Izinsuku Zokugcina
Incazelo: IBhayibheli lisebenzisa inkulumo ethi “izinsuku zokugcina” ukuze libhekisele enkathini yesikhathi sesiphelo eholela ekubhujisweni okumiswe ngokwaphezulu okuphawula ukuphela kwesimiso sezinto. Isimiso sobuJuda nokukhulekela kwaso okwakwakhelwe ethempelini eJerusalema sabhekana nezinsuku zaso zokugcina phakathi nesikhathi esaphetha ngokubhujiswa kwalo ngo-70 C.E. Okwenzeka ngalesosikhathi kwakufanekisela okwakuyokwenzeka ngendlela enamandla ngokwengeziwe nangezinga lembulunga yonke ngesikhathi lapho zonke izizwe zaziyobhekana nokukhishwa kwesahlulelo esamenyezelwa uNkulunkulu. Isimiso samanje esibi sezinto, esifinyelela emhlabeni wonke, sangena ezinsukwini zaso zokugcina ngo-1914, futhi abanye besizukulwane esasiphila ngalesosikhathi bayobe bekhona nabo babone ukuphela kwaso okuphelele “osizini olukhulu.”
Yini ebonisa ukuthi thina namuhla siphila “ezinsukwini zokugcina”?
IBhayibheli lichaza izenzakalo nezimo eziphawula lenkathi ebalulekile yesikhathi. “Isibonakaliso” singesihlanganisa izici eziningi esakhiwe ubufakazi obuningi; ngaleyondlela ukugcwaliseka kwaso kudinga ukuba zonke izici zesibonakaliso zibonakale ngokusobala phakathi nesizukulwane esisodwa. Izici ezihlukahlukene zalesibonakaliso zilotshwe kuMathewu izahluko 24, 25, Marku 13, noLuka 21; kuneminye imininingwane kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5, 2 Petru 3:3, 4 nesAmbulo 6:1-8. Ukuze sibonise lokhu, sizocabangela izingxenye ezimbalwa ezivelele zesibonakaliso.
“Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso” (Math. 24:7)
Impi iye yonakalisa ukuphila emhlabeni izinkulungwane zeminyaka. Kuye kwalwiwa izimpi zezizwe zonke kanye nezimpi zangaphakathi esizweni esisodwa. Kodwa kusukela ngo-1914 kwalwiwa impi yezwe yokuqala. Lena kwakungeyona nje impi yombango phakathi kwamabutho amabili enkundleni yempi. Ngokokuqala ngqá, yonke imibuso emikhulu yayisempini. Izizwe zonke—kuhlanganise nabantu abangabuthiwe—zaviviswa ukuba zisekele imizamo yempi. Kulinganiselwa ukuthi ekupheleni kwempi amaphesenti angama-93 abo bonke abantu ayehilelekile. (Ngokuqondene nokubaluleka okungokomlando kuka-1914, bheka amakhasi 186-188.)
Njengoba kwabikezelwa kusAmbulo 6:4, ‘ukuthula kwasuswa emhlabeni.’ Ngaleyondlela umhlaba uye waqhubeka usesimweni senxushunxushu kusukela ngo-1914. Kusukela ngo-1939 kuya ku-1945 kwalwiwa iMpi Yezwe II. Ngokuka-Admiral Gene La Rocque osewathatha umhlalaphansi, kuze kube u-1982 kwakuye kwaba nezinye izimpi ezingama-270 kusukela ngo-1945. Abantu abafinyelela izigidi eziyi-100 baye babulawa ezimpini phakathi nalelikhulu leminyaka. Futhi, ngokweWorld Military and Social Expenditures ka-1982, ngalowonyaka kwakunabantu abayizigidi eziyi-100 ababehileleke ngokuqondile noma ngezinye izindlela emisebenzini yezempi.
Ingabe kudingeka okwengeziwe ukuze kugcwaliswe lesisici sesiprofetho? Kunamashumi ezinkulungwane ezikhali zenuzi ezibekelwe ukusetshenziswa ngokushesha. Ososayensi abaphambili baye bathi uma izizwe zingasebenzisa ngisho ingxenye encane yezikhali zazo zenuzi ezibekiwe, impucuko futhi ngokunokwenzeka zonke izinhlobo zesintu ziyobhujiswa. Kodwa isiprofetho seBhayibheli asikhombi kulowomphumela.
“Kube-khona indlala . . . izindawo ngezindawo” (Math. 24:7)
Kuye kwaba nendlala enkulu emlandweni wesintu. Ikhulu lama-20 leminyaka iye yalithinta ngezinga elingakanani? Impi yezwe yaholela ekubulaweni yindlala okwandile eYurophu naseAsia. IAfrika iye yahlaselwa ukomisa, okuye kwaphumela ekuntulekeni okukhulu kokudla. Ngasekupheleni kuka-1980 iNhlangano Yezokudla Nezolimo yalinganisela ukuthi abantu abayizigidi ezingama-450 babebulawa yindlala, kanti abafinyelela enkulungwaneni yezigidi babengenakho ukudla okwanele. Kulaba, abayizigidi ezingama-40 ngonyaka bafa ngokoqobo—kweminye iminyaka abaningi kangangezigidi ezingama-50—ngenxa yokuntuleka kokudla.
Ingabe kukhona okwehlukile ngalokhu kuntuleka kokudla? IsAmbulo 6:6 sabonisa ukuthi ingxenye encane yokudla okuyinhloko njengokolo nebhali kwakuyothengiswa ngemali engangomholo wosuku (udenariyu; bheka uMathewu 20:2), futhi saxwayisa ngokusebenzisa ngokushesha izinto ezinjengamafutha omnqumo newayini. Zonke lezizinto zazibhekwa njengeziyisidingo eMpumalanga Ephakathi ngalesosikhathi; ngakho lokhu kwabikezela ukuntuleka okukhulu kokudla. Lesisimo asisesona esendawo encane, kodwa singesembulunga yonke. Ngo-1981 iThe New York Times yabika: “Intuthuko ezingeni lokuphila nokufuna ukudla okukhulayo emhlabeni wonke kuye kwabangela ukukhuphuka kwamanani okudla, kwenza kwaba nzima ngamazwe ampofu ukuthenga ukudla kwamanye amazwe.” Emazweni amaningi umkhiqizo wokudla, ngisho nangosizo lwesayensi yesimanje, uye wahluleka ukuhambisana nokwanda kwenani labantu. Izazi zokudla zesimanje aziliboni ikhambi langempela kulenkinga.
“Kuyakuba-khona ukuzamazama okukhulu komhlaba” (Luka 21:11)
Kuyiqiniso ukuthi kwakuba khona ukuzamazama okukhulu emakhulwini eminyaka adlule; ngokungaphezulu, ngemishini yabo ebukhali ososayensi manje bathola ukuzamazama okungaphezu kwesigidi ngonyaka. Kodwa akukho mishini ekhethekile edingekayo ukuze abantu bazi ukuthi kunokuzamazama okukhulu.
Ingabe ngempela kuye kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba okuyinani eliphawulekayo kusukela ngo-1914? Ngokwezibalo ezitholakala kwiNational Geophysical Data Center eBoulder, eColorado, ezifakazelwa izincwadi eziningi zezikhombo, kwenziwa ukubala ngo-1984 okwakuhlanganisa kuphela ukuzamazama komhlaba kwesilinganiso sika-7,5 nangaphezulu ngokwesilinganiso sikaRichter, noma lokho okwaphumela ekubhubhiseni impahla engaba izigidi eziyishumi zamaRandi noma ngaphezulu, noma lokho okwabangela ukufa kwabantu abayi-100 noma ngaphezulu. Kwabalwa kwatholakala ukuthi kwakunokuzamazama komhlaba okunjalo okungama-856 phakathi neminyaka eyizi-2 000 ngaphambi kuka-1914. Ukubala okufanayo kwabonisa ukuthi eminyakeni engama-69 nje kuphela ngemva kuka-1914 kuye kwaba nokuzamazama okunjalo okungama-605. Lokho kusho ukuthi, uma kuqhathaniswa neminyaka eyizi-2 000 edlule, isilinganiso ngonyaka siye saphindwa ngama-20 ukuphakama kusukela ngo-1914.
“Nobici . . . izindawo ngezindawo” (Luka 21:11)
Ngasekupheleni kwempi yezwe yokuqala umkhuhlane waseSpain washanela imbulunga yonke, wabulala abantu abafinyelela ezigidini ezingama-20 futhi ngesilinganiso esingafani nalutho emlandweni wezifo. Naphezu kwentuthuko kwezesayensi yezokwelapha, inani elikhulu minyaka yonke libulawa ikhensa, isifo senhliziyo, izifo eziningi ezidluliselwa ngobulili, ukusha kwesibindi, umalaleveva, ubumpumputhe obubangelwa imifula, nesifo sikaChagas.
‘Ukwanda kobubi okuhambisana nokuphola kothando kwabaningi’ (Math. 24:11, 12)
Isazi esiphambili sezobugebengu sithi: “Into eyodwa ohlangabezana nayo uma ubheka ubugebengu ngezinga lomhlaba wonke kuwukwanda okugcwele nokuphikelelayo yonke indawo. Okungafani nalokho kuvelela njengokuhlukile, futhi ngokushesha kungase kugwinywe isimo esifanayo.” (The Growth of Crime, New York, 1977, Sir Leon Radzinowicz noJoan King, kk. 4, 5.) Ukwanda kungokoqobo; akuyona nje indaba yokubika okungcono. Kuyiqiniso, izizukulwane ezidlule nazo zazinabo ubugebengu, kodwa akukaze ngaphambili ubugebengu bugcwale njengoba bunjalo manje. Abantu asebekhulile ngeminyaka lokho bakwazi ngokuhlangenwe nakho kwabo siqu.
Ukungabi namthetho okubhekiselwe kukho esiprofethweni kuhlanganisa ukwedelela imithetho eyaziwayo kaNkulunkulu, ukuziqhamisa yena umuntu ekuphileni kwakhe esikhundleni sikaNkulunkulu. Ngenxa yalesisimo, amazinga okudivosa ayadlondlobala, ubulili ngaphandle komshado nobungqingili kwamukelwa kabanzi, nokukhishwa kwezisu okungamashumi ezigidi kwenziwa minyaka yonke. Ukungabi namthetho okunjalo kuhlanganiswa (kuMathewu 24:11, 12) nethonya labaprofethi bamanga, labo ababekela iZwi likaNkulunkulu eceleni ngenxa yezimfundiso zabo siqu. Ukunamathela kumafilosofi abo esikhundleni sokubambelela eBhayibhelini kubangela izwe elingenaluthando. (1 Joh. 4:8) Funda incazelo yakho kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5.
“Abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba” (Luka 21:25, 26)
“Iqiniso liwukuthi namuhla umzwelo owodwa omkhulu obusa ukuphila kwethu uwukwesaba,” kusho iU.S. News & World Report. (October 11, 1965, k. 144) “Akukaze ngaphambili isintu sesabe njengoba kunjalo manje,” kubika umagazini waseJalimane iHörzu.—No. 25, June 20, 1980, k. 22.
Kunezinto eziningi ezibangela lomoya wembulunga yonke wokwesaba: ubugebengu bobudlova, ukuntuleka kwemisebenzi, ukuntengantenga kwezomnotho ngenxa yokuthi izizwe eziningi zisezikweletini ngokungenathemba, ukungcola kwendawo ezungezile emhlabeni wonke, ukuntuleka kwezibopho zemikhaya eziqinile nezothando, nomuzwa ogcwele wokuthi isintu sisengozini enkulu yokubhujiswa yinuzi. ULuka 21:25 uphawula ‘izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nokuduma kolwandle namaza’ ngokuqondene nokuxakeka okuyozwiwa yizizwe. Ukuphuma kwelanga ngokuvamile akubangeli ukulindela injabulo, kodwa ukwesaba lokho usuku olungase lukulethe; lapho inyanga nezinkanyezi kukhanya, ukwesaba ubugebengu kwenza abantu bazivalele ezindlini. Ekhulwini lama-20 leminyaka, hhayi ngaphambili, izindiza nezikhali ezicitshwayo ziye zasetshenziswa ukuba zithumele umonakalo wehla uvela ezulwini. Imikhumbi-ngwenya ethwala imithwalo ebulalayo yezikhali ezicitshwayo itshuza ezilwandle, umkhumbi-ngwenya owodwa nje onjalo unamandla okubhubhisa amadolobha ayi-160. Akumangalisi ukuthi kungani izizwe zixakekile!
‘Abalandeli bakaKristu beqiniso bayozondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lakhe’ (Math. 24:9)
Lokhu kushushiswa akubangelwa ukuzigaxa kwezombangazwe kodwa ‘kungenxa yegama likaJesu Kristu,’ ngenxa yokuthi abalandeli bakhe banamathela kuye njengeNkosi kaJehova yobuMesiya, ngenxa yokulalela kwabo uKristu kunanoma yimuphi umbusi wasemhlabeni, ngenxa yokunamathela kwabo ngokwethembeka eMbusweni wakhe nokungahileleki ezindabeni zohulumeni babantu. Njengoba umlando wanamuhla ukufakazela, lokho kuye kwaba okuhlangenwe nakho koFakazi BakaJehova kuzo zonke izingxenye zomhlaba.
‘Lezi zindaba ezinhle zombuso zishunyayelwe kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi’ (Math. 24:14, “NW”)
Isigijimi esasiyoshunyayelwa esokuthi uMbuso kaNkulunkulu ezandleni zikaJesu Kristu usuqalile ukubusa emazulwini, nokuthi ngokushesha uyoqeda sonke isimiso sezinto esibi, nokuthi ngaphansi kokubusa kwawo isintu siyolethwa ekupheleleni futhi umhlaba uyoba yipharadesi. Lezozindaba ezinhle ziyashunyayelwa namuhla emazweni angaphezu kwama-200 neziqhingi, kuze kube sezingxenyeni ezikude zomhlaba. OFakazi BakaJehova banikela amakhulu ezigidi zamahora kulomsebenzi unyaka ngamunye, benza ukuhambela okuphindaphindiwe endlini ngendlu ukuze bonke abantu banikezwe ithuba lokuzwa.
Zonke lezizenzakalo ‘zezinsuku zokugcina’ zikhomba kuphi?
Luka 21:31, 32: “Nxa nibona lezozinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze [okungukuthi, isikhathi lapho uyobhubhisa izwe lamanje elibi wona ngokwawo uphathe izindaba zomhlaba ngokuphelele]. Ngiqinisile ngithi kini: Lesisizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke.” (“Isizukulwane” esasiphila ekuqaleni kokugcwaliseka kwesibonakaliso ngo-1914 sesikhulile manje ngeminyaka. Isikhathi esisele kumelwe sibe sifushane kakhulu. Izimo zezwe zinikeza izimpawu zokuthi kunjalo.)
Kungani oFakazi BakaJehova bethi kungo-1914 lapho “izinsuku zokugcina” zaqala khona?
Unyaka ka-1914 uphawulwa isiprofetho seBhayibheli. Ngokuqondene nemininingwane yohlelo lwezenzakalo, bheka amakhasi 179-181, ngaphansi kwesihloko esikhulu esithi “Izinsuku Zezenzakalo.” Ukuthi lolusuku luqondile kuboniswa iqiniso lokuthi izimo zezwe ezabikezelwa ukuthi ziyophawula lesikhathi ziye zenzeka kusukela ngo-1914 njengoba nje zazibikezelwe. Amaqiniso abekwe ngenhla ayakubonisa lokhu.
Izazi-mlando zezwe ziwubheka kanjani unyaka ka-1914?
“Uma sibuka emuva sikulesikhathi samanje sibona ngokukhanyayo namuhla ukuthi ukugqashuka kweMpi Yezwe I kwangenisa ‘Isikhathi Sezinkathazo’ kulelikhulu lamashumi amabili leminyaka—ngokwenkulumo egcizelelayo yesazi-mlando saseBrithani uArnold Toynbee—kuleso impucuko yethu engakaphumi kuso namanje. Ngokuqondile noma ngenye indlela zonke iziyaluyalu zengxenye yokugcina yalelikhulu ziqala emuva ku-1914.”—The Fall of the Dynasties: The Collapse of the Old Order (New York, 1963), Edmond Taylor, k. 16.
“Abantu besizukulwane seMpi Yezwe II, isizukulwane sami, bayocabanga njalo ngempi yabo eyayiwuphawu olukhulu loshintsho lwanamuhla. . . . Kumelwe sivunyelwe siziqhenye ngalokhu, ngokuthintana kwethu ngokoqobo nesenzakalo esingumlando namuhla. Kodwa kumelwe sazi ukuthi, ngokwezenhlalo, iMpi Yezwe I yeza noshintsho olukhulu kakhulu. Kulapho lapho izimiso zezombangazwe nezenhlalo, okwathatha amakhulu eminyaka ukuzakha, zahlukana khona—ngezinye izikhathi ngamasonto ambalwa. Futhi ezinye zaguqulwa phakade. KwakungeMpi Yezwe I lapho izinkolelo ezindala zalahleka khona. . . . IMpi Yezwe II yaluqhuba, yalwandisa futhi yaluqinisa lolushintsho. Ngokombono wezenhlalo iMpi Yezwe II yayiyimpi yokugcina yeMpi Yezwe I.”—The Age of Uncertainty (Boston, 1977), John K. Galbraith, k. 133.
“Sekudlule iminyaka engangengxenye yekhulu, kodwa uphawu olwashiywa usizi lweMpi Enkulu [iMpi Yezwe I, eyaqala ngo-1914] emzimbeni nasemphefumulweni wezizwe alukapheli . . . Ubukhulu balolusizi enyameni nasekuziphatheni babungangokuthi akukho lutho olwasala lunjengakuqala. Umphakathi uwonke: izimiso zikahulumeni, imingcele yezizwe, imithetho, amabutho empi, ubuhlobo phakathi kwemibuso, kodwa futhi nokuhlalisana kwabantu, ukuphila kwemikhaya, ingcebo, izikhundla, ubuhlobo babantu ngabanye—konke kwashintshwa ngokuphelele. . . . Isintu ekugcineni salahlekelwa ukulinganisela kwaso, futhi asiphindange sikuthole kuze kube namuhla.”—General Charles de Gaulle, ekhuluma ngo-1968 (Le Monde, Nov. 12, 1968, k. 9).
Ingabe ukhona oyobe ephila emhlabeni ngemva kokuphela kwalesimiso sezwe sanamuhla?
Ngokuqinisekile kunjalo. Ukuphela kwesimiso sembulunga yonke samanje ngeke kufike ngenxa yokubulala okungakhethi empini yenuzi, kodwa kuyofika ngosizi olukhulu oluhlanganisa ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ (IsAm. 16:14, 16) Leyompi ngeke ibhubhise umhlaba, futhi ngeke ichithe sonke isintu.
Math. 24:21, 22: “Lapho kuyakuba-khona usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona. Uma lezozinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe-muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezozinsuku ziyakufinyezwa.” (Ngakho ‘abantu’ abathile, bayosinda.)
IzAga 2:21, 22: “Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.”
IHu. 37:29, 34: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo. Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.”
Kungani uNkulunkulu evumela kudlule isikhathi eside kangaka ngaphambi kokubhubhisa ababi?
2 Pet. 3:9: “INkosi [uJehova] ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.”
Marku 13:10: “Ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.”
Math. 25:31, 32, 46: “Kepha nxa iNdodana yomuntu [uJesu Kristu] iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo; kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi. Laba [abahluleka ukuqaphela abafowabo bakaKristu abangokomoya njengabameleli beNkosi ngokwayo] bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”
Bheka futhi amakhasi 403, 404 no-228-231.
Uma Umuntu Ethi—
‘Izimo azizimbi ngokwedlulele namuhla; bezilokhu zikhona izimpi, indlala, ukuzamazama komhlaba, nobugebengu’
Ungase uphendule: ‘Ngiyabona ukuthi kungani uzizwa ngaleyondlela. Siye sazalelwa emhlabeni lapho lezizinto ziyizindaba zansuku zonke. Kodwa izazi-mlando zichaza ukuthi kunokuthile okuhluke kakhulu kulelikhulu lama-20 leminyaka. (Funda izingcaphuno ezisekhasini 187.)’
Noma ungase uthi: ‘Okuyikhona okuphawulekayo akukhona nje kuphela ukuthi bezilokhu zikhona izimpi, indlala, ukuzamazama komhlaba, nobugebengu. Ingabe uye waqaphela ukuthi isibonakaliso esanikezwa uJesu sasihlanganisa izici eziningi?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Akazange asho ukuthi noma isiphi isenzakalo esisodwa ngokwaso sasiyobonisa ukuthi ‘sisezinsukwini zokugcina.’ Kodwa lapho sonke isibonakaliso sesibonakala, yilokho okungokuphawulekayo—futhi ikakhulukazi uma sibonakala ngokwezinga lembulunga yonke futhi siqala ngonyaka omiswe ukuhlelwa kwezenzakalo ngokweBhayibheli.’ (Bheka amakhasi 181-187, kanye namakhasi 179-181.)
‘Nazi kanjani ukuthi esinye isizukulwane esizayo ngeke sifanelane nalesiprofetho ngisho nangaphezu kwalesi?’
Ungase uphendule: ‘Umbuzo othakazelisayo lowo, futhi impendulo iqokomisa iqiniso lokuthi ngempela siphila “ezinsukwini zokugcina.” Kanjani? Nokho, ingxenye yesibonakaliso esanikezwa uJesu ihilela impi phakathi kwezizwe nemibuso. Kodwa yini ebingenzeka namuhla uma ukugcwaliseka kwalesibonakaliso kungadinga ukuba silinde kuze kube yilapho enye impi ewukhukhulelangoqo igqashuka phakathi kwemibuso emikhulu? Impi enjalo ibingashiya abambalwa kakhulu uma bekhona abebengasinda. Ngakho-ke, uyabona, injongo kaNkulunkulu yokuba kube khona abasindayo ibonisa ukuthi manje sesiseduze kakhulu nokuphela kwalesimiso esidala.’
Noma ungase uthi: ‘Ukuqhathanisa izenzakalo zomhlaba nalesiprofetho kunjengokuqhathanisa iminwe nomnikazi wayo. Akekho omunye ongaba neminwe efana neyomunye. Ngokufanayo, isimo sezenzakalo ezaqala ngo-1914 ngeke siphindwe esizukulwaneni esithile esizayo.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Yonke into eyenza isibonakaliso ibonakala ngokusobala.’ (2) ‘Ngokuqinisekile asifuni ukuba njengabantu bosuku lukaNowa. (Math. 24:37-39)’
‘Ukuphela ngeke sikubone esikhathini sokuphila kwethu’
Ungase uphendule: ‘Kodwa uyakholelwa ukuthi uNkulunkulu uyongenela ngesikhathi esithile, akunjalo?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Okuwukuphela kwendlela noma imuphi wethu angazi ngayo ukuthi lokho kuyoba nini kuyilapho Yena enza lokhu kwaziswa kutholakale kithina. Manje, uJesu waphawula ngokusobala ukuthi akekho umuntu owazi usuku noma ihora, kodwa wachaza ngokuningiliziwe izinto ezaziyokwenzeka phakathi nesizukulwane lapho kuyokwenzeka khona.’ (2) ‘Leyoncazelo iphathelene nezenzakalo wena siqu ojwayelene nazo. (Uma kunokwenzeka, xoxa ngemininingwane yesibonakaliso, usebenzisa amaphuzu anikezwe emakhasini andulelayo.)’
‘Anginandaba nalezizinto; ngikhathalela okwalolosuku kuphela’
Ungase uphendule: ‘Ngempela kuhle ukungakhathazeki ngokweqile ngekusasa. Kodwa sonke siyazama ukuhlela ukuphila kwethu ngendlela yokuthi sizivikele ngokwethu nabathandekayo bethu. Ukuhlela okunengqondo kuwusizo. IBhayibheli libonisa ukuthi kunezinto ezimangalisayo ezingaphambili, futhi kusho ukuhlakanipha uma sihlela ngendlela yokuba sizuze kuzona. (IzAga 1:33; 2 Pet. 3:13)’
‘Angizihluphi ngokucabanga ngazo zonke lezizimo ezimbi; ngithanda ukuba nombono oqhakazile ngekusasa’
Ungase uphendule: ‘Ngokuthakazelisayo, uJesu wathi kuyoba nesizathu esihle ngabalandeli bakhe sokulindela okuhle osukwini lwethu. (Luka 21:28, 31)’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Kodwa phawula ukuthi akabatsheli ukuba bavale amehlo ngokuqondene nokwenzekayo ezweni futhi bajabule. Uthi ukulindela kwabo okuhle kuyoba nesizathu esihle; kuyoba ngenxa yokuqonda okushiwo izenzakalo zomhlaba nokwazi ukuthi umphumela uyoba yini.’