Isahluko 84
Umthwalo Wemfanelo Wokuba Umfundi
NGEMVA kokuhamba endlini yomFarisi ovelele, ngokusobala oyilungu leSanhedrin, uJesu uyaqhubeka eqonda eJerusalema. Izixuku ezinkulu ziyamlandela. Kodwa ziyini izisusa zazo? Yini ngempela ehilelekile ekubeni ngumlandeli wakhe weqiniso?
Njengoba behamba, uJesu uphendukela ezixukwini futhi mhlawumbe uyazishaqisa lapho ethi: “Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe-ngumfundi wami.”
Usho ukuthini uJesu? UJesu akasho lapha ukuthi abafundi bakhe kumelwe bazizonde ngokoqobo izihlobo zabo. Kunalokho, kumelwe bazizonde ngomqondo wokungazithandi ngaphezu kokuba bethanda yena. Ukhokho kaJesu uJakobe kuthiwa ‘wamzonda’ uLeya wathanda uRaheli, okwakusho ukuthi uLeya wayengathandwa ngaphezu kukadadewabo uRaheli.
Futhi, cabanga ukuthi uJesu wathi umfundi kufanele azonde “nokuphila kwakhe,” noma umphefumulo. Nalapha okushiwo uJesu ukuthi umfundi weqiniso kumelwe athande Yena ngisho nangaphezu kokuba ethanda ukuphila kwakhe siqu. Kanjalo uJesu ugcizelela ukuthi ukuba umfundi wakhe kuwumthwalo wemfanelo ongathi sína. Akuyona into okumelwe yenziwe ngaphandle kokucatshangelwa ngokunakekela.
Ubunzima nokushushiswa kuhilelekile ekubeni umfundi kaJesu, njengoba eqhubeka ebonisa: “Nalowo ongathwali [isigxobo sokuhlushwa, NW] sakhe, angilandele, angebe-ngumfundi wami.” Ngaleyondlela, umfundi weqiniso kumelwe azimisele ukuthwala umthwalo ofanayo wokuhlanjalazwa owabekezelelwa uJesu, kuhlanganise, uma kudingekile, ngisho nokufa ezandleni zezitha zikaNkulunkulu lokho uJesu azokwenza maduzane.
Ngakho-ke, ukuba umfundi kaKristu, kuyindaba izixuku ezimlandelayo okudingeka ziyihlaziye ngokucophelela okukhulu. UJesu ugcizelela leliqiniso ngomfanekiso. “Ngokuba,” esho, “ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na? Funa kuthi esebeké isisekelo, engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka, bathi: Lomuntu waqala ukwakha, kabanga-namandla okuqeda.”
Ngakho uJesu ubonisa izixuku ezimlandelayo ukuthi ngaphambi kokuba zibe ngabafundi bakhe, kumelwe zibe ezinqume ngokuqinile ukuthi zingakufeza okuhilelekile, njengoba nomuntu ofuna ukwakha umbhoshongo eqiniseka ngaphambi kokuba aqalise ukuthi unawo yini amandla okuwuqeda. Enikeza omunye umfanekiso, uJesu uyaqhubeka:
“Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na? Kepha uma kungenzeke, ingathi isekude leyo, ithuma amanxusa, icele okokuthula.”
Khona-ke uJesu ugcizelela iphuzu lemifanekiso yakhe, ethi: “Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe-ngumfundi wami.” Yilokho izixuku ezimlandelayo, yebo, nabo bonke abafunda ngoKristu, okumelwe bazimisele ukukwenza. Kumelwe bakulungele ukudela konke abanakho—konke okungokwabo, kuhlanganise nokuphila ngokwakho—uma befuna ukuba ngabafundi bakhe. Ingabe uzimisele ukukwenza lokhu?
“Usawoti uyinto enhle,” kuqhubeka uJesu. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, wathi abafundi bakhe ‘bangusawoti womhlaba,’ esho ukuthi banethonya lokulondoloza kubantu, njengoba usawoti ongokoqobo uyinto elondolozayo. “Kepha uma usawoti edumele, uyakuhlaziywa ngani na? Akasafanele namhlabathi namquba,” kuphetha uJesu. “Uyalahlwa nje phandle; onezindlebe zokuzwa makezwe.”
Ngakho uJesu ubonisa ukuthi ngisho nalabo esebengabafundi bakhe isikhathi esithile akumelwe bayekethise ekuzimiseleni kwabo ukuqhubeka. Uma beyekethisa, bayoba abangenalusizo, inhlekisa kulelizwe futhi bangafaneleki phambi kukaNkulunkulu, eqinisweni, babe isihlamba kuNkulunkulu. Ngakho, njengosawoti ongenamandla, ongcolile, bayolahlelwa ngaphandle, yebo, babhujiswe. Luka 14:25-35; Genesise 29:30-33; Mathewu 5:13.
▪ Kusho ukuthini ‘ukuzonda’ izihlobo zomuntu nomuntu ngokwakhe?
▪ UJesu unikeza miphi imifanekiso emibili, futhi isho ukuthini?
▪ Liyini iphuzu lamazwi kaJesu okuphetha ngosawoti?