Isahluko 33
Ukugcwalisa Isiprofetho SikaIsaya
NGEMVA kokuba uJesu ebonile ukuthi abaFarisi nabalandeli beqembu likaHerode bahlela ukumbulala, yena nabafundi bakhe bamonyukela oLwandle LwaseGalile. Lapha izixuku ezinkulu ezivela kulo lonke elasePalestina, ngisho nangaphandle kwemingcele yalo, zithuthelekela kuye. Uphilisa abaningi, kube nomphumela wokuthi bonke labo abanezifo ezidabukisayo baphokophelele ukumthinta.
Ngenxa yokuthi izixuku zinkulu kakhulu, uJesu utshela abafundi bakhe ukuba bamlungiselele isikebhe aqhubeke esisebenzisa. Ngokusuka ogwini, angagcina izixuku zikude ukuze zingamcindezeli. Angazifundisa esesikebheni noma aye kwenye indawo egudla ugu ukuze asize abantu lapho.
Umfundi uMathewu uphawula ukuthi umsebenzi kaJesu ugcwalisa “okwakhulunywa ngoIsaya umprofethi.” Khona-ke uMathewu ucaphuna isiprofetho uJesu asigcwalisayo:
“Bheka, inceku yami engiyikhethileyo, othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami, ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe, amemezele ukwahlulela kubo abezizwe. Akayikubanga, akayikubangalasa, akakho oyakulizwa izwi lakhe ezitaladini. Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima, aze aphumelelise ukwahlulela, kunqobe. Izizwe ziyakwethembela egameni lakhe.”
Yebo, uJesu uyinceku ethandiweyo uNkulunkulu athokoza ngayo. Futhi uJesu ukwenza kucace ukuthi kuyini ukwahlulela ngokulunga okuyiqiniso, okufihlwa amasiko enkolo angamanga. Ngenxa yokusebenzisa kwabo ngokungalungi umthetho kaNkulunkulu, abaFarisi ngeke bamsize nokumsiza umuntu ogulayo ngeSabatha! Ekwenza kucace ukwahlulela ngokulunga kukaNkulunkulu, uJesu ukhulula abantu emthwalweni wamasiko okungalungi, futhi lokho kwenza ukuba abaholi benkolo bazame ukumbulala.
Kusho ukuthini ukuthi ‘akayikubanga, akayikuphakamisa izwi lakhe ukuze azwakale ezitaladini’? Lapho ephilisa abantu, uJesu ‘ubayalisisa ukuba bangamzwakalisi.’ Akafuni ukuba kubangwe umsindo emenyezelwa emigwaqweni noma ukuba kudluliselwe ngokwesasa imibiko ehlanekezelwe komunye nomunye.
Futhi, uJesu uyisa isigijimi sakhe esiduduzayo kubantu ngokomfanekiso abanjengomhlanga ofecekileyo, ogotshiwe futhi owephuliwe. Banjengomongo othunqayo, abanhlansi yabo yokugcina yokuphila icishe yacisha. UJesu akawaphuli umhlanga ofecekileyo noma acime umongo olokozayo, othunqayo. Kodwa ngomusa nangothando, uphakamisa ngobuciko abathobekileyo. Ngempela, uJesu uyilowo izizwe ezingathembela kuye! Mathewu 12:15-21; Marku 3:7-12; Isaya 42:1-4.
▪ UJesu ukwenza kanjani ukwahlulela ngokulunga kucace, engabangi noma aphakamise izwi lakhe ezitaladini?
▪ Obani abanjengomhlanga ofecekileyo nomongo othunqayo, futhi uJesu ubaphatha kanjani?