Umbusi Ocebile Ukhetha Kabi
UMBUSI osemusha ocebile wayeqotho, egcina umthetho futhi ethanda inkolo. Weza kuJesu, waguqa wabe esembuza: “Mfundisi, buhle buni okumelwe ngibenze ukuze ngithole ukuphila okuphakade?”
UJesu wamphendula wabonisa ukuthi ukuze umuntu athole ukuphila kudingeka agcine imiyalo kaNkulunkulu. Lapho ecelwa ukuba ayisho ngokuqondile leyo mithetho, uJesu wathi: “Ungabulali, Ungaphingi, Ungebi, Ungafakazi amanga, Hlonipha uyihlo nonyoko, nokuthi, Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” Lena kwakuyimiyalo eyinhloko eyayiqukethwe uMthetho owanikezwa uMose. Le nsizwa yabe isithi: “Ngiyigcinile yonke le; yini engisayintula?”—Mathewu 19:16-20.
UJesu ‘wezwa eyithanda’ futhi wathi: “Yinye into esele ngawe: Hamba, uthengise lokho onakho uphe abampofu, khona-ke uyoba nengcebo ezulwini, bese uza ube ngumlandeli wami.”—Marku 10:17-21.
Kungazelelwe lo mbusi osemusha wayesebhekene nesinqumo esikhulu. Wayezokwenzenjani? Ingabe wayezovuma ukulahlekelwa ingcebo bese eba umlandeli kaJesu, noma wayezonamathela kulokho anakho? Ingabe wayezofuna ingcebo yasemhlabeni noma wayezofuna eyasezulwini? Kumelwe ukuba kwakunzima kuye ukukhetha. Kusobala ukuthi wayenaso isithakazelo ezintweni ezingokomoya ngoba wayegcina uMthetho futhi efuna ukwazi ukuthi ikuphi okunye ayengase akwenze ukuze athole umusa kaNkulunkulu. Wenza siphi isinqumo? “Wahamba elusizi, ngoba wayenempahla eningi.”—Marku 10:22.
Isinqumo salo mbusi osemusha sasingahlakaniphile. Ukube waba umlandeli kaJesu othembekile, ngabe wakuthola lokho ayekufuna—ukuphila okuphakade. Asitshelwa ukuthi kwenzekani kuleyo nsizwa. Nokho, siyazi ukuthi ngemva kweminyaka engu-40, amabutho amaRoma alibhubhisa iJerusalema nengxenye enkulu yeJudiya. AmaJuda amaningi alahlekelwa ingcebo nokuphila kwawo.
Ngokungafani nombusi osemusha, umphostoli uPetru nabanye abafundi bakhetha kahle. ‘Bashiya zonke izinto’ futhi balandela uJesu. Yeka indlela esabazuzisa ngayo leso sinqumo! UJesu wabatshela ukuthi babeyothola okuphindwe kaningi kunalokho ababekushiye emuva. Ngaphezu kwalokho, babeyothola ukuphila okuphakade. Isinqumo abasenza babengasoze bazisola ngaso kamuva.—Mathewu 19:27-29.
Sonke kudingeka senze izinqumo ekuphileni—ezinye zincane, ezinye zinkulu. Isiphi iseluleko uJesu asinikeza ngezinqumo ezinjalo? Ingabe uyosilalela iseluleko sakhe? Uma ukhetha ukusilalela, uyovuzwa ngokucebile. Manje masixoxe ngendlela esingamlandela ngayo uJesu futhi sizuze kulokho akusho.