IZwi LikaJehova Liyaphila Amaphuzu
Avelele Encwadi KaMathewu
UMUNTU wokuqala owabhala umlando othakazelisayo wokuphila nenkonzo kaJesu nguMathewu—umuntu owayejwayelene kakhulu noJesu Kristu, owake waba umthelisi. Ekuqaleni iVangeli likaMathewu lalibhalwe ngesiHebheru, kamuva lahunyushelwa esiGrekini. Laqedwa ukubhalwa cishe ngo-41 C.E. futhi linjengeketanga elixhumanisa imiBhalo YesiHebheru nemiBhalo YamaKristu YesiGreki.
Njengoba kusobala ukuthi ngokuyinhloko lalibhalelwe amaJuda, leli Vangeli elithinta inhliziyo nelibalulekile libonisa uJesu njengoMesiya othenjisiwe, iNdodana kaNkulunkulu. Ukunakisisa isigijimi salo kuzoqinisa ukholo lwethu kuNkulunkulu weqiniso, eNdodaneni yakhe nasezithembisweni zaKhe.—Heb. 4:12.
“UMBUSO WAMAZULU USUSONDELE”
UMathewu uqokomisa uMbuso nezimfundiso zikaJesu, ngisho noma ukwenza kanjalo kusho ukunganamatheli endleleni izenzakalo ezalandelana ngayo. Ngokwesibonelo, iNtshumayelo YaseNtabeni ingasekuqaleni nakuba uJesu ayibeka maphakathi nenkonzo yakhe.
Phakathi nenkonzo yakhe yaseGalile, uJesu wenza izimangaliso, anikeze abaphostoli bakhe abangu-12 iziyalezo zenkonzo, alahle abaFarisi futhi alandise imifanekiso ephathelene noMbuso. Ube esehamba eGalile afike “emingceleni yaseJudiya ngaphesheya kweJordani.” (Math. 19:1) Endleleni, uJesu utshela abafundi bakhe: ‘Sikhuphukela eJerusalema, futhi iNdodana yomuntu izobulawa, kodwa ngosuku lwesithathu izovuswa.’—Math. 20:18, 19.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
3:16—“Amazulu avuleka” ngayiphi indlela lapho uJesu ebhapathizwa? Lokhu kubonakala kusho ukuthi uJesu wakhumbula ukuphila kwakhe kwasezulwini ngaphambi kokuba abe ngumuntu.
5:21, 22—Ingabe ukubonisa intukuthelo kubi kakhulu kunokuyifukamela? UJesu waxwayisa ngokuthi umuntu oqhubeka ethukuthelele umfowabo kakhulu wenza isono esingathí sina. Nokho, ukubonisa intukuthelo ngokukhuluma izwi lokwedelela kuyisono esibi nakakhulu, kwenza umuntu afanelwe ukulandisa enkantolo ephakeme kunasenkantolo yobulungisa yendawo.
5:48—Singakwazi yini ngempela ukuba “ngabaphelele, njengoba [uBaba wethu] wasezulwini ephelele”? Yebo, ngomqondo othile singakwazi. Lapha uJesu wayekhuluma ngothando, futhi watshela izilaleli zakhe ukuba zilingise uNkulunkulu zibe nothando oluphelele. (Math. 5:43-47) Kanjani? Ngokuthi zilubonise nasezitheni zazo.
7:16—Iziphi ‘izithelo’ eziwuphawu lwenkolo yeqiniso? Zihlanganisa okungaphezu kokuziphatha kwethu. Zihlanganisa nezinkolelo zethu—izimfundiso esinamathela kuzo.
10:34-38—Ingabe kumelwe kusolwe isigijimi esisemiBhalweni ngokwahlukana kwemikhaya? Cha. Kunalokho, ukwahlukana kubangelwa indlela amalungu omkhaya angakholwa asabela ngayo. Angase akhethe ukubenqaba noma ukubuphikisa ubuKristu, bese kuba nokwahlukana emkhayeni.—Luka 12:51-53.
11:2-6—Kungani uJohane abuza uJesu ukuthi “unguYe Ozayo,” uma ayesazi ukuthi uJesu unguMesiya ngoba wezwa izwi likaNkulunkulu limamukela? Kungenzeka ukuthi uJohane wabuza lokhu efuna ukuqinisekiswa uJesu mathupha. Nokho, ngaphezu kwalokho, uJohane wayefuna ukwazi ukuthi wayezoba khona yini “omunye” owayezoza ngamandla oMbuso afeze wonke amathemba amaJuda. Impendulo kaJesu yabonisa ukuthi akekho owayezolandela.
19:28—Zimelelani “izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli” eziyokwahlulelwa? Azimeleli izizwe ezingu-12 zika-Israyeli ongokomoya. (Gal. 6:16; IsAm. 7:4-8) Abaphostoli uJesu ayekhuluma nabo babezoba ingxenye ka-Israyeli ongokomoya, hhayi abahluleli bamalungu akhe. UJesu wenza ‘isivumelwano sombuso nabo’ futhi babezoba “ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu.” (Luka 22:28-30; IsAm. 5:10) Labo abayingxenye ka-Israyeli ongokomoya “bayokwahlulela izwe.” (1 Kor. 6:2) Ngakho, “izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli” ezahlulelwa yilabo abasezihlalweni zobukhosi ezulwini, ngokusobala zimelela izwe lesintu elingeyona ingxenye yaleso sigaba samakhosi nabapristi, elalifanekiselwa izizwe ezingu-12 ngoSuku Lokuhlawulelwa.—Lev., isahl. 16.
Izifundo Esizitholayo:
4:1-10. Lokhu kulandisa kusifundisa ukuthi uSathane ungokoqobo, akabona nje ububi. Ukuze asilinge usebenzisa “isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho.” Noma kunjalo, ukusebenzisa izimiso ezingokomBhalo kuyosisiza ukuba sihlale sithembekile kuNkulunkulu.—1 Joh. 2:16.
5:1–7:29. Siqaphele isidingo sakho esingokomoya. Yiba nokuthula nabanye. Gwema imicabango engcolile. Gcina izwi lakho. Lapho uthandaza, izithakazelo ezingokomoya mazize kuqala kunezithakazelo ezingokwenyama. Yiba ocebile kuNkulunkulu. Funa kuqala uMbuso nokulunga kukaNkulunkulu. Ungahluleli. Yenza intando kaNkulunkulu. Yeka izifundo eziwusizo eziseNtshumayelweni YaseNtabeni!
9:37, 38. Kufanele senze ngokuvumelana nesicelo sethu eNkosini sokuba “ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo,” siwenze ngentshiseko umsebenzi wokwenza abafundi.—Math. 28:19, 20.
10:32, 33. Akufanele nanini sesabe ukukhuluma ngokholo lwethu.
13:51, 52. Ukuthola umqondo wamaqiniso oMbuso kuletha umthwalo wemfanelo wokuxoxa nabanye ngala magugu nokubafundisa wona.
14:12, 13, 23. Ziyadingeka izikhathi zokuba wedwa ukuze uzisebenzisele ukuzindla okuzuzisayo.—Marku 6:46; Luka 6:12.
17:20. Kudingeka sibe nokholo ukuze sinqobe izithiyo ezinjengentaba eziphazamisa intuthuko yethu engokomoya futhi sibhekane ngokuphumelelayo nobunzima. Akufanele sikudebeselele ukwakha nokuqinisa ukholo lwethu kuJehova nasezithembisweni zakhe.—Marku 11:23; Luka 17:6.
18:1-4; 20:20-28. Ukungapheleli kobuntu nesizinda esingokwenkolo esasigcizelela isikhundla kwenza abafundi bakaJesu bakhathazeka ngokweqile ngobukhulu. Kufanele sihlakulele ukuthobeka njengoba siqapha ukuthambekela esonweni futhi silondoloza umbono ofanele ngamalungelo nangemithwalo yemfanelo.
“INDODANA YOMUNTU IZONIKELWA”
UJesu ufika eJerusalema ngoNisani 9, 33 C.E. ‘egibele imbongolo.’ (Math. 21:5) Ngakusasa, ufika ethempelini alihlanze. NgoNisani 11, ufundisa ethempelini, alahle ababhali nabaFarisi futhi ngemva kwalokho anikeze abafundi bakhe ‘isibonakaliso sokuba khona kwakhe nesesiphelo sesimiso sezinto.’ (Math. 24:3) Ngosuku olulandelayo, uthi kubo: “Niyazi ukuthi ezinsukwini ezimbili kusukela manje yiphasika, futhi iNdodana yomuntu izonikelwa ukuba ibethelwe.”—Math. 26:1, 2.
SekunguNisani 14. Ngemva kokumisa iSikhumbuzo sokufa kwakhe osekuseduze, uJesu uyakhashelwa, aboshwe, aquliswe icala futhi abethelwe. Ngosuku lwesithathu uyavuswa kwabafileyo. Ngaphambi kokuba enyukele ezulwini, uJesu ovusiwe uyala abalandeli bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.”—Math. 28:19.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
22:3, 4, 9—Ukumenyelwa kathathu edilini lomshado kwenziwa nini? Isimemo sokuqala sokubutha isigaba somlobokazi sakhishwa lapho uJesu nabalandeli bakhe beqala ukushumayela ngo-29 C.E., futhi lokho kumenywa kwaqhubeka kwaze kwaba ngu-33 C.E. Isimemo sesibili sakhishwa ngesikhathi kuthululwa umoya ongcwele ngePhentekoste lika-33 C.E. kwaze kwaba ngu-36 C.E. Zombili lezi zimemo zaqondiswa kuphela kumaJuda, kumaJuda angamaproselithe nakumaSamariya. Nokho, isimemo sesithathu saqondiswa kubantu ababesezindleleni ezingaphandle komuzi, okungukuthi kwabeZizwe abangasokile, kusukela ngo-36 C.E. lapho uKorneliyu, isikhulu sebutho lamaRoma, eguquka, futhi lokho kumenywa kusaqhubeka nasosukwini lwethu.
23:15—Kungani umproselithe wabaFarisi, noma umuntu abamguqulile, ‘ayefanelwe yiGehena ngokuphindwe kabili’ kunabaFarisi ngokwabo? Kungenzeka ukuthi abathile ababa ngamaproselithe abaFarisi babeyizoni ezimbi kakhulu. Kodwa ngokuguqukela ohlangothini olweqisayo lwabaFarisi, babeba babi nakakhulu, mhlawumbe beqise kakhulu kunabafundisi babo abalahliwe. Ngakho, ‘babefanelwe yiGehena’ ngokuphindwe kabili kunabaFarisi abangamaJuda.
27:3-5—UJuda Iskariyothe wazisola ngani? Abukho ubufakazi obubonisa ukuthi ukuzisola kukaJuda kwakuwukuphenduka kweqiniso. Kunokuba afune intethelelo kaNkulunkulu, wavuma isono sakhe kubapristi abakhulu nasemadodeni amadala. Njengoba ayenze “isono esiletha ukufa,” kwakufaneleka ukuba uJuda akhungathwe imizwa yecala nokuphelelwa ithemba. (1 Joh. 5:16) Ukuzisola kwakhe kwakushukunyiswa ukungabi nathemba.
Izifundo Esizitholayo:
21:28-31. Okubaluleke ngempela kuJehova ukuba senze intando yakhe. Ngokwesibonelo, kufanele sihlanganyele ngentshiseko emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi.—Math. 24:14; 28:19, 20.
22:37-39. Yeka indlela imiyalo emibili emikhulu ekufingqa ngayo lokho uNkulunkulu akufuna kulabo abamkhulekelayo!
[Isithombe ekhasini 31]
Ingabe uhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokuvuna?
[Umthombo]
© 2003 BiblePlaces.com
[Isithombe ekhasini 31]
UMathewu uqokomisa uMbuso