Ukungenisa Izihambi KobuKristu Ezweni Elihlukene Phakathi
“Ngakho-ke, thina singaphansi kwesibopho sokubamukela ngokufudumele abantu abanjalo, ukuze sibe izisebenzi ezikanye nabo eqinisweni.”—3 JOHANE 8.
1. Yiziphi izipho ezinxaneleka kakhulu uMdali aye wazinikeza isintu?
“UMUNTU akanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla, nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga.” (UmShumayeli 8:15) Ngalawo mazwi umhlanganisi wabantu wasendulo ongumHeberu usitshela ukuthi uJehova uNkulunkulu akafuni nje ukuba indalo yakhe engabantu ithokoze futhi ijabule kodwa ulungiselela nezindlela zokuba yenze kanjalo. Kuwo wonke umlando wabantu isifiso esifanayo kubantu kuyo yonke indawo kubonakala siwukuzijabulisa nokuba nezikhathi ezimnandi.
2. (a) Isintu siye sakuxhaphaza kanjani lokho okwakuyinjongo kaJehova ngaso? (b) Uyini umphumela?
2 Namuhla siphila emphakathini oqokomisa injabulo lapho abantu bematasa bephishekela ukuzijabulisa nokuba nezikhathi ezimnandi. Abantu abaningi baye baba “abazithandayo, . . . abathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu,” njengoba iBhayibheli labikezela. (2 Thimothewu 3:1-4) Phela, lokhu kuwukuhlanekezelwa okuphelele kwalokho okwakuyinjongo kaJehova uNkulunkulu. Lapho ukuphishekela izikhathi ezimnandi kuba umgomo oyinhloko, noma lapho ukuzijabulisa kuba ukuphela komgomo, akubi bikho ukwaneliseka kweqiniso, futhi ‘konke kuba yize nokufuna umoya.’ (UmShumayeli 1:14; 2:11) Ngenxa yalokhu izwe ligcwele abantu abanesizungu nabakhungathekile, nakho okuholela ezinkingeni eziningi emphakathini. (IzAga 18:1) Abantu abathembani futhi bayahlukana ngokobuhlanga, ubuzwe, ezenhlalo, nangokwezomnotho.
3. Singayithola kanjani injabulo nokwaneliseka kweqiniso?
3 Yeka indlela izinto ebeziyohluka ngayo ukube abantu bebelingisa indlela kaJehova yokusebenzelana nabanye—benomusa, bephana, bengenisa izihambi! Wakwenza kwacaca ukuthi isihluthulelo senjabulo yeqiniso asikho emzamweni wethu wokwanelisa izifiso zethu. Kunalokho, yilesi isihluthulelo: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Ukuze sithole injabulo nokwaneliseka kweqiniso, kumelwe sinqobe izithiyo nokuhlukana okungase kusibophe. Futhi kumelwe sifinyelele kulabo abakhonza uJehova kanye nathi. Kubalulekile ukuba silalele lesi seluleko: “Ngakho-ke, thina singaphansi kwesibopho sokubamukela ngokufudumele abantu abanjalo, ukuze sibe izisebenzi ezikanye nabo eqinisweni.” (3 Johane 8) Ukubonisa umoya wokungenisa izihambi kwabafaneleyo, ngokwezinga izimo zethu ezisivumela ngalo, kuzuzisa ngendlela ekabili—kuzuzisa kokubili abaphayo nabamukelayo. Obani-ke, abaphakathi kwabafaneleyo okufanele ‘sibamukele ngokufudumele’?
‘Nakekelani Izintandane Nabafelokazi’
4. Yiluphi ushintsho ebuhlotsheni bomkhaya olubonakala ngisho naphakathi kwabanye babantu bakaJehova?
4 Namuhla imikhaya eqinile nemishado ejabulayo iyivela kancane. Amanani ezehlukaniso andayo nenani elikhulayo lomama abangashadile emhlabeni wonke kuye kwawushintsha ngokuphelele umkhaya ovamile. Ngenxa yalokhu, abaningi abaye baba oFakazi BakaJehova eminyakeni yamuva bavela emikhayeni ehlukene. Bahlukanisile noma bahlala ngokuhlukana nabangane babo bomshado, noma bahlala emikhayeni enomzali oyedwa. Ngaphezu kwalokho, njengoba uJesu abikezela, iqiniso alifundisa liye labangela ukuhlukana emikhayeni eminingi.—Mathewu 10:34-37; Luka 12:51-53.
5. Yini uJesu ayisho engaba umthombo wesikhuthazo kulabo abasemikhayeni ehlukene?
5 Kuyasijabulisa ukubona abasanda kuhlanganyela bemelela iqiniso ngokuqinile, futhi ngokuvamile sibaduduza ngalesi sithembiso sikaJesu esikhuthazayo: “Ngiqinisile ngithi kini, Akekho oshiyé indlu noma abafowabo noma odadewabo noma unina noma uyise noma abantwana noma amasimu ngenxa yami nangenxa yezindaba ezinhle ongeke athole ngokuphindwe kayikhulu manje kulenkathi yesikhathi, izindlu nabafowabo nodadewabo nonina nabantwana namasimu, kanye nokushushiswa, futhi esimisweni sezinto esizayo ukuphila okumi phakade.”—Marku 10:29, 30.
6. Singaba kanjani ‘abafowabo, odadewabo, onina, nezingane’ ‘ezintandaneni nakubafelokazi’ abaphakathi kwethu?
6 Nokho, bangobani laba ‘bafowabo nodadewabo nonina nabantwana’? Ukubona nje uquqaba lwabantu eHholo LoMbuso, ngokuvamile abayikhulu noma ngaphezulu, abazibiza ngokuthi abafowabo nodadewabo akwenzi ukuba umuntu ngokuzenzekelayo abe nomuzwa wokuthi laba abafowabo, odadewabo, onina, nabantwana. Cabangela leli phuzu: Umfundi uJakobe usikhumbuza ukuthi ukuze ukukhulekela kwethu kwamukeleke kuJehova, kumelwe ‘sinakekele izintandane nabafelokazi osizini lwabo, futhi sizigcine singenalo ibala elivela ezweni.’ (Jakobe 1:27) Lokho kusho ukuthi akumelwe sivumele isimo sengqondo sezwe sokuqhosha ngenxa yokuceba nokuba sesigabeni esingcono sisivimbele ukuba sibe nobubele kulezo “zintandane nabafelokazi.” Kunalokho, kumelwe sithathe isinyathelo kuqala sokubabonisa ubudlelwane nomoya wokungenisa izihambi.
7. (a) Iyini injongo yangempela yokuba nomoya wokungenisa izihambi ‘ezintandaneni nakubafelokazi’? (b) Obani abanye abangase bakwazi ukuhlanganyela ekuboniseni umoya wokungenisa izihambi wobuKristu?
7 Ukubonisa umoya wokungenisa izihambi ‘ezintandaneni nakubafelokazi’ akuhileli ngaso sonke isikhathi ukubanikeza lokho abakuntulayo ngokwezinto ezibonakalayo. Imikhaya enomzali oyedwa noma ehlukene ngokwenkolo isuke ingaswele ngempela ngokwezimali. Nokho, ubungane obunempilo, umoya womkhaya, ubudlelwane nabantu bobudala obuhlukahlukene, nokuhlanganyela izinto ezinhle ezingokomoya—kuyizici zokuphila eziyigugu. Ngakho, sikhumbula ukuthi okubalulekile akukhona ukulungiselelwa ngokukhethekile kwesenzakalo, kodwa umoya wothando nobunye, yeka ukuthi kuhle kanjani ukuthi, ngezikhathi ezithile, ngisho ‘nezintandane nabafelokazi’ bangahlanganyela ekuboniseni umoya wokungenisa izihambi kumaKristu abakanye nawo!—Qhathanisa neyoku-1 AmaKhosi 17:8-16.
Zikhona Yini Izihambi Phakathi Kwethu?
8. Yiluphi ushintsho olubonakala emabandleni amaningi oFakazi BakaJehova?
8 Siphila esikhathini lapho abantu bethutha kakhulu. “Abantu abangaphezu kwezigidi eziyikhulu emhlabeni wonke bahlala emazweni abangezona izakhamuzi zawo, kanti abayizigidi ezingu-23 baye bashiya imizi yabo emazweni akubo,” kusho i-World Press Review. Umphumela oqondile walokhu uye waba ukuthi ezindaweni eziningi, ikakhulukazi emadolobheni amakhulu, amabandla abantu bakaJehova ekuqaleni ayenabantu bohlanga noma ubuzwe obufanayo manje asenabantu abavela ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba. Mhlawumbe kunjalo lapho ukhona. Nokho, kufanele sibabheke kanjani laba ‘bafokazi’ ‘nezihambi,’ njengoba izwe lingase libabize kanjalo, abalulimi lwabo, amasiko, nendlela yokuphila kungase kuhluke kokwethu?
9. Yiluphi ugibe olungathi sína olungasibamba ngokuphathelene nombono wethu ‘ngabafokazi’ ‘nezihambi’ eziza ebandleni lobuKristu?
9 Kalula nje, akumelwe sivumele noma yikuphi ukuthambekela kokungazithandi izihambi kusenze sibe nomuzwa wokuthi ngandlela-thile silifanelekela kangcono ilungelo lokwazi iqiniso kunalabo abavela ezweni esingalazi noma okuthiwa elobuqaba; futhi akufanele sibe nomuzwa wokuthi laba abasanda kufika bayagxambukela ekusebenziseni iHholo LoMbuso noma ezinye izindawo. Umphostoli uPawulu kwadingeka akhumbuze amaKristu athile angamaJuda ekhulu lokuqala, ayenemibono enjalo, ukuthi ngempela akekho owayefaneleka; kwakuwumusa kaNkulunkulu ongafanelwe owenza kwaba nokwenzeka ukuba noma ubani asindiswe. (Roma 3:9-12, 23, 24) Kufanele sijabule ngokuthi umusa kaNkulunkulu ongafanelwe manje ufinyelela abantu abaningi kakhulu, ngandlela-thile, abaye benqatshelwa ithuba lokuzwa izindaba ezinhle. (1 Thimothewu 2:4) Singabonisa kanjani ukuthi uthando lwethu ngabo lungokoqobo?
10. Singabonisa kanjani ukuthi sinomoya wokungenisa izihambi ngempela ‘ezihambini’ eziphakathi kwethu?
10 Singalandela iseluleko sikaPawulu: “Yamukelanani, njengoba nje noKristu asamukela, ninombono wokuba kube inkazimulo kuNkulunkulu.” (Roma 15:7) Njengoba sazi ukuthi ngokuvamile abantu bakwamanye amazwe noma izizinda, bampofu, kufanele sibabonise umusa nokukhathalela uma sinamandla okwenza kanjalo. Kumelwe sibamukele phakathi kwethu, siphathe ngamunye wabo ‘njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwethu,’ futhi ‘simthande njengalokhu sizithanda thina.’ (Levitikusi 19:34) Kungase kungabi lula ukwenza lokhu, kodwa siyophumelela uma sikhumbula lesi seluleko: “Niyeke ukulolongwa nifane nalesisimiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.”—Roma 12:2.
Yiphani Abangcwele
11, 12. Yikuphi ukucatshangelwa okukhethekile okwanikezwa izinceku zikaJehova ezithile (a) kwa-Israyeli wasendulo (b) ekhulwini lokuqala?
11 Phakathi kwalabo abakufanelekela ngempela ukuba sibabonise umoya wokungenisa izihambi futhi sibacabangele, kunamaKristu avuthiwe azikhandlayo ngenxa yenhlalakahle yethu engokomoya. UJehova wenzela abapristi namaLevi kwa-Israyeli wasendulo amalungiselelo akhethekile. (Numeri 18:25-29) Ekhulwini lokuqala, amaKristu nawo anxuswa ukuba anakekele labo ababewakhonza ezikhundleni ezikhethekile. Ukulandisa okukweyesi-3 Johane 5-8 kusinikeza umbono wesibopho sothando esinobunye esasiphakathi kwamaKristu okuqala.
12 Umphostoli uJohane osekhulile wayewazisa kakhulu umusa nomoya wokungenisa izihambi uGayu ayewubonise abazalwane abathile abajikelezayo ababethunywe ukuba bahambele ibandla. Laba bazalwane—kuhlanganise noDemetriyu, ngokusobala owayethunywe ukuba alethe lencwadi—babengamazi uGayu. Kodwa bamukelwa ngokufudumele ngoba “baphuma ngenxa yegama [likaNkulunkulu].” UJohane ukubeka ngalendlela: “Ngakho-ke, thina singaphansi kwesibopho sokubamukela ngokufudumele abantu abanjalo, ukuze sibe izisebenzi ezikanye nabo eqinisweni.”—3 Johane 1, 7, 8.
13. Obani phakathi kwethu namuhla abakufanelekela ngokukhethekile ‘ukwamukelwa ngokufudumele’?
13 Namuhla, enhlanganweni kaJehova, kunabaningi abazikhandla ngentshiseko ngenxa yayo yonke inhlangano yabazalwane. Laba bahlanganisa ababonisi abajikelezayo, abasebenzisa isikhathi namandla abo isonto ngalinye bakha amabandla; izithunywa zevangeli, ezishiya imikhaya nabangane ziyoshumayela kwamanye amazwe; labo abakhonza emakhaya aseBethel noma emahhovisi egatsha, abanikela ngezinkonzo zabo ngokuzithandela ukuze basekele umsebenzi wokushumayela womhlaba wonke; nalabo abasenkonzweni yamaphayona, abasebenzisa ingxenye enkulu yesikhathi namandla abo enkonzweni yasensimini. Ngokuyisisekelo, bonke laba bayazikhandla, hhayi ukuze bathole udumo noma inzuzo ethile, kodwa ngenxa yothando ngobuzalwane bobuKristu nangoJehova. Kufanele sibalingise ngenxa yokuzinikela kwabo ngomphefumulo wonke, futhi bayakufanelekela ‘ukwamukelwa ngokufudumele.’
14. (a) Lapho sibonisa umoya wokungenisa izihambi kwabakholekile siba amaKristu angcono ngayiphi indlela? (b) Kungani uJesu athi uMariya wakhetha “isabelo esihle”?
14 Lapho ‘samukela abantu abanjalo ngokufudumele,’ umphostoli uJohane wathi ‘siba izisebenzi ezikanye nabo eqinisweni.’ Ngomqondo othile siba amaKristu angcono ngenxa yalokho. Lokhu kungenxa yokuthi imisebenzi yamaKristu ihlanganisa nokwenzela esikholwa nabo okuhle. (IzAga 3:27, 28; 1 Johane 3:18) Kunemivuzo nangenye indlela futhi. Lapho uMariya noMarta bemukela uJesu emzini wabo, uMarta wafuna ukuba umamukeli wezihambi okahle ngokulungiselela uJesu “izinto eziningi.” UMariya wabonisa umoya wokungenisa izihambi ngendlela ehlukile. “Wahlala phansi ezinyaweni zeNkosi futhi waqhubeka elalela izwi layo,” futhi uJesu wamtusa ngokukhetha “isabelo esihle.” (Luka 10:38-42) Ukukhuluma nokuxoxa nalabo abanokuhlangenwe nakho kweminyaka eminingi, ngokuvamile kuyisici esivelele sesikhathi sangokuhlwa esisichitha sinabo.—Roma 1:11, 12.
Ngezenzakalo Ezikhethekile
15. Yiziphi izenzakalo ezikhethekile ezingabonakala ziyizikhathi ezijabulisayo kubantu bakaJehova?
15 Nakuba amaKristu eqiniso engalandeli imikhuba ethandwayo noma agcine amaholide nemikhosi yezwe, kunezikhathi lapho ehlangana ndawonye ukuze ajabulele ubudlelwane bomunye nomunye. Ngokwesibonelo, uJesu waya edilini lomshado eKhana futhi waba nengxenye ekwenzeni isenzakalo sijabulise ngokwenza isimangaliso sakhe sokuqala lapho. (Johane 2:1-11) Ngokufanayo namuhla, abantu bakaJehova baba nezikhathi ezijabulisayo ndawonye ngezenzakalo ezikhetheke ngokufanayo, futhi imigubho efanelekile nemicimbi kuyanandisa ezenzakalweni ezinjalo. Nokho, yini efanelekile?
16. Yisiphi isiqondiso esinaso ngokuqondene nokuziphatha okufanelekile ngisho nangezenzakalo ezikhethekile?
16 Lapho sitadisha iBhayibheli, sifunda ngalokho okuwukuziphatha okufanelekile kumaKristu, futhi lokhu sikulandela ngazo zonke izikhathi. (Roma 13:12-14; Galathiya 5:19-21; Efesu 5:3-5) Imibuthano yokuzijabulisa, kungaba ephathelene nemishado noma esinye isizathu, ayisinikezi inkululeko yokuyeka izindinganiso zethu zobuKristu noma yokwenza into ebesingenakuyenza ngokuvamile; futhi asibophekile ukuba silandele yonke imikhuba yezwe esihlala kulo. Eminingi yayo isekelwe emikhubeni yenkolo engamanga noma izinkolelo-ze, futhi eminye ihilela ukuziphatha okungamukeleki ngokuqondile kumaKristu.—1 Petru 4:3, 4.
17. (a) Yiziphi izici ezibonisa ukuthi idili lomshado elaliseKhana lalihleleke kahle futhi liqondiswa ngendlela efanele? (b) Yini ebonisa ukuthi uJesu wasijabulela leso senzakalo?
17 Lapho sifunda uJohane 2:1-11, akunzima ngathi ukubona ukuthi kwakuyisenzakalo esasilungiselelwe ngokukhethekile nokuthi kwakunezihambeli eziningi. Nokho, uJesu nabafundi bakhe “babemenyiwe”; abamananga nje batheleka, nakuba kungenzeka ukuthi okungenani abanye babo babehlobene nomnikazi wedili. Futhi siphawula ukuthi kwakunalabo “abakhonzayo” kanye ‘nomqondisi,’ owayenganikeza iziqondiso ngokuthi yini okwakumelwe inikezwe abantu noma yenziwe. Konke lokhu kubonisa ukuthi lesi senzakalo sasihleleke kahle futhi siqondiswa ngendlela efanelekile. Lokhu kulandisa kuphetha ngokuphawula ukuthi ngalokho akwenza edilini, uJesu “wenza inkazimulo yakhe yabonakala.” Ingabe wayengakhetha lelo thuba ukuba enze lokho uma ngabe lona kwakuwumcimbi ongahlelekile nongalawuleki? Akungabazeki ukuthi wayengeke.
18. Yiliphi iphuzu elibalulekile okumelwe licatshangelwe kunoma yisiphi isenzakalo sokuzijabulisa?
18 Khona-ke, kuthiwani nganoma yisiphi isenzakalo esikhethekile esingase sisihlele? Sifuna ukukhumbula ukuthi injongo yokwamukela abanye ngomoya wokungenisa izihambi ukuba ‘sibe izisebenzi ezikanye nabo eqinisweni.’ Ngakho, akwanele ukubiza isenzakalo ngokuthi umbuthano “woFakazi.” Kungase kubuzwe umbuzo, Ingabe ngempela siwubufakazi bokuthi singobani nokuthi yini esiyikholelwayo? Akufanele neze sibheke izenzakalo ezinjalo njengamathuba okubona ukuthi singasondela kangakanani ekulingiseni izindlela zezwe, ngokuzitika ‘esifisweni senyama nasesifisweni samehlo nasekugabiseni ngokokuziphilisa komuntu.’ (1 Johane 2:15, 16) Kunalokho, lezi zenzakalo kumelwe ziyibonise ngendlela efanele indima yethu njengoFakazi BakaJehova, futhi kufanele siqiniseke ukuthi esikwenzayo kuletha inkazimulo nodumo kuJehova.—Mathewu 5:16; 1 Korinte 10:31-33.
“Ngenisanani Ngaphandle Kokukhonona”
19. Kungani kudingeka ‘singenisane ngaphandle kokukhonona’?
19 Njengoba izimo zezwe ziqhubeka ziwohloka futhi abantu behlukana ngokwengeziwe, kudingeka senze konke okusemandleni ethu ukuze siqinise isibopho sobunye esiphakathi kwamaKristu eqiniso. (Kolose 3:14) Ukuze lokho kwenzeke, kumelwe sibe “nothando olukhulu ngomunye nomunye,” njengoba uPetru asinxusa. Ngokungagudl’ iguma, wabe esenezela: “Ngenisanani ngaphandle kokukhonona.” (1 Petru 4:7-9) Ingabe sizimisele ukuthatha isinyathelo kuqala sokungenisa abafowethu, sizikhandle ekubeni nomusa nasekubeni usizo? Noma ingabe siyakhonona lapho kuvela ithuba elinjalo? Uma senza kanjalo, siyayiqeda injabulo esingaba nayo futhi silahlekelwa umvuzo wokuba nenjabulo ngenxa yokwenza okuhle.—IzAga 3:27; IzEnzo 20:35.
20. Yiziphi izibusiso ezisilindele uma sibonisa umoya wokungenisa izihambi kulelizwe lanamuhla elihlukeneyo?
20 Ukusebenzelana eduze namaKristu esikanye nawo, ukuba nomusa nokungenisana, kuyoletha izibusiso ezingapheli. (Mathewu 10:40-42) Kwabanjalo uJehova wathembisa ukuthi “uyokwendlala itende lakhe phezu kwabo. Ngeke besalamba noma bome futhi.” Ukuba setendeni likaJehova kusho ukujabulela isivikelo nokungenisa kwakhe izihambi. (IsAmbulo 7:15, 16; Isaya 25:6) Yebo, akusensuku zatshwala sikujabulele phakade ukungenisa izihambi kukaJehova.—IHubo 27:4; 61:3, 4.
Ungachaza?
◻ Yini okungamelwe siyibukele phansi uma sifuna ukuthola injabulo nokwaneliseka kweqiniso?
◻ Zingobani “izintandane nabafelokazi,” futhi kufanele ‘sibanakekele’ kanjani?
◻ Kufanele sibabheke kanjani ‘abafokazi’ ‘nezihambi’ eziphakathi kwethu?
◻ Obani namuhla abafanelwe ukucatshangelwa ngokukhethekile?
◻ Izenzakalo ezikhethekile kufanele ziwubonise kanjani umoya wokungenisa izihambi ngempela?
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Ngezikhathi zamadili singabonisa umoya wokungenisa izihambi ezihambini, ezinganeni eziyizintandane, kulabo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele, nakwabanye esibamemile