Ukuphila NeNkonzo KaJesu
“Ufanelwe Ukufa”
UJESU, eboshwe njengeselelesi esivamile, uyiswa kuAnase, owayengumpristi omkhulu onethonya. UAnase wayengumpristi omkhulu lapho uJesu njengomfanyana oneminyaka eyi-12 ubudala emangaza abefundisi abangorabi ethempelini. Amaningi emadodaneni ka-Anase kamuva akhonza njengompristi omkhulu, futhi okwamanje umkhwenyana wakwakhe uKayafase uphethe lesosikhundla.
UJesu cishe uyiswa emzini ka-Anase kuqala ngenxa yokuvelela kwalowompristi omkhulu kwesikhathi eside ekuphileni kwenkolo yobuJuda. Lokhu kuphambukela kuAnase kunikeza umPristi Omkhulu uKayafase isikhathi sokuhlanganisa iSanhedrin, inkantolo ephakeme yamaJuda enamalungu angu-71, kanye nokuqoqa ofakazi bamanga.
Manje umpristi omkhulu uAnase ubuza uJesu ngabafundi bakhe nangezimfundiso zakhe. Nokho, uJesu uphendula uthi: “Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho abaJuda bonke bebuthana khona; angikhulumanga lutho ngasese. Ubuzelani kimi na? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo; bheka, bona bayakwazi engakushoyo.”
Kulokhu, omunye wezikhonzi owayemi eduze kukaJesu ummukula ebusweni, athi: “Uphendula umpristi omkhulu kanjalo na?”
UJesu uyaphendula: “Uma ngikhulumé kabi, fakaza ngalobobubi; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?” Ngemva kwalokuphendulana, uAnase uthumela uJesu eboshiwe kuKayafase.
Njengamanje bonke abapristi abakhulu namadoda amadala nababhali, yebo, yonke iSanhedrin, iqala ukuhlangana. Indawo yabo yokuhlangana ngokusobala umuzi kaKayafase. Nokho, ukuthetha icala elinjalo ngobusuku bePhasika ngokucacile kuphambene nomthetho wamaJuda. Kepha lokhu akubathiyi abaholi bamaJuda enjongweni yabo embi.
Kakade, emasontweni athile ngaphambili lapho uJesu evusa uLazaru, iSanhedrin yayinqume ukuthi kumelwe afe. Futhi ezinsukwini ezimbili ngaphambi kwalokho, ngoLwesithathu, abaphathi benkolo bathatha isinqumo sokubamba uJesu ngesu lobuqili ukuze bambulale. Cabanga, uye wagwetshwa ngaphambi kokuthethwa kwecala lakhe.
Manje kwenziwa imizamo yokuthola ofakazi abazofakaza ngamanga ukuze kube necala elizobekwa uJesu. Nokho, abekho ofakazi abangatholakala abavumelanayo ngobufakazi babo. Ekugcineni, kuvela ababili bese beqinisa: “Thina simzwile ethi: Ngiyakulidiliza lelithempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.”
“Awuphenduli-lutho na?” kubuza uKayafase. “Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” Kepha uJesu uyathula. Ngisho nakulokhu kumangalelwa kwamanga, ofakazi bayahluleka ukwenza izindaba zabo zivumelane, okuphumela ekuhlazekeni kweSanhedrin. Ngakho umpristi omkhulu uzama icebo elihlukile.
UKayafase uyazi ukuthi amaJuda azwela kanjani nganoma ubani ozisho ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. Ezikhathini ezimbili ngaphambili, baye babiza uJesu ngokhahlo njengohlambalazayo ofanelwe ukufa, ngesinye isikhathi becabange ngokuyiphutha ukuthi uJesu wayegcizelela ukuthi ulingana noNkulunkulu. UKayafase ubuza ngobuqili: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”
Kungakhathaliseki ukuthi amaJuda acabangani, ngempela uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu. Futhi ukuthula kwakhe kungabhekwa njengokuphika ukuba kwakhe uKristu. Ngakho uJesu uphendula ngesibindi: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”
Kulokhu, uKayafase, ngendlela engumbukwane, uklebhula izingubo zakhe abese ethi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ubufakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nithini na?”
“Ufanele ukufa,” kumemeza iSanhedrin. Khona-ke baqala ukuhlekisa ngaye, futhi basho izinto eziningi zokumhlambalaza. Bammukula ebusweni futhi bamkhafulela. Abanye bamboza ubuso bakhe base bemshaya ngezibhakela bathi ngokubhuqa: “Siprofethele, Kristu; ngubani okushayile na?” Lokhu kuziphatha kokuhlambalaza, okungekho emthethweni kwenzeka ekuthethweni kwecala ebusuku. Mathewu 26:57-68; 26:3, 4; Marku 14:53-65; Luka 22:54, 63-65; Johane 18:13-24; 11:45-53; 10:31-39; 5:16-18.
◆ UJesu uyiswaphi kuqala, futhi kwenzekani kuye lapho?
◆ UJesu uyiswaphi ngokulandelayo, futhi ngayiphi injongo?
◆ UKayafase uphumelela kanjani ukwenza iSanhedrin imemezele ukuthi uJesu ufanelwe ukufa?
◆ Yikuphi ukuziphatha kokuhlambalaza okungekho emthethweni okwenzeka ngesikhathi sokuthethwa kwecala?