Ithempeli LikaJehova Elikhulu Elingokomoya
“Sinompristi ophakeme onjengalona, . . . inceku yasobala yasendaweni engcwele neyasetendeni leqiniso, elamiswa uJehova, hhayi umuntu.”—HEBERU 8:1, 2.
1. Yiliphi ilungiselelo lothando uNkulunkulu alenzela isintu esinesono?
UJEHOVA UNKULUNKULU walungiselela umhlatshelo wokususa izono zezwe, ngenxa yothando lwakhe olukhulu ngesintu. (Johane 1:29; 3:16) Kwasho ukudlulisela ukuphila kweNdodana yakhe eyizibulo kusuka ezulwini kuya esibelethweni sencasakazi yomJuda egama layo linguMariya. Ingelosi kaJehova yachazela uMariya ngokucacile ukuthi umntwana ayeyomkhulelwa ‘wayeyobizwa ngokuthi ungcwele, iNdodana kaNkulunkulu.’ (Luka 1:34, 35) UJosefa, lowo uMariya ayeyingoduso yakhe, watshelwa ngokuba yisimangaliso kwendlela uMariya akhulelwa ngayo uJesu futhi wezwa ukuthi lona ‘wayezosindisa abantu bakubo ezonweni zabo.’—Mathewu 1:20, 21.
2. Yini uJesu ayenza lapho eneminyaka engaba ngu-30 ubudala, futhi ngani?
2 Njengoba uJesu ekhula, kumelwe ukuthi wayewaqonda amanye alamaqiniso ngokuzalwa kwakhe okuyisimangaliso. Wayazi ukuthi uYise wasezulwini wayembekele umsebenzi wokusindisa ukuphila okwakumelwe awenze emhlabeni. Ngakho, njengendoda ekhulile eneminyaka engu-30 ubudala, uJesu weza kumprofethi kaNkulunkulu uJohane, ukuze abhapathizwe eMfuleni iJordani.—Marku 1:9; Luka 3:23.
3. (a) UJesu wayesho ukuthini ngamazwi athi, “umhlatshelo nomnikelo awukufunanga”? (b) Yisiphi isibonelo esivelele uJesu asibekela bonke abafuna ukuba abafundi bakhe?
3 UJesu wayethandaza ngesikhathi ebhapathizwa. (Luka 3:21) Ngokusobala, kusukela kuleli qophelo ekuphileni kwakhe, wagcwalisa amazwi eHubo 40:6-8, njengoba kwaboniswa umphostoli uPawulu kamuva: “Umhlatshelo nomnikelo awukufunanga, kodwa ungilungiselele umzimba.” (Heberu 10:5) Ngalokho uJesu wabonisa ukuthi wayeqaphela ukuthi uNkulunkulu ‘wayengafuni’ ukuba imihlatshelo yezilwane iqhubeke inikelwa ethempelini eJerusalema. Kunalokho, waqaphela ukuthi uNkulunkulu wayemlungisele umzimba wobuntu ophelele, uJesu, ukuba awunikele njengomhlatshelo. Lokhu kwakuyosusa noma isiphi isidingo semihlatshelo yezilwane. Ebonisa isifiso sakhe esijulile sokuzithoba entandweni kaNkulunkulu, uJesu waqhubeka ethandaza: “Bheka! Ngizile (emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami) ukuba ngenze intando yakho, O Nkulunkulu.” (Heberu 10:7) Yeka isibonelo esihle kakhulu sesibindi nokuzinikela okungenabugovu uJesu asibeka ngalolo suku, esibekela bonke ababeyoba abafundi bakhe kamuva!—Marku 8:34.
4. UNkulunkulu wakubonisa kanjani ukwamukela kwakhe ukuzinikela kukaJesu?
4 Ingabe uNkulunkulu wabonisa ukuwamukela umthandazo kaJesu wobhapathizo? Masivumele omunye wabaphostoli bakaJesu abakhethiwe asiphendule: “Ngemva kokubhapathizwa uJesu wakhuphuka masinyane emanzini; futhi, bheka! amazulu avuleka, wabona umoya kaNkulunkulu wehla njengejuba uza phezu kwakhe. Bheka! Futhi, kwaba khona izwi livela emazulwini elathi: ‘Lena iNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele.’”—Mathewu 3:16, 17; Luka 3:21, 22.
5. Lalifanekiselani i-altare elingokoqobo lasethempelini?
5 Ukwamukela kukaNkulunkulu ukulethwa komzimba kaJesu ukuba ube umhlatshelo kwasho ukuthi, ngomqondo ongokomoya, kwase kune-altare elikhulu kunelalisethempelini laseJerusalema. I-altare elingokoqobo okwakulethwa kulo izilwane zomhlatshelo lalifanekisela lelo altare elingokomoya, ‘elaliyintando’ noma ilungiselelo likaNkulunkulu lokwamukela ukuphila kukaJesu kobuntu njengomhlatshelo. (Heberu 10:10) Kungakho umphostoli uPawulu ayengabhalela amaKristu akanye nawo: “Sine-altare abangenalo igunya lokudla kulo labo abenza inkonzo engcwele etendeni [noma, ethempelini].” (Heberu 13:10) Ngamanye amazwi, amaKristu eqiniso azuza emhlatshelweni ophakeme kakhulu ohlawulela izono, owenqatshwa abapristi abaningi bamaJuda.
6. (a) Yini eyavela ngesikhathi uJesu ebhapathizwa? (b) Sisho ukuthini isiqu esithi Mesiya, noma Kristu?
6 Ukugcotshwa kukaJesu ngomoya ongcwele kwasho ukuthi manje uNkulunkulu wayeveza lonke ilungiselelo lakhe lethempeli elingokomoya, uJesu ekhonza kulo njengomPristi Ophakeme. (IzEnzo 10:38; Heberu 5:5) Umfundi uLuka waphefumulelwa ukuba aveze ukuthi unyaka walesi senzakalo esibalulekile ‘kwakuwunyaka weshumi nesihlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari.’ (Luka 3:1-3) Leso sikhathi siqondana nonyaka ka-29 C.E.—amasonto angu-69 eminyaka, noma iminyaka engu-483, kusukela esikhathini iNkosi u-Aritahishashita eyanikeza ngaso umyalo wokuba izindonga zaseJerusalema zakhiwe kabusha. (Nehemiya 2:1, 5-8) Ngokwesiprofetho, “ogcotshiweyo, umbusi [uMesiya]” wayeyovela ngalowo nyaka ophawuliwe. (Daniyeli 9:25) AmaJuda amaningi ngokusobala ayekwazi lokhu. ULuka ubika ukuthi “abantu babelindele” ukuvela kukaMesiya, noma uKristu, iziqu ezivela emagameni esiHeberu nesiGreki asho into efanayo, “ogcotshiweyo.”—Luka 3:15.
7. (a) UNkulunkulu wayigcoba nini “iNgcwelengcwele,” futhi lokhu kwasho ukuthini? (b) Yini enye eyenzeka kuJesu ngesikhathi ebhapathizwa?
7 Lapho uJesu ebhapathizwa, indawo kaNkulunkulu yokuhlala yasezulwini yagcotshwa, noma yabekelwa eceleni, ‘njengeNgcwelengcwele’ elungiselelweni lethempeli elikhulu elingokomoya. (Daniyeli 9:24) ‘Itende leqiniso [noma, ithempeli], elalimiswe uJehova, hhayi umuntu’ laqala ukusebenza. (Heberu 8:2) Futhi, ngokubhapathizwa kwakhe ngamanzi nangomoya ongcwele, umuntu onguJesu Kristu waphinde wazalwa njengeNdodana kaNkulunkulu engokomoya. (Qhathanisa noJohane 3:3.) Lokhu kwasho ukuthi ngesikhathi esifanele, uNkulunkulu wayeyophinde abizele iNdodana yakhe ekuphileni kwasezulwini, lapho yayiyokhonza khona ngakwesokudla sikaYise njengeNkosi nomPristi Ophakeme “ngokwendlela kaMelkisedeki kuze kube phakade.”—Heberu 6:20; IHubo 110:1, 4.
INgcwelengcwele Yasezulwini
8. Yiziphi izici ezintsha isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu ezulwini esaba nazo manje?
8 Ngosuku lokubhapathizwa kukaJesu, isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu sasezulwini saba nezici ezintsha. Ukuchazwa komhlatshelo ophelele wobuntu wokuhlawulela izono zezwe kwagcizelela ubungcwele bukaNkulunkulu obungafani nokuba nesono komuntu. Kwaqokonyiswa nesihe sikaNkulunkulu ngoba manje wabonisa ukuzimisela kwakhe ukuba kushwelezwe kuye, noma ahlawulwe. Ngakho isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu ezulwini saba njengegumbi lethempeli elingaphakathi, lapho umpristi omkhulu ayengena khona kanye ngenyanga negazi lezilwane ukuze ahlawulele isono ngendlela engokomfanekiso.
9. (a) Yini eyayifanekiselwa isihenqo esasiphakathi kweNdawo Engcwele neNgcwelengcwele? (b) UJesu wangena kanjani ngalé kwesihenqo sethempeli likaNkulunkulu elingokomoya?
9 Isihenqo esasihlukanisa iNdawo Engcwele neNgcwelengcwele sasifanekisela umzimba kaJesu wenyama. (Heberu 10:19, 20) Sasiwudonga olwaluvimbela uJesu ukuba angene lapho kwakunoYise khona ngenkathi esengumuntu emhlabeni. (1 Korinte 15:50) Ngesikhathi uJesu efa, “isihenqo sendlu engcwele sadabuka saba izingxenye ezimbili, kusukela phezulu kuya phansi.” (Mathewu 27:51) Lokhu kwabonisa ngendlela evusa amadlingozi ukuthi udonga olwaluvimbela ukungena kukaJesu ezulwini manje lwalususiwe. Ezinsukwini ezintathu kamuva, uJehova uNkulunkulu wenza isimangaliso sezimangaliso. Wavusa uJesu kwabafileyo, engeyena umuntu ofayo wenyama negazi, kodwa eyisidalwa somoya esikhazimulayo ‘esiqhubeka siphila kuze kube phakade.’ (Heberu 7:24) Ezinsukwini ezingu-40 kamuva, uJesu wanyukela ezulwini futhi wangena “eNgcwelengcwele” yoqobo, “ukuba abonakale phambi kobuso bukaNkulunkulu ngenxa yethu.”—Heberu 9:24.
10. (a) Kwenzekani ngemva kokuba uJesu elethe inani lomhlatshelo wakhe kuYise wasezulwini? (b) Yini eyashiwo ukugcotshwa ngomoya ongcwele kubafundi bakaKristu?
10 Ingabe uNkulunkulu walamukela inani legazi likaJesu elalichithiwe, njengenhlawulo yezono zezwe? Yebo walamukela. Ubufakazi balokhu bavela ezinsukwini ezingu-50 ngemva kokuvuswa kukaJesu, ngosuku lomkhosi lwePentekoste. Umoya ongcwele kaNkulunkulu wathululelwa phezu kwabafundi bakaJesu abangu-120 ababebuthene eJerusalema. (IzEnzo 2:1, 4, 33) NjengomPristi wabo Ophakeme, uJesu Kristu, manje base begcotshelwe ukuba bakhonze ‘njengobupristi obungcwele, ukuze banikele imihlatshelo engokomoya’ ngaphansi kwelungiselelo likaNkulunkulu lethempeli elikhulu elingokomoya. (1 Petru 2:5) Ngaphezu kwalokho, laba abagcotshiwe bakha isizwe esisha, “isizwe esingcwele” sikaNkulunkulu, u-Israyeli ongokomoya. Kusukela lapho, zonke iziprofetho zezinto ezinhle ngo-Israyeli, njengesithembiso ‘sesivumelwano esisha’ esilotshwe kuJeremiya 31:31, zaziyosebenza ebandleni lamaKristu agcotshiwe, ‘u-Israyeli kaNkulunkulu’ woqobo.—1 Petru 2:9; Galathiya 6:16.
Ezinye Izici Zethempeli LikaNkulunkulu Elingokomoya
11, 12. (a) Lalifanekiselani igceke labapristi endabeni kaJesu, futhi liyini endabeni yabalandeli bakhe abagcotshiwe? (b) Ufanekiselani umcengezi wamanzi, futhi usetshenziswa kanjani?
11 Nakuba iNgcwelengcwele yayifanekisela ‘izulu ngokwalo,’ lapho isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu sikhona, zonke ezinye izici zethempeli likaNkulunkulu elingokomoya zihlobene nezinto ezisemhlabeni. (Heberu 9:24) Ethempelini laseJerusalema, kwakunegceke elingaphakathi labapristi elaline-altare lomhlatshelo nomcengezi omkhulu wamanzi, owawusetshenziswa abapristi ukuze bageze ngaphambi kokwenza inkonzo engcwele. Zifanekiselani lezi zinto elungiselelweni likaNkulunkulu lethempeli elingokomoya?
12 Endabeni kaJesu Kristu, igceke elingaphakathi labapristi lalifanekisela isimo sakhe sokungabi nasono njengeNdodana kaNkulunkulu ephelele engumuntu. Ngokubonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu, abalandeli bakaKristu abagcotshiwe kuthiwa balungile. Ngakho, uNkulunkulu angasebenzelana nabo ngokufanelekile njengokungathi babengenasono. (Roma 5:1; 8:1, 33) Ngakho, leli gceke lifanekisela futhi isimo sabantu sokulunga abasinikeziwe esijatshulelwa amalungu ngamanye obupristi obungcwele phambi kukaNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo, amaKristu agcotshiwe asalokhu engaphelele futhi enokuthambekela kokwenza isono. Umcengezi wamanzi egcekeni ufanekisela iZwi likaNkulunkulu, elisetshenziswa umPristi Ophakeme ekuhlanzeni ubupristi obungcwele ngokuqhubekayo. Ngokuzithoba kulenqubo yokuhlanza, buye bafinyelela isimo esihle ngokuvelele esidumisa uNkulunkulu nesidonsela abantu bangaphandle ekukhulekelweni kwakhe okumsulwa.—Efesu 5:25, 26; qhathanisa noMalaki 3:1-3.
INdawo Engcwele
13, 14. (a) Ifanekiselani iNdawo Engcwele yethempeli endabeni kaJesu nakubalandeli bakhe abagcotshiwe? (b) Lufanekiselani uthi lwesibani lwegolide?
13 Igumbi lokuqala lethempeli lifanekisela isimo esiphakeme kunesegceke. Endabeni yomuntu ophelele uJesu Kristu, lifanekisela ukuzalwa kwakhe kabusha njengeNdodana kaNkulunkulu engokomoya emiselwe ukubuyela ekuphileni kwasezulwini. Ngemva kokuba kuthiwe balungile ngesisekelo sokholo lwabo egazini likaKristu elachithwa, laba balandeli abagcotshiwe babona futhi lokhu kusebenza okukhethekile komoya kaNkulunkulu kubo siqu. (Roma 8:14-17) ‘Ngamanzi [okusho ukubhapathizwa kwabo] nangomoya,’ ‘baphinde bazalwe’ njengamadodana kaNkulunkulu angokomoya. Ngokuba abanjalo, baba nethemba lokuvuselwa ekuphileni kwasezulwini njengamadodana kaNkulunkulu omoya, uma behlala bethembekile kuze kube sekufeni.—Johane 3:5, 7; IsAmbulo 2:10.
14 Abapristi ababekhonza ngaphakathi eNdaweni Engcwele yethempeli lasemhlabeni babengabonwa neze abakhulekeli abangaphandle. Ngokufanayo, amaKristu agcotshiwe aba sesimweni esingokomoya iningi labakhulekeli bakaNkulunkulu, abathemba labo ukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi, abangekho kuso noma abangasiqondi ngokugcwele. Uthi lwesibani lwegolide lwasetabernakele lufanekisela isimo sokukhanyiselwa samaKristu agcotshiwe. Ukusebenza komoya ongcwele kaNkulunkulu, njengamafutha ezibanini, kukhanyisa iBhayibheli. Ukuqonda amaKristu akuzuzayo ngenxa yalokho, awakugcini kuwo. Kunalokho, alalela uJesu, owathi: “Nina niwukukhanya kwezwe. . . . Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.”—Mathewu 5:14, 16.
15. Yini efanekiselwa isinkwa etafuleni lesinkwa sokubukwa?
15 Ukuze ahlale kulesi simo sokukhanyiselwa, amaKristu agcotshiwe kumelwe adle njalo kulokho okufanekiselwa isinkwa esisetafuleni lesinkwa sokubukwa. Umthombo wawo oyinhloko wokudla okungokomoya yiZwi likaNkulunkulu, azama ukulifunda nokuzindla ngalo nsuku zonke. Futhi uJesu wathembisa ukuwondla ‘ngokudla ngesikhathi esifanele’ esebenzisa ‘isigqila sakhe esikholekile nesiqondayo.’ (Mathewu 24:45) Lesi “sigqila” siyiyo yonke indikimba yamaKristu agcotshiwe emhlabeni nganoma yisiphi isikhathi. UKristu uye wasebenzisa lendikimba egcotshiwe ekusakazeni ukwaziswa okuphathelene nokugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli nasekunikezeni isiqondiso esifanele ngokusetshenziswa kwezimiso zeBhayibheli ekuphileni kwanamuhla kwansuku zonke. Ngakho, amaKristu agcotshiwe azondla ngokwazisa ngawo wonke amalungiselelo anjalo angokomoya. Kodwa ukusekelwa kokuphila kwawo okungokomoya kuxhomeke kokungaphezu kokungenisa ulwazi ngoNkulunkulu ezingqondweni nasezinhliziyweni zawo. UJesu wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumile nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) Ngokufanayo, amaKristu agcotshiwe athola ukwaneliseka ngokuzimisela nsuku zonke ukwenza intando kaNkulunkulu eyambuliwe.
16. Yini efanekiselwa inkonzo e-altare lempepho?
16 Ekuseni nakusihlwa, umpristi wayenikela ngempepho kuNkulunkulu phezu kwe-altare lempepho eNdaweni Engcwele. Ngaso leso sikhathi, abakhulekeli abangebona abapristi babethandaza kuNkulunkulu bemi emagcekeni angaphandle ethempeli lakhe. (Luka 1:8-10) “Impepho,” kuchaza iBhayibheli, “isho imithandazo yabangcwele.” (IsAmbulo 5:8) “Umkhuleko wami mawube-njengempepho ebusweni bakho,” kubhala umhubi uDavide. (IHubo 141:2) AmaKristu agcotshiwe ayalazisa nelungelo lawo lokusondela kuJehova ngomthandazo ngoJesu Kristu. Imithandazo esuka enhliziyweni injengempepho enuka kamnandi. AmaKristu agcotshiwe adumisa uNkulunkulu nangezinye izindlela, esebenzisa izindebe zawo ekufundiseni abanye. Ukukhuthazela kwawo naphezu kobunzima, nobuqotho bawo ngaphansi kokulingwa, kumjabulisa ngokukhethekile uNkulunkulu.—1 Petru 2:20, 21.
17. Yini eyayihilelekile ekugcwalisekeni komfuziselo ongokwesiprofetho owanikezwa ukungena kokuqala kompristi ophakeme eNgcwelengcwele ngoSuku Lokubuyisana?
17 NgoSuku Lokubuyisana, umpristi ophakeme wakwa-Israyeli kwakudingeka angene eNgcwelengcwele ashise impepho emcengezini wempepho wegolide owawunamalahle avuthayo. Lokhu kwakumelwe kwenziwe ngaphambi kokuba alethe igazi leminikelo yesono. Ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho, umuntu onguJesu wagcina ubuqotho obuphelele kuJehova uNkulunkulu ngaphambi kokuba anikele ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo owodwa wezono zethu oyohlala njalo. Ngalokho wabonisa ukuthi umuntu ophelele wayengabugcina ubuqotho bakhe kuNkulunkulu kungakhathaliseki ukucindezela uSathane ayengakuletha kuye. (IzAga 27:11) Lapho evivinywa, uJesu wasebenzisa umthandazo “ngokukhala okukhulu nangezinyembezi, futhi wazwiwa ngomusa ngenxa yokwesaba kwakhe kokuhlonipha uNkulunkulu.” (Heberu 5:7) Ngalendlela wakhazimulisa uJehova njengoMbusi olungile nofanele wendawo yonke. UNkulunkulu wavuza uJesu ngokumvusa kwabafileyo wamvusela ekuphileni okungenakufa kwasezulwini. Ekulesi sikhundla esiphakeme, uJesu unikeza ukunakekela esizathwini sesibili sokuza kwakhe emhlabeni, esiwukwenza izoni ezingabantu eziphendukayo zibuyisane noNkulunkulu.—Heberu 4:14-16.
Inkazimulo Enkulu Nakakhulu Yethempeli LikaNkulunkulu Elingokomoya
18. UJehova uye wayiletha kanjani inkazimulo evelele ethempelini lakhe elingokomoya?
18 “Inkazimulo yokugcina yalendlu iyakuba-nkulu kuneyokuqala,” kubikezela uJehova. (Hagayi 2:9) Ngokuvusa uJesu njengeNkosi nomPristi Ophakeme ongenakufa, uJehova walethela ithempeli lakhe elingokomoya inkazimulo evelele. UJesu manje usethubeni lokuletha ‘insindiso emi phakade kubo bonke abamlalelayo.’ (Heberu 5:9) Abokuqala ababonisa ukulalela okunjalo kwakungabafundi abangu-120 abamukela umoya ongcwele ngePentekoste lika-33 C.E. Incwadi yesAmbulo yabikezela ukuthi lamadodana ka-Israyeli angokomoya ekugcineni ayeyoba ngu-144 000. (IsAmbulo 7:4) Lapho efa, amaningi awo kwadingeka alale engezwa lutho ethuneni elivamile lesintu, alindele isikhathi sokuba khona kukaJesu emandleni obukhosi. Ukubalwa kwesikhathi okungokwesiprofetho okukuDaniyeli 4:10-17, 20-27 kubhekisela ku-1914 njengesikhathi sokuqala kukaJesu ukubusa phakathi kwezitha zakhe. (IHubo 110:2) Emashumini eminyaka ngaphambili, amaKristu agcotshiwe ayewulindele ngabomvu lowo nyaka. Impi yezwe yokuqala nomaye abahambisana nayo abehlela isintu kwafakazela ukuthi ngempela uJesu wayebekwe esihlalweni sobukhosi njengeNkosi ngo-1914. (Mathewu 24:3, 7, 8) Ngokushesha ngemva kwalokho, lapho sesifikile isikhathi sokuba “ukwahlulela kuqale ngendlu kaNkulunkulu,” uJesu wayeyofeza isithembiso ayesenze kubafundi bakhe abagcotshiwe ababelele ekufeni: “Ngiyobuye ngize futhi ngizonamukela ekhaya kimi.”—1 Petru 4:17; Johane 14:3.
19. Insali yabangu-144 000 iyongena kanjani eNgcwelengcwele yasezulwini?
19 Amalungu angu-144 000 obupristi obungcwele awakabekwa wonke uphawu okokugcina futhi awakabuthelwa wonke ekhaya lawo lasezulwini. Insali yawo isaphila emhlabeni esimweni esingokomoya esafanekiselwa iNdawo Engcwele, ihlukanisiwe nendawo engcwele okukhona kuyo uNkulunkulu ‘ngesihenqo,’ noma udonga, okuyimizimba yayo yenyama. Njengoba laba befa bethembekile, bavuswa ngokuphazima kweso njengezidalwa zomoya ezingenakufa ukuze babe nalabo babangu-144 000 asebesezulwini kakade.—1 Korinte 15:51-53.
20. Yimuphi umsebenzi obalulekile abasele bobupristi obungcwele abawenzayo manje, futhi kunamiphi imiphumela?
20 Njengoba kunabapristi abaningi kangaka abakhonza nomPristi Ophakeme ezulwini, ithempeli likaNkulunkulu elingokomoya liye laba nenkazimulo eyengeziwe. Okwamanje, abasele bobupristi obungcwele benza umsebenzi obalulekile emhlabeni. Ngokushumayela kwabo, uNkulunkulu ‘uzamazamisa zonke izizwe’ ngamazwi esahlulelo sakhe, njengoba kwabikezelwa kuHagayi 2:7. Ngesikhathi esifanayo, izigidi zabakhulekeli ezichazwa ngokuthi “okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe” zitheleka emagcekeni asemhlabeni ethempeli likaJehova. Lezi zingena kanjani elungiselelweni likaNkulunkulu lokukhulekela, futhi iyiphi inkazimulo yesikhathi esizayo esingayilindela ethempelini lakhe elikhulu elingokomoya? Lemibuzo izohlolwa esihlokweni esilandelayo.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Yisiphi isibonelo esivelele uJesu asibeka ngo-29 C.E.?
◻ Yiliphi ilungiselelo elaqala ukusebenza ngo-29 C.E.?
◻ Yini efanekiselwa iNdawo Engcwele neNgcwelengcwele?
◻ Ithempeli elikhulu elingokomoya liye lakhazinyuliswa kanjani?
[Isithombe ekhasini 17]
Lapho uJesu egcotshwa ngomoya ongcwele ngo-29 C.E., ithempeli likaNkulunkulu elikhulu elingokomoya laqala ukusebenza