“Ngisize Lapho Ngidinga Khona Ukholo!”
“Uyise womntwana wathi: ‘Nginalo ukholo! Ngisize lapho ngidinga khona ukholo!’”—MARKU 9:24, NW.
1. Yini eyabangela omunye ubaba ukuba amemeze athi, “Ngisize lapho ngidinga khona ukholo”?
UYISE womfana onedemoni wayemi phambi kukaJesu Kristu. Yeka ukuthi leyondoda yayilangazelela kanjani ukuba umntwanyana wayo aphulukiswe! Abafundi bakaJesu babeye bantula ukholo olwanele ukuba bakhiphe lelodemoni, kodwa lobaba wamemeza: “Nginalo ukholo! Ngisize lapho ngidinga khona ukholo!” Ngamandla avela kuNkulunkulu, uJesu wabe eselikhipha idemoni, ngokungangabazeki okwaqinisa ukholo lukayise womfana.—Marku 9:14-29, qhathanisa neNW.
2. Ngokuqondene nokholo, amaKristu awanamahloni ngaziphi izindlela ezimbili?
2 Njengoyise owayenethemba walowomfana, inceku kaJehova ethembekile ayinamahloni okuthi: “Nginalo ukholo!” Abagxeki bangase bawaphike amandla kaNkulunkulu, ukuba neqiniso kweZwi lakhe, ngisho nakho kanye ukuba khona kwakhe. Kodwa amaKristu eqiniso akuvuma kalula ukuthi anokholo kuJehova uNkulunkulu. Nokho, lapho bekhuluma ngasese noYise wasezulwini ngomthandazo, bona labantu abafanayo bangase banxuse: “Ngisize lapho ngidinga khona ukholo!” Nalokhu bakwenza ngaphandle kwamahloni, bazi ukuthi ngisho nabaphostoli bakaJesu Kristu bacela: “Yandisa ukukholwa kwethu.”—Luka 17:5.
3. Yini ephawulekayo ngendlela uJohane asebenzisa ngayo igama elithi “ukholo” eVangelini lakhe, futhi kungani lokhu kwakufanelekile?
3 ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ikakhulukazi inokuningi ekushoyo mayelana nokholo. Eqinisweni, iVangeli likaJohane lisebenzisa amagama esiGreki ahlukahlukene ahlobene nelithi “ukholo” kaningi ukwedlula amanye amaVangeli amathathu ehlangene ngamaphesenti angu-40. UJohane wagcizelela ukuthi ukuba nokholo akwanele; ukulubonisa okubalulekile. Lapho ebhala cishe ngo-98 C.E., wabona ithonya lokuhlubuka elinobuthi lifuna ukuxhakathisa amaKristu abuthaka okholweni. (IzEnzo 20:28-30; 2 Petru 2:1-3; 1 Johane 2:18, 19) Ngakho kwakubalulekile ukubonisa ukholo, ukunikeza ubufakazi balo ngezenzo zokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Kwakuza izikhathi ezinzima ngaphambili.
4. Kungani kungekho abangenakukwenza labo abanokholo?
4 Ukholo lwenza amaKristu akwazi ukubhekana nanoma yibuphi ubunzima. UJesu watshela abafundi bakhe ukuthi ukuba ‘ayenokholo olungangembewu yesinaphi,’ akukho ababengenakukwenza. (Mathewu 17:20) Ngaleyondlela, wagcizelela amandla okholo, isithelo somoya ongcwele. Kanjalo uJesu wayengagcizeleli lokho abantu abangakwenza, kodwa lokho okungenziwa umoya kaNkulunkulu, noma amandla ayisiphekupheku. Labo abaqondiswa yiwo abenzi izinkinga ezincane zibe zinkulu. Ukusebenzisa ukuhlakanipha okunikezwa umoya ongcwele kaNkulunkulu kubasiza ukuba bagcine umbono oqondile ngezinto. Ngisho nezinkinga ezingathi sína ziba zincane lapho zingaphansi kwamandla asekelayo okholo.—Mathewu 21:21, 22; Marku 11:22-24; Luka 17:5, 6.
Ukukhulekela Ukuba Ukholo Lungapheli
5-7. (a) Yimaphi amazwi esixwayiso uJesu awakhuluma ngokuqondene nokholo lapho emisa iSikhumbuzo? (b) Ukholo lukaPetru lwamenza kanjani ukuba aqinise abafowabo?
5 Ngo-33 C.E., uJesu wagubha iPhasika okokugcina nabafundi bakhe. Khona-ke, ngemva kokuxosha uJuda Iskariyothe, wamisa umkhosi weSikhumbuzo, ethi: “Njengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona. . . . Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni; kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”—Luka 22:28-32.
6 UJesu wakhulekela ukuba ukholo lukaSimoni Petru lungapheli. Nakuba ngokuzethemba okweqile uPetru aqhosha ngokuthi wayengasoze amphike uJesu, ngokushesha ngemva kwalokho wamphika kathathu. (Luka 22:33, 34, 54-62) Eqinisweni, ngokubulawa kukaMalusi ngenkemba okwakubikezelwe, izimvu zahlakazeka. (Zakariya 13:7; Marku 14:27) Nokho, lapho uPetru elulama ekuweleni kwakhe esihibeni sokwesaba, wabaqinisa abafowabo abangokomoya. Waphakamisa indaba yokuvala indawo kaJuda Iskariyothe ongathembekile. Esebenza njengomkhulumeli wabaphostoli ngePentekoste lika-33 C.E., uPetru wasebenzisa esokuqala ‘sezihluthulelo’ ayezinikwe uJesu, evula indlela yokuba amaJuda abe amalungu oMbuso. (Mathewu 16:19; IzEnzo 1:15–2:41) USathane wayefune abaphostoli ukuze abahlunge njengokolweni, kodwa uNkulunkulu waqikelela ukuthi ukholo lwabo lungehluleki.
7 Cabanga ngendlela uPetru azizwa ngayo lapho ezwa uJesu ethi: “Ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli.” Cabanga nje! INkosi noMphathi kaPetru wayethandazele ukuba ukholo lwakhe lungapheli. Futhi aluzange lwehluleke, noma luphele. Eqinisweni, ngosuku lwePentekoste, uPetru nabanye baba ngabokuqala ukuba bagcotshwe ngomoya ongcwele ukuba babe abantwana bakaNkulunkulu abangokomoya, abanethemba lokubusa noKristu enkazimulweni yasezulwini. Ngomoya ongcwele owawusebenza kubo ngalesosikhathi ngesilinganiso esasingaziwa ngaphambili, bakwazi ukubonisa izithelo zawo, kuhlanganise nokholo, kunanini ngaphambili. Yeka ukuthi kwakuyimpendulo emangalisa kanjani esicelweni sabo: “Yandisa ukukholwa kwethu”!—Luka 17:5; Galathiya 3:2, 22-26; 5:22, 23.
Ukubhekana Novivinyo Olungaphambili Ngokholo
8. Yisiphi isixwayiso esifike ngesikhathi inhlangano eye yasinika sona ngokuphathelene nokugcwaliseka kweyoku-1 Thesalonika 5:3?
8 Ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli, ngokushesha sizozwa isimemezelo esithi, “Ukuthula nokuhlala kahle!” (1 Thesalonika 5:3) Ingabe lokhu kungaluvivinya ukholo lwethu? Yebo, ngoba sisengozini yokuzunywa yilokho okubonakala kuyimpumelelo izizwe ezingase zibe nayo ekuletheni ukuthula. Kodwa ngeke sihlanganyele emoyeni wabamemezeli bokuthula abanjalo uma sikhumbula ukuthi uJehova uNkulunkulu akasebenzisi noma yiliphi lamanxusa alelizwe ekufezeni leyonjongo. Unendlela yakhe siqu yokuletha ukuthula kweqiniso, futhi lokho kungoMbuso wakhe kuphela ngaphansi kukaJesu Kristu. Ngakho, noma iyiphi impumelelo izizwe ezingase zibe nayo ekumiseni ukuthula, iyoba ngeyesikhashana futhi ibe ngekhohlisayo kuphela. Ukuze isisize ukuba sihlale sisilindele lesisimo, “inceku ethembekileyo neqondayo” iyoqhubeka ikhipha izixwayiso ezifika ngesikhathi ukuze izinceku zikaJehova zingazunywa isimemezelo esikhohlisayo esizayo ‘sokuthula nokuhlala kahle’ sezizwe zalesimiso sezinto esidala.—Mathewu 24:45-47.
9. Kungani ukubhujiswa kweBabiloni Elikhulu kuyodinga ukuba sibe nesibindi nokholo?
9 Isimemezelo esithi “Ukuthula Nokuhlala kahle!” siyoba uphawu ‘lwembubhiso ezumayo’ eyokwehlela iBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. (IsAmbulo 17:1-6; 18:4, 5) Nalokhu kuyovivinya ukholo lwamaKristu. Lapho inkolo yamanga iwohloka iba incithakalo, ingabe oFakazi BakaJehova bayohlala beqinile okholweni? Yebo bayohlala beqinile. Lesenzakalo—esingalindelekile futhi esingaqondakali kubantu abaningi—siyobe singabangelwa umuntu. Abantu kumelwe bazi ukuthi empeleni kuyisahlulelo sikaJehova, ekungcweliseni igama okuyisikhathi eside inkolo yamanga ilingcolisa. Kodwa abantu bangazi kanjani ngaphandle kokuba batshelwe ngothile? Futhi ubani ngaphandle koFakazi BakaJehova okulindeleke ukuba abatshele kanjalo?—Qhathanisa noHezekeli 35:14, 15; Roma 10:13-15.
10. Ukuhlasela kukaGogi abantu bakaJehova nakho kuyoluvivinya kanjani ukholo?
10 OFakazi BakaJehova abagcotshiwe nabangane babo abanethemba lasemhlabeni baye baba naso isibindi esidingekayo sokutshela abanye ngokukhishwa osekusondele kwesahlulelo sikaJehova phezu kweBabiloni Elikhulu nakuso sonke isimiso sezinto sikaSathane. (2 Korinte 4:4) Endimeni yakhe njengoGogi wakwaMagogi, okumelela isimo sakhe samanje esonakele, uSathane uyoqhubela amabutho akhe asemhlabeni ekuhlaseleni okungukhukhulela-ngoqo kubantu bakaNkulunkulu. Ukholo emandleni aphezulu avikelayo egameni loFakazi BakaJehova luyovivinywa. Kodwa singakholelwa ukutheni njengoba iZwi likaNkulunkulu labikezela, uJehova uyobasindisa abantu bakhe.—Hezekeli 38:16; 39:18-23.
11, 12. (a) Yini eyaqinisekisa ukusinda kukaNowa nomkhaya wakhe phakathi noZamcolo? (b) Yini okuyomelwe singazikhathazi ngayo phakathi nosizi olukhulu?
11 Namuhla, asazi ngokuthe ngqó ukuthi uJehova uyobavikela kanjani abantu bakhe phakathi ‘nosizi olukhulu,’ kodwa lokhu akusona isizathu sokungabaza ukuthi uyokwenza lokho. (Mathewu 24:21, 22) Isimo sezinceku zikaNkulunkulu zosuku lwanamuhla siyofana naleso uNowa nomkhaya wakhe abazithola bekuso phakathi noZamcolo. Bevalelwe ngaphakathi emkhunjini futhi amanzi ayaluzayo embubhiso ebazungezile, ngokunokwenzeka lokubonakaliswa kwamandla aphezulu kwabethusa futhi kumelwe ukuba bathandaza ngentshiseko. Akukho ndawo emiBhalweni lapho kubonisa khona ukuthi babekhathazekile futhi bezibuza: ‘Ingabe umkhumbi uqine ngokwanele ukuba usinde kulamandla abhubhisayo? Ingabe sinakho ukudla okwanele okuyohlala kuze kudlule uZamcolo? Ingabe siyokwazi ukubhekana nezimo ezishintshile emhlabeni kamuva?’ Izenzakalo ezalandela zabonisa ukuthi ukukhathazeka okunjalo kwakuyobe kuyize.
12 Ukuze baqinisekise ukusinda kwabo, uNowa nomkhaya wakhe kwadingeka ukuba babonise ukholo. Lokhu kwasho ukulandela iziyalezo nokuhola komoya ongcwele kaNkulunkulu. Phakathi nosizi olukhulu, kuyoba okubaluleke ngokufanayo ukuba nathi silandele ukuhola komoya ongcwele futhi silalele iziyalo zikaJehova ngenhlangano yakhe. Khona-ke ngeke sibe naso isizathu sokukhathazeka futhi sibuze: ‘Izidingo zethu ezingokwenyama nezingokomoya ziyokwaneliswa kanjani? Yiliphi ilungiselelo eliyokwenzelwa abantu asebekhulile noma labo abadinga ukunakekelwa okukhethekile kwezokwelapha noma ukwelashwa? UJehova uyokwenza kanjani kube nokwenzeka ukuba sisindele ezweni elisha?’ Ngokholo oluqinile, zonke izinceku zikaJehova ezithembekile ziyoshiyela konke ezandleni zakhe ezinamandla.—Qhathanisa noMathewu 6:25-33.
13. Lapho usizi olukhulu luqala, kungani kuyodingeka sibe nokholo olunjengoluka-Abrahama?
13 Lapho nje usizi olukhulu seluqalile, ngokungangabazeki ukholo lwethu kuJehova luyoqina kakhulu. Empeleni, siyobona ukuthi uJehova ufeza lokho ayethe uyokwenza. Siyobe sizibonela ngawethu ukukhipha kwakhe isahlulelo! Kodwa ingabe thina ngabanye siyoba nalo ukholo olwanele lokuthi lapho uNkulunkulu ebhubhisa ababi, uyobalonda abantu bakhe? Ingabe siyoba njengoAbrahama, owaba nokholo lokuthi ‘umahluleli womhlaba wonke uyokwenza ukulunga,’ angabhubhisi abalungile kanye nababi?—Genesise 18:23, 25.
14. Yimiphi imibuzo okufanele isibangele ukuba sihlaziye ukholo lwethu futhi sizikhandle ekuluqiniseni?
14 Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba sakhe ukholo lwethu manje! Njengoba ukuphela kwalesimiso esibi sezinto siseduze kangaka, masivumele umoya kaNkulunkulu ukuba usishukumisele “ekuhambeni okungcwele nasekumesabeni uNkulunkulu.” (2 Petru 3:11-14) Khona-ke phakathi nosizi olukhulu ngeke sihlushwe imicabango ephazamisayo enjengokuthi: ‘Ingabe ngiyakufanelekela ukwamukela isivikelo sikaJehova? Ingabe kunokwengeziwe ebengingakwenza enkonzweni yakhe? Ingabe ngizikhandle ngokwanele ukuze ngembathe ‘ubuntu obusha’? Ingabe ngiwuhlobo lomuntu uJehova alufunayo ezweni elisha?’ Imibuzo enjalo efunisisayo kufanele isibangele ukuba sihlaziye ukholo lwethu futhi sizikhandle ekuluqiniseni manje!—Kolose 3:8-10.
Ukholo Lokusiphilisa
15. Yini uJesu ngezinye izikhathi ayeyitshela labo ayebaphulukisa, kodwa kungani lokhu kungakusekeli ukuphulukisa ngokuthandazela kosuku lwanamuhla?
15 UJesu akazange enze imisebenzi yakhe yokuphulukisa okungokomzimba kubantu abanokholo kuphela. (Johane 5:5-9, 13) Ngakho umsebenzi wakhe awuyisekeli imfundiso engekho ngokombhalo yokwelapha ngokuthandazela. Yiqiniso, uJesu ngezinye izikhathi wayetshela labo abaphulukisiwe: “Ukukholwa kwakho kukusindisile.” (Mathewu 9:22; Marku 5:34; 10:52; Luka 8:48; 17:19; 18:42) Kodwa ngokusho lokhu, wayemane eveza iqiniso elisobala: Ukuba labo ababegula babentula ukholo emandleni kaJesu okuphulukisa, babengeke beze kuye ukuzophulukiswa kwasekuqaleni.
16. Yisiphi isimiso sokuphulukisa uJesu asiqondisayo namuhla?
16 Namuhla, uJesu Kristu uqondisa uhlelo lokuphulukisa okungokomoya, futhi abantu abangaphezu kuka-4 000 000 baye bazibeka esimweni sokuzuza kulo. NjengoFakazi BakaJehova, bajabulela impilo engokomoya naphezu kwanoma yikuphi ukugula okungokomzimba abangase babe nakho. AmaKristu agcotshiwe phakathi kwabo anethemba lasezulwini, futhi ‘abheke kokungabonwayo okungokwaphakade.’ (2 Korinte 4:16-18; 5:6, 7) Futhi amaKristu anethemba lasemhlabeni abheke phambili ezenzweni ezimangalisayo zokwelashwa okungokomzimba eziyokwenzeka ezweni elisha likaNkulunkulu.
17, 18. Yiliphi ilungiselelo likaJehova elichazwe kusAmbulo 22:1, 2, futhi ukholo ludingeke ngayiphi indlela ngathi ukuze sizuze kulo?
17 Umphostoli uJohane wabhekisela emalungiselelweni kaNkulunkulu okuphila okuphakade ngalamazwi akusAmbulo 22:1, 2: “Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu. Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emaceleni omabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe.” “Amanzi okuphila” ahlanganisa iZwi likaNkulunkulu leqiniso nawo wonke amalungiselelo kaJehova okubuyisa abantu abalalelayo esonweni nasekufeni nokubanikeza ukuphila okuphakade ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo. (Efesu 5:26; 1 Johane 2:1, 2) Lapho besemhlabeni, abalandeli bakaJesu abagcotshiwe abangu-144 000 baphuza emalungiselelweni kaNkulunkulu okuphila ngoKristu futhi babizwa ngokuthi “imithi yokulunga.” (Isaya 61:1-3; IsAmbulo 14:1-5) Baye bathela izithelo eziningi ezingokomoya emhlabeni. Njengabavusiwe ezulwini, phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, bayohlanganyela ekwabeni amalungiselelo esihlengo ‘okwelapha izizwe’ esonweni nasekufeni.
18 Ukuzimisela kwethu ukulandela ukuhola komoya kaNkulunkulu kokuba sihlanganyele emalungiselelweni akhe kuyoba kukhulu ngokwengeziwe uma ukholo lwethu kulamalungiselelo luqine ngokwengeziwe. Ukuphelela okungokomzimba ngokusobala kuyofika ngokubonisa komuntu ukholo kuKristu futhi enze intuthuko engokomoya. Nakuba umuntu eyobe ephulukiswe ngokuyisimangaliso ekukhubazekeni okuyinhloko, uyosondezwa ngokwengeziwe ekupheleleni lapho enza lokho okulungile. Uyobe ehlanganyela njalo elungiselelweni likaNkulunkulu lokuphulukisa ngomhlatshelo kaKristu. Ngakho ukholo luyothonya ukuphulukiswa kwethu nokupheleliswa ngendlela engokwenyama.
“Nisindiswe Ngokukholwa”
19. Kungani kubalulekile ukuhlala siqinile okholweni?
19 Kuze kube yilapho ukufika kwezwe elisha likaNkulunulu kuxosha phakade ubumnyama bezwe lamanje elibi, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba izinceku zikaJehova zihlale ziqinile okholweni! Abantu ‘abangakholwayo’ bayophonswa ‘echibini elivutha umlilo nesibabule,’ ukufa kwesibili. Uma kwephuzile, lokhu kuyokwenzeka ngemva kovivinyo lokugcina ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. (IsAmbulo 20:6-10; 21:8) Yeka ukuthi siyobusiseka kanjani isiphetho salabo abaqhubeka bebonisa ukholo futhi basinde ukuze bajabulele ikusasa elingenasiphelo!
20. Eyoku-1 Korinte 13:13 iyoba kanjani nokubaluleka okukhethekile ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane?
20 Khona-ke lamazwi kaPawulu kweyoku-1 Korinte 13:13 ayoba nokubaluleka okukhethekile: “Kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.” Ngeke kusadingeka ukuba sibonise ukholo ekutheni isiprofetho esikuGenesise 3:15 siyoba ngokoqobo noma sithembe ukuthi siyogcwaliseka. Lokho kuyobe sekwenzekile. Njengabagcini bobuqotho, siyoqhubeka sithembela kuJehova, sibe nokholo kuye naseNdodaneni yakhe, futhi sibathande njengalabo abenza ukugcwaliseka kwalesiprofetho kwaba nokwenzeka. Ngaphezu kwalokho, uthando olujulile nokubonga okusuka enhliziyweni ngensindiso yethu kuyosibophela kuNkulunkulu ekuzinikezeleni okungenakwephulwa kuze kube phakade.—1 Petru 1:8, 9.
21. Yini okumelwe siyenze namuhla ukuze ‘sisindiswe ngokukholwa’?
21 Ngenhlangano yakhe ebonakalayo, uJehova uye wenza amalungiselelo amangalisayo okuqinisa ukholo. Wasebenzise wonke ngokugcwele. Yiba khona njalo futhi uhlanganyele emihlanganweni yabantu bakaNkulunkulu. (Heberu 10:24, 25) Tadisha ngenkuthalo iZwi lakhe nezincwadi zobuKristu. Cela umoya ongcwele kuJehova. (Luka 11:13) Lingisa ukholo lwalabo abahola ngokuzithoba ebandleni. (Heberu 13:7) Melana nezilingo zezwe. (Mathewu 6:9, 13) Yebo, futhi ujulise ubuhlobo bakho bomuntu siqu noJehova nganoma iyiphi indlela okungenzeka ngayo. Ngaphezu kwakho konke, qhubeka ubonisa ukholo. Khona-ke ungaba phakathi kwalabo abathokozisa uJehova futhi bazuze insindiso, ngoba uPawulu wathi: “Ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu.”—Efesu 2:8.
Ungaphendula Uthini?
◻ Yiluphi uvivinyo lokholo olungaphambi kwethu ngqó?
◻ Ukholo lwethu lungasiphilisa ngaziphi izindlela ezimbili?
◻ Ngokuka-1 Petru 1:9, ukholo kumelwe silulondoloze isikhathi esingakanani?
◻ Yimaphi amalungiselelo esinawo okuqinisa ukholo lwethu?
[Isithombe ekhasini 15]
Njengobaba ondodana yakhe yaphulukiswa uJesu, ingabe uyasizwa isidingo somuntu siqu sokholo olwengeziwe?
[Isithombe ekhasini 17]
Ukholo olunjengolukaNowa nomkhaya wakhe luyodingeka ukuze sisinde ‘osizini olukhulu’