Umbono WeBhayibheli
Ingabe AmaKristu Eqiniso Angalindela Isivikelo Saphezulu?
NGEMVA kokuthandaza, amaKristu ahamba ngamaloli ayelandelana endaweni ekhungethwe impi lapho ayengase abulawe khona, ehambisela izikhonzi ezikanye nawo izinto zosizo. Adlula ngokuphephile, okuyinto eyamangaza amabutho empi ayelwa. Ingabe ingelosi kaNkulunkulu yawavikela?
Umbhangqwana ongamaKristu owawusube izikhonzi iminyaka eminingi washona lapho indiza iphahlazeka phansi endaweni owawushumayela kuyo endlini ngendlu. Kungani ingelosi kaNkulunkulu ingazange iqondise lombhangqwana noma indiza kwenye indawo ngawo kanye lowo mzuzwana?—Qhathanisa nezEnzo 8:26.
Uma kuqhathaniswa lezi zenzakalo, singase sibuze: Kungani amanye amaKristu efa ngesikhathi enza intando kaNkulunkulu, kuyilapho amanye, ngokuvamile ezimweni eziyingozi kakhulu, esinda? Ingabe amaKristu angalindela isivikelo saphezulu, ikakhulukazi kulezi ‘zinsuku zokugcina’ ezibucayi?—2 Thimothewu 3:1.
Injongo Yesivikelo Saphezulu
UJehova uNkulunkulu uye wathembisa ukubusisa nokuvikela abantu bakhe. (Eksodusi 19:3-6; Isaya 54:17) Wenza kanjalo ngokuphawulekayo ekhulwini lokuqala, lapho ibandla lobuKristu liselincane. Kwaba nezimangaliso eziningi zalo lonke uhlobo. UJesu wandisa ukudla ukuze ondle izinkulungwane; yena nabalandeli bakhe belapha zonke izinhlobo zezifo nobuthakathaka, baxosha imimoya enamandla angaphezu kwawabantu kulabo ababengenwe amademoni, bavusa ngisho nabafileyo. Ngaphansi kwesiqondiso saphezulu leli bandla elalisafufusa lakhula futhi lama liqinile. Nokho, naphezu kwakho konke ukusekela kukaNkulunkulu okusobala, amaKristu amaningi athembekile abhekana nalokho okungase kubizwe ngokuthi ukufa kwangaphambi kwesikhathi.—Qhathanisa neHubo 90:10.
Cabangela isimo sikaJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu. Bekhethwe njengabaphostoli, bona, kanye noPetru, babephakathi kwabangane abaseduze kakhulu bakaKristu.a Kodwa uJakobe wabulawa njengomfel’ ukholo ngonyaka ka-44 C.E., kuyilapho umfowabo uJohane aphila kwaze kwaba sekupheleni kwekhulu lokuqala. Ngokusobala bobabili babenza intando kaNkulunkulu. Kungani uJakobe ayekwa wafa, kuyilapho uJohane aqhubeka ephila?
UNkulunkulu uMninimandla onke ngokuqinisekile wayenamandla okusindisa ukuphila kukaJakobe. Empeleni, ngemva nje kokubulawa kukaJakobe njengomfel’ukholo, uPetru wasindiswa ekufeni ingelosi kaJehova. Kungani ingelosi ingazange imsindise uJakobe?—IzEnzo 12:1-11.
Basetshenziswa Ekufezweni Kwenjongo KaNkulunkulu
Ukuze siqonde ukuthi kungani kunikezwa isivikelo saphezulu, kumelwe siqonde ukuthi asinikezwa nje ukuze abantu abathile baphile isikhathi esithé xaxa kodwa ukuze kuvikelwe okuthile okubaluleke nakakhulu, ukufezwa kwenjongo kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ukusinda kwebandla lobuKristu lilonke kuqinisekisiwe ngoba kuhlangene ngokuseduze nokufezwa kwaleyo njongo. Nokho, uKristu wabatshela ngokucacile abafundi bakhe ukuthi bona ngabanye babengase babhekane nokufa ngenxa yokholo lwabo. Ngemva kokusho lokhu, uJesu akazange nje agcizelele ukusindiswa ngokuyisimangaliso, kodwa ‘ukukhuthazela kuze kube sekupheleni.’ (Mathewu 24:9, 13) Iqiniso lokuthi abantu abathile bavikelwa, kuyilapho abanye bengazange bavikelwe, alibonisi ukuthi uNkulunkulu uyakhetha. UNkulunkulu wamane nje wasebenzisa abantu ababesesimweni esingcono kakhulu sokufeza injongo yakhe, ekugcineni eyozuzisa sonke isintu.
Njengoba ukufa ngaphambi kwesikhathi enkonzweni kaNkulunkulu kuyinto engase yenzeke ngokoqobo, amaKristu kufanele abe nesimo sengqondo esilinganiselayo esinjengesamaHeberu amathathu athembekile ayesethole isigwebo sokufa ngenxa yokukhulekela uNkulunkulu. Atshela inkosi yaseBabiloni: “Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi. Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe-nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, singakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”—Daniyeli 3:17, 18.
UJehova walondoloza ukuphila kukaPetru noJohane ngenxa yendima yabo eyinhloko ekufezweni kwenjongo yakhe. UPetru wasetshenziswa ‘ekuqiniseni’ ibandla ngokwenza umsebenzi wokwalusa, owawuhlanganisa nokubhala izincwadi ezimbili zeBhayibheli eziphefumulelwe. (Luka 22:32) UJohane wabhala izincwadi zeBhayibheli ezinhlanu futhi ‘wayeyinsika’ ebandleni lokuqala.—Galathiya 2:9; Johane 21:15-23.
Ukuthi uJehova ukunquma kanjani ngokuqondile ukuthi kunini nokuthi kungayiphi indlela azongenela ngayo ekuphileni kwezinceku zakhe, akunakwenzeka ukuba kwaziwe kusengaphambili. Ukuphela kwento engashiwo ngokuqiniseka ukuthi uKristu wathembisa ukuthi wayezoba nabalandeli bakhe “izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 28:20) Ikakhulukazi, uzoba ‘nathi’ ngokuqondisa kwezingelosi umsebenzi wokushumayela. (Mathewu 13:36-43; IsAmbulo 14:6) Ngaphandle kwalezi zinkomba ezibanzi, asinakukwazi kusengaphambili ukuthi usizo lwaphezulu luzobonakaliswa kanjani ngokuqondile noma ukuthi ubani ongase amukele isivikelo saphezulu. Kuthiwani uma umKristu enomuzwa wokuthi uye wathola isivikelo nesiqondiso sikaNkulunkulu? Njengoba lokhu kungenakufakazelwa noma kuphikiswe ngokuwujuqu, akekho okufanele ahlulele amazwi ashiwo ngobuqotho alowo muntu.
Ingabe UNkulunkulu Akanalo Uzwela?
Ingabe iqiniso lokuthi uNkulunkulu uvumela ukufa kwamaKristu libonisa ukuthi ngandlela-thile akanalo uzwela? Lutho neze. (UmShumayeli 9:11) UJehova akasebenzeli ukulondoloza ukuphila kwethu iminyaka embalwa nje kuphela noma ngisho amashumi eminyaka kodwa ngokungunaphakade. Esendaweni yakhe ephakeme, uqondisa izenzakalo ngenxa yenhlala-kahle engunaphakade yomuntu ngamunye omthandayo noma oza kuye. (Qhathanisa noMathewu 18:14.) Ukugcwaliseka kwenjongo yakhe kuyosho ukususwa ngokuphelele kwanoma yini eye yasihlupha kulesi simiso sezinto—ngisho nokufa. Izenzo zikaNkulunkulu ziyinkimbinkimbi futhi ziphelele kangangokuthi umphostoli uPawulu washukunyiselwa ukuba ababaze: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi zingezingaphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi zingezingenakuthungathwa kanjani izindlela zakhe!”—Roma 11:33.
Njengoba kungekho okungasihlukanisa nothando lukaNkulunkulu, umbuzo okufanele umKristu ngamunye awubuze akukhona ukuthi ‘Ingabe ngizosithola yini isivikelo saphezulu?’ kodwa ukuthi ‘Ingabe nginaso yini isibusiso sikaJehova?’ Uma sinaso, uzosinika ukuphila okungunaphakade—kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani kithi kulesi simiso sezinto. Lapho kuqhathaniswa nobungunaphakade bokuphila okuphelele, noma yikuphi ukuhlupheka—ngisho nokufa—kulesi simiso kuzobonakala ‘kungokomzuzwana futhi kulula.’—2 Korinte 4:17.
[Umbhalo waphansi]
a UPetru, uJakobe, noJohane bazibonela ngawabo ukuguqulwa kwesimo kukaJesu (Marku 9:2) nokuvuswa kwendodakazi kaJayiru (Marku 5:22-24, 35-42); babeseduze eNsimini yaseGetsemane phakathi nokulingwa kwakhe siqu uJesu (Marku 14:32-42); futhi bona, kanye no-Andreya, babuza uJesu ngokubhujiswa kweJerusalema, ukuba khona kwakhe kwesikhathi esizayo, nangesiphelo sesimiso sezinto.—Mathewu 24:3; Marku 13:1-3.