Ukuphila Nenkonzo KaJesu
Izifundo Ngesahlukaniso Nangothando Ngabantwana
UJESU nabafundi bakhe basendleleni baya eJerusalema ukuze babe khona ePhasikeni lika-33 C.E. Bawela uMfula iJordani futhi bathatha indlela enqamula esifundeni sasePhereya. UJesu wayesePhereya emasontweni ambalwa ngaphambili, kodwa wabuye wabizelwa eJudiya ngoba umngane wakhe uLazaru wayegula. Ngesikhathi esePhereya ngalesosikhathi, uJesu wakhuluma nabaFarisi ngesahlukaniso, futhi manje bayayivusa lendaba.
Phakathi kwabaFarisi kunemiqondo ehlukahlukene ngesahlukaniso. UMose wathi owesifazane angalahlwa ngenxa ‘yokuthile okwenyanyekayo kuye.’ Abanye bakholelwa ukuthi lokhu kubhekisela kuphela ekungabini-msulwa. Kodwa abanye bacabangela ukuthi “okuthile okwenyanyekayo” kuhlanganisa namacala amancane kakhulu. Ngakho, bezimisele ukulinga uJesu, abaFarisi bayabuza: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?” Bayaqiniseka ukuthi noma ikuphi uJesu akushoyo kuyomxabanisa nabaFarisi abanombono owehlukile.
UJesu uwusingatha ngobungcweti lombuzo, engasekeli noma imuphi umbono womuntu, kodwa ebhekisela ohlelweni lokuqala lomshado. “Anifundanga yini,” uyabuza, “ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, wathi: Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba-nyamanye, na? Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”
UJesu ubonisa ukuthi injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni iwukuba abangane bomshado bahlale ndawonye, ukuba bangahlukani. AbaFarisi baphendula ngokuthi, uma kunjalo, “pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na?”
“Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu,” kuphendula uJesu, “kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.” Yebo, lapho uNkulunkulu emisa indinganiso yangempela yomshado ensimini yase-Edene, akenzanga lungiselelo lesahlukaniso.
UJesu uyaqhubeka etshela abaFarisi: “Namanje ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga [ngesiGreki, por·neiʹa], aganwe ngomunye, uyaphinga.” Ngaleyondlela ubonisa ukuthi ipor·neiʹa, ewukuziphatha okubi kakhulu ngokobulili, iwukuphela kwesizathu esivunyelwe nguNkulunulu sesahlukaniso.
Beqaphela ukuthi umshado kumelwe ube ubunye obuhlala njalo obunalesisekelo kuphela sesahlukaniso, abafundi bashukunyiselwa ukuba bathi: “Uma injalo indaba yomuntu nomkakhe, akukuhle ukuganwa.” Akukho kungabaza ngokuthi lowo ocabangela ukushada kufanele acabangele ngokungathi sína ukuhlala njalo kwesibopho somshado!
UJesu uyaqhubeka ekhuluma ngokungashadi. Uyachaza ukuthi abanye abafana bazalwa bengabathenwa, bengakwazi ukushada ngenxa yokuba bengakhulanga ngokwanele ngokobulili. Abanye benziwa abathenwa ngabantu, bekhutshazwa izitho zobulili ngonya. Okokugcina, abanye bayasicindezela isifiso sokushada nokujabulela ubuhlobo bobulili ukuze bazinikele ngokugcwele ezindabeni eziphathelene noMbuso wamazulu. “Ongakwamukela lokho [ukungashadi] akwamukele,” kuphetha uJesu.
Manje abantu baqala ukuletha abantwana babo abancane kuJesu. Nokho, abafundi bayabathethisa abantwana futhi bazama ukubaxosha, ngokungangabazeki befuna ukuvikela uJesu ekucindezelekeni okungadingekile. Kodwa uJesu uthi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”
Yeka izifundo ezinhle uJesu azinikezayo lapha! Ukuze samukele uMbuso kaNkulunkulu, kumelwe silingise ukuthobeka nokufundiseka kwabantwana abancane. Kodwa isibonelo sikaJesu sibonisa nokuthi kubaluleke kangakani, ikakhulukazi ngabazali, ukuba bachithe isikhathi benabantwana babo. Manje uJesu ubonisa uthando lwakhe ngalaba abancane ngokubagona nangokubabusisa. Mathewu 19:1-15; Duteronomi 24:1; Luka 16:18; Marku 10:1-16; Luka 18:15-17.
◆ Imiphi imibono ehlukahlukene abaFarisi abanayo ngesahlukaniso, futhi bazama kanjani ukulinga uJesu?
◆ UJesu ubhekana kanjani nemizamo yabaFarisi yokumlinga, futhi ikuphi akunikeza njengokuwukuphela kwesizathu sesahlukaniso?
◆ Kungani abafundi bakaJesu bethi akukuhle ukushada, futhi ikuphi ukutusa okunikezwa uJesu?
◆ Yini esiyifundiswa uJesu ngokusebenzelana kwakhe nabantwana abancane?