-
‘Hambani Niyokwenza Abafundi’INqabayokulinda—2004 | Julayi 1
-
-
‘Hambani Niyokwenza Abafundi’
‘Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni. Ngakho-ke hambani niyokwenza abafundi.’—MATHEWU 28:18, 19.
1, 2. (a) Imuphi umsebenzi uJesu awunika abalandeli bakhe? (b) Imiphi imibuzo okuzoxoxwa ngayo mayelana nemiyalo kaJesu?
NGOLUNYE usuku entwasahlobo ka-33 C.E. kwa-Israyeli, abafundi bakaJesu babebuthene entabeni ethile eGalile. INkosi yabo evusiwe yayisizonyukela ezulwini, kodwa, ngaphambi kwalokho, kwakunokuthile okubalulekile eyayifuna ukubatshela kona. UJesu wayenomsebenzi ayefuna bawenze. Kwakungumsebenzi muni? Abafundi bakhe benze njani lapho bethunywa? Futhi lowo msebenzi usithinta kanjani thina namuhla?
2 Lokho uJesu akusho kubhalwe kuMathewu 28:18-20: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni. Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho. Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” UJesu wakhuluma ngalo “lonke igunya,” ngazo “zonke izizwe,” ngako “konke enginiyale ngakho” nangazo “zonke izinsuku.” Imiyalo yakhe enalezo zinkulumo ezine iphakamisa imibuzo ebalulekile, engafingqwa ngokuthi kungani? kuphi? ini? nangokuthi nini? Ake sixoxe ngombuzo owodwa ngesikhathi.a
“Nginikwe Lonke Igunya”
3. Kungani kufanele siwulalele umyalo wokwenza abafundi?
3 Okokuqala, kungani kufanele siwulalele umyalo wokwenza abafundi? UJesu wathi: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni. Ngakho-ke hambani niyokwenza . . . abafundi.” Igama elithi “ngakho-ke” libonisa isizathu esiyinhloko sokuthi kungani kufanele siwulalele lo myalo. Kungenxa yokuthi uJesu, okunguye okhipha lo myalo, unalo “lonke igunya.” Lingakanani igunya lakhe?
4. (a) Likhulu kangakanani igunya likaJesu? (b) Ukuqonda kwethu igunya likaJesu kufanele kuyithinte kanjani indlela esiwubheka ngayo umyalo wokwenza abafundi?
4 UJesu unegunya phezu kwebandla lakhe, futhi kusukela ngo-1914 waba negunya phezu koMbuso kaNkulunkulu owawusanda kumiswa. (Kolose 1:13; IsAmbulo 11:15) Uyingelosi enkulu, ngakho ulawula ibutho lasezulwini lezigidigidi zezingelosi. (1 Thesalonika 4:16; 1 Petru 3:22; IsAmbulo 19:14-16) UYise umnike igunya lokubhubhisa “bonke ohulumeni nalo lonke igunya namandla” aphikisa izimiso zokulunga. (1 Korinte 15:24-26; Efesu 1:20-23) Igunya likaJesu alipheleli kwabaphilayo. Ubuye abe “umahluleli wabaphilayo nabafileyo” futhi unamandla awanikwe uNkulunkulu okuvusa labo abalele ekufeni. (IzEnzo 10:42; Johane 5:26-28) Ngokuqinisekile, umyalo okhishwa yiLowo onikwe igunya elikhulu kangako kumelwe ubhekwe njengobaluleke kunayo yonke. Ngakho, siwulalela ngenhlonipho nangokuzithandela umyalo kaKristu wokuba ‘sihambe siyokwenza abafundi.’
5. (a) UPetru wawalalela ngokwenzani amazwi kaJesu? (b) Ukulalela kukaPetru umyalo kaJesu kwaletha siphi isibusiso?
5 Ekuqaleni kwenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wabafundisa ngendlela ephawulekayo abafundi bakhe ukuthi uma beqaphela igunya lakhe futhi belalela imiyalo yakhe babeyothola izibusiso. Ngesinye isikhathi watshela uPetru, owayengumdobi, wathi: “Sukani niye lapho kujule khona, nehlise amanetha enu ukuze nibambe.” UPetru wayeqiniseka ukuthi zazingekho izinhlanzi, ngakho wathi kuJesu: “Mfundisi, sikhandleke ubusuku bonke kodwa asibambanga lutho.” Nokho, ngokuthobeka uPetru wanezela: “Kodwa ngoba usho kanjalo ngizowehlisa amanetha.” Ngemva kokuba uPetru ewulalele umyalo kaKristu, wabamba “izinhlanzi eziningi kakhulu.” Emangele, uPetru “wawela emadolweni kaJesu, ethi: ‘Suka kimi, ngoba ngingumuntu onesono, Nkosi.’” Kodwa uJesu waphendula: “Yeka ukwesaba. Kusukela manje kuqhubeke uzobe udoba abantu bephila.” (Luka 5:1-10; Mathewu 4:18) Yini esiyifunda kuleyo ndaba?
6. (a) Indaba yezinhlanzi ezabanjwa ngokuyisimangaliso ibonisani ngohlobo lokulalela uJesu alufunayo? (b) Singamlingisa kanjani uJesu?
6 UJesu wanika uPetru, u-Andreya nabanye abaphostoli umsebenzi wokuba “abadobi babantu” ngemva kokuba bebambe izinhlanzi eziningi, hhayi ngaphambi kwalokho. (Marku 1:16, 17) Kusobala ukuthi uJesu wayengafuni ukuba balalele ngaphandle kwezizathu. Wabanika isizathu esikholisayo sokuthi kungani kufanele bamlalele. Njengoba nje ukulalela umyalo kaJesu wokuba behlise amanetha abo kwaba nemiphumela emangalisayo, kanjalo ukulalela umyalo kaJesu ‘wokudoba abantu’ kwakuzoletha izibusiso ezinkulu. Abaphostoli bakwenza lokho benokholo oluphelele. Indaba iphetha ngokuthi: “Babuyisela izikebhe ezweni, bashiya konke bamlandela.” (Luka 5:11) Namuhla, silingisa uJesu lapho sikhuthaza abanye ukuba benze umsebenzi wokwenza abafundi. Asifuni ukuba abantu bamane nje benze lokho esibatshela kona, kunalokho sibanika izizathu ezikholisayo zokuba balalele umyalo kaKristu.
Izizathu Ezikholisayo Nezisusa Ezifanele
7, 8. (a) Iziphi ezinye zezizathu ezingokomBhalo zokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi? (b) Imuphi umBhalo wena okukhuthaza ngokukhethekile ukuba uqhubeke wenza umsebenzi wokushumayela? (Bheka nombhalo waphansi.)
7 Ngenxa yokuthi siyaliqaphela igunya likaKristu, senza umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Iziphi ezinye izizathu ezingokomBhalo zokwenza lo msebenzi esingazinika labo esifisa ukubashukumisela ukuba benze imisebenzi emihle? Lalela lokhu okushiwo oFakazi abaningi abathembekile emazweni ahlukahlukene, uphawule indlela imiBhalo ekhonjiwe ewasekela ngayo amazwi abo.
8 URoy, owabhapathizwa ngo-1951: “Ngesikhathi ngizinikezela kuJehova, ngathembisa ukuthi ngiyomkhonza njalonjalo. Ngifuna ukuligcina izwi lami.” (IHubo 50:14; Mathewu 5:37) UHeather, owabhapathizwa ngo-1962: “Uma ngicabanga ngakho konke uJehova angenzele kona, ngifuna ukumbonisa ukubonga kwami ngokumkhonza ngokwethembeka.” (IHubo 9:1, 9-11; Kolose 3:15) UHannelore, owabhapathizwa ngo-1954: “Njalo uma sisenkonzweni, sisekelwa izingelosi—yeka ilungelo!” (IzEnzo 10:30-33; IsAmbulo 14:6, 7) UHonor, owabhapathizwa ngo-1969: “Uma kufika isikhathi sikaJehova sokwahlulela, angifuni kube khona muntu komakhelwane bami oyokwazi ukumangalela uJehova noFakazi bakhe ngokuthi abazange banake, athi: ‘Mina angizange ngisithole isixwayiso!’” (Hezekeli 2:5; 3:17-19; Roma 10:16, 18) UClaudio, owabhapathizwa ngo-1974: “Lapho sishumayela, ‘sibonwa uNkulunkulu,’ futhi ‘sikanye noKristu.’ Cabanga nje! Uma sisenkonzweni, sikanye nabaNgane bethu abakhulu.”—2 Korinte 2:17.b
9. (a) Indaba yokudoba kukaPetru nabanye abaphostoli ivezani ngesisusa esifanele sokulalela uKristu? (b) Siyini isisusa esifanele sokulalela uNkulunkulu noKristu namuhla, futhi ngani?
9 Le ndaba yezinhlanzi ezabanjwa ngokuyisimangaliso ibonisa nokubaluleka kokulalela uKristu ngesisusa esifanele—uthando. Lapho uPetru ethi, “Suka kimi, ngoba ngingumuntu onesono,” uJesu akazange asuke, futhi akazange amlahle ngasono uPetru. (Luka 5:8) UJesu akazange amgxeke nokumgxeka uPetru ngokumcela ukuba asuke. Kunalokho, uJesu wamphendula ngomusa, wathi: “Yeka ukwesaba.” Ukwesaba okukhwantabalisayo kwakuyoba isisusa esingafanele sokulalela uKristu. Esikhundleni salokho, uJesu watshela uPetru ukuthi yena nabangane bakhe babezoba abadobi babantu. Nathi namuhla asisebenzisi ukwesaba noma imizwa edikibalisayo, njengokwenza abantu bazizwe benecala noma benamahloni, ukuze sibenze balalele uKristu. Okwenza inhliziyo kaJehova ijabule ukulalela komphefumulo wonke okusekelwe othandweni ngoNkulunkulu noKristu.—Mathewu 22:37.
‘Nenze Abantu Bazo Zonke Izizwe Abafundi’
10. (a) Isiphi isici emyalweni kaJesu wokwenza abafundi esababekela inselele enkulu abafundi bakhe? (b) Basabela kanjani abafundi kulo myalo kaJesu?
10 Umbuzo wesibili ngokuqondene nomyalo kaKristu uthi, Kufanele wenziwe kuphi lo msebenzi wokwenza abafundi? UJesu wathi kubalandeli bakhe: ‘Nenze abantu bazo zonke izizwe abafundi.’ Ngaphambi kwesikhathi senkonzo kaJesu, abantu bezizwe babamukelekile uma beza kwa-Israyeli bezokhonza uJehova. (1 AmaKhosi 8:41-43) UJesu yena washumayela kakhulukazi kumaJuda, kodwa kulokhu watshela abalandeli bakhe ukuba baye kubantu bazo zonke izizwe. Eqinisweni indawo abafundi bakhe ababedoba kuyo, noma ababeshumayela kuyo, ‘kwakuyichibi’ elincane nje—amaJuda—kodwa yayisizokwanda ibe ‘ulwandle’ lwesintu. Nakuba lolu shintsho lwababekela inselele abafundi, bawulalela ngokunganqikazi umyalo kaJesu. Ingakapheli iminyaka engu-30 ngemva kokufa kukaJesu, umphostoli uPawulu wakwazi ukubhala athi izindaba ezinhle zase zishunyayelwe “kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu,” hhayi kumaJuda kuphela.—Kolose 1:23.
11. Yande kangakanani ‘indawo esidoba kuyo’ kusukela ekuqaleni kwekhulu lama-20?
11 Ezikhathini zamuva, kuye kwabonakala ukwanda okunjalo kwamasimu okushunyayelwa kuwo. Ekuqaleni kwekhulu lama-20 ‘bekudotshwa’ emazweni ambalwa. Nokho, ngaleso sikhathi abalandeli bakaKristu balingisa isibonelo samaKristu ekhulu lokuqala bayandisa ngentshiseko indawo ababeshumayela kuyo. (Roma 15:20) Kwathi kuqala iminyaka yawo-1930, base benza abafundi emazweni angaba yikhulu. Namuhla ‘indawo esidoba kuyo’ isiyandile, isisemazweni angu-235.—Marku 13:10.
“Kuzo Zonke Izilimi”
12. Iyiphi inselele evezwa isiprofetho esitholakala kuZakariya 8:23?
12 Ukwenza abafundi kuzo zonke izizwe akuyona nje inselele ngokwendawo kodwa futhi nangokwezilimi. Ngomprofethi uZakariya, uJehova wabikezela: “Kuyothi ngalezo zinsuku amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe abambe, yebo, impela abambe umphetho wengubo yendoda engumJuda, athi: ‘Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’” (Zakariya 8:23) Ekugcwalisekeni okukhulu kwalesi siprofetho, ‘indoda engumJuda’ imelela insali yamaKristu agcotshiwe, kanti “amadoda ayishumi” amelela “isixuku esikhulu.”c (IsAmbulo 7:9, 10; Galathiya 6:16) Lesi sixuku esikhulu sabafundi bakaKristu sasizotholakala ezizweni eziningi, futhi njengoba uZakariya asho, sasizobe sikhuluma izilimi eziningi. Ingabe umlando wanamuhla wabantu bakaNkulunkulu uyasibonisa leso sici sabafundi? Yebo, uyasibonisa.
13. (a) Yini eyenzekile maqondana nezilimi ezikhulunywa abantu bakaNkulunkulu banamuhla? (b) Isigaba senceku ethembekile sibhekane kanjani nesidingo esikhulayo sokudla okungokomoya ngezilimi ezihlukahlukene? (Hlanganisa nebhokisi elithi “Izincwadi Zezimpumputhe.”)
13 Ngo-1950 oFakazi BakaJehova abathathu kwabahlanu emhlabeni wonke kwakungabantu abakhuluma isiNgisi. Ngo-1980 leso silinganiso sase sishintshile kungababili kwabahlanu, kanti namuhla sekunguFakazi oyedwa kuphela kwabahlanu okhuluma isiNgisi. Isigaba senceku ethembekile neqondayo sibhekane kanjani nalolu shintsho ezilimini? Ngokuba sabe ukudla okungokomoya ngezilimi ezengeziwe. (Mathewu 24:45) Ngokwesibonelo, ngo-1950 izincwadi zethu zazikhishwa ngezilimi ezingu-90, kodwa namuhla lelo nani selikhuphuke lafika ku-400. Ingabe kube nayo imiphumela lokhu kunakwa kwabantu bezilimi ezihlukahlukene? Yebo! Ngokwesilinganiso, isonto ngalinye abantu abangaba ngu-5 000 ‘abaphuma kuzo zonke izilimi’ baba abafundi bakaKristu! (IsAmbulo 7:9) Futhi lokhu kwanda kuyaqhubeka. Kwamanye amazwe “amanetha” abamba izinhlanzi eziningi ngempela!—Luka 5:6; Johane 21:6.
Inkonzo Eyanelisayo—Ungayenza Yini Nawe?
14. Singabasiza kanjani abantu abasensimini yethu abakhuluma olunye ulimi? (Hlanganisa nebhokisi elithi “ULimi Lwezandla Nokwenza Abafundi.”)
14 Ukuthutha kwabantu emazweni akubo kwenze ukuba abantu basemazweni amaningi aseNtshonalanga babhekane nenselele yokwenza abafundi ‘bazo zonke izilimi’ besemazweni akubo. (IsAmbulo 14:6) Singabasiza kanjani abantu abasensimini yethu abakhuluma ulimi oluhlukile kolwethu? (1 Thimothewu 2:4) Ngolimi olungokomfanekiso, singasebenzisa izinto zokudoba ezifanele. Abantu abanjalo banike izincwadi zezilimi abazikhulumayo. Uma kungenzeka, hlela ukuba uFakazi okhuluma ulimi lwabo abavakashele. (IzEnzo 22:2) Sekulula manje ukwenza amalungiselelo anjalo, njengoba sebebaningi oFakazi asebefunde ezinye izilimi ukuze basize abantu bakwamanye amazwe babe abafundi bakaKristu. Imibiko ibonisa ukuthi ukunikeza usizo olunjalo kuyanelisa.
15, 16. (a) Iziphi izibonelo ezibonisa ukuthi kunemivuzo ukusiza abantu abakhuluma olunye ulimi? (b) Imiphi imibuzo esingayicabangela mayelana nokukhonza ensimini yolunye ulimi?
15 Cabanga ngezibonelo ezimbili zaseNetherlands, lapho umsebenzi wokushumayela ngoMbuso ohleliwe wenziwa khona ngezilimi ezingu-34. Umbhanqwana ongoFakazi wavuma ngokuzithandela ukuyokwenza abafundi kubantu abakhuluma isiPolish. Kwasabela abantu abaningi kangangokuthi indoda yaze yaba nomuzwa wokuthi kufanele inciphise isikhathi sayo sokusebenza ukuze ibe nolunye usuku phakathi nesonto ifunde iBhayibheli nalabo ababonisa isithakazelo. Ngesikhashana nje, lo mbhanqwana wawusuqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-20 isonto ngalinye. Uthi: “Ayive isijabulisa inkonzo yethu.” Labo abenza abafundi bajabula ngokukhethekile lapho labo abezwa amaqiniso eBhayibheli ngolimi lwabo beveza ukwazisa kwabo. Ngokwesibonelo, komunye umhlangano owawuqhutshwa ngolimi lwaseVietnam, kwasukuma indoda esikhulile yacela imvume yokukhuluma. Ihlengezela izinyembezi, yathi koFakazi: “Ngiyabonga ngemizamo eniyenzayo yokufunda ulimi lwami olulukhuni. Ngiyajabula ngokuthi ekugugeni kwami ngifunde izinto eziningi ezimangalisayo eBhayibhelini.”
16 Akumangalisi-ke ukuthi labo abakhonza emabandleni ezinye izilimi bazizwa baneliseke kakhulu. Omunye umbhanqwana waseBrithani wathi: “Inkonzo yokushumayela kubantu bezinye izilimi ingenye ethakazelisa kunazo zonke esike sayijabulela kule minyaka yethu engu-40 yenkonzo yoMbuso.” Zikhona yini izinguquko ongazenza ekuphileni kwakho ukuze nawe uhlanganyele kule nkonzo eqabulayo? Uma usafunda isikole, ungafunda yini olunye ulimi ulungiselele ukwenza lolu hlobo lwenkonzo? Ukwenza kanjalo kungakuholela endleleni yokuphila eyanelisayo negcwele izibusiso. (IzAga 10:22) Kunganjani uxoxe nabazali bakho ngale ndaba?
Ukushintshashintsha Izindlela Zethu
17. Singabafinyelela kanjani abantu abengeziwe ensimini yebandla esikulo?
17 Kuyaqondakala ukuthi izimo azibavumeli abaningi bethu ukuba baphonse “amanetha” abo emasimini ezinye izilimi. Nokho, singakwazi ukufinyelela abantu abangaphezu kwalabo esibafinyelela manje ensimini yebandla esikulo. Kanjani? Hhayi ngokushintshashintsha isigijimi sethu, kodwa izindlela zethu. Ezindaweni eziningi abantu abaningi bahlala ezakhiweni okungangeneki kalula kuzo. Abanye abaningi basuke bengekho emakhaya lapho sisenkonzweni yendlu ngendlu. Ngakho kungase kudingeke siphonse “amanetha” ethu ngezikhathi ezingafani nasezindaweni ezingafani. Ngaleyo ndlela siyobe silingisa uJesu. Wathola izindlela zokukhuluma nabantu ezimweni ezihlukahlukene.—Mathewu 9:9; Luka 19:1-10; Johane 4:6-15.
18. Kube kanjani yimpumelelo ukufakaza ezindaweni ezihlukahlukene? (Bheka nebhokisi elithi “Ukwenza Abafundi Kubantu Bamabhizinisi.”)
18 Kwezinye izingxenye zomhlaba, ukufakaza nomaphi lapho abantu bengatholakala khona kuyindlela ebalulekile yokwenza abafundi. Abenzi babafundi abangomakad’ ebona manje bagxila ekufakazeni ezindaweni ezihlukahlukene. Ngaphezu kokwenza inkonzo yendlu ngendlu, manje abamemezeli bafakaza ezikhumulweni zezindiza, emahhovisi, ezitolo, ezindaweni zokupaka, ezitobhini zamabhasi, emigwaqweni, emapaki, emabhishi nakwezinye izindawo. OFakazi abaningi abasanda kubhapathizwa eHawaii kwakhulunywa nabo okokuqala ezindaweni ezinjalo. Ukushintshashintsha izindlela zethu kusisiza sikwazi ukuwufeza ngokugcwele umyalo kaJesu wokwenza abafundi.—1 Korinte 9:22, 23.
19. Iziphi izici ezimbili zomsebenzi uJesu asithuma wona okuzoxoxwa ngazo esihlokweni esilandelayo?
19 Imininingwane yomsebenzi uJesu asinika wona ayigcinanga ngokuchaza ukuthi kungani kufanele siwenze lowo msebenzi nokuthi kufanele siwenze kuphi, kodwa yayihlanganisa nokuthi yini okufanele sishumayele ngayo futhi kufanele siqhubeke sishumayela kuze kube nini. Lezi zici ezimbili zomsebenzi uJesu asithuma wona kuzoxoxwa ngazo esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Kulesi sihloko sizoxoxa ngemibuzo emibili yokuqala. Eminye emibili kuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo.
b Ezinye izizathu zokushumayela zitholakala kuzAga 10:5; Amose 3:8; Mathewu 24:42; Marku 12:17; Roma 1:14, 15.
c Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokugcwaliseka kwalesi siprofetho, bheka INqabayokulinda, ka-May 15, 2001, ikhasi 12 nencwadi ethi Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu, Umqulu 2, ikhasi 408, ekhishwa oFakazi BakaJehova.
-
-
“Nibafundise Ukugcina Konke Enginiyale Ngakho”INqabayokulinda—2004 | Julayi 1
-
-
“Nibafundise Ukugcina Konke Enginiyale Ngakho”
“Ngakho-ke hambani niyokwenza . . . abafundi . . . , nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”—MATHEWU 28:19, 20.
1. Yayithini ingxoxo eyayiphakathi komfundi uFilipi nendoda yaseTopiya?
INDODA eyayisuka eTopiya yayihambe yaze yafika eJerusalema. Lapho, yakhulekela uNkulunkulu eyayimthanda, uJehova. Kusobala ukuthi yayilithanda neZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. UFilipi, umfundi kaKristu, wahlangana nayo lapho isenqoleni yayo isiphindela ekhaya, ifunda ikhophi yemibhalo yomprofethi u-Isaya. UFilipi wabuza lo mTopiya: “Empeleni, ingabe uyakwazi lokho okufundayo?” Le ndoda yaphendula yathi: “Ngingakwazi kanjani nje nempela, ngaphandle kokuba othile angiqondise?” UFilipi wabe esemsiza lo mfundi wemiBhalo oqotho ukuba abe umfundi kaKristu.—IzEnzo 8:26-39.
2. (a) Kungani yayiphawuleka impendulo yomTopiya? (b) Imiphi imibuzo ehlobene nomyalo kaKristu wokuba kwenziwe abafundi esizoxoxa ngawo?
2 Iyaphawuleka impendulo yomTopiya. Wathi: ‘Ngingakwazi kanjani, ngaphandle kokuba othile angiqondise.’ Yebo, wayedinga umqondisi, umuntu owayezomhola. Le mpendulo ngokwayo ibonisa ukubaluleka komyalo othile uJesu awusho lapho ethuma abalandeli bakhe ukuba bayokwenza abafundi. Imuphi lowo myalo? Ukuze sithole impendulo, masiqhubeke nengxoxo yethu yamazwi kaJesu atholakala kuMathewu isahluko 28. Isihloko esandulele siye sagxila embuzweni othi kungani? nothi kuphi? Manje sizoxoxa ngeminye imibuzo emibili ehlobene nomyalo kaKristu wokuba kwenziwe abafundi—othi ini? nothi nini?
“Nibafundise Ukugcina Konke”
3. (a) Umuntu uba kanjani umfundi kaJesu Kristu? (b) Ukwenza abafundi kuhilela ukufundisani?
3 Yini okumelwe siyifundise ukuze sisize abanye babe abafundi bakaKristu? UJesu wayala abalandeli bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) Ngakho, kumelwe sifundise izinto uKristu ayala ngazo.a Yini, kodwa, ezoqinisekisa ukuthi umuntu ofundiswa imiyalo kaJesu akagcini ngokuthatha isinyathelo sokuba umfundi kodwa uzoqhubeka enguye? Esinye isici sibonakala emazwini kaJesu akhethwe ngokucophelela. Phawula, akamanange nje wathi: ‘Nibafundise konke enginiyale ngakho.’ Kunalokho, wathi: “Nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 19:17) Kusho ukuthini lokho?
4. (a) Kusho ukuthini ukugcina umyalo? (b) Fanekisa indlela esifundisa ngayo umuntu ukugcina imiyalo kaKristu.
4 Ukugcina umyalo kusho ukuthi umuntu “uvumelanisa isenzo sakhe” nalowo myalo—uyawulalela, noma uyawenza. Simfundisa kanjani-ke umuntu ukuba agcine, noma alalele, izinto uKristu ayala ngazo? Cabanga ngendlela umuntu ofundisa ukushayela afundisa ngayo abafundi bakhe ukugcina imithetho yomgwaqo. Umfundisi angase afundise abafundi bakhe imithetho yomgwaqo besekilasini. Nokho, ukuze abafundise ukuthi isebenza kanjani leyo mithetho, kumelwe abaqondise abafundi lapho beshayela ngokoqobo emgwaqweni futhi bezama ukwenza lokho abakufundile. Ngokufanayo, lapho sifunda nabantu iBhayibheli, sibafundisa imiyalo kaKristu. Nokho, kudingeka futhi sibaqondise abafundi njengoba bezama ukusebenzisa imiyalo kaKristu ekuphileni kwabo kwansuku zonke nasenkonzweni. (Johane 14:15; 1 Johane 2:3) Ngakho, ukuwufeza ngokugcwele umyalo kaKristu wokwenza abafundi kudinga ukuba sibe yikho kokubili abafundisi nabaqondisi. Ngaleyo ndlela, siyobe silingisa isibonelo esabekwa uJesu noJehova ngokwakhe.—IHubo 48:14; IsAmbulo 7:17.
5. Yini engabangela umuntu esifunda naye iBhayibheli ukuba anqikaze ukulalela umyalo kaKristu wokwenza abafundi?
5 Ukufundisa abanye ukugcina imiyalo kaJesu kuhlanganisa nokubasiza balalele umyalo wokwenza abafundi. Kungase kwesabise lokho kwabanye esifunda nabo iBhayibheli. Ngisho noma esikhathini esidlule bebengamalungu akhuthele esonto elithile leLobukholwa, cishe abafundisi babo benkolo abazange babafundise ukuba bahambe bayokwenza abafundi. Abanye abaholi bamasonto bayavuma ukuthi uma kuziwa endabeni yokufundisa imihlambi yawo ukushumayela, amasonto eLobukholwa ahluleka ngokuphelele. Sikhuluma ngomyalo kaJesu wokuba kuyiwe ezweni kusizwe zonke izinhlobo zabantu zibe abafundi, isazi seBhayibheli uJohn R. W. Stott sathi: “Ukwehluleka kwethu ukulalela lokho okushiwo yilo myalo kuwubuthaka bamaKristu obukhulu kunabo bonke uma kuziwa ekushumayeleni ivangeli namuhla.” Sanezela: “Thina sivama ukumemezela isigijimi sethu sime kude. Ngezinye izikhathi sifana nabantu abami endaweni ephephile ogwini lolwandle bamemeze abantu abaminzayo babatshele ukuthi yini okumelwe bayenze. Asingeni emanzini sibahlenge. Siyesaba ukuba manzi.”
6. (a) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaFilipi lapho sisiza umfundi weBhayibheli? (b) Singakubonisa kanjani ukukhathalela kwethu lapho umfundi weBhayibheli eqala ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela?
6 Uma umuntu esifunda naye iBhayibheli ayekade eyilungu lenkolo ‘eyesabayo ukuba manzi,’ kungaba nzima ngaye ukunqoba ukwesaba amanzi, okungukuthi ukushumayela, alalele umyalo kaKristu wokwenza abafundi. Usuke ezodinga usizo. Ngakho kudingeka sibe nesineke lapho simnika uhlobo lwesiyalo nesiqondiso oluzojulisa ukuqonda kwakhe futhi lumenze athathe isinyathelo, njengoba nje imfundiso kaFilipi yamkhanyisela umTopiya yamenza wabhapathizwa. (Johane 16:13; IzEnzo 8:35-38) Ngaphezu kwalokho, isifiso sethu sokufundisa abafundi beBhayibheli ukuba bagcine umyalo wokwenza abafundi senza ukuba sisebenze nabo sibaqondise lapho bethatha izinyathelo zokuqala ekushumayeleni ngoMbuso.—UmShumayeli 4:9, 10; Luka 6:40.
“Konke Enginiyale Ngakho”
7. Ukufundisa abanye ‘ukugcina konke’ kuhlanganisa namiphi imiyalo?
7 Asigcini ngokumane nje sifundise abafundi abasha ukwenza abafundi. UJesu wasiyala ukuba sifundise abanye “ukugcina konke” ayale ngakho. Ngokuqinisekile lokho kuhlanganisa nemiyalo emibili emikhulu kunayo yonke—ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane. (Mathewu 22:37-39) Angafundiswa kanjani umfundi omusha ukugcina leyo miyalo?
8. Fanekisa indlela umfundi omusha angafundiswa ngayo umyalo wokubonisa uthando.
8 Cabanga futhi ngomfanekiso womuntu ofunda ukushayela. Njengoba eshayela phakathi kwezinye izimoto, umfundisi eseceleni kwakhe, umfundi akagcini ngokufunda ngokulalela umfundisi wakhe kodwa futhi nangokubheka abanye abashayeli. Ngokwesibonelo, umfundisi angase ambonise umshayeli ovumela omunye ngomusa ukuba angene phambi kwakhe; noma umshayeli ofiphaza izibani zakhe ukuze angabaxhophi abashayeli abeza ngakuye; noma umshayeli osiza umuntu amaziyo ophukelwe imoto. Izibonelo ezinjalo zifundisa umfundi izifundo ezibalulekile angazisebenzisa lapho eseshayela. Ngokufanayo, umfundi omusha ohamba emgwaqweni oya ekuphileni akafundi kumfundisi wakhe kuphela kodwa nasezibonelweni ezinhle azibona ebandleni.—Mathewu 7:13, 14.
9. Umfundi omusha ufunda kanjani ukuthi kusho ukuthi ukugcina umyalo wokubonisa uthando?
9 Ngokwesibonelo, umfundi weBhayibheli angase abone umzali ongayedwa owenza umzamo omkhulu wokuza eHholo LoMbuso nezingane zakhe ezincane. Angase abone othile odangele ongaphuthi emihlanganweni naphezu kokulwisana nokucindezeleka, umfelokazi osekhulile oletha ngemoto abanye asebekhulile emhlanganweni ngamunye webandla, noma osemusha ohlanganyela ekuhlanzweni kweHholo LoMbuso. Mhlawumbe umfundi weBhayibheli angase aqaphele umdala webandla ohola ngokwethembeka enkonzweni yasensimini naphezu kwemisebenzi yakhe eminingi yasebandleni. Kungenzeka afike ekhaya likaFakazi okhubazekile ongasaphumi endlini kodwa oyisikhuthazo esingokomoya kubo bonke abamvakashelayo. Noma, umfundi angase abone umbhanqwana owenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwawo ukuze unakekele abazali asebekhulile. Ngokubona amaKristu anjalo anomusa, asizayo nanokwethenjelwa, umfundi omusha ufunda ngezibonelo ukuthi kusho ukuthini ukulalela umyalo kaKristu wokuthanda uNkulunkulu nomakhelwane, ikakhulukazi labo akholwa nabo. (IzAga 24:32; Johane 13:35; Galathiya 6:10; 1 Thimothewu 5:4, 8; 1 Petru 5:2, 3) Ngale ndlela, ngalinye ilungu lebandla lobuKristu lingaba umfundisi nomqondisi—futhi kufanele libe nguye.—Mathewu 5:16.
“Kuze Kube Isiphelo Sesimiso Sezinto”
10. (a) Kuyoze kube nini senza abafundi? (b) UJesu wasibekela siphi isibonelo maqondana nokwenza lokho umuntu akuthunyiwe?
10 Kufanele sibenze kuze kube nini abafundi? Kuze kuphele inkathi yesiphelo sesimiso sezinto. (Mathewu 28:20) Ingabe sizokwazi yini ukusifeza lesi sici somsebenzi uJesu asithuma wona? Njengebandla lomhlaba wonke, sizimisele ukusifeza. Eminyakeni edlule siye sasebenzisa isikhathi sethu, amandla ethu nezimali zethu ukuze sithole labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ (IzEnzo 13:48) Kumanje oFakazi BakaJehova bachitha isilinganiso samahora angaphezu kwezigidi ezintathu usuku ngalunye beshumayela ngoMbuso futhi benza abafundi emhlabeni wonke. Senza kanjalo ngoba silandela isibonelo sikaJesu. Wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) Nathi yisifiso sethu leso. (Johane 20:21) Asifuni ukuwuqala nje kuphela lo msebenzi esiwunikeziwe; sifuna ukuwuqeda.—Mathewu 24:13; Johane 17:4.
11. Kwenzekeni kwabanye abafowethu nodadewethu abangamaKristu, futhi yini okufanele sizibuze yona?
11 Nokho, kuyasidabukisa ukuphawula ukuthi abanye esikholwa nabo sebebuthaka ngokomoya, futhi ngenxa yalokho sebehlise ijubane noma bayeka ukugcina umyalo kaKristu wokwenza abafundi. Ikhona yini indlela esingabasiza ngayo baphinde bahlanganyele nebandla futhi baqale kabusha ukwenza abafundi? (Roma 15:1; Hebheru 12:12) Indlela uJesu ásiza ngayo abaphostoli bakhe lapho bebuthaka okwesikhashana ibonisa lokho esingase sikwenze namuhla.
Bonisa Ukukhathalela
12. (a) Yini abaphostoli bakaJesu abayenza ngaphambi nje kokufa kwakhe? (b) UJesu wabaphatha kanjani abaphostoli bakhe naphezu kokuba babebonise ubuthaka obukhulu?
12 Ekupheleni kwenkonzo kaJesu yasemhlabeni, lapho ukufa kwakhe sekusondele, abaphostoli “bamshiya babaleka.” Njengoba uJesu ayebikezele, ‘bahlakazeka ngamunye waya endlini yakhe.’ (Marku 14:50; Johane 16:32) UJesu wakusingatha kanjani lokhu kuba buthaka ngokomoya kwabangane bakhe? Ngemva nje kokuvuswa kwakhe, uJesu wathi kwabanye babalandeli bakhe: “Ningesabi! Hambani niyobikela abafowethu, ukuze bahambe baye eGalile; bazongibona khona.” (Mathewu 28:10) Nakuba abaphostoli babebonise ubuthaka obukhulu, uJesu waqhubeka ebabiza ngokuthi “abafowethu.” (Mathewu 12:49) Wayengalilahlanga ithemba ngabo. Ngale ndlela, uJesu waba nomusa futhi wathethelela, njengoba nje noJehova enomusa futhi ethethelela. (2 AmaKhosi 13:23) Singamlingisa kanjani uJesu?
13. Kufanele sibabheke kanjani labo asebebuthaka ngokomoya?
13 Kufanele sibakhathalele ngokujulile labo abaye behlisa ijubane noma bayeka ukuhlanganyela enkonzweni. Sisayikhumbula imisebenzi yothando abayenza esikhathini esidlule laba esikholwa nabo—abanye babo abayenze mhlawumbe amashumi eminyaka. (Hebheru 6:10) Ngempela siyabakhumbula. (Luka 15:4-7; 1 Thesalonika 2:17) Nokho, singabonisa kanjani ukuthi siyabakhathalela?
14. Singamlingisa kanjani uJesu ekusizeni umuntu obuthaka?
14 UJesu watshela labo baphostoli ababedangele ukuthi kufanele baye eGalile nokuthi babezombona khona. Eqinisweni, uJesu wayebamemela emhlanganweni okhethekile. (Mathewu 28:10) Ngokufanayo namuhla, sikhuthaza labo ababuthaka ngokomoya ukuba beze emihlanganweni yebandla lobuKristu, futhi kungase kudingeke sibakhuthaze kaningana ukuba benze kanjalo. Kubaphostoli, saba nezithelo leso simemo, ngoba “abafundi abayishumi nanye baya eGalile entabeni lapho uJesu ayebahlelele khona.” (Mathewu 28:16) Asive sijabula lapho ababuthaka besabela ngendlela efanayo esimemweni sethu sothando futhi bephinde beqala ukuza emihlanganweni yobuKristu.—Luka 15:6.
15. Singasilandela kanjani isibonelo sikaJesu lapho samukela ababuthaka abeza emihlanganweni yethu?
15 Siyokwenze njani lapho umKristu obuthaka efika eHholo LoMbuso? UJesu yena wenze njani lapho ebona abaphostoli bakhe, abalukholo lwabo beluke lwaba buthaka okwesikhashana, besendaweni ababezohlangana kuyo? “UJesu wasondela wakhuluma nabo.” (Mathewu 28:18) Akazange abagqolozele ekude kodwa waya kubo. Cabanga nje ukuthi abaphostoli bazizwa bekhululeke kanjani lapho uJesu ethatha isinyathelo kuqala! Kwangathi nathi singathatha isinyathelo kuqala sibamukele ngemfudumalo labo ababuthaka ngokomoya abenza umzamo wokubuyela ebandleni lobuKristu.
16. (a) Yini esingayifunda endleleni uJesu abaphatha ngayo abalandeli bakhe? (b) Singaba kanjani nombono onjengokaJesu ngababuthaka? (Bheka umbhalo waphansi.)
16 Yini enye uJesu ayenza? Okokuqala, wenza isaziso: “Nginikwe lonke igunya.” Okwesibili, wabanika umsebenzi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza . . . abafundi.” Okwesithathu, wenza isithembiso: “Nginani izinsuku zonke.” Kodwa uyakuphawula yini lokho uJesu angazange akwenze? Akazange abathethise abafundi ngokwehluleka kwabo nangokungabaza kwabo. (Mathewu 28:17) Ingabe le ndlela yakhe yaphumelela? Yebo. Kungakapheli sikhathi esingakanani, abaphostoli bakhe base bebuyele emsebenzini, “befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle.” (IzEnzo 5:42) Ngokulandela isibonelo sikaJesu sendlela okufanele sibabheke ngayo futhi sibaphathe ngayo ababuthaka, singabona imiphumela ejabulisa ngendlela efanayo emabandleni esikuwo.b—IzEnzo 20:35.
“Nginani Izinsuku Zonke”
17, 18. Yini esiqinisayo emazwini kaJesu athi, “nginani izinsuku zonke”?
17 Amazwi kaJesu okugcina lapho ethuma abafundi bakhe, athi, “nginani izinsuku zonke,” aqukethe isikhuthazo kubo bonke abalwela ukugcina umyalo kaKristu wokwenza abafundi. Kungakhathaliseki ukuthi izitha ziwuphikisa kangakanani umsebenzi wethu wokushumayela ngoMbuso nokuthi zisinyundela kanjani, akudingekile sesabe. Ngani? UJesu uMholi wethu, onalo “lonke igunya ezulwini nasemhlabeni,” unathi, uyasisekela!
18 Isithembiso sikaJesu sokuthi “nginani izinsuku zonke” sisinika induduzo enkulu futhi. Njengoba sizikhandla ukuze sigcine umyalo kaKristu wokwenza abafundi, ngezinye izinsuku siyajabula kodwa futhi ngezinye siyadabuka. (2 IziKronike 6:29) Abanye bethu bafikelwa izikhathi ezilusizi lapho kufa othandekayo. (Genesise 23:2; Johane 11:33-36) Abanye babhekene nokuguga, lapho impilo iwohloka namandla ephela. (UmShumayeli 12:1-6) Abanye futhi ngezinye izikhathi bayacindezeleka. (1 Thesalonika 5:14) Kanti bayanda phakathi kwethu abathwele kanzima kakhulu ngokwezomnotho. Nokho, naphezu kobunzima obunjalo, siyaphumelela enkonzweni yethu ngoba uJesu unathi “izinsuku zonke,” nangalezo ezinzima kakhulu ekuphileni kwethu.—Mathewu 11:28-30.
19. (a) Iziphi iziyalezo eziqukethwe umyalo kaJesu wokuba kwenziwe abafundi? (b) Yini eyenza sikwazi ukufeza umsebenzi uKristu asithume wona?
19 Njengoba sibonile kulesi sihloko nakwesandulele, amazwi kaJesu asithuma ukuba senze abafundi ahlanganisa zonke izici. UJesu wasitshela ukuthi kungani kufanele siwenze lo msebenzi nokuthi kufanele siwenze kuphi. Wasitshela nokuthi yini okufanele siyifundise nokuthi kufanele sifundise kuze kube nini. Kuyiqiniso ukuthi ukugcina lo myalo omkhulu akulula. Kodwa njengoba uKristu esisekela ngegunya lakhe futhi eseceleni kwethu, singawenza! Awuvumi wena?
[Imibhalo yaphansi]
a Enye incwadi iveza ukuthi uJesu akashongo ukuthi, nibabhapathize bese niyabafundisa kodwa wathi “nibabhapathize . . . nibafundise.” Ngakho, umyalo wokuba babhapathizwe futhi bafundiswe ‘awuzona ngempela izenzo ezimbili ezilandelanayo.’ Kunalokho, “ukufundisa kuyinto eqhubekayo, eyandulela ubhapathizo ngezinga elithile . . . iphinde ilandele ubhapathizo ngezinga elithile.”
b Ukwaziswa okwengeziwe ngendlela okufanele sibabheke futhi sibasize ngayo ababuthaka kutholakala kuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, 2003, amakhasi 15-18.
-
-
“Nibafundise Ukugcina Konke Enginiyale Ngakho”INqabayokulinda—2004 | Julayi 1
-
-
a Enye incwadi iveza ukuthi uJesu akashongo ukuthi, nibabhapathize bese niyabafundisa kodwa wathi “nibabhapathize . . . nibafundise.” Ngakho, umyalo wokuba babhapathizwe futhi bafundiswe ‘awuzona ngempela izenzo ezimbili ezilandelanayo.’ Kunalokho, “ukufundisa kuyinto eqhubekayo, eyandulela ubhapathizo ngezinga elithile . . . iphinde ilandele ubhapathizo ngezinga elithile.”
-