“Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
“Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.”—MARKU 13:10.
1. Iyiphi into eyodwa eyenza oFakazi BakaJehova bahluke kuzo zonke izinkolo zeLobukholwa, futhi ngani?
KUBO bonke abazisholo ukuthi bangamaKristu, oFakazi BakaJehova kuphela ababheka umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle ngokungathi sína. Babumba okuwukuphela kweqembu kulona ilungu ngalinye elizizwa libopheke ngokomuntu siqu ukuba ngaso sonke isikhathi liye kumakhelwane walo ukuze lixoxe naye ngezinjongo zikaNkulunkulu. Kungani kunjalo? Ngoba uFakazi ngamunye unomuzwa wokuthi, njengomKristu, kumelwe abe umlandeli kaKristu ohamba ezinyathelweni zakhe. (1 Petru 2:21) Lokhu kusho ukuthini?
2. Abantu abaningi bambheka kanjani uJesu Kristu, kodwa wawuyini umsebenzi wakhe oyinhloko emhlabeni?
2 Ezingqondweni zabaningi, uJesu Kristu wayemane nje eyindoda eyayenza izenzo ezinhle. Waphilisa abagulayo, wondla abalambile, futhi wabonisa uthando nomusa kwabaswele. Kodwa uJesu wenza okuningi okwengeziwe. Okokuqala ngqá wayengumshumayeli oshisekayo wezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ezinyangeni ezimbalwa ngemva kokubhapathizwa kwakhe emfuleni iJordani, uJesu waqala ukushumayela obala ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” (Mathewu 4:17) Ukulandisa kukaMarku kuthi: “UJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu, wathi: Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”—Marku 1:14, 15.
3, 4. (a) Nakuba uJesu aphilisa zonke izinhlobo zezifo, yini ayigcizelela enkonzweni yakhe? (b) Kungani uJesu athunyelwa emhlabeni? (c) UJesu wawufanisa nani umsebenzi wakhe wokushumayela, futhi watshela abafundi bakhe ukuba benzeni?
3 UJesu wabiza uPetru, uAndreya, uJakobe, noJohane ukuba bamlandele, futhi siyafunda: “UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.” Lapho izixuku zaseGalile zizama ukumbamba, wathi: “Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.” Khona-ke wahamba eshumayela emasinagogeni aseJudiya.—Mathewu 4:18-23; Luka 4:43, 44.
4 Ephindela eGalile futhi, uJesu “wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso.” (Luka 8:1) Wafanisa umsebenzi wakhe wokushumayela nokuvuna futhi wathi: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana, ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.” (Mathewu 9:35-38) Ngisho nalapho izixuku zingamniki isikhathi sokuphumula, “wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa.”—Luka 9:11.
5. Lapho uJesu ethuma abaphostoli bakhe nabanye abafundi enkonzweni, yiziphi iziyalezo abanika zona?
5 Yiqiniso, uJesu waphilisa abagulayo futhi ngezinye izikhathi wondla abalambile. Kodwa ngaphezu kwakho konke okunye, wayematasa etshela abantu ngoMbuso kaNkulunkulu. Futhi wayefuna ukuba abafundi bakhe benze okufanayo. Esebaqeqeshile abaphostoli bakhe, wabathuma ngababili ukuba bayoshumayela, ethi: “Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele.” (Mathewu 10:7) ULuka uthi: “Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa.” (Luka 9:2) Nakubafundi abangama-70, uJesu wanika umyalo wokuba ‘baphulukise abagulayo bathi kubo: Umbuso kaNkulunkulu usondele.’—Luka 10:9.
6. Ngaphambi kokuba anyukele ezulwini, yiziphi iziyalezo ezimayelana nenkonzo yabo uJesu azinika abalandeli bakhe?
6 Ngaphambi kokuba anyukele ezulwini, uJesu wathuma abalandeli bakhe ukuba baqhubeke nomsebenzi wokushumayela baze ngisho bawandise. Wabayala: “Ngalokho, hambani nenze izizwe zonke abafundi . . . nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) Waqhubeka, wathi: “Nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.” (IzEnzo 1:8) Ngakho, kokubili uJesu nabaphostoli bakhe banikeza ukunakekela kwabo kokuqala ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.
UMbuso Kumelwe Ushunyayelwe Esikhathini Sethu
7. UJesu wathini ngomsebenzi wokushumayela owawuzokwenziwa “esiphelweni sesimiso sezinto”?
7 Esiprofethweni sakhe ngezinto ezazizokwenzeka “ekupheleni kwesimiso sezinto,” uJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe, khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:3, 14, NW) Noma, njengoba kuboniswe kuMarku 13:10: “Ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.”—Bheka futhi nesAmbulo 14:6, 7.
8. (a) Izindaba ezinhle zazihlanganisani esikhathini sabaphostoli? (b) Isigijimi sezindaba ezinhle sihlanganisani namuhla?
8 “Ezinsukwini zokugcina,” izindaba ezinhle zoMbuso zihlanganisa okwengeziwe kunanjengoba kwakunjalo lapho uJesu esemhlabeni. Washumayela ukuthi uMbuso ususondele, edonsela ukunakekela ephuzwini lokuthi wayephakathi kwabantu njengoMesiya neNkosi. (2 Thimothewu 3:1; Mathewu 4:17; Luka 17:21) Izindaba ezinhle ezashunyayelwa amaKristu okuqala zahlanganisa indaba yokuvuswa kukaJesu kwabafileyo nokunyukela kwakhe ezulwini, futhi zakhuthaza abathobekileyo ukuba babe nokholo eMbusweni ozayo. (IzEnzo 2:22-24, 32; 3:19-21; 17:2, 3; 26:23; 28:23, 31) Njengoba manje sesifike “esiphelweni sesimiso sezinto,” ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kuhlanganisa isigijimi esikhangayo sokuthi uMbuso usumisiwe ezulwini.—IsAmbulo 11:15-18; 12:10.
Obani Abazoshumayela Izindaba Ezinhle?
9. (a) Abanye bangakuphikisa kanjani ukuthi ukushumayela izindaba ezinhle akukhona okubophayo ngawo wonke amaKristu namuhla? (b) Obani uJehova abasebenzisa esikhathini esidlule ukuze bashumayele izwi lakhe, futhi lokho kusho ukuthini kithina namuhla?
9 Obani, namuhla, okumelwe bahlanganyele emsebenzini wokushumayela? Ngokusobala, eLobukholwa linomuzwa wokuthi akusona isibopho nganoma ubani, futhi kuyiqiniso ukuthi lapho uJesu kuMathewu 24:14 ethi lezindaba ezinhle ziyoshunyayelwa, akazange asho ngokuqondile ukuthi obani ababeyokwenza lomsebenzi. Nokho, obani abanye, uJehova ayezobasebenzisa emsebenzini onjalo kodwa abanokholo eZwini lakhe futhi asebeqalile ukulisebenzisa ekuphileni kwabo? Ezinsukwini zikaNowa lapho uJehova ezimisele ukuxwayisa izwe elibi lesintu ngembubhiso ezayo, wasebenzisa indoda ‘eyayihamba noNkulunkulu.’ (Genesise 6:9, 13, 14; 2 Petru 2:5) Lapho efuna ukuba izigijimi ezingokwesiprofetho ziyiswe kuIsrayeli, wathuma ‘izinceku zakhe, abaprofethi.’ (Jeremiya 7:25; Amose 3:7, 8) Isizwe sakwaIsrayeli esasizinikezele sasiyisizwe esingofakazi bakhe. (Eksodusi 19:5, 6; Isaya 43:10-12) Yebo, uJehova usebenzisa izinceku zakhe ezizinikezele njengofakazi bakhe.
10. Kungabonwa kanjani emazwini akuMathewu 28:19, 20 ukuthi umyalo wokwenza abafundi usebenza kuwo wonke amaKristu?
10 Abanye baye bathi umyalo wokwenza abafundi, onikezwe kuMathewu 28:19, 20, wawunikezwe kuphela abaphostoli futhi ngalokho awusebenzi kuwo wonke amaKristu. Kodwa phawula lokho uJesu akusho: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi . . . nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.” Abalandeli bakaJesu kwakufanele bafundise abafundi abasha ukugcina konke lokho uJesu ayekuyalezile. Futhi enye yezinto aziyalezile ‘kwakuwukuhamba benze abafundi.’ Ngokuqinisekile, bonke abafundi abasha kwakumelwe bafundiswe futhi ukugcina lomyalo okhethekile.
11. (a) Yisiphi isibopho esasiphezu kwebandla lobuKristu ekhulwini lokuqala leminyaka? (b) Kudingekani ngomuntu ukuze asindiswe, futhi lokho kuhlanganisani?
11 Ibandla lobuKristu lekhulu lokuqala leminyaka lalibizwa ngokuthi ‘abantu abazuziweyo bakaNkulunkulu, ukuze bashumayele ubukhosi balowo owababizayo baphume ebumnyameni, bangene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.’ (1 Petru 2:9) Amalungu alo ayefakaza ngentshiseko ngoMbuso kaNkulunkulu. (IzEnzo 8:4, 12) Bonke “abangcwele,” amaKristu agcotshiwe, eRoma babetshelwe ukuthi “ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa” nokuthi “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.” (Roma 1:7; 10:9, 13) Lokhu kuvuma kwasobala kwensindiso, okwenziwa ngesikhathi umuntu ebhapathizwa, kuhlanganisa futhi nokushumayela obala izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova.
12, 13. (a) “Isivumo sethemba lethu” esiphawulwe kumaHeberu 10:23 sihlanganisani? (b) IHubo 96 lisibonisa ngayiphi indlela isidingo sokuvuma obala ngaphandle kwebandla, futhi IsAmbulo 7:9, 10 sikusekela kanjani lokhu?
12 Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu angamaHeberu ukuthi: “Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo.” (Heberu 10:23) Lokuvuma kwasobala akulinganiselwe kuphela emihlanganweni yebandla. (IHubo 40:9, 10) KuyiHubo 96:2, 3, 10 siwubona ngokucacile umyalo ongokwesiprofetho wokushumayela ngaphandle kwebandla, kwabezizwe, kulamazwi: “Nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla. Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke. Thanini phakathi kwabezizwe: UJehova uyinkosi.” Ngempela, kuMathewu 28:19, 20; nakuzEnzo 1:8, uJesu wayala amaKristu ukuba ashumayele kwabezizwe.
13 Lokushumayela kwasobala kwabhekiselwa kukho kwamanye amazwi kaPawulu aqondiswe kumaKristu agcotshiweyo angamaHeberu: “Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma [obala] igama lakhe.” (Heberu 13:15, NW) Encwadini yesAmbulo, “isixuku esikhulu” esibuthwe kuzo zonke izizwe, naso futhi sibonwa simemeza ngezwi elikhulu sithi: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu.” (IsAmbulo 7:9, 10) Ngakho, kulesikhathi sesiphelo sesimiso sezinto, ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle kwenziwa oFakazi BakaJehova abazinikezele, insali yabafowabo abangokomoya bakaKristu nabangane bayo abanjengezimvu abenza “isixuku esikhulu.” Kodwa eqinisweni kumelwe bawenze kanjani lomsebenzi?
“Obala Nasendlini Ngendlu”
14. UJesu washumayela kuphi, futhi yisiphi isimiso esingasifunda kulokhu?
14 UJesu washumayela ngokuqondile kubantu. Ngokwesibonelo, sifunda, ukuthi washumayela emasinagogeni. Ngani? Ngoba abantu babehlangana lapho ngeSabatha futhi balalele ukufundwa nokuchazwa kwemiBhalo. (Mathewu 4:23; Luka 4:15-21) UJesu futhi washumayela kubantu endleleni, ngasolwandle, entabeni, emthonjeni ngaphandle komuzi, nasemakhaya. Nomaphi lapho kwakunabantu khona, uJesu washumayela kubo.—Mathewu 5:1, 2; Marku 1:29-34; 2:1-4, 13; 3:19; 4:1, 2; Luka 5:1-3; 9:57-60; Johane 4:4-26.
15. (a) Yiziphi iziyalezo uJesu azinika abafundi bakhe lapho ebathuma ukuba bayoshumayela? (b) Abanye abahlaziyi beBhayibheli baye bakuchaza kanjani lokhu?
15 Lapho uJesu ethuma abafundi bakhe ukuba bayoshumayela, nabo futhi wabathuma ngokuqondile kubantu. Lokhu kubonakala eziyalezweni zakhe ezilotshwe kuMathewu 10:1-15, 40-42. Evesini 11 wathi: “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke.” IThe Jerusalem Bible ihumusha lelivesi ngalendlela: “Buzani othembekileyo,” njengokungathi abafundi kwakumelwe bayobuza kothile ovelele noma onolwazi emuzaneni ukuze bathole ukuthi ngubani owayenedumela elihle futhi kanjalo owayefanelwe isigijimi. (Bheka futhi inguqulo kaWeymouth neKing James Version.) Futhi lena incazelo nabahlaziyi abathile beBhayibheli abayinikezayo ngevesi 11.
16. Yikuphi ukucatshangelwa ngomqondo ovulekile okwengeziwe kwamazwi kaJesu akuMathewu 10:11 okubonisa indlela abaphostoli ababezofuna ngayo abafaneleyo?
16 Nokho, kumelwe kukhunjulwe, ukuthi ngokwengxenye enkulu, abefundisi beLobukholwa abayi endlini ngendlu, futhi nabahlaziyi abaningi beBhayibheli bathambekele ekuchazeni imiBhalo ngomongo wokuhlangenwe nakho kwabo siqu. Ukucabangela isiyalezo sikaJesu ngomqondo ovulekile kubonisa ukuthi wayekhuluma ngokufunwa kwabantu ngabanye abafundi bakhe, kungaba sendlini ngendlu noma obala, futhi balethe kubo isigijimi soMbuso. (Mathewu 10:7) Ukusabela kwabo kwakuyobonisa ukuthi basifanele noma cha.—Mathewu 10:12-15.
17. Yini ebonisa ukuthi abafundi bakaJesu babengahambeli kuphela abantu abafaneleyo ngesisekelo sokuthi baye batuswa noma bakhethwa?
17 Lokhu kubonakala emazwini kaJesu akuMathewu 10:14: “Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyondlu noma kulowomuzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.” UJesu wayekhuluma ngokuhambela kwabafundi abantu bengamenyiwe ukuze babashumayeze. Yiqiniso, babeyokwamukela futhi nendawo yokuhlala komunye wabaninikhaya oye wasabela esigijimini. (Mathewu 10:11) Kodwa okwakusemqoka kwakuwumsebenzi wokushumayela. KuLuka 9:6 kuboniswe ukuthi: “Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke.” (Bheka futhi uLuka 10:8, 9.) Abantu abafaneleyo abaye bemukela abafundi ezindlini zabo njengabaprofethi, mhlawumbe bebanika “inkomishi yamanzi abandayo” noma ngisho nezindawo zokulala, babengeke balahlekelwe umvuzo wabo. Babeyokuzwa isigijimi soMbuso.—Mathewu 10:40-42.
18, 19. (a) NgokwezEnzo 5:42, amaKristu akuqala ayewenza kanjani umsebenzi wawo wokushumayela? (b) Amazwi kaPawulu akuzEnzo 20:20, 21 abonisa kanjani ukuthi wayekhuluma ngenkonzo kubantu abangakholwayo, hhayi umsebenzi wokuhambela abangaphakathi ngenjongo yokubavuselela?
18 Ngemva kokutholwa kwebandla lobuKristu, siyafunda ngokuphathelene nabaphostoli: “Abayekanga ukufundisa nokushumayela obala ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.” (IzEnzo 5:42; bheka umbhalo waphansi kuReference Bible) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “nasemakhaya” elithi kat’ oiʹkon. Lapha igama elithi ka·taʹ linomqondo wokusakaza. Ngakho, kungase kushiwo ukuthi ukushumayela kwabafundi kwakusakazeke endlini ngendlu. Babengenzi ukuhambela kobungane okuhlelwe ngaphambili. Ukusetshenziswa okufanayo kwegama elithi ka·taʹ kuyatholakala kuLuka 8:1 egameni elithi “imizi nemizana.”
19 Igama elifanayo ebuningini elithi, kat’ oiʹkous, lisetshenziswe umphostoli uPawulu kuzEnzo 20:20. Lapho wathi: “Angigwemanga . . . nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.” Inkulumo ethi “izindlu ngezindlu” kwezinye izinguqulo ihunyushwe ngokuthi “nasemakhaya enu.” Ngakho abanye babahlaziyi beBhayibheli beLobukholwa bathi uPawulu lapha wayebhekisele ekuhambeleni amakhaya abantu abakholwayo ngenjongo yokubavuselela. Kodwa amazwi alandelayo kaPawulu abonisa ukuthi wayekhuluma ngenkonzo kubantu abangakholwayo, ngoba uthi: “Ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.”—IzEnzo 20:21.
20. (a) OFakazi BakaJehova baye bashumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngokwaliphi izinga esikhathini sethu? (b) Abanye bangase bayibheke kanjani indaba yokuqhubekela phambili nomsebenzi wokushumayela?
20 Ngakho-ke lendlela yokufinyelela abantu kumelwe isetshenziswe esikhathini sethu lapho “izindaba ezinhle zombuso” kumelwe “zishunyayelwe kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe.” (Mathewu 24:14, NW) Eminyakeni engaphezu kwengama-65, oFakazi BakaJehova bebeshumayela ngentshiseko izindaba ezinhle zoMbuso omisiwe kaNkulunkulu obala nasendlini ngendlu—manje emazweni angama-210. Yeka ubufakazi obuhle obufezwayo! Futhi lokhu naphezu kweqiniso lokuthi abantu abaningi namuhla “bezwa kanzima” isigijimi, abanye ngisho nangokucasuka. (Mathewu 13:15) Kungani oFakazi BakaJehova bephikelela ukushumayela ezindaweni lapho abantu benqaba khona ukubalalela noma baze ngisho babaphikise? Lombuzo uzocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
Uzophendula Kanjani?
◻ ImiBhalo ibonisa ukuthi yini eyayenza inkonzo kaJesu ihluke?
◻ Iziphi iziqondiso ezanikezwa abaphostoli enkonzweni yabo?
◻ Yimuphi umsebenzi okumelwe wenziwe esikhathini sethu, futhi ngani?
◻ Obani uJehova azobasebenzisa ukuba bashumayele izindaba ezinhle osukwini lwethu?
◻ Umsebenzi wokushumayela kumelwe ufezwe kuphi futhi kanjani?