Isahluko 112
IPhasika Lokugcina LikaJesu Liseduze
NJENGOBA uLwesibili, Nisan 11, lusondela ekupheleni, uJesu uyaqeda ukufundisa abaphostoli eNtabeni yemiNqumo. Yeka ukuthi bekuwusuku olumatasa nolunzima kangakanani! Manje, mhlawumbe lapho ephindela eBethaniya eyolala khona, utshela abaphostoli bakhe: “Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe.”
Ngokusobala uJesu uchitha usuku olulandelayo, uLwesithathu, Nisan 12, ephumule ngokuthula kanye nabaphostoli bakhe. Ngosuku olwandulelayo, ubesole abaholi benkolo obala, futhi uyaqaphela ukuthi bafuna ukumbulala. Ngakho ngoLwesithathu akazivezi obala, njengoba engafuni lutho oluzophazamisa ukugubha kwakhe iPhasika nabaphostoli bakhe ngokuhlwa okulandelayo.
Phakathi nalesikhathi, abapristi abakhulu namalunga esizwe baye babuthana egcekeni lompristi omkhulu, uKayafase. Bebuhlungu ngokuhlaselwa uJesu ngosuku olwandulelayo, benza amacebo okumbamba ngobuqili bambulale. Kodwa balokhu bethi: “Makungabi-ngomkhosi, funa kube-khona isiyaluyalu esizweni.” Besaba abantu abamthandayo uJesu.
Ngesikhathi labaholi benkolo bebopha uzungu olubi lokubulala uJesu, bavakashelwa othile. Bamangaliswa ukuthi, ungomunye wabaphostoli bakaJesu uqobo, uJuda Iskariyothe, lowo uSathane atshale kuye umqondo omubi wokukhaphela iNkosi yakhe! Yeka ukuthi bajabula kanjani lapho uJuda ebuza: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Bavuma ngenjabulo ukumkhokhela izinhlamvu zesiliva ezingu-30, intengo yesigqila ngokwesivumelwano soMthetho kaMose. Kusukela ngalesosikhathi, uJuda ufuna ithuba elihle lokukhaphela uJesu kubo kungekho sixuku eduze.
UNisan 13 uqala ekushoneni kwelanga ngoLwesithathu. UJesu ufike ngoLwesihlanu evela eJeriko, ngakho lobu ubusuku besithupha nobokugcina abuchitha eBethaniya. Ngosuku olulandelayo, uLwesine, kuzodingeka kwenziwe amalungiselelo okugcina ePhasika, eliqala ekushoneni kwelanga. Okungukuthi lapho iwundlu lePhasika kumelwe lihlatshwe khona bese losiwa lilonke. Bazowugubhelaphi lomkhosi, futhi obani abazokwenza amalungiselelo?
UJesu akayinikezanga imininingwane enjalo, mhlawumbe ukuze avimbele uJuda angabatsheli abapristi abakhulu babambe uJesu phakathi nomkhosi wePhasika. Kodwa manje, cishe emini yantambama ngoLwesine, uJesu uthuma uPetru noJohane besuka eBethaniya, uthi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”
“Uthanda ukuba sikulungiselephi na?” bebuza.
“Seningené emzini,” kuchaza uJesu, “niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo, nize nithi kumninindlu: Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na? Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo; lungiselani lapho.”
Akungabazeki ukuthi lomninindlu ungumfundi kaJesu mhlawumbe osilindele isicelo sikaJesu sokusebenzisela indlu yakhe lesenzakalo esikhethekile. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, lapho uPetru noJohane befika eJerusalema, bathola konke kunjengoba uJesu ekubikezele. Ngakho bobabili bayaqikelela ukuthi iwundlu lilungile nokuthi ayenziwa wonke amanye amalungiselelo okunakekela izidingo zabazogubha lomkhosi wePhasika abangu-13, uJesu nabaphostoli bakhe abangu-12. Mathewu 26:1-5, 14-19; Marku 14:1, 2, 10-16; Luka 22:1-13; Eksodusi 21:32.
▪ Yini ngokusobala uJesu ayenzayo ngoLwesithathu, futhi ngani?
▪ Umhlangano wani obanjelwa endlini yompristi omkhulu, futhi uJuda ubavakashela ngayiphi injongo abaholi benkolo?
▪ Obani uJesu abathumela eJerusalema ngoLwesine, futhi ngayiphi injongo?
▪ Yini laba abathunyiwe abayitholayo ephinda yembule amandla kaJesu amangalisayo?