Isandla SikaJehova Sasinabo
“Kanjalo izwi landa ngamandla [kaJehova], lanqoba.”—IZENZO 19:20.
1. (a) Yikuphi ukukhononda izitha zobuKristu ezakwenza ekhulwini lokuqala leminyaka C.E.? (b) Yini eyayilandela nomaphi lapho uPawulu oyisithunywa sevangeli ayeshumayela khona izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, futhi yini ngaso sonke isikhathi eyayinamaKristu okuqala?
EMINYAKENI engaphezu kwe-1900 edlule, izitha zesigijimi sobuKristu nabaphikisi bakamphostoli uPawulu oyisithunywa sevangeli bakhononda: “Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha, . . . benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi ku khona enye inkosi, nguJesu.” (IzEnzo 17:6, 7) Nomaphi lapho uPawulu ongumKristu oyisithunywa sevangeli ayememezela khona izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova, kwakuba nesenzakalo nokusabela okuthile, ngokuvamile nokushushiswa. Namanye amaKristu akuqala ashushiswa. Kodwa ngaso sonke isikhathi “isandla [sikaJehova] sasinabo.”—IzEnzo 11:21.
2. Ubani owaqalisa umsebenzi wezithunywa zevangeli ezingamaKristu, futhi kanjani?
2 Ubani owayeqalise lomsebenzi obalulekile wezithunywa zevangeli ezingamaKristu? KwakunguJesu, indoda eyingqayizivele eyayinesigijimi esishukumisayo nendlela engavamile yokusisakaza. Khumbula ukuthi uJesu, iNdodana kaNkulunkulu, weza kubantu abangamaJuda nesimemezelo esithusayo ngoMbuso kaNkulunkulu. Kodwa babenesithakazelo nje kuphela ekusindeni kwabo siqu ngemisebenzi yoMthetho.—Mathewu 4:17; Luka 8:1; 11:45, 46.
“Ezizweni Zonke”
3. Yisiphi isiprofetho sikaJesu okumelwe ukuba sabamangaza abafundi bakhe abangamaJuda, futhi ngani?
3 Ngakho, singacabanga ngokumangala kwabafundi bakaJesu abangamaJuda lapho ebatshela ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokufa kwakhe: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” Kumelwe ukuba abafundi bakhe bazibuza ukuthi kazi babezozishumayela kanjani izindaba ezinhle “ezizweni zonke.” Iqembu lamakholwa elincane kangaka laliyosifeza kanjani isabelo esikhulu kangaka?—Mathewu 24:14; Marku 13:10.
4. Yimuphi umyalo uJesu ovusiwe awunikeza abafundi bakhe?
4 Kamuva, uJesu ovusiwe wanezela umyalo, ethi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” Ngaleyondlela bathunywa ukuba bayise isigijimi seNkosi yabo ‘kubantu bezizwe zonke.’—Mathewu 28:18-20.
5, 6. (a) Ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kwafinyelela kanjani kwabeZizwe, futhi kwaba namuphi umphumela? (b) Amalunga aseJerusalema asabela kanjani lapho uPetru ewalandisa ngokuhlangenwe nakho kwakhe noKorneliyu ongoweZizwe?
5 Lokho kwahlanganisa nokushumayela kwabeZizwe, okwabonakala kuyinselele. Isimo sikaPetru eminyakeni emithathu kamuva siwubufakazi balokho. Ngombono, uPetru watshelwa ukuba adle izidalwa ezingcolile njengokudla. Lapho uNkulunkulu embonisa ukuthi izinto ezazicatshangelwa njengezingcolile ngaphambili manje kwakumelwe zibhekwe njengezihlanzekile, uPetru wakhungatheka. Khona-ke uPetru waqondiswa umoya kaNkulunkulu ukuba avakashele emzini kaKorneliyu ongoweZizwe, induna yekhulu engumRoma. Lapho, waqonda ukuthi kwakuyintando kaNkulunkulu ngaye ukuba ashumayeze uKorneliyu, nakuba ngaphambili ayecabanga ukuthi ukuthintana nabantu bezinye izinhlanga kwakuphambene nomthetho. Lapho uPetru esakhuluma, umoya ongcwele wehlela phezu kwalowomkhaya wabeZizwe, futhi lokhu eqinisweni, kwabonisa ukuthi insimu yomsebenzi wezithunywa zevangeli ezingamaKristu manje kwakumelwe yandiswe ukuze ihlanganise nabangemaJuda.—IzEnzo 10:9-16, 28, 34, 35, 44.
6 Lapho uPetru echazela amalunga aseJerusalema ngalesenzakalo, ‘athula, adumisa uNkulunkulu, athi: Kanti uNkulunkulu unike nabezizwe ukuphendukela ekuphileni.’ (IzEnzo 11:18) Manje izizwe zabeZizwe zazingazithola ngokukhululekile izindaba ezinhle ngoKristu nangoMbuso wakhe!
Izithunywa Zevangeli Kwabezizwe
7. Umsebenzi wezithunywa zevangeli ezingamaKristu waqala kanjani ukusakazekela nakwamanye amazwe azungeze iMedithera, futhi uJehova wakubheka kanjani lokhu?
7 Umsebenzi wokushumayela, owawuthole umfutho ngemva kokubulawelwa ukholo kukaStefanu, manje wathatha isimo esihlukile. Ngaphandle kwabaphostoli, ibandla laseJerusalema lalihlakazekile. Ekuqaleni, lawomakholwa angamaJuda ashushiswayo ashumayela kuphela kumaJuda eFenike, eKhupro, naseAntiyokiya. “Kodwa . . . abanye kubo, amadoda aseKhupro naseKhurene . . . bakhuluma nakumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.” UJehova wawubheka kanjani lomsebenzi wezithunywa zevangeli kwabezizwe? “Isandla [sikaJehova] sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini.” Ngenxa yesibindi salawomaKristu akuqala, umsebenzi wezithunywa zevangeli ophumelelayo wawuqala ukusakazeka nasemazweni azungeze iMedithera. Kodwa kwakusenokwengeziwe okwakuseza.—IzEnzo 4:31; 8:1; 11:19-21.
8. UNkulunkulu wasibonisa kanjani isinyathelo esiwujuqu sokwandiswa komsebenzi wezithunywa zevangeli?
8 Cishe ngo-47-48 C.E., uNkulunkulu, ngomoya ongcwele, wabonisa isinyathelo esiwujuqu sokwandiswa komsebenzi wezithunywa zevangeli. Umbhalo ogciniwe okuzEnzo 13:2-4 uyasitshela: “UMoya oNgcwele wathi: Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona. . . . Bona-ke bethunyiwe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya [itheku laseAntiyokiya yaseSiriya]; basuka lapho, baya eKhupro ngomkhumbi.” Yeka ukuthi lokho kumelwe ukuba kwavusa amadlingozi kanjani kuPawulu noBarnaba—babehamba ngomkhumbi beya esabelweni sabo sokuqala sakwelinye izwe! Umphostoli uPawulu wayehola emsebenzini wezithunywa zevangeli ezingamaKristu. Wayebeka futhi isisekelo somsebenzi owawuyoqedwa ekhulwini lethu lama-20 leminyaka.
9. Yini eyafezwa umphostoli uPawulu ngokuhamba kwakhe kwezithunywa zevangeli?
9 UPawulu waqhubeka enza uhambo lwezithunywa zevangeli oluthathu olulotshiwe kuhlanganise nohambo lwakhe lokuya eRoma njengesiboshwa. Phakathi naloluhambo, waqalisa umsebenzi emadolobheni amaningana aseYurophu futhi washumayela isigijimi soMbuso emazweni naseziqhingini namuhla ezaziwa ngokuthi iSiriya, iCyprus, iKrethe, iTurkey, iGrisi, iMelitha, neSicily. Kungenzeka ukuthi wafinyelela ngisho naseSpain. Wasiza ekumiseni amabandla emadolobheni amaningi. Yayiyini imfihlo yomsebenzi wakhe wezithunywa zevangeli ophumelelayo?
Ukufundisa Okuphumelelayo
10. Kungani uPawulu ayephumelela kangaka emsebenzini wakhe wezithunywa zevangeli?
10 UPawulu walingisa indlela kaKristu yokufundisa. Ngakho-ke wayeyazi indlela yokujwayelana nabantu. Wayeyazi indlela yokufundisa nendlela yokuqeqesha abanye njengabafundisi. Wasekela imfundiso yakhe emiBhalweni. Akazange azame ukuhlaba abanye umxhwele ngokuhlakanipha kwakhe siqu, kodwa kunalokho, wabonisana nabo ngemiBhalo. (IzEnzo 17:2, 3) UPawulu futhi wayeyazi indlela yokuzivumelanisa nezilaleli zakhe nokusebenzisa isimo sakuleyondawo njengesisekelo sesigijimi sakhe. Njengoba asho: “Ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi. KubaJuda ngaba-njengomJuda, . . . kwabangenamthetho ngaba-njengongenamthetho, . . . kwababuthakathaka ngaba-buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; sengaba-yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye.”—1 Korinte 9:19-23; IzEnzo 17:22, 23.
11. Yini ebonisa ukuthi uPawulu nabangane bakhe babeyizithunywa zevangeli eziphumelelayo, futhi yayisakazeke kangakanani inkonzo yobuKristu?
11 UPawulu nabangane bakhe babeyizithunywa zevangeli eziphumelelayo. Ngokubekezela nangokukhuthazela, bamisa futhi baqinisa amabandla obuKristu kuzo zonke izindawo ababeya kuzo. (IzEnzo 13:14, 43, 48, 49; 14:19-28) Inkonzo yamaKristu akuqala yayisakazeke kangangokuthi uPawulu ekugcineni wayengabhala ngokuphathelene ‘neqiniso levangeli elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo, landa, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu.’ Ngempela, umsebenzi wakuqala wezithunywa zevangeli ezingamaKristu wabathinta abantu.—Kolose 1:5, 6, 23.
12. Yini eyabangela ukuba umsebenzi wakuqala wezithunywa zevangeli ezingamaKristu unqamuke okwesikhashana?
12 Nokho, ngasekuqaleni kwekhulu lesibili leminyaka C.E., ukuhlubuka kwakungena ngokunyenya ebandleni lobuKristu, njengoba nje uJesu nabaphostoli babexwayisile. (Mathewu 7:15, 21-23; IzEnzo 20:29, 30; 1 Johane 2:18, 19) Emakhulwini eminyaka alandela, imfundiso yenkolo nemfundiso yobuqaba kwasifiphaza isigijimi soMbuso. ELobukholwa lathumela abavangeli, hhayi ukuba bashumayele uMbuso kaNkulunkulu weqiniso, kodwa ukuze bagidlabeze abantu bomdabu ababengenakuzivikela—ngokuvamile besebenzisa inkemba—ngombuso wamakhosi abo ezombangazwe nabaxhasi babo. Umsebenzi wakuqala wezithunywa zevangeli ezingamaKristu waphela kodwa hhayi phakade.
13. Umkhankaso wezithunywa zevangeli waqaliswa kanjani ezikhathini zanamuhla, futhi yini eyafezwa ngasekupheleni kuka-1916?
13 Ngasekupheleni kwekhulu le-19 leminyaka, uCharles T. Russell, umongameli wokuqala weWatch Tower Society, wabona isidingo somsebenzi wezithunywa zevangeli. Ngakho wahlela umkhankaso omkhulu wokufakaza,futhi yena ngokwakhe wavakashela amadolobha amaningi eUnited States, kuhlanganise nokudabula umhlaba ngomkhumbi ukuze ahambele amazwe amaningi ngangokunokwenzeka. Izincwadi zakhe ezisekelwe eBhayibhelini zakhishwa ngezilimi ezingama-35. Kuthiwa wahamba amakhilomitha angaphezu kwesi-1 600 000 njengomfundisi wasobala futhi wanikeza izintshumayelo ezingaphezu kweziyizi-30 000 ngaphambi kokufa kwakhe ngo-1916.
14. Wenzani uJoseph F. Rutherford ekuqhubekiseleni phambili umsebenzi wezithunywa zevangeli?
14 Umlandeli wakhe, uJoseph F. Rutherford, naye futhi wasibona isidingo esibalulekile somsebenzi wezithunywa zevangeli. Ekuqaleni kwawo-1920, wathumela amadoda afanelekayo emazweni ahlukene ukuba asize ekuqaliseni umsebenzi wokushumayela. Izithunywa zevangeli zaqalisa lomsebenzi wokushumayela eSpain, eNingizimu Melika, naseNtshonalanga Afrika. Ngo-1931 kwenziwa isicelo sezisebenzi zokuzithandela ukuba zandise umsebenzi eSpain. Izinsizwa ezintathu zaseNgilandi zasabela futhi zakhonza lapho iminyaka emine ngaphansi kwezimo ezinzima nezikhandla kakhulu kwaze kwaba sekugqashukeni kweMpi Yangaphakathi YaseSpain ngo-1936. Khona-ke kwadingeka ukuba zibaleke ukuze zisindise ukuphila kwazo.
15. Yini eyenzeka ngawo-1940 ukuze kwandiswe umsebenzi wezithunywa zevangeli kakhulu?
15 phakathi neshumi leminyaka lawo-1940, kwakuseza izinto ezingcono emsebenzini wezithunywa zevangeli. Umongameli wesithathu weWatch Tower Society, uNathan H. Knorr, wayeneqembu lamadoda ashisekayo elalisebenza naye. Ngokusobala ngaphansi kokuqondisa komoya ongcwele, ngo-1942 wabona isidingo sokuvula isikole sezithunywa zevangeli ekulungiseleleni inselele yangemva kweMpi Yezwe II. Phakathi naleyompi yezwe, wathatha isinyathelo, futhi ngoFebruary 1943, kwavulwa ngokomthetho iWatchtower School of Gilead eNyakatho yoMbuso waseNew York. Inabaqeqeshi abane, njalo ngezinyanga eziyisithupha yayinikeza ukuqeqesha okusekelwe eBhayibhelini kwenkonzo yezithunywa zevangeli ezikhonzini ezingamaphayona ashisekayo ezingaphezu kwekhulu, ezesilisa nezesifazane. Ingabe umsebenzi wazo owumphumela uye waphumelela?
16. (a) Babebangaki oFakazi ababeshumayela ngo-1943, futhi lokho kuqhathaniseka kanjani nanamuhla? (b) Iyiphi ingxenye izithunywa zevangeli eziye zaba nayo kulokhu kwanda? Chaza.
16 Ngo-1943 kwakunoFakazi abayizi-126 329 kuphela ababeshumayela emazweni angama-54. Siyini isimo namuhla? Manje, eminyakeni engama-45 kamuva, kuneziningi ngokuphindwe izikhathi ezingama-28, izikhonzi ezikhuthele ezingaphezu kwezigidi ezintathu nengxenye emazweni angama-212 naseziqhingini zolwandle. Ingxenye enkulu yalokhu kwanda iye yabangelwa isisekelo esihle esabekwa izithunywa zevangeli ezingaphezu kwezi-6 000 eziye zathola iziqu eSikoleni saseGileyadi. Ziye zavela emazweni angama-59 futhi ziye zathunyelwa emazweni ahlukene ayi-148 phakathi neminyaka engamashumi ayisihlanu edlule. Ngosizo lwazo, esikhundleni sokuba nje noFakazi abangaphezudlwana kwezinkulungwane eziyikhulu emhlabeni wonke, njengoba kwakunjalo eminyakeni engama-45 edlule, manje kunamazwe ayishumi ngalinye elinezikhonzi ezingaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu ezishumayela futhi zifundise izindaba ezinhle. Kwamaningi alamazwe, izithunywa zevangeli zaseGileyadi bezilokhu zihola emsebenzini wokushumayela ivangeli.
17. Yiziphi izici ezintathu eziyisisekelo eziye zenza kokubili umsebenzi wezithunywa zevangeli ezingamaKristu wakuqala nowanamuhla uphumelele?
17 Kungakhathaliseki ukuthi sibhekisela emsebenzini wezithunywa zevangeli wamaKristu akuqala noma anamuhla, kunezici eziyisisekelo eziye zawenza waphumelela. Esokuqala siwukuthintana ngokuqondile nabantu okuwumphumela wenkonzo yendlu ngendlu nokufakaza ngokwethukela, kuhlanganise nelungiselelo lesifundo seBhayibheli sasekhaya. (Johane 4:7-26; IzEnzo 20:20) Esinye isici siyisigijimi esisekelwe eBhayibheli esiqondile nesilula esiqokomisa uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwekhambi elihlala njalo lezinkinga zesintu. (IzEnzo 19:8; 28:16, 23, 30, 31) Futhi eziningi zezithunywa zethu zevangeli zikhonza emazweni ampofu lapho isidingo sokubusa okulungile kukaNkulunkulu sisobala ngempela. Isici sesithathu siwuthando olwafundiswa uKristu nalolo izithunywa zethu zevangeli zanamuhla ezilubonisayo ekusebenzelaneni kwazo kwansuku zonke nabantu bazo zonke izinhlobo nendabuko. Akukho kungabaza ukuthi, phakathi neminyaka engama-45 edlule, izithunywa zevangeli zeWatch Tower ziye zafeza ingxenye enkulu ekwandeni komhlaba wonke kwenhlangano kaJehova.—Roma 1:14-17; 1 Korinte 3:5, 6.
Umoya Wobuphayona Uthonya Abaningi
18. Obani abanye abaye bangenwa umoya ofanayo wentshiseko yezithunywa zevangeli njengalabo abathola iziqu eGileyadi?
18 Ngokungangabazeki isibonelo sentshiseko sabathola iziqu eGileyadi savusa isifiso kwabanye sokuba babe izikhonzi zesikhathi esigcwele. Namuhla, kunamakhulu ezinkulungwane abanye oFakazi BakaJehova abaye bangenwa umoya ofanayo wezithunywa zevangeli. Nabo futhi bangamaphayona ngomqondo ongokoqobo, belandela ezinyathelweni zikaJesu, “iPhayona lensindiso yabo.”—Heberu 2:10; 12:2, Moffatt.
19. OFakazi abaningi abanomoya wokuphayona baye bazinikela ngokuzithandela ukuba benzeni, futhi bazizwa kanjani bevuziwe ngalokhu?
19 Kusukela ngawo-1960 kuye kwaba nzima kakhulu ukuthumela izithunywa zevangeli emazweni amaningi. IWatchtower Bible School of Gilead iyaqhubeka ithumela izithunywa zevangeli, ngezinga okungenzeka ngalo, ngokwesidingo sakwamanye amazwe. Nokho, kunensimu enkulu kakhulu emhlabeni wonke yalaboFakazi abanomoya weqiniso wobuphayona. Abaningi baye bazinikela ngokuzithandela ukuba bazenzele amalungiselelo omuntu siqu okukhonza emazweni lapho indingeko inkulu khona. Ingabe ungomunye ongase abajoyine? Abanjalo ngokuvamile baphawula ukuthi ubunzima nokuzidela akunakulinganiswa nenjabulo enkulu yokondla abantu abanjengezimvu ngamaqiniso oMbuso emazweni asathuthuka. Bavuzwa ngokuphindiwe ngokuthola ‘abafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana’ abasha nasekuhlanganyeleni nalaba ithemba elimangalisayo lokuphila okuphakade ‘esimisweni sezinto esizayo.’—Marku 10:28-30, qhathanisa neNW.
20. (a) Obani abafeza ingxenye enkulu yokushumayela emazweni amaningi? (b) Kwenzeka kanjani ukuba iJapane ibike ingqikithi yamahora amaningi enkonzo yasensimini minyaka yonke cishe ngaphezu kwanoma yiliphi elinye izwe? (c) Yimuphi umbuzo esiyobe senza kahle ukuwucabangela?
20 Ngaphezu kwalokho, kunamakhulu ezinkulungwane ezinceku zikaJehova namuhla ezibika inkonzo engcwele inyanga ngayinye njengamaphayona avamile noma asizayo. Eziningi zazo zisebenza ngenkuthalo emasimini asemazweni akubo. Emazweni amaningi, lezi zifeza ingxenye enkulu yomsebenzi wokushumayela, futhi ngokuvamile ziphindela emakhaya afanayo isonto ngalinye. Ithemba lazo loMbuso liboniswa ukubonakala kwazo ziqhakazile nesimo senjabulo njengoba zenza abangane abasha futhi zihlakulela isithakazelo esengeziwe emasimini azo. Amaphayona amaningi asho ukusetshenziswa kwamahora amaningi ekudumiseni uNkulunkulu. Eminyakeni engaphezu kweyishumi, iJapane, lapho iningi loFakazi BakaJehova lalingamaBuddha, iye yabika ingqikithi yamahora enkonzo yasensimini unyaka ngamunye angaphezu kwanoma yiliphi elinye izwe ngaphandle kwaseUnited States. Lokho kungenxa yokuthi abacishe babe ingxenye yabamemezeli boMbuso bayo bayaphayona. Ingabe nawe futhi ungahlela izindaba zakho ukuze uhlanganyele kulelilungelo elihle kunawo wonke, inkonzo yobuphayona?
21. (a) Abanye oFakazi abazimo zabo zingabavumeli ukuba babhalise njengamaphayona avamile bangaqhubeka bewubonisa kanjani umoya wobuphayona? (b) Abasha bangawubonisa kanjani umoya wobuphayona?
21 Kunabanye oFakazi ‘abashisekela imisebenzi emihle.’ (Thithu 2:14) Bahlanganisa asebegugile, abanempilo ebuthaka, abaningi abanemithwalo yemfanelo yemikhaya, nentsha esesesikoleni labo okungenzeka isimo sabo asibavumeli ukuba babhalise njengamaphayona avamile. Nalaba bangabonisa umoya wobuphayona ngokunikeza amaphayona ukusekela okukhuthazayo, behlanganyela nawo ngangokunokwenzeka enkonzweni, futhi beba nesimo esihle ngamathuba abo siqu okufakaza. Abasha bangenza inkonzo yoMbuso yesikhathi esigcwele ibe umgomo wabo, futhi lapho sebebhapathiziwe, bahlanganyele enkonzweni yamaphayona asizayo njalo ngezikhathi ezithile. NjengoThimothewu osemusha, bangazindla ngalezizinto ukuze bathuthuke ngokomoya kanye nabo bonke abantu bakaNkulunkulu.—1 Thimothewu 4:15, 16.
22. Kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo sethu ekuphileni, kufanele kube yini ukuzimisela kwethu, futhi kube namuphi umphumela omuhle?
22 Kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo sethu ekuphileni, sengathi sonke singashukunyiswa umoya kaJehova ukuba sihlanganyele ngokugcwele enkonzweni yakhe. Sengathi “isandla [sikaJehova]” singaqhubeka sinomuntu ngamunye wethu ukuze kushiwo ngokuphathelene nemizamo yethu yentobeko ukuthi “izwi landa ngamandla [kaJehova], lanqoba.”—IzEnzo 11:21; 19:20.
Imibuzo Yokubukeza
▫ Waqaliswa kanjani umsebenzi wezithunywa zevangeli ezingamaKristu, futhi wawuzokwanda kangakanani?
▫ Iyiphi indima umphostoli uPawulu aba nayo ekwandiseni umsebenzi wezithunywa zevangeli?
▫ Umsebenzi wezithunywa zevangeli wavuselelwa kanjani ezikhathini zanamuhla?
▫ Yiziphi izici eziye zenza inkonzo yezithunywa zevangeli neyamaphayona ziphumelele?
▫ Ungasingena kanjani umoya wobuphayona namuhla?
[Ishadi ekhasini 13]
Umsebenzi WoMbuso Emazweni Ayishumi-Ngo-1988
(Wonke lamazwe abike inani labamemezeli abangaphezu kwezi-100 000)
Inani
Eliphakeme Isilinganiso Amahora Ababakhona
Izwe Labamemezeli Samaphayona Okushumayela ESikhumbuzweni
IU.SA 797 104 96 947 161 478 732 1 822 607
Mexico 248 822 32 117 58 061 457 1 004 062
IBrazil 245 610 22 725 44 218 022 718 414
I-Italy 160 584 25 477 43 354 687 330 461
INigeria 134 543 14 022 27 800 623 398 555
IJapane 128 817 52 183 60 626 840 297 171
IJalimane 125 068 8 416 22 029 942 215 385
IBrithani 113 412 11 927 22 103 713 211 060
IPhilippines 107 679 21 320 26 337 621 305 087
IFrance 103 734 9 189 21 598 308 205 256
[Isithombe ekhasini 10]
UPawulu noBarnaba baya ukuyoqala umsebenzi wezithunywa zevangeli