Izimangaliso Wena Ozibonile!
IGAMA elithi “isimangaliso” linenye futhi incazelo esho “isenzo, into, noma isenzakalo esivelele kakhulu noma esingavamile.” Sonke silubonile lolu hlobo lwesimangaliso, olungahileli ukungenela kukaNkulunkulu.
Njengoba sekukhona ulwazi lwemithetho yemvelo, abantu baye bakwazi ukwenza izinto okwake kwathiwa azinakwenzeka. Ngokwesibonelo, eminyakeni eyikhulu edlule, cishe abantu babethi azinakwenzeka izinto esezande kangaka namuhla ezenziwa ama-computer, i-TV, ubuchwepheshe basemkhathini, nezinye izinto zesimanje ezifana nalezo.
Bebona ukuthi banolwazi olungatheni ngezimanga zesayensi esendalweni kaNkulunkulu, abanye ososayensi bayavuma ukuthi abanakusho ngokuqiniseka ukuthi into ethile ayinakwenzeka. Abavame kakhulu ukukusho ukuthi into ethile cishe ayinakwenzeka. Ngokusho kanjalo, abafuni ukuzibopha uma sekwenzeka izimanga esikhathini esizayo.
Ngisho nalapho sisebenzisa incazelo eyinhloko yegama elithi “isimangaliso,” sibhekisela ezintweni okuthiwa zenziwa “umuntu onamandla angaphezu kwavamile,” singasho ukuthi ngamunye wethu uke wazibona izimangaliso. Ngokwesibonelo, sibona ilanga, inyanga, izinkanyezi—konke okuyizinto ezenziwa “umuntu onamandla angaphezu kwavamile,” uMdali uqobo. Ngempela nje, ubani ongachaza ngokuningiliziwe indlela umzimba womuntu osebenza ngayo? indlela ubuchopho obusebenza ngayo? noma indlela umbungu okhula ngayo? Incwadi ethi The Body Machine ithi: “Umzimba womuntu, olawulwa futhi uqondiswe isimiso sezinzwa esiyinhloko, uwumshini wezinzwa oyinkimbinkimbi, injini ehambayo eziqondisayo, i-computer ekwazi ukuziphindaphinda—indalo emangalisayo futhi ngezindlela eziningi engaqondakali.” UNkulunkulu owadala “umzimba womuntu” wenza isimangaliso ngempela, esisaqhubeka sisishiya sikhexile namanje. Zikhona nezinye izinhlobo zezimangaliso ozibonile, nakuba kungenzeka awukaboni ukuthi ziyizimangaliso.
Incwadi Ingaba Yini Isimangaliso?
Ayikho incwadi esakazwa kabanzi njengeBhayibheli. Ulibheka njengeliyisimangaliso yini iBhayibheli? Singasho yini ukuthi livela “kumuntu onamandla angaphezu kwavamile”? Yiqiniso, iBhayibheli incwadi eyabhalwa abantu, kodwa bathi babhala imicabango kaNkulunkulu, hhayi eyabo. (2 Samuweli 23:1, 2; 2 Petru 1:20, 21) Cabanga ngalokhu. Labhalwa abantu abahlukene abangu-40, abaphila enkathini yeminyaka engu-1 600. Babenezizinda ezihlukahlukene kakhulu. Abanye babengabelusi, amadoda empi, abadobi, izisebenzi zombuso, odokotela, abapristi, namakhosi. Bengafani benjalo, bakwazi ukudlulisela umyalezo wethemba ofanayo, umyalezo oyiqiniso nonembile.
Ngenxa yokulitadisha ngokucophelela, oFakazi BakaJehova abalamukeli “njengezwi labantu [iBhayibheli], kodwa njengezwi likaNkulunkulu, njengoba nje liyilo ngempela,” njengoba kwabhala umphostoli uPawulu. (1 Thesalonika 2:13) Kuyo yonke le minyaka, izincwadi zabo ziye zachaza indlela okungavunyelaniswa ngayo lokho okuthiwa ukuphikisana okuseBhayibhelini, kuvunyelaniswe nawo wonke umyalezo weBhayibheli. Lokhu kuvumelana kwalo kuwubufakazi ngokwako bokuthi lalotshwa uNkulunkulu.a
Ayikho incwadi esinde emizamweni eminingi yokuyiqeda njengeBhayibheli. Naphezu kwemizamo yokuliqeda, lisekhona, okungenani ingxenye yalo, ngezilimi ezingaphezu kuka-2 000. Ukulondolozeka kwalo ngokoqobo njengencwadi nokungashintshi kwesigijimi elisiqukethe kubonisa ukuthi uNkulunkulu wangenela. IBhayibheli liyisimangaliso ngempela!
Isimangaliso ‘Esiphilayo Nesinamandla’
Izimangaliso ezazenzeka kudala—ukuphulukiswa nokuvuswa ngokuyisimangaliso—azisenzeki. Kodwa sinesizathu sokuqiniseka ukuthi ezweni likaNkulunkulu elisha elizayo, izimangaliso ezinjalo ziyokwenzeka futhi, kodwa kulokhu zenzeke kuwo wonke umhlaba. Ziyolungisa izinto phakade futhi ziyoba ngaphezu kwalokho esikwazi ukukucabanga manje.
Ngisho nanamuhla, iBhayibheli eliyisimangaliso lingenza okufana nokwenziwa izimangaliso zangempela ngokushukumisa abantu ukuba balungise ubuntu babo. (Bheka isibonelo ebhokisini elinesihloko esithi “Amandla EZwi LikaNkulunkulu,” ekhasini 8.) Incwadi yamaHebheru 4:12 ithi: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” Yebo, iBhayibheli liye lasiza ekuguquleni ukuphila kwabantu abangaphezu kwezigidi eziyisithupha emhlabeni wonke, lenza ukuphila kwabo kwaba nenjongo futhi labanika ithemba eliyingqayizivele ngekusasa.
Kungani ungavumeli iBhayibheli lenze izimanga ekuphileni kwakho?
[Umbhalo waphansi]
a Uma ufisa ukuhlola okwengeziwe ngalokho okuthiwa ukuphikisana okuseBhayibhelini ukuze ubone ukuthi kungavunyelaniswa kanjani, kunezibonelo eziningi esahlukweni 7 sencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]
WAYESEFILE NOMA WAYESAPHILA?
NgokukaJohane 19:33, 34, uJesu wayesefile kakade lapho ‘elinye lamasosha limgwaza ohlangothini ngomkhonto, masinyane kwaphuma igazi namanzi.’ Kanti uMathewu 27:49, 50 ubonisa ukuthi uJesu wayesaphila lapho kwenzeka lokhu. Kungani kungafani lokhu kulandisa?
UMthetho KaMose wawukwenqabela ukushiya isidumbu silenga ubusuku bonke esigxotsheni sokufa. (Duteronomi 21:22, 23) Ngakho, osukwini lukaJesu, uma isigelekeqe esibethelwe sasiqhubeka siphila kuze kube ntambama, kwakuwumkhuba ukuba sephulwe imilenze, ukuze sisheshe sife. Sasingeke sisakwazi ukuma siqonde ukuze siphefumule kahle. Iqiniso lokuthi amasosha ephula imilenze yabenzi bokubi ababili ababelengiswe baphahla uJesu, kodwa angamphula uJesu libonisa ukuthi la masosha ayecabanga ukuthi wayesefile. Cishe isosha lamgwaza ohlangothini ukuze nje liziqinisekise ukuthi ufile futhi lingabi khona ithuba lokuba avuke bese emenyezelwa kungafanele ukuthi uvuke kwabafileyo.
Amazwi akuMathewu 27:49, 50 alandelanisa izenzakalo ngendlela ehlukile. Athi: “Enye indoda yathatha umkhonto yamhlaba ohlangothini, kwaphuma igazi namanzi. UJesu waphinde wakhamuluka ngezwi elikhulu, wawudedela umoya wakhe.” Nokho, lo musho obhalwe lukeke awuveli kuyo yonke imibhalo yesandla yeBhayibheli. Izincwadi eziningi zithi lo musho wanezelwa kamuva uthathwa eVangelini likaJohane, kodwa wafakwa endaweni engafanele. Ngakho, izinguqulo eziningi ziyawuhlukanisa lo musho ngokuwufaka kubakaki, ngokunikeza umbhalo waphansi ochazayo, noma ngokumane nje ziwukhiphe ngokuphelele.
Umbhalo oyinhloko kaWestcott noHort, owasetshenziswa kakhulu njengesisekelo sokuhumusha INguqulo Yezwe Elisha, ufaka lo musho kubakaki ababhangqene. Lo mbhalo uthi “maningi kakhulu amathuba okuthi [lo musho] wanezelwa ababhali.”
Ngakho, ubufakazi obuqand’ ikhanda buthi uJohane 19:33, 34 uyiqiniso nokuthi uJesu wayesefile kakade lapho isosha elingumRoma limgwaza ngomkhonto.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8]
AMANDLA EZWI LIKANKULUNKULU
Lapho esengomusha oweve eshumini nambili futhi abazali bakhe behlukene, uDetlef waqala ukudla izidakamizwa, ukuphuza utshwala nokulalela umculo onesigqi esinamandla.b Waba ilungu leqembu elibizwa ngokuthi ama-skinhead, futhi ukuziphatha kwakhe kobudlova kwamfaka enkingeni namaphoyisa.
Ngo-1992, ama-skinhead angu-60 ahileleka kokukhulu ukuhilizisana nama-punker angu-35 esitolo sokudla nokuphuza utshwala enyakatho-mpumalanga yeJalimane. UThomas, omunye wala ma-punker, washaywa kabi kangangokuthi wafa. Abaholi abaningana bala maqembu, kuhlanganise noDetlef, baboshwa ngemva kwecala labo okwakukhulunywa kakhulu ngalo ezindabeni.
Ngokushesha ngemva kokuba uDetlef esephumile ejele, oFakazi BakaJehova bamnika ipheshana. Lelo pheshana lalinesihloko esithi “Kungani Ukuphila Kugcwele Izinkinga Kangaka?” UDetlef walibona ngokushesha iqiniso elalishiwo yileli pheshana, futhi waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi. Lokhu kwakushintsha ngokuphelele ukuphila kwakhe. Kusukela ngo-1996, waba uFakazi kaJehova oshisekayo.
USiegfried, owayeyi-punker, wayengumngane omkhulu kaThomas, insizwa eyabulawa; naye waba uFakazi futhi manje ungumdala webandla. Lapho uSiegfried evakashele ebandleni likaDetlef eyonikeza inkulumo yeBhayibheli, uDetlef wamemela uSiegfried esidlweni sasemini. (Ngezinye izikhathi unina kaThomas uya emihlanganweni lapho.) Eminyakeni engaba yishumi edlule, kwakunzima ukulawula inzondo ababenayo. Namuhla, lubonakala bhá uthando lwabo lobuzalwane.
UDetlef noSiegfried babheke phambili ekwamukeleni uThomas lapho evuselwa epharadesi emhlabeni. UDetlef uthi: “Ngifikelwa izinyembezi uma ngicabanga ngalokhu. Ngiyazisola kakhulu ngalokho engakwenza.” Isifiso sabo bobabili uDetlef noSiegfried ukusiza uThomas lapho esevusiwe, njengoba besiza abanye namuhla, ukuba azi ngoJehova futhi ajabulele ithemba elinikezwa iBhayibheli.
Anjalo-ke amandla eZwi likaNkulunkulu!
[Umbhalo waphansi]
b Amagama ashintshiwe.
[Isithombe ekhasini 6]
Umzimba womuntu uyindalo emangalisayo
[Umthombo]
Anatomy Improved and Illustrated, London, 1723, Bernardino Genga