Izinceku ZikaJehova Ezijabulayo
“Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—MATHEWU 5:3.
1. Iyini injabulo yeqiniso, futhi ibonisani?
INJABULO iyigugu labantu bakaJehova. Umhubi uDavide wababaza: “Bayajabula abantu abaNkulunkulu wabo nguJehova!” (IHubo 144:15) Injabulo umuzwa wokuthi izinto zihamba kahle. Injabulo ejulile—efinyelela phakathi ezibilinini zethu—ibangelwa ukwazi ukuthi sibusiswa uJehova. (IzAga 10:22) Injabulo enjalo ibonisa ukuthi sisondelene noBaba wethu wasezulwini nokuthi siyazi ukuthi senza intando yakhe. (IHubo 112:1; 119:1, 2) Kuyathakazelisa ukuthi uJesu wabalula izizathu ezingu-9 ezisenza sijabule. Ukuhlola lezi zizathu zokujabula kulesi sihloko nakwesilandelayo kuzosisiza siqaphele indlela esingajabula ngayo uma simkhonza ngokwethembeka ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ uJehova.—1 Thimothewu 1:11.
Ukuqaphela Isidingo Sethu Esingokomoya
2. Kwakwenzenjani lapho uJesu ekhuluma ngenjabulo, futhi athini amazwi akhe esethulo?
2 Ngo-31 C.E., uJesu wabeka inkulumo edume kunazo zonke ezake zabekwa. Ibizwa ngokuthi iNtshumayelo YaseNtabeni ngoba uJesu wayinikeza emthambekeni wentaba ebheke uLwandle LwaseGalile. IVangeli likaMathewu liyalandisa: “Lapho [uJesu] ebona izixuku wakhuphukela entabeni; esehlezi phansi abafundi bakhe beza kuye; wavula umlomo wabafundisa, ethi: ‘Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngoba umbuso wamazulu ungowabo.’” Ngokwezwi nezwi, amazwi kaJesu esethulo afundeka kanje: “Bayajabula abampofu emoyeni,” noma “Bayajabula abayizinxibi zomoya.” (Mathewu 5:1-3; Kingdom Interlinear; umbhalo waphansi) I-Today’s English Version ithi: “Bayajabula labo abaziyo ukuthi bampofu ngokomoya.”
3. Isimo sokuthobeka sinikela kanjani enjabulweni yethu?
3 Entshumayelweni yakhe ayibeka emthambekeni wentaba, uJesu waveza ukuthi umuntu ujabula ngokwengeziwe uma eqaphela ukuthi uyantula ngokomoya. AmaKristu athobekile, esiqaphela ngokuphelele isimo sawo sokuba nesono, ancenga uJehova ukuba awathethelele ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaKristu. (1 Johane 1:9) Ngokwenza kanjalo athola ukuthula kwengqondo nenjabulo yeqiniso. “Uyajabula umuntu okuvukela kwakhe kuxolelwe, osono sakhe simboziwe.”—IHubo 32:1; 119:165.
4. (a) Singakubonisa ngaziphi izindlela ukuqaphela isidingo sethu esingokomoya nesabanye? (b) Yini eyenezela enjabulweni yethu uma sisiqaphela isidingo sethu esingokomoya?
4 Ukuqaphela isidingo sethu esingokomoya kusenza sifunde iBhayibheli mihla yonke, sidle ukudla okungokomoya okukhishwa “ngesikhathi esifanele” “inceku ethembekileyo neqondayo,” futhi siye njalo emihlanganweni yobuKristu. (Mathewu 24:45; IHubo 1:1, 2; 119:111; Hebheru 10:25) Uthando ngomakhelwane lusenza siqaphele isidingo esingokomoya sabanye bese sishiseka ekushumayeleni nasekufundiseni izindaba ezinhle zoMbuso. (Marku 13:10; Roma 1:14-16) Ukuxoxela abanye amaqiniso eBhayibheli kusinika injabulo. (IzEnzo 20:20, 35) Injabulo yethu ijula nakakhulu lapho sizindla ngethemba loMbuso elihle kakhulu nezibusiso eziyolethwa yilowo Mbuso. ‘Emhlambini omncane’ wamaKristu agcotshiwe, ithemba loMbuso lisho ukuphila okungenakufa ezulwini njengengxenye kahulumeni woMbuso kaKristu. (Luka 12:32; 1 Korinte 15:50, 54) ‘Kwezinye izimvu,’ lisho ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi ngaphansi kwalowo hulumeni woMbuso.—Johane 10:16; IHubo 37:11; Mathewu 25:34, 46.
Indlela Abangajabula Ngayo Abalilayo
5. (a) Isho ukuthini inkulumo ethi “abalilayo”? (b) Baduduzeka kanjani abalilayo?
5 Amazwi alandelayo esizathu sokujabula ashiwo uJesu abonakala eziphikisa. Wathi: “Bayajabula abalilayo, ngoba bayoduduzwa.” (Mathewu 5:4) Umuntu angalila kanjani ebe ejabula? Ukuze siqonde okushiwo amazwi kaJesu, kudingeka sibheke ukuthi usho hlobo luni lokulila. Umfundi uJakobe uthi isimo sethu sokuba nesono kufanele sibe imbangela yokulila. Waloba: “Hlanzani izandla zenu, nina zoni, futhi nihlanze izinhliziyo zenu, nina enimanqikanqika. Yibani lusizi, nilile futhi nikhale. Ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nenjabulo yenu ibe ukudangala. Zithobeni emehlweni kaJehova, khona-ke uyoniphakamisa.” (Jakobe 4:8-10) Abantu esibadabukisa ngempela isimo sabo sokuba nesono bayaduduzeka lapho bezwa ukuthi izono zabo zingathethelelwa uma bebonisa ukholo emhlatshelweni wesihlengo kaKristu futhi babonise ukuphenduka kweqiniso ngokwenza intando kaJehova. (Johane 3:16; 2 Korinte 7:9, 10) Ngaleyo ndlela bangaba nobuhlobo obuyigugu noJehova, babe nethemba lokuphila kuze kube phakade bemkhonza futhi bemdumisa. Lokhu kubanikeza injabulo ejulile yangaphakathi.—Roma 4:7, 8.
6. Abanye balila ngamuphi umqondo, futhi yini ebaduduzayo?
6 Amazwi kaJesu ahlanganisa nabalila ngenxa yezimo ezinengekayo ezibhidlangile emhlabeni. UJesu wathi isiprofetho sika-Isaya 61:1, 2 sisebenza kuye, esithi: “Umoya weNkosi EnguMbusi uJehova uphezu kwami, ngenxa yokuthi uJehova ungigcobile ukuba ngitshele abamnene izindaba ezinhle. Ungithumé ukuba ngibophe abanhliziyo zaphukileyo, . . . ukuba ngiduduze bonke abalilayo.” AmaKristu agcotshiwe asesemhlabeni nawo ayawenza lowo msebenzi, esizwa abangane bawo, “ezinye izimvu.” Bonke benza umsebenzi ongokomfanekiso wokubeka uphawu emabunzini “abantu ababubulayo futhi bequma ngenxa yazo zonke izinto ezinengekayo ezenziwa phakathi kwawo [iJerusalema eliyisihlubuki, elifanekisela eLobukholwa].” (Hezekeli 9:4) Labo bantu ababubulayo baduduzwa ‘izindaba ezinhle zombuso.’ (Mathewu 24:14) Kuyabajabulisa ukuzwa ukuthi izwe elisha likaJehova lokulunga lizothatha isikhundla sesimiso sezinto sikaSathane esonakele.
Bayajabula Abanomoya Omnene
7. Inkulumo ethi “umoya omnene” ayisho ukuthini?
7 UJesu waqhuba iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni wathi: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” (Mathewu 5:5) Ngezinye izikhathi kuye kucatshangwe ukuthi umoya omnene usho ukuba unama. Kepha akunjalo. Lapho isazi seBhayibheli sichaza umqondo wegama elihunyushwa ngokuthi “umoya omnene,” saloba: “Uphawu olukhulu kakhulu lomuntu [omnene] ukuthi ukwazi ukuzibamba ngokuphelele. [Umoya omnene] awuwona umusa ohluleka ukumelela okulungile, awulona uthando lobulima, awusho isimo somuntu sokuzola bese ehlala nje azithele ngabandayo. Ungamandla esikwaziyo ukuwalawula.” UJesu wathi ngaye: “Nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo.” (Mathewu 11:29) Noma ayenjalo, uJesu wayenesibindi sokulwela izimiso ezilungile.—Mathewu 21:12, 13; 23:13-33.
8. Umoya omnene uhlobene eduze nani, futhi kungani siyidinga le mfanelo ebuhlotsheni bethu nabanye?
8 Khona-ke umoya omnene uhlobene eduze nokuzithiba. Angithi umphostoli uPawulu wabubala ndawonye ubumnene nokuzithiba ngenkathi esho “izithelo zomoya.” (Galathiya 5:22, 23) Umoya omnene kumelwe uhlakulelwe ngosizo lomoya ongcwele. Uyimfanelo yobuKristu eyenza sibe nokuthula nabantu abangakholwa kanye nabasebandleni. UPawulu waloba: “Gqokani uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela. Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile.”—Kolose 3:12, 13.
9. (a) Kungani ukuba nomoya omnene kungagcini ngokusebenza ebuhlotsheni bethu nabanye abantu? (b) Abanomoya omnene ‘balidla’ kanjani “ifa lomhlaba”?
9 Umoya omnene awugcini nokho ngokusebenza ebuhlotsheni bethu nabanye abantu. Ngokuzithoba ngokuzithandela ebukhosini bukaJehova, sibonisa ukuthi sinomoya omnene. Isibonelo esiyinhloko kulokhu uJesu Kristu, okwathi ngesikhathi elapha emhlabeni wabonisa umoya omnene nokuzithoba okuphelele entandweni kaYise. (Johane 5:19, 30) NguJesu ngokuyinhloko odla ifa lomhlaba, ngoba unguMbusi wawo omisiwe. (IHubo 2:6-8; Daniyeli 7:13, 14) Leli fa ulihlanganyela ‘nezindlalifa ezikanye’ naye ezingu-144 000 ezikhethwe “kubantu” ukuba ‘zibuse njengamakhosi phezu komhlaba.’ (Roma 8:17; IsAmbulo 5:9, 10; 14:1, 3, 4; Daniyeli 7:27) UKristu nababusi abusa nabo bayobusa izigidi zamadoda nabesifazane abanjengezimvu, okuyogcwaliseka kubo ngenjabulo leli hubo eliyisiprofetho: “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11; Mathewu 25:33, 34, 46.
Bayajabula Abalambele Ukulunga
10. Iyiphi indlela abasuthiswa ngayo “abalambele futhi bomele ukulunga”?
10 Isizathu esilandelayo sokujabula esashiwo uJesu ngesikhathi ekhuluma emthambekeni wentaba yaseGalile sithi: “Bayajabula abalambele futhi bomele ukulunga, ngoba bayosuthiswa.” (Mathewu 5:6) NguJehova obekela amaKristu indinganiso yokulunga. Ngakho, labo abalambele futhi bomele ukulunga empeleni balambele futhi bomele isiqondiso saphezulu. Abanjalo bahlale besiqaphela isono nokungapheleli kwabo futhi bafisa ukwamukeleka kuJehova. Yeka indlela abajabula ngayo lapho befunda eZwini likaNkulunkulu ukuthi uma bephenduka futhi bafune intethelelo ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaKristu, bayoba sesimweni sokuthola ukuma okulungile phambi kukaNkulunkulu!—IzEnzo 2:38; 10:43; 13:38, 39; Roma 5:19.
11, 12. (a) AmaKristu agcotshiwe akuthola kanjani ukulunga? (b) Kuyoqedwa kanjani ukomela ukulunga kwabangane babagcotshiwe?
11 UJesu wathi abanjalo bayojabula ngoba “bayosuthiswa.” (Mathewu 5:6) AmaKristu agcotshiwe abizelwa ‘ukubusa njengamakhosi’ noKristu ezulwini kuthiwa “alungile kube ukuphila.” (Roma 5:1, 9, 16-18) UJehova uba uyise, ngaleyo ndlela awamukele njengamadodana angokomoya. Aba izindlalifa kanye noKristu, abizelwe ukuba abe amakhosi nabapristi kuhulumeni woMbuso wasezulwini.—Johane 3:3; 1 Petru 2:9.
12 Abangane babagcotshiwe bona akukashiwo ukuthi balungile kube ukuphila. Noma kunjalo, uJehova uyasho ukuthi balungile ngezinga elithile ngenxa yokholo lwabo egazini likaKristu elaphalala. (Jakobe 2:22-25; IsAmbulo 7:9, 10) Babhekwa njengabalungile njengabangane bakaJehova abasethubeni lokukhululwa ngesikhathi ‘sosizi olukhulu.’ (IsAmbulo 7:14) Ukomela kwabo ukulunga kuyoqedwa ngokwengeziwe ngaphansi “kwamazulu amasha,” lapho beba ingxenye yomhlaba omusha ‘okuyohlala’ kuwo “ukulunga.”—2 Petru 3:13; IHubo 37:29.
Bayajabula Abanesihe
13, 14. Yiziphi izindlela eziwusizo okufanele sibonise ngazo ukuthi sinesihe, futhi siyozuza kanjani?
13 Eqhubeka neNtshumayelo yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Bayajabula abanesihe, ngoba bayoboniswa isihe.” (Mathewu 5:7) Ngolimi lwasenkantolo, isihe siqondwa ngokuthi sibhekisela ekuboneleleni kwejaji elingamnikezi umenzi wobubi isijeziso esiphelele esivunyelwa umthetho. Kodwa ngendlela asetshenziswa ngayo eBhayibhelini, amagama okuqala ahunyushwa ngokuthi “isihe” abhekisela ikakhulu ekuboniseni ukucabangela komusa noma uzwela oluphumuza abahluphekileyo. Ngakho, abantu abanesihe benza izenzo ezibonisa isihawu. Umfanekiso kaJesu womSamariya omuhle uyisibonelo esihle somuntu “owenza isenzo sesihe” kowayedinga usizo.—Luka 10:29-37.
14 Ukuze sithole injabulo ebangwa ukuba nesihe, kudingeka sibenzele izenzo ezinhle zomusa abantu abadinga usizo. (Galathiya 6:10) UJesu wayebahawukela abantu ayebabona. ‘Waba nesihawu ngabo, ngoba babenjengezimvu ezingenamalusi. Wabafundisa izinto eziningi.’ (Marku 6:34) UJesu waqaphela ukuthi isidingo sabantu esikhulu kunazo zonke sasingokomoya. Nathi singabonisa ukuthi sinesihawu nesihe ngokupha abanye into abayidinga kakhulu—‘izindaba ezinhle zombuso.’ (Mathewu 24:14) Singasiza namanye amaKristu asekhulile esikanye nawo, abafelokazi nezintandane futhi ‘sikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.’ (1 Thesalonika 5:14; IzAga 12:25; Jakobe 1:27) Lokhu ngeke kugcine ngokusinikeza injabulo kodwa futhi kuyosenza sithole isihe sikaJehova.—IzEnzo 20:35; Jakobe 2:13.
Abahlanzekile Enhliziyweni Nabanokuthula
15. Singahlanzeka kanjani enhliziyweni futhi sibe nokuthula?
15 UJesu wasibeka kanje isizathu sesithupha nesesikhombisa sokujabula: “Bayajabula abahlanzekile enhliziyweni, ngoba bayobona uNkulunkulu. Bayajabula abanokuthula, ngoba bayobizwa ngokuthi ‘amadodana kaNkulunkulu.’” (Mathewu 5:8, 9) Inhliziyo ehlanzekile yileyo engagcini ngokuhlanzeka emkhakheni wokuziphatha kuphela kodwa futhi nenganindwe yilutho ngokomoya nezinikele kuJehova ngobunye. (1 IziKronike 28:9; IHubo 86:11) Igama lolimi lokuqala elihunyushwa ngokuthi “nokuthula” ngokwezwi nezwi lisho “abenzi bokuthula.” Abanokuthula bahlalisana ngokuthula nabafowabo abangamaKristu, futhi ngokusemandleni abo bahlalisane ngokuthula nomakhelwane babo. (Roma 12:17-21) ‘Bafuna ukuthula bakuphishekele.’—1 Petru 3:11.
16, 17. (a) Kungani abagcotshiwe bebizwa ngokuthi “amadodana kaNkulunkulu,” futhi ‘bambona’ kanjani “uNkulunkulu”? (b) “Ezinye izimvu” ‘zimbona’ kanjani “uNkulunkulu”? (c) “Ezinye izimvu” ziyoba nini “amadodana kaNkulunkulu” ngomqondo ophelele futhi kanjani?
16 Abanokuthula abahlanzekile enhliziyweni bathenjiswa ukuthi “bayobizwa ngokuthi ‘amadodana kaNkulunkulu’” nokuthi “bayobona uNkulunkulu.” AmaKristu agcotshiwe azelwe ngomoya futhi uJehova uwamukela ‘njengamadodana’ okutholwa esesemhlabeni. (Roma 8:14-17) Lapho esevuswa ukuba abe noKristu ezulwini, akhonza lapho kukhona khona uJehova futhi ambona ngokoqobo.—1 Johane 3:1, 2; IsAmbulo 4:9-11.
17 “Ezinye izimvu” ezinokuthula zikhonza uJehova ngaphansi kukaMalusi Omuhle, uKristu Jesu, oba “uYise Ongunaphakade.” (Johane 10:14, 16; Isaya 9:6) Lezo eziphumelelayo esivivinyweni sokugcina ngemva kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane ziyokwamukelwa njengamadodana kaJehova asemhlabeni futhi ‘zibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21; IsAmbulo 20:7, 9) Zisalindele lokho, zibiza uJehova ngoYise ngoba ukuphila kwazo zikunikezele kuye, zimqaphela njengoMniki-kuphila wazo. (Isaya 64:8) NjengoJobe noMose wasendulo, ‘ziyambona uNkulunkulu’ ngamehlo okholo. (Jobe 42:5; Hebheru 11:27) ‘Ngamehlo enhliziyo yazo’ nangolwazi olunembile lukaNkulunkulu, zibona izimfanelo zikaJehova ezimangalisayo bese zizama ukumlingisa ngokwenza intando yakhe.—Efesu 1:18; Roma 1:19, 20; 3 Johane 11.
18. Ngokwezizathu zokujabula ezingu-7 zokuqala ezashiwo uJesu, obani abathola injabulo yeqiniso namuhla?
18 Sesibonile ukuthi labo abasiqaphelayo isidingo sabo esingokomoya, abalilayo, abanomoya omnene, abalambele futhi bomele ukulunga, abanesihe, abahlanzekile enhliziyweni nabanokuthula bathola injabulo yeqiniso ekukhonzeni uJehova. Noma kunjalo, mihla le abantu abanjalo bayaphikiswa baze bashushiswe imbala. Ingabe kuyayiqeda injabulo yabo lokho? Lo mbuzo uzophendulwa esihlokweni esilandelayo.
Sesiyabukeza
• Iyiphi injabulo etholwa abasiqaphelayo isidingo sabo esingokomoya?
• Baduduzwa ngaziphi izindlela abalilayo?
• Siwubonisa kanjani umoya omnene?
• Kungani kufanele sibe nesihe, sihlanzeke enhliziyweni, sibe nokuthula?
[Isithombe ekhasini 10]
“Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya”
[Izithombe ekhasini 10]
“Bayajabula abanesihe”
[Isithombe ekhasini 10]
“Bayajabula abalambele futhi bomele ukulunga”