Ababonisi Nezinceku Ezikhonzayo Bamiswa Ngokwasezulwini
“Zinakeni nina nawo wonke umhlambi, umoya ongcwele onimise phakathi kwawo ukuba nibe ababonisi.”—IZENZO 20:28.
1, 2. U-Isaya 60:22 ugcwaliseka kanjani?
KUDALA, uJehova wabikezela ukuthi kwakuyokwenzeka into emangalisayo esikhathini sokuphela. Ngomprofethi u-Isaya, kwathiwa: “Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”—Isaya 60:22.
2 Ingabe bukhona ubufakazi bokuthi lesi siprofetho siyagcwaliseka namuhla? Ngokuqinisekile! Phakathi nawo-1870, kwamiswa ibandla elilodwa labantu bakaJehova e-Allegheny, ePennsylvania, e-U.S.A. Kusukela kuleso siqalo esincane, kuye kwaqhibuka amashumi ezinkulungwane zamabandla futhi ayanda emhlabeni wonke. Izigidi zabamemezeli boMbuso—isizwe esinamandla—manje zihlanganyela emabandleni angaphezu kuka-91 000 emazweni angu-235 emhlabeni wonke. Ngokungangabazeki, lokhu kuqinisekisa ukuthi uJehova uyakusheshisa ukuqoqwa kwabakhulekeli beqiniso ngaphambi kokugqashuka ‘kosizi olukhulu,’ manje oseluseduze kakhulu.—Mathewu 24:21; IsAmbulo 7:9-14.
3. Kusho ukuthini ukubhapathizwa “egameni likaYise, neleNdodana nelomoya ongcwele”?
3 Ngemva kokuzinikezela mathupha kuJehova, ngokuvumelana neziyalezo zikaJesu, lezi zigidi zabhapathizwa “egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.” (Mathewu 28:19) Ukubhapathizwa “egameni likaYise” kusho ukuthi laba bantu abazinikezele baqaphela uJehova njengoYise wasezulwini noMniki-kuphila wabo futhi bayazithoba ebukhosini bakhe. Ukubhapathizwa ‘egameni leNdodana’ kubonisa ukuthi bayamvuma uJesu Kristu njengoMhlengi, uMholi neNkosi yabo. Bayayivuma nendima yomoya ongcwele kaNkulunkulu, noma amandla asebenzayo, ekuqondiseni ukuphila kwabo. Lokhu kubonisa ukuthi baye babhapathizwa ‘egameni lomoya ongcwele.’
4. Izikhonzi ezingamaKristu zigcotshwa kanjani?
4 Lapho bebhapathizwa, abafundi abasha bagcotshwa njengezikhonzi zikaJehova uNkulunkulu. Bagcotshwa ubani? Isimiso samazwi akweyesi-2 Korinte 3:5 siyasebenza kubo: “Ukufaneleka kwethu ngokwanele [njengezikhonzi] kuvela kuNkulunkulu.” Alukho udumo olukhulu abangalufisa kunolokugcotshwa nguJehova uNkulunkulu ngokwakhe! Ngemva kokuba bebhapathiziwe, bayoqhubeka bekhula ngokomoya njengezikhonzi ‘zezindaba ezinhle’ uma nje besakwamukela ukuhola komoya kaNkulunkulu futhi beqhubeka besebenzisa iZwi lakhe.—Mathewu 24:14; IzEnzo 9:31.
Ukumiswa Ngokwasezulwini—Hhayi Ngentando Yeningi
5. Ingabe ababonisi abangamaKristu nezinceku ezikhonzayo bakhethwa ngentando yeningi? Chaza.
5 Ukwengamela ngendlela evuthiwe kwababonisi abafanelekayo nosizo lwezinceku ezikhonzayo kuyadingeka ukuze kunakekelwe izidingo ezingokomoya zenani elandayo lezikhonzi ezikhuthele. (Filipi 1:1) Amadoda angokomoya njengalawo amiswa kanjani? Hhayi ngezindlela ezifana nalezo ezisetshenziswa kweLobukholwa. Ngokwesibonelo, ababonisi abangamaKristu abakhethwa ngentando yeningi, okungukuthi, ngokuvotelwa yiningi labantu abasebandleni. Kunalokho, bamiswa ngokwasezulwini. Kusho ukuthini lokho?
6. (a) Kuyini ukubusa okungokwasezulwini kwangempela? (b) Kungani ukumiswa kwababonisi nezinceku ezikhonzayo kungokwasezulwini?
6 Kalula nje, ukubusa okungokwasezulwini kwangempela kuwukubusa kukaNkulunkulu. OFakazi BakaJehova bazithoba ngokuzithandela ekubuseni kwakhe futhi babambisane ukuze benze intando yaphezulu. (IHubo 143:10; Mathewu 6:9, 10) Ukumiswa kwababonisi abangamaKristu, noma abadala, nezinceku ezikhonzayo kungokwasezulwini ngoba inqubo yokutuswa nokumiswa kwamadoda anjalo anokwethenjelwa yenziwa ngokuvumelana nelungiselelo likaNkulunkulu elivezwe emiBhalweni Engcwele. Yebo, ‘njengenhloko phezu kwakho konke,’ uJehova unelungelo lokunquma indlela inhlangano yakhe ebonakalayo okufanele isebenze ngayo.—1 IziKronike 29:11; IHubo 97:9.
7. OFakazi BakaJehova baholwa kanjani?
7 Ngokungafani namaqembu amaningi enkolo kweLobukholwa, oFakazi BakaJehova abazinqumeli uhlobo lokuhola okungokomoya abasebenza ngaphansi kwalo. La maKristu aqotho azama ukunamathela ezindinganisweni zikaJehova. Ababonisi abaphakathi kwawo ababekwa ezikhundleni ngohlobo oluthile lokubusa kwesonto, okwebandla noma okwabaphathi besonto. Uma abathile ezweni befuna ukugxambukela ekumisweni kwalaba, abantu bakaJehova bayenqaba ukuhlehla ezimisweni. Ngobuqotho, balondoloza isimo esavezwa kahle abaphostoli ekhulwini lokuqala lapho bethi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” (IzEnzo 5:29) Ngaleyo ndlela, oFakazi bazithoba kuNkulunkulu kuzo zonke izinto. (Heberu 12:9; Jakobe 4:7) Ukulandela inqubo engokwasezulwini kuletha ukwamukelwa kwaphezulu.
8. Uyini umehluko phakathi kwenqubo yentando yeningi nenqubo engokwasezulwini?
8 Njengezinceku zoMbusi Ongokwasezulwini Omkhulu, uJehova, senza kahle ngokukhumbula umahluko phakathi kwezinqubo zentando yeningi nezingokwasezulwini. Izinqubo zentando yeningi zifuna ukuba kumelelwe zonke izigaba zabantu ngokulinganayo okhethweni futhi zivamé ukuhambisana nokukhankaselwa kwezikhundla nokukhethwa ngokuvotelwa yiningi. Izinqubo ezinjalo azisetshenziswa ekumisweni okungokwasezulwini. Lokhu akuveli kubantu; futhi akwenziwa yinhlangano ethile engokomthetho. Ngokusobala, ebhekisele ekumisweni kwakhe nguJesu noJehova ‘njengomphostoli ezizweni,’ uPawulu watshela abaseGalathiya ukuthi wayengamiswanga ‘ngokuvela kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu nangoNkulunkulu uYise, owamvusa kwabafileyo.’—Roma 11:13; Galathiya 1:1.
Bamiswa Ngumoya Ongcwele
9. Zithini izEnzo 20:28 ngokumiswa kwababonisi abangamaKristu?
9 UPawulu wakhumbuza ababonisi ababehlala e-Efesu ukuthi babemiswe nguNkulunkulu ngumoya ongcwele. Wathi: “Zinakeni nina nawo wonke umhlambi, umoya ongcwele onimise phakathi kwawo ukuba nibe ababonisi, ukuze neluse ibandla likaNkulunkulu, alithenga ngegazi leNdodana yakhe siqu.” (IzEnzo 20:28) Labo babonisi abangamaKristu kwakudingeka baqhubeke beholwa ngumoya ongcwele njengoba befeza imisebenzi yabo njengabelusi bomhlambi kaNkulunkulu. Uma indoda eyayibekwe esikhundleni esithile ingasahlangabezani nendinganiso yaphezulu, ngokuhamba kwesikhathi umoya ongcwele wawuyosebenza ukuze uyisuse esikhundleni ekuso.
10. Kwenzeka kanjani ukuba umoya ongcwele ufeze indima ebalulekile ekumisweni kwabantu ngokwasezulwini?
10 Kwenzeka kanjani ukuba umoya ongcwele ufeze indima ebalulekile? Okokuqala, ukulandisa okunikeza izimfuneko zababonisi abangokomoya kwaphefumulelwa ngumoya ongcwele. Ezincwadini azibhalela uThimothewu noThithu, uPawulu wabala izindinganiso okufanele zifinyelelwe ababonisi nezinceku ezikhonzayo. Waphawula izimfuneko ezingaba ngu-16 sezizonke. Ngokwesibonelo, ababonisi kwakufanele babe abangasoleki, abalinganiselayo emikhubeni, abahluzekile engqondweni, abahlelekile, abangenisa izihambi, abafanelekela ukufundisa nabayizibonelo njengezinhloko zemikhaya. Kwakufanele babe abalinganiselayo ekusebenziseni utshwala, bangabi abathandi bemali futhi babonise ukuzithiba. Ngokufanayo, amadoda azama ukufinyelela ukumiswa njengezinceku ezikhonzayo abekelwa izindinganiso ezifanayo eziphakeme.—1 Thimothewu 3:1-10, 12, 13; Thithu 1:5-9.
11. Yiziphi ezinye zezimfanelo amadoda azama ukufinyelela umthwalo wemfanelo webandla okumelwe ahlangabezane nazo?
11 Ukubukeza lezi zimfanelo kubonisa ukuthi labo abaholayo ekukhulekeleni uJehova kumelwe babe yizibonelo ekuziphatheni kobuKristu. Kumelwe kube nobufakazi bokuthi umoya ongcwele uyasebenza emadodeni azama ukufinyelela imithwalo yemfanelo yebandla. (2 Thimothewu 1:14) Kumelwe kubonakale ukuthi umoya kaNkulunkulu uveza kula madoda izithelo ‘eziwuthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.’ (Galathiya 5:22, 23) Izithelo ezinjalo ziyobonakala endleleni asebenzelana ngayo nakholwa nabo kanye nabanye. Yiqiniso, amanye angase avelele ekuboniseni izithelo ezithile zomoya, kanti amanye angase ahlangabezane nezinye izimfanelo zababonisi ngezinga eliphakeme. Nokho, endleleni yabo yokuphila iyonke, bonke abanethemba lokumiswa njengababonisi noma izinceku ezikhonzayo kufanele babonise ukuthi bangamadoda angokomoya, afinyelela izimfuneko zeZwi likaNkulunkulu.
12. Obani okungathiwa bamiswe ngumoya ongcwele?
12 Lapho uPawulu enxusa abanye ukuba babe ngabalingisi bakhe, wayengenza kanjalo ngokukhululeka ngoba yena ngokwakhe wayelingisa uJesu Kristu, ‘owasishiyela isibonelo sokuba silandele izinyathelo zakhe eduze.’ (1 Petru 2:21; 1 Korinte 11:1) Ngakho labo abahlangabezana nezimfuneko ezingokomBhalo ngesikhathi bemiswa njengababonisi noma izinceku ezikhonzayo kungashiwo ukuthi bamiswe ngumoya ongcwele.
13. Umoya ongcwele ubasiza kanjani labo abatusa amadoda ukuba akhonze ebandleni?
13 Kunesinye futhi isici esibonisa indlela umoya ongcwele osebenza ngayo ekutusweni nasekumisweni kwababonisi. UJesu wathi ‘uBaba osezulwini unika umoya ongcwele kulabo abamcelayo.’ (Luka 11:13) Ngakho lapho abadala ebandleni behlangana ukuze batuse amadoda athile ukuba asingathe imithwalo yemfanelo yebandla, athandazela umoya kaNkulunkulu ukuba uwaqondise. Asekela ukutusa kwawo kulokho okushiwo eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe, futhi umoya ongcwele uwenza akwazi ukubona ukuthi umuntu okucatshangelwa ukuba amiswe uyahlangabezana yini nezimfuneko ezingokomBhalo. Labo abatusayo akufanele bathonywe ngokungadingekile ukubukeka komuntu, imfundo noma amakhono emvelo. Kumelwe bagxile ngokuyinhloko ekutheni lowo muntu ungumuntu ongokomoya yini, umuntu amalungu ebandla angeke angabaze ukuya kuye ukuze athole iseluleko esingokomoya.
14. Sifundani kuzEnzo 6:1-3?
14 Nakuba izindikimba zabadala zihlanganyela nababonisi abajikelezayo ekutuseni abazalwane ukuba bakhonze njengabadala nezinceku ezikhonzayo, ukumiswa ngokwako kwenziwa ngokuvumelana nesibonelo esabekwa ekhulwini lokuqala. Ngesinye isikhathi, kwaba nesidingo sokuba amadoda afanelekayo ngokomoya anakekele isabelo esibalulekile. Indikimba ebusayo yanikeza isiqondiso esilandelayo: “Zifuneleni amadoda ayisikhombisa afakazelwayo phakathi kwenu, agcwele umoya nokuhlakanipha, ukuze siwamise phezu kwalomsebenzi odingekile.” (IzEnzo 6:1-3) Nakuba ukutusa kwakwenziwa amadoda ayesibona ngokoqobo isimo, ukumiswa kwakwenziwa amadoda analowo mthwalo wemfanelo lé eJerusalema. Namuhla kulandelwa isibonelo esifanayo.
15. INdikimba Ebusayo ihileleka kanjani endabeni yokumisa amadoda?
15 Wonke amalungu amaKomiti Amagatsha amiswa ngokuqondile yiNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Lapho inquma ukuthi obani abangamukela umthwalo wemfanelo osinda njengalona, iNdikimba Ebusayo icabanga ngamazwi kaJesu: “Wonke umuntu owanikwa okuningi, kuyofunwa ngenkani okuningi kuye; futhi lowo abantu abamphathisa okukhulu, bayofuna okungaphezu kokujwayelekile kuye.” (Luka 12:48) Ngaphezu kokumisa amalungu amaKomiti Amagatsha, iNdikimba Ebusayo imisa abadala baseBethel nababonisi abajikelezayo. Nokho, iphathisa abazalwane abanokwethenjelwa ukuba bayimelele ekumiseni abanye. Nalokhu kunesibonelo esingokomBhalo.
‘Misa Amadoda Amadala Njengoba Ngakuyala’
16. Kungani uPawulu ashiya uThithu eKrethe, futhi lokhu kubonisani mayelana nokumiswa okungokwasezulwini namuhla?
16 UPawulu watshela isisebenzi esikanye naye, uThithu: “Ngenxa yalesisizathu ngakushiya eKrethe, ukuze ulungise izinto ezazinephutha futhi umise amadoda amadala emzini ngomuzi, njengoba ngakuyala.” (Thithu 1:5) UPawulu wabe esenikeza izimfanelo okwakufanele uThithu azibheke emadodeni ayeyofanelekela lokho kumiswa. Ngakho, namuhla iNdikimba Ebusayo imisa abazalwane abafanelekayo emagatsheni ukuba bayimelele ekumiseni abadala nezinceku ezikhonzayo. Kuyacophelelwa ukuthi labo abamelela iNdikimba Ebusayo baziqonda ngokucacile futhi bazilandele iziqondiso ezingokomBhalo zokumisa abafanelekayo. Ngakho, ukumiswa kwamadoda afanelekayo ukuba akhonze emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke kwenziwa ngaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo.
17. Ihhovisi legatsha likusingatha kanjani ukutusa kokumiswa kwababonisi nezinceku ezikhonzayo?
17 Lapho kuthunyelwa ukutusa kokumiswa kwababonisi nezinceku ezikhonzayo ehhovisi legatsha le-Watch Tower Society, amadoda anokuhlangenwe nakho ancika emoyeni kaNkulunkulu ukuba uwaqondise ekumiseni laba. La madoda anomuzwa wokuthi ayolandisa, eqaphela ukuthi akumelwe abeke izandla ngokuxhamazela kunoma ubani, funa ahlanganyele ezonweni zakhe.—1 Thimothewu 5:22.
18, 19. (a) Okunye ukumiswa kudluliselwa kanjani? (b) Inqubo yonke yokutusa nokumisa abafanelekayo yenziwa kanjani?
18 Okunye ukumiswa kungase kudluliselwe ngencwadi enesigxivizo senhlangano engokomthetho. Incwadi enjalo ingase isetshenziselwe ukumisa abazalwane abaningana ebandleni.
19 Ukumiswa okungokwasezulwini kuvela kuJehova ngeNdodana yakhe nomzila kaNkulunkulu obonakalayo emhlabeni, “isigqila esikholekile nesiqondayo” neNdikimba yaso Ebusayo. (Mathewu 24:45-47) Yonke inqubo yalokho kutuswa nokumiswa iqondiswa umoya ongcwele. Lokhu kunjalo ngoba izimfanelo zihlelwé eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe ngumoya ongcwele, futhi umuntu omiswayo ubonisa ubufakazi bokukhiqiza izithelo zalowo moya. Ngakho-ke, ukumiswa kwalaba kumelwe kubhekwe njengokwenziwa ngomoya ongcwele. Njengoba nje ababonisi nezinceku ezikhonzayo babemiswa ngokwasezulwini ekhulwini lokuqala, kunjalo nanamuhla.
Siyabonga Ngesiqondiso SikaJehova
20. Kungani sinemizwa enjengekaDavide elotshwe kumaHubo 133:1?
20 Kulesi sikhathi sokuchuma okungokomoya nokwanda okungokwasezulwini emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, siyabonga ngokuthi nguJehova ngokuyinhloko onomthwalo wokumisa ababonisi nezinceku ezikhonzayo. Leli lungiselelo elingokomBhalo lisiza ekulondolozeni izindinganiso zikaNkulunkulu eziphakeme zokulunga phakathi kwethu njengoFakazi BakaJehova. Ngaphezu kwalokho, umoya wobuKristu nemizamo eqotho yala madoda kunengxenye enkulu ekuthuleni nasebunyeni bethu obumangalisayo njengezinceku zikaJehova. Ngakho-ke, njengomhubi uDavide sishukumiseleka ukuba sibabaze: “Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye”!—IHubo 133:1.
21. U-Isaya 60:17 ugcwaliseka kanjani namuhla?
21 Yeka indlela esibonga ngayo ngesiqondiso sikaJehova ngeZwi lakhe nomoya wakhe ongcwele! Futhi aqinisile ngempela amazwi alotshwe ku-Isaya 60:17: “Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide, nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva; esikhundleni somuthi ithusi, nasesikhundleni samatshe insimbi, ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho, nokulunga kube ngababusi bakho.” Njengoba izinqubo ezingokwasezulwini ziye zasetshenziswa ngokugcwele ngokuqhubekayo phakathi koFakazi BakaJehova, siye saba nalezi zimo ezibusisekile kuyo yonke inhlangano kaNkulunkulu yasemhlabeni.
22. Yini esibonga ngayo kufanele, futhi kufanele sizimisele ukwenzani?
22 Sibonga kakhulu ngamalungiselelo angokwasezulwini akhona phakathi kwethu. Futhi siwazisa kakhulu umsebenzi onzima kodwa futhi owanelisayo owenziwa ababonisi abamiswe ngokwasezulwini kanye nezinceku ezikhonzayo. Simdumisa ngenhliziyo yonke uBaba wethu osezulwini onothando, osinike ukuchuma okungokomoya futhi wasibusisa ngokucebe kangaka. (IzAga 10:22) Ngakho-ke, masizimisele ukuhlale sihambisana nenhlangano kaJehova. Ngaphezu kwakho konke, masiqhubeke sikhonza ndawonye ngobunye, kube udumo nenkazimulo egameni likaJehova elikhulu nelingcwele.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani singase sithi ukumiswa kwababonisi nezinceku ezikhonzayo kungokwasezulwini, akukhona okwentando yeningi?
• Amadoda angamaKristu anokwethenjelwa amiswa kanjani ngumoya ongcwele?
• INdikimba Ebusayo ihileleke kanjani ekumisweni kwababonisi nezinceku ezikhonzayo?
• Mayelana nokumiswa okungokwasezulwini, kungani kufanele simbonge uJehova?
[Izithombe ekhasini 15]
Abadala nezinceku ezikhonzayo banelungelo lokukhonza bemiswé ngokwasezulwini