-
“Bhekani Lomuntu!”INqabayokulinda—1991 | Januwari 1
-
-
Ngakho, evumelana nezicelo zabo—futhi efisa ukwanelisa isixuku kunokuba enze lokho aziyo ukuthi kulungile—uPilatu usikhululela uBaraba. Uthatha uJesu futhi uyala ukuba akhunyulwe abese ebhaxabulwa. Lokhu kwakungekhona ukubaxabulwa ngesiswebhu okuvamile. IJournal of the American Medical Association ichaza umkhuba wamaRoma wokushaya:
“Ithuluzi elivamile kwakuyisiswebhu esifushane (iflagrum noma iflagellum) esi-nemicu yesikhumba embalwa engalukiwe noma elukiwe engalingani ngobude, okwakuhamba kuboshelwa kuyo izinsinjana eziyindilinga noma amathambo emvu acijile. . . . Njengoba amasosha amaRoma ayeshaya umhlane wesisulu ngamandla amakhulu, lamabhola ensimbi ayebangela amanxeba ajulile, futhi imicu yesikhumba namathambo emvu kwakungena kujule esikhunjeni nasezicutshini ezingaphansana kwesikhumba. Khona-ke, njengoba ukushaywa kwakuqhubeka, ukusikeka kwamanxeba kwakuyofinyelela emisipheni engaphansi kwamathambo futhi kubangele imicu evevezelayo yenyama eyophayo.”
-