-
Ukunikeza Ubufakazi “Ezizweni Zonke”INqabayokulinda—1994 | Agasti 15
-
-
Ukunikeza Ubufakazi “Ezizweni Zonke”
“Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe kube ubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—MATHEWU 24:14, NW.
1. Kungani amazwi kaJesu alotshwe kuMathewu 24:14 kumelwe ukuba abamangaza abalandeli bakhe?
YEKA ukuthi amazwi kaJesu angenhla kumelwe ukuba abamangaza kanjani abafundi bakhe abangamaJuda! Wona kanye umqondo wokuthi amaJuda angcwelisiwe ayezoyokhuluma nabeZizwe ‘abangcolile,’ ‘abantu bezizwe,’ kwakuyinto entsha kumJuda, ngisho neyenyanyekayo.a Phela, umJuda oqotho wayengenakukucabanga ukungena endlini yoweZizwe! Labobafundi abangamaJuda babesenokuningi kakhulu okwakumelwe bakufunde ngoJesu, uthando lwakhe, nokuthunywa kwakhe. Futhi babesenokuningi okwakumelwe bakufunde ngokungakhethi kukaJehova.—IzEnzo 10:28, 34, 35, 45.
2. (a) Iye yanda kangakanani inkonzo yoFakazi? (b) Iziphi izici ezintathu eziyinhloko eziye zaba nengxenye entuthukweni yoFakazi?
2 OFakazi BakaJehova baye bashumayela izindaba ezinhle phakathi kwezizwe, kuhlanganise no-Israyeli wosuku lwanamuhla, futhi manje bazimemezela ezizweni ezengeziwe kunanini ngaphambili. Ngo-1994 oFakazi abangaphezu kwezigidi ezine nengxenye bashumayela emazweni angaba ngu-230. Baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingaba izigidi ezine nengxenye nabantu abathakazelayo. Lokhu bakwenza naphezu kokubandlululwa emhlabeni wonke, ngokuvamile okusekelwe ekungazini ukuthi ziyini izimfundiso nezisusa zoFakazi. Njengoba kwashiwo ngamaKristu okuqala, kungase kushiwo futhi nangabo: “Siyazi ngalelihlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.” (IzEnzo 28:22) Khona-ke singathi yini ebangela ukuba inkonzo yabo iphumelele? Okungenani kunezici ezintathu ezinengxenye entuthukweni yabo—ukulandela ukuhola komoya kaJehova, ukulingisa izindlela zikaKristu eziwusizo, nokusebenzisa amathuluzi afanele okukhulumisana nabantu ngokuphumelelayo.
Umoya KaJehova Nezindaba Ezinhle
3. Kungani singenakuqhosha ngalokho okuye kwafezwa?
3 Ingabe oFakazi BakaJehova bayaqhosha ngempumelelo yabo, njengokungathi ibangelwa yinoma imaphi amakhono akhethekile okungenzeka banawo? Cha, ngenxa yokuthi lamazwi kaJesu ayasebenza: “Nxa nikwenzile konke enikuyaliweyo, anothi: Asizinceku zalutho; sikwenzile nje ebesifanele ukukwenza.” NjengamaKristu azinikezele, abhapathiziwe, oFakazi BakaJehova baye bawamukela ngokuzithandela umthwalo wemfanelo wokukhonza uNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi ziyini izimo zabo zomuntu siqu. Kwabanye, lokhu kusho inkonzo yesikhathi esigcwele njengezithunywa zevangeli noma njengezikhonzi zokuzithandela emahhovisi egatsha nasezindaweni zokunyathelisa izincwadi zobuKristu. Kwabanye ukuzimisela okunjalo kobuKristu kubaholela emsebenzini wokwakha ezakhiweni zenkolo, ekushumayeleni isikhathi esigcwele njengezikhonzi ezingamaphayona, noma ekushumayeleni isikhashana njengabamemezeli bezindaba ezinhle emabandleni akubo. Akukho namunye wethu ongaqhosha ngomsebenzi esiwenzayo, ‘ebesifanele ukukwenza.’—Luka 17:10; 1 Korinte 9:16.
4. Ukuphikiswa kwenkonzo yamaKristu okukhona emhlabeni wonke kuye kwanqotshwa kanjani?
4 Kungase kushiwo ukuthi noma iyiphi impumelelo esinayo ibangelwa umoya kaJehova, noma amandla ayisiphekupheku. Namuhla kufanelekile ukusho njengasezinsukwini zikamprofethi uZakariya: “Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: Kungabi-ngempi, kungabi-ngamandla, kepha kube-ngomoya wami kuphela, usho uJehova-Sebawoti.” Ngakho, ukuphikiswa komsebenzi wokushumayela woFakazi emhlabeni wonke kuye kwanqotshwa, hhayi ngomzamo wabantu, kodwa ngesiqondiso nesivikelo sikaJehova.—Zakariya 4:6.
5. Iyiphi indima efezwa uJehova ekwenzeni ukuba kusakazwe isigijimi soMbuso?
5 Kulabo abasabela esigijimini soMbuso, uJesu wathi: “Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Bonke bayakuba-ngabafundiswé nguNkulunkulu. Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi. . . . Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba.” (Johane 6:45, 65) UJehova angafunda izinhliziyo nezingqondo, futhi uyabazi labo okungenzeka basabele othandweni lwakhe nakuba kungenzeka ukuthi abakamazi. Futhi usebenzisa izingelosi zakhe ukuba ziqondise lenkonzo eyingqayizivele. Yingakho embonweni uJohane abona ukuhlanganyela kwengelosi futhi wabhala: “[Ngabona] enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade ilishumayele kwabahlezi emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu.”—IsAmbulo 14:6.
Abaqaphela Isidingo Esingokomoya
6. Isiphi isimo sengqondo esiyisisekelo esidingekayo kumuntu ukuze asabele ezindabeni ezinhle?
6 Esinye isici ekunikezeni kukaJehova umuntu ithuba lokwamukela izindaba ezinhle yileso esachazwa uJesu: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngoba umbuso wamazulu ungowabo.” (Mathewu 5:3, NW) Umuntu owanelisekile ngakwenzayo noma ongalifuni iqiniso akanakusiqaphela isidingo esingokomoya. Ucabanga kuphela ngendlela yenyama. Ukuzizwa anelisekile kuba isithiyo. Ngakho-ke, lapho abaningi esihlangana nabo njengoba singena endlini ngendlu benqaba isigijimi, kufanele sicabangele zonke izizathu ezihlukene abantu abangase babe nazo ngokusabela kwabo.
7. Kungani abaningi bengasabeli eqinisweni?
7 Abaningi abafuni ukulalela ngenxa yokuthi banamathela ngenkani enkolweni abazalelwa kuyo futhi abazimisele ukuxoxa. Abanye baye bakhangwa inkolo evumelana nobuntu babo—abanye bafuna inkolo eyimfihlakalo, abanye basabela kwethinta imizwelo, kanti abanye banesithakazelo emisebenzini yezenhlalo eyenziwa esontweni labo. Abaningi namuhla baye bakhetha indlela yokuphila engqubuzana nezindinganiso zikaNkulunkulu. Mhlawumbe baphila ukuphila kokuziphatha okubi, okubenza bathi, “Anginasithakazelo.” Kodwa abanye, abangase bathi bafundile futhi banolwazi lwezesayensi, benqaba iBhayibheli bethi licacisa nezinto ezisobala.—1 Korinte 6:9-11; 2 Korinte 4:3, 4.
8. Kungani ukunqaba kungafanele kudambise intshiseko yethu? (Johane 15:18-20)
8 Ingabe ukunqaba kwabaningi kufanele kudambise ukholo nentshiseko yethu enkonzweni esindisa ukuphila? Singaduduzwa amazwi kaPawulu kwabaseRoma: “Kunjani pho? Uma abanye bengakholwanga, ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholeka kukaNkulunkulu na? Qha nakanye; kepha makube-ngukuthi: UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.”—Roma 3:3, 4.
9, 10. Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi ukuphikiswa kuye kwanqotshwa emazweni amaningi?
9 Singakhuthazwa izibonelo eziningi emhlabeni wonke zamazwe ayebonakala engasabeli nakancane kodwa, ngokuhamba kwesikhathi, aye abonakala engenjalo neze. UJehova nezingelosi babazi ukuthi kunabanezinhliziyo ezinhle ababesazotholakala—kodwa oFakazi BakaJehova kwakumelwe baphikelele futhi bakhuthazele enkonzweni yabo. Ngokwesibonelo, cabanga ngamazwe lapho ubuKatolika babubonakala buyisithiyo esingenakunqotshwa eminyakeni engu-50 edlule—i-Argentina, iBrazil, iColombia, i-Ireland, i-Italy, iMexico, iPortugal, neSpain. OFakazi babembalwa emuva ngo-1943, babengu-126 000 kuphela emhlabeni wonke, abangu-72 000 balaba bese-United States. Ukungazi nokubandlululwa oFakazi ababebhekene nakho kwakubonakala njengodonga lwezitini olungenakubhodlozwa. Nokho, namuhla eminye yemiphumela ephawuleka kakhulu yokushumayela iye yaba kulamazwe. Kungokufanayo futhi nangamazwe amaningi ayengawobuKhomanisi. Ngo-1993 ukubhapathizwa kwabangu-7 402 emhlanganweni waseKiev, e-Ukraine, kunikeza ubufakazi balokhu.
10 Iziphi izindlela oFakazi abaye bazisebenzisa ukuze bahlanganyele izindaba ezinhle nomakhelwane babo? Ingabe baye basebenzisa ukuyenga ngezipho ukuze baguqule abantu, okuyilokho abanye abaye bakucabanga? Ingabe baye bavakashela abampofu nabangafundile kuphela, njengoba abanye beye basho kanjalo?
Izindlela Eziphumelelayo Zokudlulisela Izindaba Ezinhle
11. Isiphi isibonelo esihle esabekwa uJesu enkonzweni yakhe? (Bheka uJohane 4:6-26.)
11 UJesu nabafundi bakhe bamisa indlela oFakazi abayilandelayo kuze kube namuhla emsebenzini wabo wokwenza abafundi. UJesu waya nomaphi lapho kwakunabantu khona, abacebile noma abampofu—emizini, ezindaweni zomphakathi, eduze namachibi, ezintabeni, ngisho nasemasinagogeni.—Mathewu 5:1, 2; 8:14; Marku 1:16; Luka 4:15.
12, 13. (a) UPawulu wawabekela kanjani isibonelo amaKristu? (b) OFakazi BakaJehova baye basilandela kanjani isibonelo sikaPawulu?
12 Ngokuphathelene nenkonzo yakhe, umphostoli uPawulu wayengasho ngokufanelekile: “Niyazi nina ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo eAsiya nganginjani isikhathi sonke nginani, ngikhonza iNkosi . . . nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.”—IzEnzo 20:18-20.
13 OFakazi BakaJehova baziwa emhlabeni wonke ngokulandela isibonelo sabaphostoli, inkonzo yendlu ngendlu. Kunokuba bagxile enkonzweni ye-TV ebizayo, ekha phezulu, engaqondiswe kumuntu ngokukhethekile, oFakazi baya kubantu, abacebile nabampofu, futhi bahlangane nabo ubuso nobuso. Bafuna ukuxoxa ngoNkulunkulu nangeZwi lakhe.b Abazami ukwenza amaKristu ezipho, bewafumbathisa. Kulabo abazimisele ukubonisana nabo, baveza ukuthi okuwukuphela kwekhambi leqiniso ezinkingeni zesintu ukubusa koMbuso kaNkulunkulu, okuyokwenza izimo emhlabeni wethu zibe ngcono.—Isaya 65:17, 21-25; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1-4.
14. (a) Izithunywa zevangeli eziningi namaphayona baye basibeka kanjani isisekelo esiqinile? (b) Yini esiyifunda kokuhlangenwe nakho koFakazi BakaJehova eJapane?
14 Ukuze kufezwe umsebenzi emazweni amaningi ngangokunokwenzeka, izithunywa zevangeli namaphayona baye bacaba indlela ezizweni eziningi. Baye babeka isisekelo, oFakazi bendawo base behola. Ngakho, akuzange kudingeke ukuba amanani amakhulu oFakazi bakwamanye amazwe agcine umsebenzi wokushumayela uqhubeka futhi awugcine uhleleke kahle. Isibonelo esisodwa esivelele iJapane. Emuva ngasekupheleni kwawo-1940, izithunywa zevangeli zase-Australia naseBrithani ikakhulukazi zaya lapho, zafunda ulimi, zazivumelanisa nezimo ezingaphucukile zaleyonkathi yangemva kwempi, futhi zaqala ukufakaza endlini ngendlu. Phakathi neMpi Yezwe II, oFakazi babevinjelwe futhi beshushiswa eJapane. Ngakho izithunywa zevangeli zafike zathola inani elincane kuphela loFakazi baseJapane abakhuthele. Kodwa namuhla baye banda bafinyelela inani elingaphezu kuka-187 000 emabandleni angaphezu kuka-3 000! Yayiyini imfihlo yokuphumelela kwabo kwasekuqaleni? Esinye isithunywa sevangeli esineminyaka yenkonzo engaphezu kuka-25 silapho sathi: “Kwakubaluleke kakhulu ukufunda ukuxoxa nabantu. Ngokwazi ulimi lwabo, sasikwazi ukujwayelana nabo, ukuqonda nokwazisa indlela yabo yokuphila. Kwakumelwe sibonise ukuthi sasibathanda abantu baseJapane. Ngokuthobeka sazama ukuba ingxenye yomphakathi wendawo, yebo, ngaphandle kokuyekethisa izindinganiso zethu zobuKristu.”
Ukuziphatha KobuKristu Nakho Kuwubufakazi
15. OFakazi baye bakubonakalisa kanjani ukuziphatha kobuKristu?
15 Nokho, abantu abazange basabele esigijimini seBhayibheli kuphela. Baye futhi babona nezenzo zobuKristu. Baye babona uthando, ukuzwana, nobunye boFakazi ngisho nangaphansi kwezimo ezivivinya kakhulu, njengezimpi zombango, izingxabano zezizwe, nobutha bobuhlanga. OFakazi baye balondoloza ukuma okusobala kokungathathi hlangothi kobuKristu kuzo zonke izingxabano futhi baye bagcwalisa amazwi kaJesu: “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokho nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”—Johane 13:34, 35.
16. Ikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa uthando lobuKristu loqobo?
16 Uthando lukamakhelwane lwaboniswa endabeni yekhehla elabhalela iphephandaba lendawo ‘ngoMnu. noNkk. Nhliziy’ enhle.’ Lachaza ukuthi omakhelwane balo baye baba nomusa kulo lapho umkalo efa. “Kusukela ashona . . . bebelokhu bengikhathalela kakhulu,” libhala. “Kusukela ngalesosikhathi baye ‘bangamukela’ . . . , bengenzela yonke imisebenzi yasekhaya futhi besiza ukuxazulula izinkinga zomuntu oneminyaka engu-74 osathatha umhlalaphansi. Okwenza konke lokhu kube okumangalisa nakakhulu ukuthi bamnyama, mina ngimhlophe. BangoFakazi BakaJehova, mina ngingumKatolika ongasasonti.”
17. Iyiphi inkambo okufanele siyigweme?
17 Lokhu okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi singanikeza ubufakazi ngezindlela eziningi, kuhlanganise nokuziphatha kwethu kwansuku zonke. Eqinisweni, uma ukuziphatha kwethu kungenjengokukaKristu, inkonzo yethu iyoba eyobuFarisi, engenamphumela. Asifuni ukuba njengalabo uJesu abachaza: “Konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi.”—Mathewu 22:37-39; 23:3.
Isigaba Sesigqila Sinikeza Amathuluzi Afanele
18. Izincwadi zeBhayibheli zisihlomisela kanjani ukusiza abantu abanhliziyo ziqotho?
18 Esinye isici esibalulekile ekushumayeleni izindaba ezinhle ezizweni zonke kuye kwaba ukutholakala kwezincwadi zeBhayibheli ezikhiqizwa yi-Watch Tower Bible and Tract Society. Sinezincwadi, izincwajana ezingangomagazini, amapheshana, nomagazini okungenelisa cishe bonke ababuza ngobuqotho. Uma sihlangana neSulumane, umHindu, umBuddha, umTao, noma umJuda, singasebenzisa incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu noma izinhlobonhlobo zamapheshana nezincwajana ukuze siqalise ingxoxo futhi cishe nesifundo seBhayibheli. Uma okholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo ebuza ngendalo, singasebenzisa incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? Uma umuntu omusha ebuza, ‘Iyini injongo yokuphila?’ singamqondisa encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Uma othile ekhungethwe izinkinga zomuntu siqu—ukucindezeleka, ukukhathala okungamahlalakhona, ukudlwengulwa, isehlukaniso—sinomagazini abaye badingida izindaba ezinjalo ngendlela ewusizo. Ngempela, isigaba senceku ethembekile uJesu aprofetha ukuthi sasiyobe sinikeza “ukudla ngesikhathi sakho” siyayifeza indima yaso.—Mathewu 24:45-47.
19, 20. Umsebenzi woMbuso uye wadlondlobala kanjani e-Albania?
19 Kodwa ukuze kufinyelelwe izizwe, kuye kwadingeka kukhiqizwe lezizincwadi ngezilimi eziningi. Kuye kwenzeka kanjani ukuba kuhunyushelwe iBhayibheli nezincwadi ezingokomBhalo ezilimini ezingaphezu kuka-200? Ukucabangela kafushane isibonelo esisodwa, i-Albania, kubonisa indlela inceku ethembekile neqondayo eye yakwazi ngayo ukuqhubekisela phambili izindaba ezinhle naphezu kwezinkinga ezinkulu nangaphandle kwePentekoste lanamuhla elingavula intuba yokukhulunywa kwezilimi ngokuphazima kweso.—IzEnzo 2:1-11.
20 Eminyakeni embalwa nje edlule, i-Albania yayisabhekwa njengewukuphela kwezwe lobuKhomanisi elingakholelwa ngempela ebukhoneni bukaNkulunkulu. Umagazini i-National Geographic wathi ngo-1980: “I-Albania iyayenqabela [inkolo], ngo-1967 yamemezela ukuthi ‘iwumbuso wokuqala emhlabeni ongakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu.’ . . . Okuwukuphela kwento isizukulwane esisha sase-Albania esiyaziyo ukungakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu.” Manje njengoba ubuKhomanisi buye bawa, abantu base-Albania abasiqaphelayo isidingo sabo esingokomoya bayasabela ekushumayeleni okwenziwa oFakazi BakaJehova. Iqembu elincane labahumushi elinoFakazi abasebasha abazi isiNtaliyane nesiNgisi lamiswa eTiranë ngo-1992. Abazalwane abafanelekayo ababevakashile bevela kwamanye amazwe babafundisa ukusebenzisa ama-laptop computer ukuze babhale ukwaziswa ngesi-Albania. Baqala ngokuhumusha amapheshana nomagazini INqabayokulinda. Njengoba bezuza okuhlangenwe nakho, baqala ukuhumusha ezinye izincwadi zeBhayibheli eziwusizo. Manje kunoFakazi abangaba ngu-200 abakhuthele kulelozwe elincanyana (inani labantu bebonke lingu-3 262 000), futhi abangu-1 984 babekhona eSikhumbuzweni ngo-1994.
Sonke Sinomthwalo Wemfanelo
21. Siphila enkathini enjani?
21 Izenzakalo zezwe zifinyelela umvuthwandaba. Njengoba kunokwanda kobugebengu nobudlova, ukubulala nokudlwengula ezimpini zendawo, ukuziphatha okuyekelelayo okudlangile nezithelo zakho zezifo ezithathelwana ngobulili, ukungahlonishwa kwegunya elifanele, izwe libonakala liba nesiphithiphithi, lingalawuleki. Sisenkathini efana neyezikhathi zangaphambi kukaZamcolo echazwe kuGenesise: “UJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo. Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe.”—Genesise 6:5, 6; Mathewu 24:37-39.
22. Imuphi umthwalo wemfanelo wobuKristu bonke oFakazi BakaJehova abanawo?
22 Njengasosukwini lukaNowa, uJehova uzothatha isinyathelo. Kodwa ngobulungisa nangothando lwakhe, ufuna ukuba izindaba ezinhle nesigijimi esiyisixwayiso kushunyayelwe kuqala ezizweni zonke. (Marku 13:10) Kulokhu oFakazi BakaJehova banomthwalo wemfanelo—ukuthola labo abafanelwe ukuthula kukaNkulunkulu nokubafundisa izindlela zakhe zokuthula. Ngokushesha, ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, ukuthunywa kokushumayela kuzobe kuqedwe ngokuphumelelayo. ‘Khona-ke ukuphela kuyofika.’—Mathewu 10:12, 13; 24:14; 28:19, 20.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngabeZizwe, bheka isihloko esithi “Nations” kwethi Insight on the Scriptures, uMqulu II, amakhasi 472-4, ekhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Ukuze uthole ukusikisela okuwusizo ngokuphathelene nenkonzo yamaKristu, bheka INqabayokulinda, April 1, 1985, ikhasi 26, “Indlela Yokuba Yizikhonzi Eziphumelelayo,” neka-April 15, ikhasi 25, “INkonzo Ephumelelayo Eholela Kubafundi Abengeziwe.”
-
-
Ukunikeza Ubufakazi “Ezizweni Zonke”INqabayokulinda—1994 | Agasti 15
-
-
[Ibhokisi ekhasini 19]
IZWE OFAKAZI ABABEMATASA NGO-1943 NGO-1993
Argentina 374 102 043
Brazil 430 366 297
Chile 72 44 668
Colombia ?? 60 854
France IMpi Yezwe II—awukho umbiko 122 254
Ireland 150? 4 224
Italy IMpi Yezwe II—awukho umbiko 201 440
Mexico 1 565 380 201
Peru Awukho umbiko womsebenzi 45 363
Philippines IMpi Yezwe II—awukho umbiko 116 576
Poland IMpi Yezwe II—awukho umbiko 113 551
Portugal Awukho umbiko womsebenzi 41 842
Spain Awukho umbiko womsebenzi 97 595
Uruguay 22 9 144
Venezuela Awukho umbiko womsebenzi 64 081
[Isithombe ekhasini 17]
OFakazi BakaJehova bayanda emazweni amaningi obuKatolika, njengeSpain
[Izithombe ekhasini 18]
OFakazi BakaJehova bakhuthele emazweni asembulungeni yonke
-