Ngoba Wathandaza
KWEYOKU-1 Thesalonika 5:17, 18, umphostoli uPawulu wathi: “Khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.” Nokho, ingabe ngesinye isikhathi uzithola unqikaza ukubonga lapho udla endaweni yomphakathi? Ngokucabangela isixwayiso sikaJesu sokugwema umthandazo owenzelwa ukubukisa, kuyaqondakala ukuthi umuntu angase athande ukugwema ukwenza ukuba aqashelwe ngokungadingekile. (Mathewu 6:5, 6) Nokho, umthandazo owenziwa ngesizotha ungaholela ekusabeleni okuhle.
Lokhu kwakungokuhlangenwe nakho kwesikhonzi esisesisha esikhonza eBethel yaseBrooklyn, indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. Sasidla ukudla kwasekuseni endaweni yomphakathi yokudlela, sizoya ebandleni esihlanganyela kulo ukuze sihlangane neqembu elalizohlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Lapho ukudla kwaso kufika, sathandaza ngendlela yaso evamile. Lapho sivula amehlo, sabona intokazi ewuweta imi imgqolozele.
Yabuza: “Uyathandaza, akunjalo?” Lapho sivuma, yathi: “Kumelwe ukuba ungomunye woFakazi BakaJehova. Nabazali bami bayibo. Angikaze ngihileleke ngempela enkolweni yabo, kodwa ngiyazi ukuthi kufanele ngihileleke. Mhlawumbe kufanele ngithole isikhokhelo seNqabayokulinda nesePhaphama! Ingabe ngingazithola kuwe?”
“Ngacishe ngabindwa ukudla,” kukhumbula lomzalwane osemusha. Nokho, wakwazi ukuhambisa izikhokhelo ezimbili nomagazini ababili bamuva kulentokazi futhi wahlela ukuphindela—ngenxa nje yokuthi wathandaza.