-1974) ithi: “UKhisimusi, umkhosi wokuzalwa kukaJesu Kristu, wasungulwa lapho kufiphala amathemba okuthi uKristu uzosheshe abuye.”
14. Izimfundiso zika-Origen no-Augustine zaliphendukezela kanjani iqiniso ngoMbuso?
14 Cabanga nangokuhlanekezelwa kwencazelo yegama elithi “umbuso.” Incwadi ethi The Kingdom of God in 20th-Century Interpretation ithi: “U-Origen [isazi semfundiso yenkolo sangekhulu lesithathu] ukhuluma ngoshintsho ekusebenziseni kwamaKristu [igama elithi] ‘umbuso’ libhekisele ekubuseni kukaNkulunkulu ngaphakathi enhliziyweni.” Wayeyisekelephi u-Origen imfundiso yakhe? Hhayi emiBhalweni, kodwa ‘esisekelweni sefilosofi nombono okuhluke kakhulu ekucabangeni kukaJesu nebandla lokuqala.’ Encwadini yakhe ethi De Civitate Dei (Umuzi KaNkulunkulu), u-Augustine waseHippo (wango-354 kuya ku-430 C.E.) wathi ibandla uqobo lwalo liwuMbuso kaNkulunkulu. Lokho kucabanga okungavumelani nemiBhalo kwenza amasonto eLobukholwa aba nezizathu ezisekelwe emfundisweni yenkolo zokuba amukele igunya lezombusazwe. Futhi kwaphela amakhulu eminyaka esebenzisa lelo gunya, ngokuvamile ngonya.—IsAmbulo 17:5, 18.
15. EyabaseGalathiya 6:7 igcwaliseke kanjani ngokuqondene namasonto amaningi eLobukholwa?
15 Nokho, namuhla amasonto avuna lokho akuhlwanyele. (Galathiya 6:7) Amaningi abonakala ephelelwa igunya futhi elahlekelwa amalungu awo. Lokhu kwenzeka ngezinga eliphawulekayo eYurophu. Ngokwephephabhuku i-Christianity Today, “manje amasonto amakhulu aseYurophu awasezona izindlu zokukhulekela kodwa ayiminyuziyamu, awanamuntu ngaphandle kwezihambi ezibuka indawo.” Nakwezinye izingxenye zomhlaba kwenzeka okufanayo. Kusho ukuthini lokhu ngenkolo yamanga? Ingabe izomane iqedwe ukuswela amalungu? Ukukhulekela kweqiniso kona kuzothinteka kanjani?
Lulungele Usuku Olukhulu LukaNkulunkulu
16. Kungani ukuzondwa okukhulayo kweBhabhiloni Elikhulu kuyinkomba yokuthile?
16 Njengoba nje intuthu nomlotha okuphuma kuyintaba-mlilo ekade ithule kungase kusho ukuthi kuseduze ukuba iqhume, ukuzondwa okukhulayo kwenkolo ezingxenyeni eziningi zomhlaba kubonisa ukuthi zibaliwe izinsuku zenkolo yamanga. Maduze, uJehova uzokwenza abezombusazwe bomhlaba bahlangane emizamweni yokudalula nokubhubhisa isifebe esingokomoya, iBhabhiloni Elikhulu. (IsAmbulo 17:15-17; 18:21) Ingabe amaKristu eqiniso kufanele asesabe leso senzakalo nezinye izici ‘zosizi olukhulu’ eziyolandela? (Mathewu 24:21) Lutho neze! Empeleni ayoba nezizathu zokujabula lapho uNkulunkulu ethathela ababi isinyathelo. (IsAmbulo 18:20; 19:1, 2) Cabanga ngesibonelo seJerusalema lekhulu lokuqala namaKristu ayehlala khona.
17. Kungani izinceku zikaJehova ezithembekile zingabheka ukuphela kwalesi simiso ngokuqiniseka?
17 Lapho amabutho amaRoma evimbezela iJerusalema ngo-66 C.E., amaKristu aqaphile ngokomoya awashaqekanga futhi awethukanga. Njengoba ayengabafundi abakhuthele beZwi likaNkulunkulu, azi ukuthi “ukuchithwa kwalo sekusondele.” (Luka 21:20) Ayazi nokuthi uNkulunkulu wayezowavulela indlela yokubalekela endaweni ephephile. Lapho lokho kwenzeka, amaKristu abaleka. (Daniyeli 9:26; Mathewu 24:15-19; Luka 21:21) Nanamuhla, labo abamaziyo uNkulunkulu futhi abayilalelayo iNdodana yakhe bangabheka ukuphela kwalesi simiso ngokuqiniseka. (2 Thesalonika 1:6-9) Eqinisweni, lapho kugadla usizi olukhulu, ‘bayophakamisa amakhanda abo ngenjabulo, ngoba bayazi ukuthi ukukhululwa kwabo kuyasondela.’—Luka 21:28.
18. Uyoba yini umphumela wokukhamelela kukaGogi ehlasela izinceku zikaJehova?
18 Ngemva kokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu, lapho uSathane enguGogi wakwaMagogi uyohlasela oFakazi BakaJehova abanokuthula akhamelele. Eqoqana “njengamafu asibekela izwe,” amabutho kaGogi ayobe elindele ukugwaza ibhece. Yeka ukuthi ayoshaqeka kanjani! (Hezekeli 38:14-16, 18-23) Umphostoli uJohane uyabhala: “Ngabona futhi izulu livulekile, bheka! ihhashi elimhlophe. Oligibele ubizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo . . . Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ende ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe.” Le “Nkosi yamakhosi” engenakunqotshwa iyohlenga abakhulekeli bakaJehova abaqotho, ibhubhise zonke izitha zabo. (IsAmbulo 19:11-21) Yeka ukuthi leso kuyoba isiphetho esihle kanjani sokugcwaliseka kombono wokuguqulwa kukaJesu isimo!
19. Ukunqoba okuphelele kukaKristu kuyobathinta kanjani abafundi bakhe abaqotho, futhi yini okufanele balwele ukuyenza manje?
19 UJesu ‘uyobhekwa ngokumangala ngalolo suku ngokuqondene nabo bonke ababonise ukholo.’ (2 Thesalonika 1:10) Uyafuna yini wena ukuba phakathi kwalabo abayokuma bayibonise inhlonipho iNdodana kaNkulunkulu enqobile? Uma ufuna, qhubeka uqinisa ukholo lwakho futhi ‘ube okulungele, ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora ongalicabangi.’—Mathewu 24:43, 44.
Hlala Usangulukile
20. (a) Singabonisa kanjani ukuthi siyalazisa ilungiselelo likaNkulunkulu ‘lenceku ethembekileyo neqondayo’? (b) Imiphi imibuzo okufanele sizibuze yona?
20 Njalo “inceku ethembekileyo neqondayo” inxusa abantu bakaNkulunkulu ukuba bahlale beqaphile ngokomoya futhi besangulukile. (Mathewu 24:45, 46; 1 Thesalonika 5:6) Uyazazisa yini lezi zikhumbuzo ezifika ngesikhathi? Uyazisebenzisa yini ukuze uhlele izinto ezibalulekile ekuphileni? Kungani ungazibuzi: ‘Nginawo yini umbono ongokomoya ocacile ongenza ngikwazi ukubona iNdodana kaNkulunkulu ibusa ezulwini? Ngiyayibona yini imi ngomumo ilindele ukukhipha isahlulelo sikaNkulunkulu phezu kweBhabhiloni Elikhulu naphezu kwaso sonke isimiso sikaSathane?’
21. Yini okungenzeka iye yenza abanye bavumela umbono wabo ongokomoya ukuba ufiphale, futhi yini ephuthumayo okufanele bayenze?
21 Abanye abaphakathi kwabantu bakaJehova manje baye bavumela umbono wabo ongokomoya ukuba ufiphale. Kungenzeka yini ukuthi bantula isineke noma ukukhuthazela, njengoba kwakunjalo ngabanye babafundi bakaJesu bakudala? Ingabe baye bathonywa izinkathazo zokuphila, ukuthanda izinto ezibonakalayo, noma ushushiso? (Mathewu 13:3-8, 18-23; Luka 21:34-36) Mhlawumbe abanye baye bakuthola kunzima ukuqonda ukwaziswa okuthile okunyatheliswe “inceku ethembekileyo neqondayo.” Uma kwenzeké okunye kwalokhu kuwe, sikunxusa ukuba utadishe iZwi likaNkulunkulu ngentshiseko evuselelwe futhi unxuse uJehova ukuze uphinde ube nobuhlobo obuqinile nobuseduze naye.—2 Petru 3:11-15.
22. Ukuhlola umbono wokuguqulwa kukaJesu isimo neziprofetho ezihlobene nawo kukuthonye kanjani wena?
22 Abafundi bakaJesu banikwa umbono wokuguqulwa kwakhe isimo lapho bedinga isikhuthazo. Namuhla, lokho esinakho okungasiqinisa kukhulu kakhulu—ukugcwaliseka kwalowo mbono omangalisayo nokwezinye iziprofetho eziningi ezihlobene nawo. Lapho sihlola lezi zinto ezikhazimulayo ezigcwalisekayo nalokho eziyokusho esikhathini esizayo, kwangathi nathi singasho ngenhliziyo yonke njengoba kwasho umphostoli uJohane: “Amen! Woza, Nkosi Jesu.”—IsAmbulo 22:20.
[Umbhalo waphansi]
a EsiGrekini sokuqala, igama elihunyushwe ngokuthi ‘imihelo yokucindezeleka’ ngokwezwi nezwi lisho “imihelo yokubeletha.” (Mathewu 24:8, Kingdom Interlinear) Lokhu kusikisela ukuthi njengemihelo yokubeletha, izinkinga zezwe zizovama nakakhulu, zishube, futhi zidonse, zize zifinyelele umvuthwandaba owusizi olukhulu.
Uyakhumbula?
• Ngawo-1870, yini iqembu elincane labafundi beBhayibheli elayiqonda mayelana nokubuya kukaKristu?
• Umbono wokuguqulwa kukaJesu isimo ugcwaliseke kanjani?
• Ukugibela kukaJesu kokunqoba kunaliphi ithonya ezweni nasebandleni lobuKristu?
• Yini okumelwe siyenze ukuze sibe phakathi kwalabo abayosinda lapho uJesu ephelelisa ukunqoba kwakhe?
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Umbono ugcwaliseka ngokoqobo
[Izithombe ekhasini 18]
Uyazi ukuthi kwenzekani lapho uKristu eqala ukunqoba kwakhe?