UJehova UnguNkulunkulu Onokwazisa
“UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.”—HEBHERU 6:10.
1. UJehova wabonisa kanjani ukuthi uyamazisa uRuthe, umMowabikazi?
UJEHOVA uyazisa kakhulu imizamo yalabo abafuna ngobuqotho ukwenza intando yakhe, futhi uyivuza ngokucebile. (Hebheru 11:6) Indoda ethembekile uBhowazi yayisazi lesi sici esihle sobuntu bukaNkulunkulu, ngoba yathi kuRuthe, umMowabikazi, owabonisa uthando wanakekela uninazala owayengumfelokazi: “Kwangathi uJehova angayivuza indlela owenza ngayo, futhi kwangathi ungaba nenkokhelo ephelele evela kuJehova.” (Ruthe 2:12) Ingabe uNkulunkulu wambusisa uRuthe? Akubuzwa! Nakhu indaba yakhe ilotshiwe eBhayibhelini! Ngaphezu kwalokho, uRuthe washada noBhowazi futhi waba ukhokho weNkosi uDavide nokaJesu Kristu. (Ruthe 4:13, 17; Mathewu 1:5, 6, 16) Lesi isibonelo esisodwa nje kweziningi eziseBhayibhelini ezibonisa indlela uJehova azazisa ngayo izinceku zakhe.
2, 3. (a) Yini eyenza iphawuleke indlela uJehova abonisa ngayo ukwazisa? (b) Kungani uJehova ekwazi ukubonisa ukwazisa kweqiniso? Fanekisa.
2 UJehova angakubheka njengesenzo esiwukungalungi uma engayeka ukubonisa ukwazisa. AmaHebheru 6:10 athi: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nabakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza.” Okwenza le nkulumo iphawuleke ukuthi uNkulunkulu wazisa abantu abazinikele kuye nakuba beyizoni futhi besilela enkazimulweni yakhe.—Roma 3:23.
3 Ngenxa yokungapheleli kwethu, singase sibe nomuzwa wokuthi izenzo zethu zokuhlonipha uNkulunkulu azilutho futhi azisifanelekeli isibusiso sakhe. Nokho, uJehova uziqonda ngokugcwele izisusa nezimo zethu futhi uyazisa ngempela inkonzo yethu yomphefumulo wonke. (Mathewu 22:37) Asifanekise kanje: Umama othile uthola isipho—umgexo oshibhile—phezu kwetafula lakhe. Angasibheka njengesingelutho asichilizele le. Nokho, ikhadi elihambisana naso libonisa ukuthi usithengelwe intombazanyana yakhe ngemadlana ebizibekelele yona. Lo mama usesibheka ngamanye amehlo lesi sipho. Mhlawumbe egcwele izinyembezi emehlweni, ugona ingane yakhe futhi uyitshela ukuthi usazisa kakhulu isipho sayo.
4, 5. UJesu wamlingisa kanjani uJehova ekuboniseni ukwazisa?
4 Njengoba ezazi ngokuphelele izisusa nokulinganiselwa kwethu, uJehova uyazisa lapho simnika konke okusemandleni ethu, kungakhathaliseki ukuthi kuncane noma kukhulu. Kulesi sici, uJesu wamlingisa ngokuphelele uYise. Khumbula ukulandisa kweBhayibheli ngomnikelo omncane womfelokazi. “Njengoba [uJesu] ephakamisa amehlo wabona abacebile bephonsa izipho zabo emabhokisini omnikelo. Khona-ke wabona umfelokazi othile oswele ephonsa lapho izinhlamvu zemali ezimbili ezincane ezinenani elincane kakhulu, wathi: ‘Nginitshela iqiniso, Lo mfelokazi, nakuba empofu, uphonse okungaphezu kokuphonswe yibo bonke. Ngoba bonke laba baphonse izipho ezivela enaleni yabo, kodwa lona wesifazane ekusweleni kwakhe uphonse konke abenakho abeziphilisa ngakho.’”—Luka 21:1-4.
5 Yebo, njengoba uJesu ayezazi izimo zalona wesifazane—ukuthi ungumfelokazi nokuthi umpofu—waqonda ukuthi isipho sakhe sasibaluleke kangakanani ngempela, futhi wasazisa kakhulu. Kungashiwo okufanayo nangoJehova. (Johane 14:9) Akukhuthazi yini ukwazi ukuthi kungakhathaliseki ukuthi izimo zakho ziyini, ungathola umusa emehlweni kaNkulunkulu wethu onokwazisa naweNdodana yakhe?
UJehova Uvuza UmTopiya Omesabayo
6, 7. Kungani uJehova amazisa u-Ebhedi-meleki, futhi wakubonisa kanjani lokho?
6 ImiBhalo ikubonisa ngokuphindaphindiwe ukuthi uJehova uyabazisa abantu abenza intando yakhe. Cabanga ngendlela asebenzelana ngayo no-Ebhedi-meleki, umTopiya owesaba uNkulunkulu, owayephila ngesikhathi sikaJeremiya futhi eyinceku yendlu yenkosi yakwaJuda engathembekile, uZedekiya. U-Ebhedi-meleki wezwa ukuthi izikhulu zakwaJuda zazibhece umprofethi uJeremiya ngecala lokuvukela zase zimphonsa emthonjeni, zamncisha ukudla ukuze afele lapho. (Jeremiya 38:1-7) U-Ebhedi-meleki wafaka ukuphila kwakhe siqu engozini wayomnxusela enkosini, azi ukuthi uJeremiya wayezondwa impela ngenxa yesigijimi ayesishumayela. Ngesibindi, umTopiya wathi: “O nkosi yami nkosi, la madoda enzé into embi kukho konke akwenzile kuJeremiya umprofethi, amphonsé emthonjeni, kangangokuba uzofa lapho ekhona ngenxa yendlala.” Eyalwe inkosi, u-Ebhedi-meleki wathatha amadoda angu-30 wamophula umprofethi kaNkulunkulu.—Jeremiya 38:8-13.
7 UJehova wabona ukuthi u-Ebhedi-meleki wayeshukunyiswe ukholo, olwamsiza ukuba anqobe noma ikuphi ukwesaba okungenzeka ukuthi wayenakho. Ngakho, esebenzisa uJeremiya, uJehova wabonisa ukuthi wayekwazisa lokho ayekwenzile, wathi ku-Ebhedi-meleki: “Bheka ngenza agcwaliseke amazwi ami phezu kwalo muzi kube yinhlekelele hhayi okuhle . . . Ngiyokukhulula ngalolo suku, . . . ngeke unikelwe esandleni samadoda owesabayo. Ngoba nakanjani ngiyokunika ukuphunyuka . . . ; ngokuqinisekile umphefumulo wakho uyoba yimpango yakho, ngoba uthembele kimi.” (Jeremiya 39:16-18) Yebo, uJehova wakhulula u-Ebhedi-meleki kanye noJeremiya ezikhulwini zakwaJuda ezikhohlakele kamuva wabakhulula kwabaseBhabhiloni abacekela phansi iJerusalema. IHubo 97:10 lithi: “[UJehova] uqapha imiphefumulo yabaqotho bakhe; uyabakhulula esandleni sababi.”
“UYihlo Obukele Esekusithekeni Uyokubuyisela”
8, 9. Njengoba uJesu abonisa, uJehova wazisa imithandazo enjani?
8 Obunye ubufakazi bokuthi uJehova uyawazisa amazwi ethu okuzinikela kokumhlonipha bungabonakala kulokho iBhayibheli elikushoyo ngomthandazo. Indoda ehlakaniphile yathi: “Umthandazo wabaqotho uyamjabulisa [uNkulunkulu].” (IzAga 15:8) Osukwini lukaJesu abaholi benkolo abaningi babethandaza obala, hhayi ngoba beshukunyiswa ukuzinikela kwabo okuqotho, kodwa ngoba befuna ukudonsa amehlo abantu. UJesu wathi: “Umvuzo wabo sebewuthola ngokugcwele.” Wayala abalandeli bakhe: “Nokho, wena, lapho uthandaza, ngena ekamelweni lakho, futhi ngemva kokuvala umnyango, uthandaze kuYihlo osekusithekeni; khona-ke uYihlo obukele esekusithekeni uyokubuyisela.”—Mathewu 6:5, 6.
9 Yiqiniso, uJesu wayengasho ukuthi kubi ukuthandaza eningini, ngoba kwayena wathandaza obala ngezikhathi ezithile. (Luka 9:16) UJehova uwazisa kakhulu umthandazo osuka enhliziyweni eqotho, esiwenza singahlose kuhlaba abanye umxhwele. Empeleni, imithandazo yethu yangasese iyisibonakaliso esihle sokujula kothando nokuthembela kwethu kuNkulunkulu. Ngakho, akumangalisi ukuthi ngokuvamile uJesu wayefuna izindawo ezingenabantu ukuze athandaze. Ngesinye isikhathi wakwenza lokhu “ekuseni kakhulu, kusemnyama.” Ngesinye isikhathi “wakhuphukela entabeni eyedwa ukuze ayothandaza.” Ngaphambi kokuba akhethe abaphostoli bakhe abangu-12, uJesu wachitha ubusuku bonke eyedwa ethandaza.—Marku 1:35; Mathewu 14:23; Luka 6:12, 13.
10. Lapho imithandazo yethu ibonisa ubuqotho nomuzwa ojulile, singaqiniseka ngani?
10 Cabanga indlela okumelwe ukuba uJehova wawalalelisisa ngayo amazwi eNdodana yakhe aphuma enhliziyweni! Ngempela ngezinye izikhathi uJesu wathandaza “ngokukhala okukhulu nangezinyembezi, futhi wazwiwa ngomusa ngenxa yokwesaba kwakhe kokuhlonipha uNkulunkulu.” (Hebheru 5:7; Luka 22:41-44) Lapho imithandazo yethu ibonisa ubuqotho obunjalo nomuzwa ojulile, singaqiniseka ukuthi uBaba wethu osezulwini uyayilalelisisa futhi uyayazisa. Yebo, “uJehova useduze nabo bonke . . . abambiza ngeqiniso.”—IHubo 145:18.
11. UJehova uzizwa kanjani ngalokho esikwenza ekusithekeni?
11 Uma uJehova ewazisa umthandazo esiwenza ekusithekeni, yeka ukuthi kumelwe ukuba ukwazisa kakhulu kangakanani ukumlalela ekusithekeni! Yebo, uJehova uyazibona izinto esizenza ngasese. (1 Petru 3:12) Ngempela, ukwethembeka nokulalela kwethu lapho sisodwa kuyisibonakaliso esihle sokuthi ‘inhliziyo yethu iphelele’ kuJehova, inezisusa ezimsulwa futhi iqinile ekwenzeni okulungile. (1 IziKronike 28:9) Yeka ukuthi ukuziphatha okunjalo kuyijabulisa kanjani inhliziyo kaJehova!—IzAga 27:11; 1 Johane 3:22.
12, 13. Singayiqapha kanjani ingqondo nenhliziyo yethu futhi sibe njengomfundi othembekile uNathanayeli?
12 Ngenxa yalokho, amaKristu athembekile ayazixwaya izono zangasese ezingcolisa ingqondo nenhliziyo, njengokubuka ubudlova nezithombe ezingcolile zobulili. Nakuba ezinye izono zingase zisitheke kubantu, siyaqaphela ukuthi “zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.” (Hebheru 4:13; Luka 8:17) Ngokulwela ukugwema izinto ezingamjabulisi uJehova, siba nonembeza ohlanzekile futhi sithole injabulo yokwazi ukuthi siyamukeleka kuNkulunkulu. Yebo, akungabazeki ukuthi uJehova umazisa ngempela umuntu “ohamba ngokungenaphutha futhi okwenza umkhuba ukulunga futhi okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe.”—IHubo 15:1, 2.
13 Nokho, singayiqapha kanjani ingqondo nenhliziyo yethu ezweni elicwile ebubini? (IzAga 4:23; Efesu 2:2) Ngaphezu kokuwasebenzisa ngokugcwele wonke amalungiselelo angokomoya, kumelwe senze wonke umzamo wokwenqaba okubi futhi senze okuhle, sithathe isinyathelo ngokushesha ukuze izifiso ezimbi zingagxili futhi zizale isono. (Jakobe 1:14, 15) Cabanga ukuthi ubungajabula kanjani uma amazwi uJesu awasho ngoNathanayeli ebengawaqondisa kuwe: “Bheka, [umuntu] okungekho nkohliso kuye.” (Johane 1:47) UNathanayeli obuye abizwe nangokuthi uBartolomewu, kamuva wathola ilungelo lokuba omunye wabaphostoli bakaJesu abangu-12.—Marku 3:16-19.
“Umpristi Ophakeme Onesihe Nothembekile”
14. Ukusabela kukaJesu esenzweni sikaMariya kwakuhluke kanjani kokwabanye?
14 Njengoba uJesu ‘engumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali,’ uJehova, ngaso sonke isikhathi ulingisa uYise ngokuphelele ekuboniseni ukwazisa ngalabo abakhonza uNkulunkulu ngenhliziyo ehlanzekile. (Kolose 1:15) Ngokwesibonelo, ezinsukwini ezinhlanu ngaphambi kokuba anikele ngokuphila kwakhe, uJesu nabanye babafundi bakhe babeyizimenywa emzini kaSimoni waseBhethaniya. Kusihlwa, uMariya, udadewabo kaLazaru noMarta, “wathatha iphawundi lamafutha anamakha, ayebiza kakhulu, inadi loqobo” (ayebiza imali engalingana nomholo wonyaka), wawathela ekhanda nasezinyaweni zikaJesu. (Johane 12:3) Abanye babuza: “Okwani lokhu kusaphaza okungaka?” Nokho, uJesu wabheka isenzo sikaMariya ngeso elihlukile. Wasibheka njengesenzo esikhulu sokupha nesasinencazelo ejulile njengoba ukufa nokungcwatshwa kwakhe kwase kusondele. Ngakho esikhundleni sokugxeka uMariya, uJesu wamdumisa: “Nomaphi lapho lezi zindaba ezinhle zishunyayelwa khona emhlabeni wonke, lokhu akwenzile lona wesifazane nakho kuyokhulunywa ngakho njengento ayokhunjulwa ngayo.”—Mathewu 26:6-13.
15, 16. Kusizuzisa ngayiphi indlela ukuthi uJesu waphila njengomuntu futhi wakhonza uNkulunkulu?
15 Yeka ukuthi sibusiseke kanjani ngokuba noJesu njengoMholi wethu, umuntu onokwazisa okungaka! Empeleni, ukuphila kukaJesu njengomuntu kwamlungiselela umsebenzi uJehova ayembekele wona—ukukhonza njengomPristi Ophakeme nanjengeNkosi, okokuqala yebandla labagcotshiwe kamuva neyezwe.—Kolose 1:13; Hebheru 7:26; IsAmbulo 11:15.
16 UJesu wayevele enesithakazelo esijulile esintwini futhi esithanda ngokukhethekile nangaphambi kokuba eze emhlabeni. (IzAga 8:31) Ukuphila kwakhe njengomuntu kwamenza wakuqonda ngokugcwele nangokwengeziwe ukuhlupheka esibhekana nakho lapho sikhonza uNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wabhala: “[UJesu] wayebophekile ukuba abe ‘njengabafowabo’ ezicini zonke, ukuze abe umpristi ophakeme onesihe nothembekile . . . Ngoba ngenxa yokuthi yena ngokwakhe uye wahlupheka lapho evivinywa, uyakwazi ukusiza labo abavivinywayo.” UJesu ‘angazwelana nobuthakathaka bethu’ ngoba ‘wavivinywa ezicini zonke njengathi, kodwa akanasono.’—Hebheru 2:17, 18; 4:15, 16.
17, 18. (a) Izincwadi ezabhalelwa amabandla angu-7 ase-Asia Minor zembulani ngokujula kokuqonda kukaJesu? (b) Lawo maKristu agcotshiwe ayelungiselelwa yiphi indima?
17 Ukuthi uJesu wabuqonda ngokwengeziwe ubunzima abalandeli bakhe ababhekana nabo kwagqama ngemva kokuba evusiwe. Cabanga ngezincwadi aziqondisa emabandleni angu-7 ase-Asia Minor, njengoba zabhalwa umphostoli uJohane. Ebandleni laseSmirna, uJesu wathi: “Ngiyalwazi usizi nobumpofu bakho.” Empeleni, uJesu wayethi, ‘Ngiziqonda ngokugcwele izinkinga zakho, ngikwazi ngempela lokho obhekene nakho.’ Khona-ke, ngozwela nangegunya ayenalo ngoba naye wahlupheka kwaze kwaba sekufeni, uJesu wanezela: “Zibonakalise uthembekile kuze kube ngisho nasekufeni, khona-ke ngiyokunika umqhele wokuphila.”—IsAmbulo 2:8-10.
18 Izincwadi ezabhalelwa amabandla angu-7 zigcwele amazwi abonisa ukuthi uJesu uzazi kahle izinselele abafundi bakhe ababhekene nazo nokuthi uyazisa ngeqiniso inkambo yabo yobuqotho. (IsAmbulo 2:1–3:22) Hlale njalo ukhumbula ukuthi uJesu wayekhuluma namaKristu agcotshiwe ayenethemba lokubusa kanye naye ezulwini. NjengeNkosi yawo, ayelungiselelwa ukuba abe nozwela olukhulu kakhulu lapho efeza indima yawo ephakeme yokusiza ekusabalaliseni izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo kaKristu esintwini esigulayo.—IsAmbulo 5:9, 10; 22:1-5.
19, 20. Labo abakha “isixuku esikhulu” babonisa kanjani ukuthi bayamazisa uJehova neNdodana yakhe?
19 Yebo, uthando lukaJesu ngabalandeli bakhe abagcotshiwe ludlulela ‘nakwezinye izimvu’ zakhe ezithembekile, izigidi zazo manje eziyingxenye yalabo abayoba “isixuku esikhulu . . . [esiphuma] kuzo zonke izizwe,” esiyosinda “osizini olukhulu” oluzayo. (Johane 10:16; IsAmbulo 7:9, 14) Laba babuthanela kuJesu ngoba bazisa umhlatshelo wakhe wesihlengo kanye nethemba labo lokuphila okuphakade. Bakubonisa kanjani ukwazisa kwabo? ‘Ngokunikela kuNkulunkulu inkonzo engcwele imini nobusuku.’—IsAmbulo 7:15-17.
20 Umbiko womhlaba wonke wonyaka wenkonzo ka-2006, osemakhasini 27-30, unikeza ubufakazi obusobala bokuthi ngempela lezi zikhonzi ezithembekile zinikela kuJehova “inkonzo engcwele . . . imini nobusuku.” Empeleni, kulowo nyaka owodwa, zona kanye nabaseleyo bamaKristu agcotshiwe abayingcosana uma kuqhathaniswa zanikela ngamahora angu-1 333 966 199 enkonzweni yomphakathi—alingana neminyaka engaphezu kwengu-150 000!
Qhubeka Ubonisa Ukwazisa!
21, 22. (a) Ngokuphathelene nokubonisa ukwazisa, kungani amaKristu kumelwe aqaphe ikakhulu namuhla? (b) Yini ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?
21 Lapho besebenzelana nabantu abangaphelele, uJehova neNdodana yakhe baye babonisa ukwazisa okujulile esingasoze sakuqonda. Nokho, kuyadabukisa ukuthi iningi labantu alinandaba noNkulunkulu, kunalokho ligxile ezintweni zalo siqu. Echaza abantu ‘bezinsuku zokugcina,’ uPawulu wabhala: “Abantu bayozikhathalela bona ngokuphelele, bahahele imali . . . Bayokuntula ngokuphelele ukubonga.” (2 Thimothewu 3:1-5, Phillips) Yeka ukuthi abantu abanjalo bahluke kanjani kumaKristu eqiniso, abonisa ukwazisa kwawo ngakho konke uNkulunkulu awenzele khona ngomthandazo osuka enhliziyweni, ngokulalela ngokuzithandela nangenkonzo yomphefumulo wonke!—IHubo 62:8; Marku 12:30; 1 Johane 5:3.
22 Esihlokweni esilandelayo sizobukeza amanye amalungiselelo angokomoya amaningi uJehova asinike wona ngothando. Kwangathi ukwazisa kwethu kungajula ngisho nangokwengeziwe njengoba sizindla ngalezi “zipho ezinhle.”—Jakobe 1:17.
Ungaphendula Kanjani?
• UJehova uye wazibonisa kanjani enguNkulunkulu onokwazisa?
• Lapho sisekusithekeni, singayenza kanjani inhliziyo kaJehova ijabule?
• UJesu wakubonisa kanjani ukwazisa nokuqonda?
• Ukuphila njengomuntu kwamsiza kanjani uJesu ukuba abe umbusi onozwela nokwazisa?
[Isithombe ekhasini 17]
Njengoba umzali esazisa isipho esincane somntanakhe, noJehova uyakwazisa lapho simnika konke okusemandleni ethu