Isahluko 108
Bayehluleka Ukuhila UJesu
NGOBA uJesu ubefundisa ethempelini futhi usanda kutshela izitha zakhe zenkolo imifanekiso emithathu edalula ububi bazo, abaFarisi bayathukuthela futhi benza icebo lokumhila ukuba asho okuthile abangambophisa ngakho. Baceba icebo bese bethuma abafundi babo, nabalandeli beqembu likaHerode, ukuba bazame ukumhila.
“Mfundisi,” kusho lamadoda, “siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu. Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”
UJesu akakhohliswa yilokho kuthopha. Uyaqaphela ukuthi uma ethi, ‘Cha, akuvunyelwe noma akulungile ukukhokha lentela,’ uzoba necala lokuvukela umbuso waseRoma. Kodwa uma ethi, ‘Yebo, kufanele niyikhokhe lentela,’ amaJuda, enyanya ukubuswa kwawo amaRoma, azomzonda. Ngakho uyaphendula: “Bazenzisi, ningilingelani na? Ngitshengiseni imali yokuthela.”
Lapho bemnikeza yona, uyabuza: “Ngokabani lomfanekiso nalombhalo na?”
“NgokaKesari,” bephendula.
“Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Nokho, lapho lamadoda ezwa impendulo kaJesu yobungcweti, ayamangala. Ayahamba ahlukana naye.
Bebona ukwehluleka kwabaFarisi ukuthola okuthile abangamangalela uJesu ngakho, abaSadusi, abathi alukho uvuko, beza kuye babuze: “Mfundisi, uMose wathi: Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo. Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo. Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba-kowesikhombisa. Emva kwabo bonke wafa umfazi. Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba-ngumkabani kwabayisikhombisa, lokhu bonke babenaye, na?”
Ephendula uJesu uthi: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na? Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa anifundanga yini encwadini kaMose ngesihlahla ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: NginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu kaIsaka, noNkulunkulu kaJakobe, na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo. Nidukile kakhulu.”
Nakulokhu izixuku ziyamangala ngempendulo kaJesu. Ngisho nabanye bababhali bayavuma: “Mfundisi, ukhulumé kahle.”
Lapho abaFarisi bebona ukuthi uJesu ubavale imilomo abaSadusi, beza kuye beyiqembu. Ukuze bamlinge futhi, omunye umbhali phakathi kwabo uyabuza: “Mfundisi, [yi]muphi umyalo omkhulu emthethweni na?”
UJesu uyaphendula: “Owokuqala ngowokuthi: Yizwa, Israyeli: iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho. Owesibili yiló: Womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Awukho omunye umyalo omkhulu kunalé.” Eqinisweni, uJesu uyanezela: “Kuleyomiyalo emibili kubambelela umthetho wonke nabaprofethi.”
“Yebo, Mfundisi,” kuvuma lowombhali, “ushilo ngeqiniso ukuthi yinye, ayikho enye ngaphandle kwayo; futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”
Ebona ukuthi lombhali uphendule ngokuhlakanipha, uJesu uyamtshela: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.”
Sekuyizinsuku ezintathu manje—iSonto, uMsombuluko, uLwesibili—uJesu efundisa ethempelini. Abantu baye bamlalela ngenjabulo, kodwa abaholi benkolo bafuna ukumbulala, kodwa kuze kube manje imizamo yabo iye yabhuntshiswa. Mathewu 22:15-40; Marku 12:13-34; Luka 20:20-40.
▪ Iliphi icebo abaFarisi abalicebayo ukuze bahile uJesu, futhi bekungenzekani uma ephendula ngokuthi yebo noma cha?
▪ UJesu uyibhuntshisa kanjani imizamo yabaSadusi yokumhila?
▪ Imuphi omunye umzamo abaFarisi abawenzayo ukuze balinge uJesu, futhi uba yini umphumela?
▪ Phakathi nenkonzo yakhe yokugcina eJerusalema, uJesu ufundisa izinsuku ezingaki ethempelini, futhi kuba namuphi umphumela?