‘Inceku Ethembekileyo’ Iyaphumelela Esivivinyweni!
“Yisikhathi esimisiwe sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu.”—1 PETRU 4:17.
1. UJesu watholani lapho ehlola ‘inceku’?
NGEPHENTEKOSTE lika-33 C.E., uJesu wamisa ‘inceku’ eyayizonika ‘abendlu’ yakhe ukudla ngesikhathi esifanele. Ngo-1914 uJesu wamiswa njengeNkosi, ngokushesha kwafika isikhathi sokuba leyo ‘nceku’ ihlolwe. Wathola ukuthi iningi kule ‘nceku’ lalizibonakalise ‘lithembekile futhi lingeliqondayo.’ Ngakho, wayimisa “phezu kwakho konke [okungokwakhe].” (Mathewu 24:45-47) Nokho, kwakukhona nenceku embi, eyayingathembekile futhi ingeyona eqondayo.
“Leyo Nceku Embi”
2, 3. Yavelaphi “leyo nceku embi,” futhi yaba khona kanjani?
2 UJesu wakhuluma ngale nceku embi ngemva nje kokukhuluma ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ Wathi: “Uma kungenzeka leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo, ‘Inkosi yami ilibele,’ bese iqala ukushaya izinceku ezikanye nayo futhi idle iphuze nezidakwa, inkosi yaleyo nceku iyofika ngosuku engalulindele nangehora engalazi, iyijezise kanzima kakhulu, iyabele kanye nabazenzisi. Lapho yilapho iyokhala khona futhi iququde amazinyo.” (Mathewu 24:48-51) Inkulumo ethi “leyo nceku embi” ibuyisela izingqondo zethu emazwini uJesu awasho ngaphambili ngenceku ethembekile futhi eqondayo. Yebo, ‘inceku embi’ yavela phakathi kwenceku ethembekile.a Kanjani?
3 Ngaphambi kuka-1914, iningi lamalungu esigaba senceku ethembekile lalinethemba elikhulu lokuhlangana noMyeni ezulwini ngalowo nyaka, kodwa akwenzekanga lokho. Ngenxa yalokhu kanye nokunye okwenzeka, abaningi badumala futhi bathukuthela. Abanye babo baqala “ukushaya” ngamazwi labo ababekade bengabafowabo futhi badlelana “nezidakwa,” amaqembu enkolo eLobukholwa.—Isaya 28:1-3; 32:6.
4. UJesu wenzani ‘ngenceku embi’ nangabo bonke abaye babonisa umoya ofanayo?
4 Ekugcineni laba ababekade bengamaKristu babonakala ukuthi ‘bayinceku embi,’ futhi uJesu wabajezisa ‘kanzima kakhulu.’ Kanjani? Wabala, balahlekelwa ithemba lokuyophila ezulwini. Nokho, ababhujiswanga ngaleso sikhathi. Kwadingeka ukuba baqale badlule enkathini yokukhala nokugedla amazinyo “ebumnyameni obungaphandle” kwebandla lobuKristu. (Mathewu 8:12) Kusukela ngalezo zinsuku zasekuqaleni, kubé khona abanye abambalwa abagcotshiwe abaye babonisa umoya ofanayo omubi, bazihlanganisa ‘nenceku embi.’ Abanye ‘kwezinye izimvu’ baye bakulingisa ukungathembeki kwabo. (Johane 10:16) Zonke izitha zikaKristu ezinjalo zigcina zikulobo ‘bumnyama’ obungokomoya “obungaphandle.”
5. Inceku ethembekileyo neqondayo yasabela kanjani, ngokungafani ‘nenceku embi’?
5 Noma kunjalo, inceku ethembekileyo neqondayo yathola izivivinyo ezifanayo ‘naleyo nceku embi.’ Nokho, esikhundleni sokuthukuthela yona yalungiswa. (2 Korinte 13:11) Uthando lwayo ngoJehova nangabafowabo lwaqina. Ngenxa yalokho iye yaba “insika nozime lweqiniso” kulezi ‘zinsuku zokugcina’ ezineziyaluyalu.—1 Thimothewu 3:15; 2 Thimothewu 3:1.
Izintombi Ezihlakaniphile Neziyiziwula
6. (a) UJesu wakufanekisa kanjani ukuqonda kwesigaba senceku yakhe ethembekile? (b) Ngaphambi kuka-1914, isiphi isigijimi amaKristu agcotshiwe ayesimemezela?
6 Ngemva kokukhuluma ‘ngaleyo nceku embi,’ uJesu washo imifanekiso emibili ebonisa isizathu esasiyokwenza ukuba amanye amaKristu agcotshiwe abe athembekile futhi aqondayo kodwa amanye angabi njalo.b Efanekisa ukuba ngoqondayo, wathi: “Umbuso wamazulu uyoba njengezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo zaphuma ziyohlangabeza umkhwenyana. Ezinhlanu kuzo zaziyiziwula, futhi ezinhlanu zazihlakaniphile. Ngoba eziyiziwula zathatha izibani zazo kodwa zangawaphatha amafutha, kanti ezihlakaniphile zawaphatha amafutha ezitsheni zazo kanye nezibani zazo.” (Mathewu 25:1-4) Izintombi eziyishumi zisikhumbuza amaKristu agcotshiwe ngaphambi kuka-1914. La maKristu ayebalile athola ukuthi umyeni, uJesu Kristu, wayesezofika. Ngakho ‘aphuma’ eyomhlangabeza, eshumayela ngesibindi ukuthi “izikhathi ezimisiwe zezizwe” zazizophela ngo-1914.—Luka 21:24.
7. AmaKristu agcotshiwe ‘alala’ nini ngokomfanekiso futhi ngasiphi isizathu?
7 Ayeshaye khona. Nangempela izikhathi ezimisiwe zezizwe zaphela ngo-1914, uMbuso kaNkulunkulu ophethwe uKristu Jesu waqala ukubusa. Kodwa lokho kwakwenzeka emazulwini angabonakali. Emhlabeni, isintu saqala ukuhlushwa ‘umaye’ owayebikezelwe. (IsAmbulo 12:10, 12) Kwalandela isikhathi sokuvivinywa. Ngenxa yokungaziqondi kahle izinto, amaKristu agcotshiwe acabanga ukuthi ‘umkhwenyana ulibele.’ Edidekile futhi ebhekene nenzondo yezwe, iningi lawo lanciphisa ijubane futhi lacishe lawuyeka umsebenzi ohlelekile wokushumayela obala. Njengezintombi zomfanekiso, ‘angquphazela alala’ ngokomoya, njengoba abangathembekile ababethi bangamaKristu benza ngemva kokufa kwabaphostoli bakaJesu.—Mathewu 25:5; IsAmbulo 11:7, 8; 12:17.
8. Yini eyabangela isimemezelo esithi: “Nangu umkhwenyana!” futhi kwakuyisikhathi sokuba amaKristu agcotshiwe enzeni?
8 Ngo-1919 kwenzeka into engalindelekile. Sifunda lokhu: “Phakathi kobusuku kwezwakala ukumemeza, ‘Nangu umkhwenyana! Phumani niyomhlangabeza.’ Khona-ke zonke lezo zintombi zavuka futhi zahlela izibani zazo.” (Mathewu 25:6, 7) Kwathi lapho nje izinto zibonakala zilusica impela, kwaphuma isimemezelo sokuba kunyakazwe! Ngo-1918, uJesu, ‘isithunywa sesivumelwano,’ wayesefikile ethempelini likaJehova elingokomoya ukuzohlola nokuzohlanza ibandla likaNkulunkulu. (Malaki 3:1) Manje amaKristu agcotshiwe kwase kudingeka aphume ayomhlangabeza emagcekeni asemhlabeni alelo thempeli. Kwase kuyisikhathi sokuba ‘akhiphe ukukhanya.’—Isaya 60:1; Filipi 2:14, 15.
9, 10. Ngo-1919, kungani amanye amaKristu ‘ayengaqondayo’ amanye ‘eyiziwula’?
9 Yima kancane! Emfanekisweni, ezinye zezintombi zazinenkinga. UJesu waqhubeka: “Eziyiziwula zathi kwezihlakaniphile, ‘Sipheni emafutheni enu, ngoba izibani zethu sezizocima.’” (Mathewu 25:8) Ngaphandle kwamafutha, izibani zazingeke zikhanye. Ngakho amafutha esibani asikhumbuza iZwi likaNkulunkulu eliyiqiniso kanye nomoya wakhe ongcwele, okunika abakhulekeli beqiniso amandla okuba abaphathi bokukhanya. (IHubo 119:130; Daniyeli 5:14) Ngaphambi kuka-1919, amaKristu agcotshiwe aqondayo ayefune ngenkuthalo ukuthola ukuthi iyini intando kaNkulunkulu ngawo, naphezu kwesimo sawo sesikhashana esasibuthaka. Ngakho, lapho kuphuma isimemezelo sokuba akhiphe ukukhanya, ayemi ngomumo.—2 Thimothewu 4:2; Hebheru 10:24, 25.
10 Nokho, abanye abagcotshiwe babengakulungele ukuzidela noma ukuzikhandla—nakuba babefisa ngenhliziyo yonke ukuba kanye noMkhwenyana. Ngakho, lapho kufika isikhathi sokuba kusetshenzwe kushunyayelwe izindaba ezinhle, babengakulungele. (Mathewu 24:14) Baze bazama ngisho nokubadonsela emuva ozakwabo abashisekayo, kunjengokungathi babacela amafutha abo. Emfanekisweni kaJesu, izintombi ezihlakaniphile zaphendula zathini? Zathi: “Angase angasaneli kahle thina kanye nani. Kunalokho, yanini kwabawathengisayo nizithengele.” (Mathewu 25:9) Ngendlela efanayo, ngo-1919 amaKristu agcotshiwe athembekile enqaba ukwenza noma ngabe yini eyayizonciphisa amandla awo okukhipha ukukhanya. Ngakho, aphumelela ekuhlolweni.
11. Kwenzekani ezintombini eziyiziwula?
11 UJesu uphetha kanje: “[Lapho izintombi eziyiziwula] zisaye kothenga, umkhwenyana wafika, futhi izintombi ezazikulungele zangena naye edilini lomshado; umnyango wavalwa. Kamuva zonke ezinye izintombi zafika nazo, zithi, ‘Mnumzane, mnumzane, sivulele!’ Ephendula wathi, ‘Ngiqinisile ngithi kini, anginazi.’” (Mathewu 25:10-12) Yebo, abanye babengakulungele ukufika koMkhwenyana. Ngakho sabehlula isivivinyo futhi balahlekelwa ithuba lokuba sedilini lomshado lasezulwini. Kwaze kwakubi!
Umfanekiso Wamathalenta
12. (a) UJesu wakufanekisa kanjani ukwethembeka? (b) Ubani lo muntu ‘owahamba waya kude’?
12 Ngemva kokufanekisa ukuba oqondayo, uJesu wabe esefanekisa ukwethembeka. Wathi: “Kunjengalapho nje umuntu othile, okwathi esezohamba aye kude, wabiza izinceku zakhe waziphathisa impahla yakhe. Enye wayinika amathalenta amahlanu, enye amabili, kanti enye elilodwa, ngayinye ngokwamandla ayo, wahamba waya kude.” (Mathewu 25:14, 15) Lo muntu osemfanekisweni nguJesu ngokwakhe, ‘owahamba waya kude’ lapho enyukela ezulwini ngonyaka ka-33 C.E. Kodwa ngaphambi kokuba enyuke, uJesu waphathisa abafundi bakhe abathembekile “impahla yakhe.” Kanjani?
13. UJesu wayilungisa kanjani insimu enkulu eyayizosetshenzwa futhi wazinika kanjani “izinceku” zakhe igunya lokuba zihwebe?
13 Ngesikhathi uJesu enza inkonzo yakhe emhlabeni, waqala ukulungisa insimu enkulu eyayizosetshenzwa ngokuba ashumayele izindaba ezinhle zoMbuso kulo lonke elakwa-Israyeli. (Mathewu 9:35-38) Ngaphambi kokuba ‘aye kude,’ wayiphathisa abafundi bakhe abathembekile leyo nsimu, ethi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 28:18-20) Ngala mazwi, uJesu wayenikeza “izinceku” zakhe igunya lokuba zihwebe aze abuye, “ngayinye ngokwamandla ayo.”
14. Kungani kwakungalindelekile ukuba wonke umuntu ahwebe ngezinga elifanayo?
14 Leyo nkulumo ibonisa ukuthi amaKristu ekhulu lokuqala izimo zawo zazingafani nokuthi amathuba awo ayengafani. Amanye, njengoPawulu noThimothewu, ayekhululekile ukuba ahlanganyele ngokugcwele emsebenzini wokushumayela nokufundisa. Kungenzeka ukuthi izimo zamanye zaziwanikeza inkululeko encane kakhulu yokusebenza. Ngokwesibonelo, amanye amaKristu ayeyizigqila, amanye ayexhwalile, esekhulile, noma enemithwalo yemfanelo yasekhaya. Futhi-ke amanye amalungelo asebandleni ayengenakutholwa yibo bonke abafundi. Abesifazane abagcotshiwe namanye amadoda agcotshiwe babengafundisi ebandleni. (1 Korinte 14:34; 1 Thimothewu 3:1; Jakobe 3:1) Noma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi zazinjani izimo zomuntu ngamunye, bonke abafundi bakaKristu abagcotshiwe—abesilisa nabesifazane—babenikezwe isabelo sokuhweba, ukuba bawasebenzise kahle amathuba nezimo zabo enkonzweni yobuKristu. Abafundi bakaKristu banamuhla benza okufanayo.
Isikhathi Sokuhlolwa Siyaqala!
15, 16. (a) Safika nini isikhathi sokulungisa izindaba? (b) Abathembekile banikwa maphi amathuba amasha ‘okuhweba’?
15 Umfanekiso uyaqhubeka: “Ngemva kwesikhathi eside inkosi yalezo zinceku yafika yalungisa izindaba nazo.” (Mathewu 25:19) Ngo-1914—isikhathi eside ngempela kusukela ngemva kuka-33 C.E.—uKristu Jesu waqala ukuba khona njengenkosi. Ngemva kweminyaka emithathu nengxenye, ngo-1918, wafika ethempelini likaNkulunkulu elingokomoya wagcwalisa amazwi kaPetru: “Yisikhathi esimisiwe sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu.” (1 Petru 4:17; Malaki 3:1) Kwase kuyisikhathi sokulungisa izindaba.
16 Izinceku, abafowabo bakaJesu abagcotshiwe, zazenzeni ‘ngamathalenta’ eNkosi? Kusukela ngo-33 C.E. kuqhubeke, nangeminyaka yangaphambi nje kuka-1914, eziningi zazizikhandla emsebenzini kaJesu ‘wokuhweba.’ (Mathewu 25:16) Ngisho nangempi yezwe yokuqala, zazibonise isifiso esikhulu sokukhonza iNkosi. Manje kwakufaneleka ukuba abathembekile banikezwe amathuba amasha ‘okuhweba.’ Sase sifikile isikhathi sesiphelo salesi simiso sezinto. Izindaba ezinhle kwakufanele zishunyayelwe emhlabeni wonke. Kwase kufanele sivunwe “isivuno somhlaba.” (IsAmbulo 14:6, 7, 14-16) Kwakufanele kutholakale amalungu okugcina esigaba sikakolweni futhi kubuthwe “isixuku esikhulu” sezinye izimvu.—IsAmbulo 7:9; Mathewu 13:24-30.
17. AmaKristu agcotshiwe athembekile ‘ángena’ kanjani ‘enjabulweni yenkosi yawo’?
17 Isikhathi sokuvuna yisikhathi esijabulisayo. (IHubo 126:6) Khona-ke, kuyafaneleka ukuba lapho ephathisa abafowabo abagcotshiwe abathembekile umsebenzi othe xaxa ngo-1919, uJesu athi: “Wathembeka ezintweni ezimbalwa. Ngizokumisa phezu kwezinto eziningi. Ngena enjabulweni yenkosi yakho.” (Mathewu 25:21, 23) Ngaphezu kwalokho, asikwazi nokuyicabanga injabulo yeNkosi lapho isanda kuba iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. (IHubo 45:1, 2, 6, 7) Isigaba senceku ethembekile sijabula kanye neNkosi ngokuyimelela nangokwandisa impahla yayo emhlabeni. (2 Korinte 5:20) Injabulo yaso ibonakala emazwini esiprofetho aku-Isaya 61:10: “Nakanjani ngiyokwethaba ngoJehova. Umphefumulo wami uyojabula ngoNkulunkulu wami. Ngoba ungembathisé izingubo zensindiso.”
18. Kungani abanye bengaphumelelanga ekuhlolweni, futhi kwaba namuphi umphumela?
18 Kuyadabukisa ukuthi abanye abazange baphumelele ekuhlolweni. Siyafunda: “Leyo eyayamukele ithalenta elilodwa yasondela yathi, ‘Nkosi, bengikwazi ukuthi ungumuntu olukhuni, uvuna lapho ungahlwanyelanga khona futhi ubutha lapho ungazange wele khona. Ngakho ngesaba, ngahamba ngayolifihla emhlabathini ithalenta lakho. Mina, thatha okungokwakho.’” (Mathewu 25:24, 25) Ngokufanayo, amanye amaKristu agcotshiwe ayengazange ‘ahwebe.’ Ngaphambi kuka-1914 ayengazange abazise abanye ngentshiseko ngethemba lawo, futhi awafunanga ukuqala ukwenza kanjalo ngo-1919. UJesu wenze njani kulokhu kwedelelwa? Wawaphuca wonke amalungelo awo. ‘Akhishelwa ebumnyameni ngaphandle, lapho ayeyokhala khona aququde amazinyo.’—Mathewu 25:28, 30.
Ukuhlolwa Kuyaqhubeka
19. Ukuhlolwa kuqhubeka ngayiphi indlela, futhi yini wonke amaKristu agcotshiwe azimisele ukuyenza?
19 Yiqiniso, abaningi balabo ababezoba izinceku zikaKristu ezigcotshiwe ngesikhathi sesiphelo babengakamkhonzi uJehova ngesikhathi uJesu eqala ukuhlola kwakhe ngo-1918. Ingabe bona abahlolwanga? Bahlolwa. Ukuhlola kwakuqala ngo-1918/19 lapho inceku ethembekile futhi eqondayo iphumelela esivivinyweni njengesigaba. UmKristu ngamunye ogcotshiwe uyaqhubeka ehlolwa kuze kube yilapho esebekwe uphawu unomphela. (IsAmbulo 7:1-3) Njengoba bekuqaphela lokhu, abafowabo bakaKristu abagcotshiwe bazimisele ukuqhubeka ‘behweba’ ngokwethembeka. Bazimisele ukuba ngabaqondayo, bagcine amafutha emaningi ukuze ukukhanya kukhanye ngokugqamile. Bayazi ukuthi lapho ngamunye wabo efika ekupheleni kokuphila kwakhe kwasemhlabeni ethembekile, uJesu uyomamukela endaweni yokuhlala yasezulwini.—Mathewu 24:13; Johane 14:2-4; 1 Korinte 15:50, 51.
20. (a) Yini ezinye izimvu namuhla ezizimisele ukuyenza? (b) Yini amaKristu agcotshiwe ayiqaphelayo?
20 Isixuku esikhulu sezinye izimvu siye sabalingisa abafowabo abagcotshiwe. Siyaqaphela ukuthi ulwazi esinalo ngezinjongo zikaNkulunkulu lusenza sibe nomthwalo omkhulu wemfanelo. (Hezekeli 3:17-21) Ngakho, ngosizo lweZwi likaJehova nomoya wakhe ongcwele, naso sigcina amafutha aso emaningi ngokutadisha nangokuhlangana ndawonye. Futhi senza ukukhanya kwaso kukhanye ngokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela nokufundisa, ngaleyo ndlela ‘sihweba’ kanye nabafowabo abagcotshiwe. Nokho, amaKristu agcotshiwe akuqaphela kahle ukuthi amathalenta aphathiswe wona. Kumelwe alandise ngendlela impahla yeNkosi yasemhlabeni ephathwa ngayo. Ngisho noma embalwa, awakwazi ukuyekelela umsebenzi wawo ukuba wenziwe isixuku esikhulu. Ikhumbula lokhu, inceku ethembekileyo neqondayo iyaqhubeka ihola ekunakekeleni izindaba zeNkosi, ikwazisa ukusekela kwamalungu esixuku esikhulu azinikele. Isixuku esikhulu siyawuqaphela umthwalo wemfanelo wabafowabo abagcotshiwe futhi sikubheka njengelungelo ukwenganyelwa yibo kulo msebenzi.
21. Isiphi isiyalo esisebenza kuwo wonke amaKristu kusukela ngaphambi kuka-1919 kuze kube namuhla?
21 Ngakho, nakuba le mifanekiso emibili isikhanyisela ngezenzakalo ezenzeka cishe ngawo-1919, izimiso zayo zisebenza kuwo wonke amaKristu eqiniso kuzo zonke izinsuku zokugcina. Ngale ndlela, nakuba isiyalo uJesu asinikeza ekupheleni komfanekiso wezintombi eziyishumi sisebenza okokuqala kumaKristu agcotshiwe ngaphambi kuka-1919, izimiso zaso zisasebenza kuwo wonke amaKristu. Khona-ke, kwangathi sonke singawalalela amazwi kaJesu: “Ngakho-ke, hlalani nilindile, ngoba anilwazi usuku noma ihora.”—Mathewu 25:13.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngendlela efanayo, ngemva kokufa kwabaphostoli, kwavela phakathi kwabadala abangamaKristu agcotshiwe “izimpisi ezicindezelayo.”—IzEnzo 20:29, 30.
b Ukuze uthole enye ingxoxo mayelana nalo mfanekiso kaJesu, bheka incwadi ethi Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula,’ eyanyatheliswa oFakazi BakaJehova, izahluko 5 no-6.
Ungachaza?
• UJesu wabahlola nini abalandeli bakhe, futhi watholani?
• Kungani amanye amaKristu agcotshiwe aba nomoya ‘waleyo nceku embi’?
• Singabonisa kanjani ukuthi singabaqondayo ngokomoya?
• Singaqhubeka kanjani ‘sihweba,’ silingisa abafowabo bakaJesu abagcotshiwe abathembekile?
[Ibhokisi ekhasini 16]
UJESU UFIKA NINI?
KuMathewu izahluko 24 no-25, kukhulunywa ‘ngokuza’ kukaJesu ngezindlela ezingafani. Akudingeki anyakaze ngokoqobo ukuze ‘eze.’ Kunalokho, ‘uza’ ngomqondo wokuthi unaka isintu noma abalandeli bakhe, ezikhathini eziningi ukuze ahlulele. Ngakho, ngo-1914 ‘weza’ ukuze aqale ukuba khona kwakhe njengeNkosi ebekwe esihlalweni sobukhosi. (Mathewu 16:28; 17:1; IzEnzo 1:11) Ngo-1918 ‘wafika’ njengesithunywa sesivumelwano waqala ukwahlulela labo ababethi bakhonza uJehova. (Malaki 3:1-3; 1 Petru 4:17) Nge-Armagedoni ‘uyofika’ ezokwahlulela izitha zikaJehova.—IsAmbulo 19:11-16.
Ukuza (noma, ukufika) okukhulunywa ngakho kaningi kuMathewu 24:29-44 naku-25:31-46 kwenzeka ‘ngosizi olukhulu.’ (IsAmbulo 7:14) Ngakolunye uhlangothi, ukufika okukhulunywa ngakho kaningi kuMathewu 24:45 kuya ku-25:30 kuhlobene nokwahlulela labo ababethi bangabafundi bakhe kusukela ngo-1918 kuqhubeke. Ngokwesibonelo, bekungeke kube nengqondo ukuthi ukunikwa kwenceku ethembekileyo umvuzo, ukwahlulelwa kwezintombi eziyiziwula nokwahlulelwa kwenceku evilaphayo, eyafihla ithalenta leNkosi, kuyokwenzeka lapho uJesu ‘efika’ ngosizi olukhulu. Lokho bekuyosho ukuthi abaningi abagcotshiwe bayotholakala bengathembekile ngaleso sikhathi, ngakho kudingeke ukuba kufakwe abanye esikhundleni sabo. Kanti, isAmbulo 7:3 sibonisa ukuthi ngaleso sikhathi zonke izinceku zikaKristu ezigcotshiwe ziyobe ‘sezibekwe uphawu’ unomphela.
[Isithombe ekhasini 14]
‘Inceku embi’ ayitholanga zibusiso ngo-1919
[Isithombe ekhasini 15]
Izintombi ezihlakaniphile zazimi ngomumo lapho umkhwenyana efika
[Isithombe ekhasini 17]
Izinceku ezithembekile ‘zazihwebile’
Inceku evilaphayo yayinga-hwebanga
[Izithombe ekhasini 18]
Abagcotshiwe ‘nesixuku esikhulu’ bayaqhubeka benza ukukhanya kwabo kukhanye