Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wathola omagazini bamuva beNqabayokulinda beyinzuzo kuwe? Khona-ke kungani ungahloli inkumbulo yakho ngokulandelayo?
◻ Imaphi amaqiniso aphikisa ukungcweliswa kwendawo okucatshangelwa ukuthi uJesu wazalelwa kuyo?
IBhayibheli aliyisho indawo eqondile uJesu azalelwa kuyo. Ukulandisa kwamaVangeli kaMathewu noLuka kunikeza izinto eziyisisekelo kuphela. (Mathewu 2:1, 5; Luka 2:4-7) Ukufundwa kukaJohane 7:40-42 kubonisa ukuthi abantu ngokuvamile babengayazi indawo azalelwa kuyo, abanye becabanga ukuthi wazalelwa eGalile. Futhi, phakathi nokuphila kwakhe siqu uJesu kwasemhlabeni, akazange amemezele imininingwane yokuzalwa kwakhe.—12/15, ikhasi 5.
◻ UmKristu angayilondoloza kanjani injabulo yakhe nakuba ebhekene nezilingo zokugula ngokwenyama, ukucindezeleka, nobunzima bezomnotho?
IZwi likaNkulunkulu linikeza induduzo nesiqondiso esidingekayo. Ngokufunda noma ngokulalela amahubo, kungatholakala ukuqabuleka okukhulu okudingekayo. UDavide uyaseluleka: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa.” Wasiqinisekisa futhi ukuthi ngempela uJehova ‘ungumuzwi wemikhuleko.’ (IHubo 55:22; 65:2) Inhlangano kaJehova, ngezincwadi zayo nangabadala bayo bamabandla, ihlala ikulungele ngaso sonke isikhathi ukusisiza ukuba silwisane nezinkinga zethu.—1/1, amakhasi 14-5.
◻ UJesu wayesho ukuthini ngesikhathi eyobethelwa, uma ethi: “Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo na?” (Luka 23:31)
UJesu wayebhekisela emthini oyisizwe samaJuda. Ngenxa yokuba khona kukaJesu nensali yamaJuda eyayikholelwa kuye, isizwe sasisenakho ukuphila kuso. Nokho, lapho bonke laba besuswa kulesizwe, kwakuyosala umuthi ofile ngokomoya, inhlangano yesizwe ebunile.—1/15, ikhasi 9.
◻ Labo “abanenhliziyo ehlanzekileyo,” okukhulunywe ngabo kuMathewu 5:8, ‘bangambona’ kanjani “uNkulunkulu”?
‘Babona uNkulunkulu’ lapho bemqaphela enzela abagcini bobuqotho izinto. (Qhathanisa noEksodusi 33:20; Jobe 19:26; 42:5.) Nokho, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “bona” kuMathewu 5:8 lisho futhi “ukubona ngeso lengqondo, ukuqonda, ukwazi.” Njengoba uJesu abubonakalisa ngokuphelele ubuntu bukaNkulunkulu, ukuqonda lobobuntu kwenza ukuba “abanenhliziyo ehlanzekileyo” ‘babone uNkulunkulu.’ (Johane 14:7-9)—1/15, ikhasi 16.
◻ Kungani siphetha ngokuthi uJesu uyingelosi enkulu uMikayeli?
IZwi likaNkulunkulu likhuluma ngeyodwa kuphela ingelosi enkulu, futhi likhuluma ngaleyongelosi lapho libhekisela eNkosini evusiwe uJesu: “INkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu.” (1 Thesalonika 4:16) KuJuda 9 sithola ukuthi igama lalengelosi enkulu nguMikayeli.—2/1, ikhasi 17.
◻ Iziphi izindawo ezine esingabonisa kuzo udumo kwabanye?
Kufanele sibonise udumo kubabusi bezombangazwe, kubaqashi, kumalungu emikhaya yethu, nakulabo abasebandleni.—2/1, amakhasi 20-2.
◻ Ngokushesha nje ngaphambi kokufa kukaJesu, isiphi isibonelo esihle asibekela labo abanabazali asebekhulile?
Lapho uJesu ayesalenga esebuhlungwini esigxotsheni sokuhlushwa, wayicabangela inhlala-kahle engokomoya nengokwenyama kanina ngokumphathisa umfundi wakhe amthandayo uJohane. (Johane 19:25-27)—2/15, ikhasi 8.
◻ Kungani kwakumelwe uJesu ahlupheke?
Ukuhlupheka kukaJesu kwasiza ekuxazululeni impikiswano yobuqotho bezinceku zikaNkulunkulu. Futhi kwamhlomisela indima yakhe yokuba umPristi Ophakeme onobubele wesintu. (Heberu 4:15)—2/15, amakhasi 14-15.
◻ Iziphi izimpikiswano ezibalulekile ezaphakanyiswa ukuhlubuka e-Edene?
Ingabe umuntu angakwazi ukuzibusa ngokuphumelelayo ngaphandle kukaNkulunkulu? Ingabe kulungile ngoNkulunkulu ukufuna ukuthotshelwa kobukhosi bakhe? Ngaphezu kwalokho, ingabe bakhona ebebeyokhetha ngokungenabugovu ukukhonza uNkulunkulu ngokuzithandela?—3/1, ikhasi 6.
◻ Kungani abanye beye bahlanganyela ngokungafanele ezifanekiselweni zeSikhumbuzo?
Abanye abangavuthiwe bangase bangabi nakho ukwazisa okulinganiselwe ngezinjongo zikaNkulunkulu. Bangase bangavumi ukuthi ukugcoba “akuyi ngentando nangokuzikhathaza komuntu, kodwa kuya ngokuhawukela kukaNkulunkulu.” (Roma 9:16) Akukuye umuntu ukunquma ukuthi angathanda ukungena esivumelwaneni esisha futhi abe indlalifa kanye noKristu. Ukukhetha kukaJehova okusebenzayo, futhi umoya wakhe uyakufakazela lokho kukhetha. (Roma 8:16; 1 Korinte 12:18)—3/15, ikhasi 21.
◻ Luyini “ulimi oluhlanzekile” okukhulunywa ngalo kuZefaniya 3:9, (NW)?
Luwukuqondwa okufanele kweqiniso ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe.—4/1, amakhasi 21-2.