Ukukhululwa UMbuso KaNkulunkulu Kuseduze!
“Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—MATH. 6:10.
1. Yayiyini imfundiso kaJesu eyinhloko?
ENTSHUMAYELWENI yakhe yaseNtabeni, uJesu Kristu wahlanganisa nomthandazo oyisibonelo ofingqa imfundiso yakhe eyinhloko. Wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze kuNkulunkulu ngale ndlela: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Math. 6:9-13) UJesu “wahamba umuzi ngomuzi nomzana ngomzana, eshumayela futhi ememezela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” (Luka 8:1) UKristu wakhuthaza abalandeli bakhe: ‘Qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kukaNkulunkulu.’ (Math. 6:33) Njengoba ufunda lesi sihloko, funa izindlela ongakusebenzisa ngazo lokhu kwaziswa enkonzweni yakho. Ngokwesibonelo, cabangela indlela ongaphendula ngayo le mibuzo: Sibaluleke kangakanani isigijimi soMbuso? Yini isintu esidinga ukukhululwa kuyo? UMbuso kaNkulunkulu uyokuletha kanjani ukukhululwa?
2. Sibaluleke kangakanani isigijimi soMbuso?
2 UJesu wabikezela: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Math. 24:14) Izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zibaluleke ngaphezu kwanoma yini enye. Phela ziyisigijimi esibaluleke kunazo zonke emhlabeni! Emabandleni oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-100 000 emhlabeni wonke, izinceku zikaNkulunkulu ezingaba izigidi ezingu-7 zihlanganyela emsebenzini wokushumayela ngezinga elingakaze lifinyelelwe, zitshela abanye ukuthi uMbuso usumisiwe. Ukumiswa kwawo kuyizindaba ezinhle ngoba kusho ukuthi uNkulunkulu umise uhulumeni ezulwini ozothatha izintambo zokubusa umhlaba. Lapho sekubusa lo Mbuso, intando kaJehova iyokwenzeka emhlabeni njengasezulwini.
3, 4. Yini eyokwenzeka lapho intando kaNkulunkulu yenzeka emhlabeni?
3 Yini eyokwenzeka esintwini lapho intando kaNkulunkulu yenzeka emhlabeni? UJehova “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” (IsAm. 21:4) Abantu ngeke bagule noma bafe ngenxa yesono nokungapheleli okuzuzwe ngefa. Abafileyo abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayonikezwa ithuba lokuphila phakade, ngoba iBhayibheli liyathembisa: “Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzE. 24:15) Ngeke kusaba nezimpi, ukugula noma indlala, futhi umhlaba uyoguqulwa ube ipharadesi. Ngisho nezilwane eziyingozi manje ziyoba nokuthula nabantu nanezinye izilwane.—IHu. 46:9; 72:16; Isaya 11:6-9; 33:24; Luka 23:43.
4 Njengoba uMbuso uyoletha izibusiso ezinhle ngale ndlela, akumangalisi ukuthi isiprofetho seBhayibheli sichaza ukuphila ngaleso sikhathi ngala mazwi aduduzayo: “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” Kodwa kuyokwenzekani kulabo abawuhlupho? ImiBhalo iyabikezela: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho.” Nokho, “abathemba uJehova yibo abayodla ifa lomhlaba.”—IHu. 37:9-11.
5. Kuyokwenzekani esimisweni sezinto samanje?
5 Ukuze konke lokhu kwenzeke, isimiso sezinto samanje kanye nohulumeni baso abalwayo, izinkolo nezentengiselwano kuyodingeka ukuba kususwe. Yilokho kanye uhulumeni wasezulwini oyokwenza. Umprofethi uDaniyeli waphefumulelwa ukuba abikezele: “Ezinsukwini zalawo makhosi [lawo akhona manje] uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso [ezulwini] ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso [ekhona], wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” (Dan. 2:44) UMbuso kaNkulunkulu—uhulumeni omusha wasezulwini—uyobe usubusa umphakathi omusha wasemhlabeni. Kuyoba khona “amazulu amasha nomhlaba omusha . . . , futhi kukho kuyohlala ukulunga.”—2 Pet. 3:13.
Sekunesidingo Esikhulu Ngokwengeziwe Sokukhululwa
6. IBhayibheli libuchaza kanjani ububi baleli zwe elonakele?
6 Ngesikhathi uSathane, u-Adamu no-Eva behlubuka kuNkulunkulu, befuna ukuzinqumela ngokwabo okulungile nokungalungile, bafaka umkhaya wesintu endleleni eholela enhlekeleleni. Eminyakeni engaphezu kwengu-1 600 kamuva, ngaphambi kukaZamcolo wembulunga yonke, “ububi bomuntu babudlangile emhlabeni futhi konke ukuthambekela kwemicabango yenhliziyo yakhe kukubi ngaso sonke isikhathi.” (Gen. 6:5) Eminyakeni engaba ngu-1 300 kamuva, uSolomoni wabona ukuthi izimo zazizimbi waze wabhala: “Ngabahalalisela abafileyo asebefile kakade kunalabo abaphilayo ababesaphila. Ngakho ongcono kunabo bobabili yilowo ongakabi khona, ongakawuboni umsebenzi oyinhlekelele owenziwa phansi kwelanga.” (UmSh. 4:2, 3) Sekudlule eminye iminyaka engaba ngu-3 000, futhi ububi buyaqhubeka banda nasosukwini lwethu.
7. Kungani sekunesidingo esikhulu ngokwengeziwe sokukhululwa uNkulunkulu?
7 Nakuba kuyiqiniso ukuthi ububi kade baba khona, sekunesidingo esikhulu ngokwengeziwe sokukhululwa uMbuso kaNkulunkulu kunanganoma isiphi esinye isikhathi. Izimo kule minyaka eyikhulu edlule ziye zaba zimbi kakhulu kunanini ngaphambili, futhi ziyaqhubeka ziba zimbi. Ngokwesibonelo, i-Worldwatch Institute iyabika: “Abantu abaningi ngokuphindwe kathathu bafa ezimpini ekhulwini leminyaka [lama-20] kunalabo abafa kuzo zonke izimpi kusukela ekhulwini lokuqala leminyaka AD kuya ku-1899.” Kusukela ngo-1914 kuye kwafa abantu abangaphezu kwezigidi eziyikhulu ezimpini! Enye i-encyclopedia ilinganisela ukuthi bafinyelela ezigidini ezingu-60 abantu abafa eMpini Yezwe II. Njengoba manje ezinye izizwe sezihlome nangezikhali zenuzi, abantu bangaqothula izingxenye ezinkulu zomphakathi womhlaba. Naphezu kwentuthuko yesayensi nezokwelapha, indlala isabulala izingane ezingaba izigidi ezinhlanu unyaka ngamunye.—Bheka isahluko 9 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
8. Ibuphi ubufakazi obuqand’ ikhanda obuboniswe izinkulungwane zeminyaka yokubusa kwabantu?
8 Imizamo yabantu iye yehluleka ukuqeda ububi. Izinhlangano zaleli zwe zezombusazwe, zezentengiselwano nezenkolo azikaze zizanelise izidingo zabantu eziyisisekelo zokuthula, ukuchuma nempilo. Kunokuba zixazulule izinkinga ezinkulu isintu esibhekene nazo manje, lezi zinhlangano ziye zazandisa. Ngokuqinisekile, izinkulungwane zeminyaka zokubusa kwabantu ziye zafakazela ukuba iqiniso kwala mazwi: “Indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jer. 10:23) Yebo, ‘umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmSh. 8:9) Ngaphezu kwalokho, “yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye.”—Roma 8:22.
9. Iziphi izimo amaKristu eqiniso alindele ukuzibona kulezi ‘zinsuku zokugcina’?
9 Ngokuphathelene nesikhathi sethu, iBhayibheli labikezela: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” Ngemva kokuchaza izimo zezinsuku zokugcina zokubusa kwabantu, lesi siprofetho sithi: “Abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu.” (Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-5, 13.) AmaKristu akulindele lokhu, ngoba “lonke izwe lisemandleni omubi,” uSathane. (1 Joh. 5:19) Nokho, kuyajabulisa ukwazi ukuthi maduze uNkulunkulu uzobakhulula labo abamthandayo. Bayokhululwa kuleli zwe elibi, eliwohloka ngokushesha.
Okuwukuphela Komthombo Wokukhululwa Esingawethemba
10. Kungani uJehova ewukuphela koMthombo wokukhululwa esingawethemba?
10 Lapho ushumayela izindaba ezinhle, bonisa abantu ukuthi uJehova uwukuphela koMthombo wokukhululwa esingawethemba. Uyena yedwa onamandla nesifiso sokukhulula izinceku zakhe kunoma iziphi izimo ezimbi. (IzE. 4:24, 31; IsAm. 4:11) Singaqiniseka ukuthi uJehova uyobakhulula njalo abantu bakhe futhi afeze izinjongo zakhe, ngoba ufungile: “Impela njengoba nje ngicabangile, kumelwe kwenzeke kanjalo.” Izwi lakhe “ngeke libuyele [kuye] lingabanga namiphumela.”—Funda u-Isaya 14:24, 25; 55:10, 11.
11, 12. UNkulunkulu unikeza izinceku zakhe siphi isiqinisekiso?
11 UJehova uqinisekisile ukuthi uyozikhulula izinceku zakhe lapho ekhipha isahlulelo kwababi. Lapho ethumela umprofethi uJeremiya ukuba ayokhuluma ngesibindi nezoni ezimbi, uNkulunkulu wathi: “Ungesabi.” Ngani? Ngoba “nginawe ukuba ngikukhulule.” (Jer. 1:8) Nalapho uJehova esezobhubhisa imizi ekhohlakele yaseSodoma naseGomora, wathuma izingelosi ezimbili ukuba zikhiphe uLoti nomkhaya wakhe zibayise endaweni ephephile. “Khona-ke uJehova wenza ukuba line isibabule nomlilo . . . phezu kweSodoma naphezu kweGomora.”—Gen. 19:15, 24, 25.
12 UJehova angabakhulula labo abenza intando yakhe ngisho nasembubhisweni yomhlaba wonke. Lapho ebhubhisa izwe elibi lasendulo ngoZamcolo, ‘wagcina uNowa, umshumayeli wokulunga, ephephile nabanye abayisikhombisa.’ (2 Pet. 2:5) UJehova uzophinde akhulule abaqotho lapho ebhubhisa izwe elibi lamanje. Ngakho, iZwi lakhe lithi: “Funani uJehova, nonke nina abamnene bomhlaba . . . Funani ukulunga, funani ubumnene. Mhlawumbe ningase nisitshekelwe ngosuku lwentukuthelo kaJehova.” (Zef. 2:3) Ngenxa yaleyo mbubhiso yomhlaba wonke, ‘abaqotho bayohlala emhlabeni kepha ababi bayonqunywa kuwo.’—IzAga 2:21, 22.
13. Izinceku zikaJehova ezashona ziyokhululwa kanjani?
13 Nokho, ukugula, ushushiso nezinye izinto sekuye kwabulala eziningi zezinceku zikaNkulunkulu. (Math. 24:9) Zonke lezi zinceku ziyokhululwa kanjani? Njengoba kushiwo ekuqaleni, “kuyoba khona uvuko lwabalungile.” (IzE. 24:15) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi akukho lutho olungavimbela uJehova ukuba akhulule izinceku zakhe!
Uhulumeni Wokulunga
14. Kungani siqiniseka ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wokulunga?
14 Enkonzweni yakho, ungachaza ukuthi uMbuso kaJehova osezulwini uwuhulumeni wokulunga. Lokhu kunjalo ngoba ubonakalisa izimfanelo zikaNkulunkulu ezimangalisayo, njengobulungisa, ukulunga nothando. (Dut. 32:4; 1 Joh. 4:8) UNkulunkulu ubeke lo Mbuso ezandleni zikaJesu Kristu okufanelekela kangcono ukubusa umhlaba. UJehova uye wahlela nokuba kuthathwe amaKristu agcotshiwe angu-144 000 emhlabeni, avuselwe ekuphileni kwasezulwini njengezindlalifa ezizobusa noKristu.—IsAm. 14:1-5.
15. Bonisa umahluko okhona phakathi koMbuso kaNkulunkulu nokubusa kwabantu.
15 Yeka ukuthi ukubusa kukaJesu nabangu-144 000 kuhluke kakhulu kangakanani kokwabantu abangaphelele! Ngokuvamile ababusi balesi simiso sezinto baye baba nonya futhi baholela izikhonzi zabo ezimpini eziceka izigidi zabantu. Akumangalisi imiBhalo iseluleka ukuba singathembeli kumuntu ‘okungekhona okwakhe ukusindisa’! (IHu. 146:3) Kodwa yeka ukuthi kuyoba nomoya omuhle kanjani ngesikhathi sokubusa kukaKristu! UJesu wathi “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.”—Math. 11:28-30.
Izinsuku Zokugcina Zizophela Maduze!
16. Lezi zinsuku zokugcina ziyophela kanjani?
16 Leli zwe belilokhu lisezinsukwini zokugcina noma ‘esiphelweni sesimiso sezinto’ kusukela ngo-1914. (Math. 24:3) Sekuseduze kakhulu ukuba kuqale lokho uJesu akubiza ngokuthi “usizi olukhulu.” (Funda uMathewu 24:21.) Lolo sizi olungakaze lube khona olunjengalo luyosho ukuphela kwalo lonke izwe likaSathane. Kodwa usizi olukhulu luqala kanjani? Luphela kanjani?
17. Yini iBhayibheli eliyibonisayo ngokuqala kosizi olukhulu?
17 Usizi olukhulu luyoqala kungazelelwe. Yebo, “usuku lukaJehova” luyofika kungalindelwe “noma nini lapho bethi: ‘Ukuthula nokulondeka!’” (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:2, 3.) Usizi olwabikezelwa luyoqala lapho izizwe zicabanga ukuthi sekuseduze ukuba zixazulule ezinye zezinkinga zazo ezinkulu. Ukubhujiswa okungazelelwe ‘kweBhabhiloni Elikhulu,’ umbuso wezwe wenkolo yamanga, kuyolizuma izwe. Amakhosi nabanye bayomangala lapho kukhishwa isahlulelo phezu kweBhabhiloni Elikhulu.—IsAm. 17:1-6, 18; 18:9, 10, 15, 16, 19.
18. UJehova usabela kanjani lapho uSathane ehlasela abantu baKhe?
18 Ngaleso sikhathi kuyoba khona “izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini,” futhi “isibonakaliso seNdodana yomuntu siyobonakala ezulwini.” Khona-ke ‘siyoma siqonde ngoba ukukhululwa kwethu kuyobe kusondele.’ (Luka 21:25-28; Math. 24:29, 30) USathane, noma uGogi, uyokwenza ukuba amabutho akhe ahlasele abantu bakaNkulunkulu. Kodwa ngokuqondene nalabo abahlasela izinceku zakhe ezithembekile, uJehova uthi: “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso lami.” (Zak. 2:8) Ngakho-ke, umzamo kaSathane wokuzibhubhisa ngeke uphumelele. Ngani? Ngoba iNkosi EnguMbusi uJehova iyothatha isinyathelo ngokushesha ukuze ikhulule izinceku zayo.—Hez. 38:9, 18.
19. Kungani singaqiniseka ukuthi amabutho kaNkulunkulu akhipha isahlulelo ayobhubhisa isimiso sikaSathane?
19 Lapho uNkulunkulu ethathela izizwe isinyathelo, ‘ziyokwazi ukuthi unguJehova.’ (Hez. 36:23) Uyothumela amabutho akhe akhipha isahlulelo—amashumi ezinkulungwane ezidalwa zomoya eziholwa uKristu Jesu—ukuba abhubhise sonke isimiso sikaSathane esisele emhlabeni. (IsAm. 19:11-19) Lapho sikhumbula ukuthi ngesinye isikhathi kwathatha ubusuku obubodwa ukuba ingelosi eyodwa nje ‘ibulale’ izitha zikaNkulunkulu ‘eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu,’ singaqiniseka ukuthi ibutho lasezulwini liyoyibhubhisa kalula yonke iminonjana yesimiso sikaSathane emhlabeni lapho usizi olukhulu lufinyelela umvuthwandaba walo e-Armagedoni. (2 AmaKh. 19:35; IsAm. 16:14, 16) USathane namademoni akhe bayovalelwa kwalasha iminyaka eyinkulungwane. Ekugcineni bayobhujiswa.—IsAm. 20:1-3.
20. Yini uJehova ayoyifeza ngoMbuso?
20 Ngaleyo ndlela, buyobe bususwe bonke ububi emhlabeni, futhi abantu abalungile bayohlala phakade kule mbulunga ewumhlaba. UJehova uyobe ezibonakalisile ukuthi unguMkhululi Omkhulu. (IHu. 145:20) Ngalo Mbuso, uyolwela ubukhosi bakhe, angcwelise igama lakhe elingcwele futhi afeze injongo yakhe enhle ngomhlaba. Kwangathi ungathola injabulo enkulu enkonzweni yakho lapho umemezela izindaba ezinhle futhi usiza labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade’ ukuba baqaphele ukuthi ukukhululwa uMbuso kaNkulunkulu sekuseduze!—IzE. 13:48.
Uyakhumbula?
• UJesu wakugcizelela kanjani ukubaluleka koMbuso?
• Kungani sekunesidingo esikhulu sokukhululwa kunanini ngaphambili?
• Iziphi izenzakalo esingazilindela phakathi nosizi olukhulu?
• UJehova uzibonakalisa kanjani enguMkhululi Omkhulu?
[Izithombe ekhasini 12, 13]
IZwi likaNkulunkulu labikezela ukuthi esikhathini sethu kwakuyokwenziwa umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke ngezinga elingakaze lifinyelelwe
[Isithombe ekhasini 15]
Njengoba uJehova akhulula uNowa nomkhaya wakhe, angasikhulula nathi
[Isithombe ekhasini 16]
UJehova ‘uyosula zonke izinyembezi, nokufa ngeke kusaba khona.’—IsAm. 21:4