Igama Eliholela Okholweni Lweqiniso
OMUNYE wesifazane wathi komunye woFakazi BakaJehova: “Nina anikholelwa kuJesu nasegazini lakhe elihlengayo.” Enye indoda yathi: “Nizibiza ngokuthi ningoFakazi BakaJehova, kodwa mina ngingufakazi kaJesu.”
Uvame kakhulu umbono wokuthi oFakazi BakaJehova abakholelwa kuJesu noma ukuthi abamenzi avelele ngokwanele. Nokho, ayini amaqiniso?
Kuyiqiniso ukuthi oFakazi BakaJehova banomuzwa onamandla ngegama likaNkulunkulu, elithi Jehova.a U-Itamar, uFakazi waseBrazil, uyakhumbula: “Ushintsho ekuphileni kwami lwenzeka lapho ngiqala ukwazi igama likaNkulunkulu. Lapho ngilifunda okokuqala ngqá, kwakusengathi ngangiphaphama ebuthongweni obunamandla. Igama elithi Jehova langishukumisa futhi langithinta; lathinta ingxenye ejule kakhulu yomphefumulo wami.” Nokho, uyenezela: “Inhliziyo yami ichichima uthando nangoJesu.”
Yebo, oFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi ukuze bazuze ukuphila okumi phakade, kumelwe babeke ukholo “egameni leNdodana kaNkulunkulu,” uJesu. (1 Johane 5:13) Kodwa asho ukuthini amazwi athi ‘egameni likaJesu’?
Lokho Okumelelwa Yigama LikaJesu
Amazwi athi “egameni likaJesu” namanye anjalo atholakala kuyo yonke imiBhalo YamaKristu YesiGreki, noma ‘eTestamenteni Elisha.’ Eqinisweni, igama elithi “igama” elisetshenziswe ngokubhekisele endimeni kaJesu livela izikhathi ezingaphezu kuka-80, izikhathi ezingaba ngu-30 encwadini yezEnzo iyodwa. AmaKristu ekhulu lokuqala ayebhapathiza egameni likaJesu, ephulukisa egameni lakhe, efundisa egameni lakhe, ebiza igama lakhe, ahlupheka ngenxa yegama lakhe futhi akhulisa igama lakhe.—IzEnzo 2:38; 3:16; 5:28; 9:14, 16; 19:17.
Ngokwesichazamazwi esithile seBhayibheli, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “igama” eBhayibhelini livame ukusetshenziselwa “konke okusikiselwa igama, okuyigunya, ubuntu, isikhundla, ubukhulu, amandla, ubuhle, njll., konke okuhlanganiswa igama.” Ngakho-ke, igama likaJesu limelela ubukhulu negunya eliphakeme kakhulu aye walinikwa uJehova uNkulunkulu. UJesu ngokwakhe wathi: “Lonke igunya linikezwe mina ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) Ngemva kokuba uPetru noJohane bephulukise indoda elunyonga, abaholi benkolo yamaJuda babuza: “Nenze lokhu ngamaphi amandla noma ngegama likabani?” UPetru wabe esezwakalisa ngesibindi ukholo lwakhe egunyeni nasemandleni amelelwa igama likaJesu lapho ekwenza kwaziwe ukuthi babekwenze “ngegama likaJesu Kristu umNazaretha, . . . kungaye lendoda imi lapha iphilile phambi kwenu.”—IzEnzo 3:1-10; 4:5-10.
Ukholo KuJesu Noma KuKesari?
Nokho, ukubonisa ukholo olunjalo egameni likaJesu kwakungeke kube lula. Njengoba uJesu ayebikezele, abafundi bakhe babeyoba ‘izinto zokuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lakhe.’ (Mathewu 24:9) Ngani? Ngoba igama likaJesu limelela isikhundla sakhe njengoMbusi, iNkosi yamakhosi, omiswe uNkulunkulu, izizwe zonke okufanele zikhothame kuye zizithobe, okuyinto ezingayilungele noma ezingazimisele ukuyenza.—IHubo 2:1-7.
Abaholi benkolo bosuku lukaJesu nabo abazange bafune ukukhothama bazithobe kuJesu. Bathi: “Asinankosi ngaphandle kukaKesari,” ngaleyo ndlela benqaba iNdodana kaNkulunkulu. (Johane 19:13-15) Kunalokho, babeka ukholo lwabo egameni—emandleni nasegunyeni—likaKesari nakuhulumeni wakhe. Banquma ngisho nokuthi uJesu kufanele afe ukuze balondoloze izikhundla zabo.—Johane 11:47-53.
Phakathi namakhulu eminyaka angemva kokufa kukaJesu, abaningi balabo ababethi bangamaKristu baba nesimo sengqondo esifanayo nesabaholi bamaJuda. Laba ababezibiza ngokuthi bangamaKristu babeka ukholo lwabo emandleni nasegunyeni loMbuso futhi bahileleka ezingxabanweni zawo. Ngokwesibonelo, ngekhulu le-11 leminyaka, ngemva kokuba isonto lihlele amasosha ayengenamsebenzi aba i-militia Christi, noma amaqhawe angamaKristu, “umthwalo wokulwiwa kwezimpi zokulunga wasuswa kubantu beLobukholwa futhi, kunalokho, wathathwa isonto ngokusebenzisa amaqhawe alo angamaKristu.” (The Oxford History of Christianity) Ukulandisa kunezela ukuthi izimemezelo ezithile zopapa zaholela abantu abaningi ababelwa izimpi zenkolo ukuba bakholelwe ukuthi ngokuba nengxenye ezimpini zenkolo, “base benze isivumelwano noNkulunkulu futhi base bezitholele indawo eqinisekile ePharadesi.”
Abanye bangase bathi kungenzeka ukuba uthembeke kuJesu futhi ngesikhathi esifanayo uhlanganyele ezindabeni zezombangazwe kanye nasezimpini zezwe. Bangase babe nomuzwa wokuthi kuwumthwalo womKristu ukumelana nobubi noma kuphi lapho bungase butholakale khona futhi lokho kuhlanganisa nokulwa uma kudingeka. Kodwa ingabe amaKristu akuqala ayenalo mbono?
Isihloko esikumagazini i-Christian Century sithi: “AmaKristu okuqala awazange akhonze ebuthweni elihlomile.” Siyachaza ukuthi kuze kube ishumi leminyaka lika-170-180 C.E., abukho nhlobo ubufakazi bokuthi amaKristu ayekhonza ebuthweni lezempi. Lesi sihloko sibe sesinezela: “AmaKristu akulahla kancane kancane ukumelana kwawo nenkonzo yezempi.”
Uye waba yini umphumela? “Mhlawumbe akukho okunye okwathunaza ubuKristu ngaphezu komkhuba wabo wokuthatha ukuma okufana nokwabangewona amaKristu ekuhilelekeni empini,” kusho isihloko se-Christian Century. “Ukuthi amaKristu ngakolunye uhlangothi asekela ukholo loMsindisi omnene kuyilapho ngakolunye esekela ngokufudumele izimpi zenkolo noma zobuzwe kuye kwayonakalisa kakhulu le nkolo.”
Ukulingisa AmaKristu Akuqala Namuhla
Ingabe kungenzeka ukuba amaKristu namuhla alingise isibonelo esiphakeme samaKristu akuqala? OFakazi BakaJehova kuleli khulu leminyaka baye babonisa ukuthi kungenzeka. Ekhuluma ngabo, umhleli we-Holocaust Educational Digest waphawula: “Akekho uFakazi KaJehova oyoke aye empini. . . . Ukube wonke umuntu osesikhundleni samandla emhlabeni wayengowale nkolo, [iMpi Yezwe II] ngabe ayizange ibe khona.”
Kungashiwo okufanayo nangezingxabano zesifunda zamuva nje, njengalezo ezaqubuka eNyakatho Ireland. Eminyakeni ethile edlule, omunye woFakazi BakaJehova wayeshumayela endlini ngendlu endaweni yamaProthestani edolobheni laseBelfast. Omunye umninikhaya, ngemva kokuzwa ukuthi lo Fakazi wayengumKatolika ngaphambili, wabuza: “Lapho usengumKatolika, ingabe wawuyisekela i-IRA [Irish Republican Army (Ibutho Lezempi LaseRepublic Ye-Ireland)]?” Lo Fakazi waqaphela ukuthi le ndoda yayingaba nobudlova ngoba yayikade iboshiwe ngemva kokutholakala ihlome ngesibhamu iyobulala umKatolika, futhi yayisanda kudedelwa. Ngakho uFakazi waphendula: “Angiyena umKatolika manje. Ngingomunye woFakazi BakaJehova. NjengomKristu weqiniso, ngeke nanini ngibulale muntu ngimbulalela noma imuphi uhulumeni noma umuntu.” Lapho lo mninikhaya ezwa lokho wamxhawula, wathi: “Konke ukubulala akulungile. Nina nenza umsebenzi omuhle. Qhubekani niwenza.”
Lokho Okushiwo Ukubeka Ukholo Egameni LikaJesu
Nokho, ukubeka ukholo egameni likaJesu kusho okungaphezu kokumane ungahlanganyeli empini. Kusho ukulalela yonke imiyalo kaKristu. Kakade, uJesu wathi: “Ningabangane bami uma nenza lokho enginiyala ngakho,” futhi omunye wemiyalo yakhe uwukuba ‘sithandane.’ (Johane 15:14, 17) Uthando luphishekela ukwenza okuhle kwabanye. Lukhipha lonke ubandlululo olungokohlanga, olungokwenkolo nolungokwenhlalo. UJesu wabonisa ukuthi kanjani.
AmaJuda osukwini lukaJesu ayengawathandi amaSamariya. Ngokuphambene, uJesu wakhuluma nowesifazane ongumSamariya, futhi ngenxa yalokho, lona wesifazane nabanye abaningi babeka ukholo egameni lakhe. (Johane 4:39) UJesu washo nokuthi abafundi bakhe babeyoba ofakazi bakhe “kokubili eJerusalema nakulo lonke iJudiya neSamariya nasezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) Umyalezo wakhe onikeza ukuphila kwakungamelwe ugcine kumaJuda. Ngokuvumelana nalokho, uPetru wayalwa ukuba ahambele induna yekhulu yaseRoma uKorneliyu. Nakuba kwakungemthetho ngomJuda ukuba ahambele umuntu wolunye uhlanga, uNkulunkulu wabonisa uPetru ukuthi ‘angabizi muntu ngokuthi ungcolile noma akahlanzekile.’—IzEnzo 10:28.
Belingisa uJesu, oFakazi BakaJehova basiza bonke abantu ngokuzimisela—kungakhathaliseki ukuthi abaluphi uhlanga, inkolo noma isizinda esingokomnotho—ukuba bezwe ngensindiso etholakala ngegama likaJesu. Ukholo egameni likaJesu lubashukumisela ukuba ‘bavume obala ukuthi uJesu uyiNkosi.’ (Roma 10:8, 9) Sikunxusa ukuba wamukele usizo lwabo ukuze nawe ufunde ukubeka ukholo egameni likaJesu.
Igama likaJesu kufanele ngempela libangele imizwa yokudumisa, ukuhlonipha nokulalela. Umphostoli uPawulu wathi: “Egameni likaJesu wonke amadolo aguqe awabasezulwini nawabasemhlabeni nawabangaphansi komhlabathi, nokuba zonke izindimi zivume obala ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.” (Filipi 2:10, 11) Nakuba iningi lezakhamuzi zomhlaba lingase libe elingazimisele ukuzithoba ekubuseni kukaJesu, iBhayibheli libonisa ukuthi sesiseduze isikhathi lapho bonke abantu kuyodingeka benze kanjalo, ngale kwalokho babhubhe. (2 Thesalonika 1:6-9) Ngakho-ke, manje isikhathi sokubeka ukholo egameni likaJesu ngokugcina yonke imiyalo yakhe.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwajana ethi IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade, amakhasi 28-31, enyatheliswa i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, 1984.
[Isithombe ekhasini 6]
Izigidi ziye zabulala futhi zabulawa egameni likaJesu
[Isithombe ekhasini 7]
UJesu akazange afukamele ubandlululo olungokohlanga. Ingabe kunjalo nangawe?