Isahluko 34
Ukhetha Abaphostoli Bakhe
CISHE sekudlule unyaka nengxenye kusukela uJohane uMbhapathizi amemezela uJesu njengeWundlu likaNkulunkulu, noJesu aqala inkonzo yakhe yasobala. Ngalesosikhathi uAndreya, uSimoni Petru, uJohane, mhlawumbe noJakobe (umfowabo kaJohane), kanye noFiliphu noNathanayeli (obizwa futhi ngokuthi uBartolomewu), baye baba ngabafundi bakhe bokuqala. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye abaningi bahlanganyela nabo ekulandeleni uKristu.
Manje uJesu usekulungele ukukhetha abaphostoli bakhe. Laba bayoba abangane bakhe abaseduze abayonikezwa ukuqeqeshwa okukhethekile. Kodwa ngaphambi kokubakhetha, uJesu ukhuphukela entabeni futhi uhlala khona ubusuku bonke ethandaza, cishe ecela ukuhlakanipha nesibusiso sikaNkulunkulu. Lapho kusa, ubiza abafundi bakhe futhi phakathi kwabo ukhetha abangu-12. Nokho, njengoba beqhubeka befundiswa uJesu, basalokhu bebizwa ngokuthi abafundi.
Abayisithupha uJesu abakhethayo, abashiwo ngenhla, bayilabo ababa abafundi bakhe bokuqala. UMathewu, owabizwa uJesu emsebenzini wakhe wokuthelisa, naye uyakhethwa. Abanye abahlanu abakhethwayo uJuda (obizwa futhi ngokuthi uThadewu), uJuda Iskariyothe, uSimoni umKhanani, uThomase, noJakobe indodana ka-Alfewu. LoJakobe ubizwa futhi ngokuthi uJakobe Omncane, mhlawumbe ngenxa yokuba mncane ngomzimba noma ngeminyaka kunomunye umphostoli uJakobe.
Manje laba abangu-12 sebeye baba noJesu isikhathi esithile, futhi ubazi kahle. Eqinisweni, abaningi balaba bayizihlobo zakhe. Ngokusobala uJakobe nomfowabo uJohane bangabazala bokuqala bakaJesu. Futhi kungenzeka ukuthi uAlfewu wayengumfowabo kaJosefa, usingayise kaJesu. Ngakho-ke indodana ka-Alfewu, umphostoli uJakobe, naye wayezokuba umzala kaJesu.
Yebo, uJesu akanayo inkinga ekukhumbuleni amagama abaphostoli bakhe. Kodwa ingabe ungawakhumbula? Nokho, khumbula nje ukuthi kunoSimoni ababili, oJakobe ababili, noJuda ababili, nokuthi uSimoni unomfowabo onguAndreya, nokuthi uJakobe unomfowabo onguJohane. Leso isihluthulelo sokukhumbula abaphostoli abayisishiyagalombili. Abanye abane bahlanganisa umthelisi (uMathewu), lowo owangabaza kamuva (uThomase), owabizwa ngaphansi komuthi (uNathanayeli), nomngane wakhe uFiliphu.
Abayishumi nanye babaphostoli bavela eGalile, indawo yakubo kaJesu. UNathanayeli uvela eKhana. UFiliphu, uPetru, noAndreya ngokudabuka bangabaseBetsayida, uPetru noAndreya kamuva bathuthela eKapernawume, okubonakala sengathi uMathewu wayehlala khona. UJakobe noJohane babesemsebenzini wokudoba futhi cishe nabo babehlala eKapernawume noma eduze kwakhona. Kubonakala sengathi uJuda Iskariyothe, kamuva owakhaphela uJesu, nguye kuphela umphostoli owayevela eJudiya. Marku 3:13-19; Luka 6:12-16.
▪ Yibaphi abaphostoli okungenzeka ukuthi babeyizihlobo zikaJesu?
▪ Bangobani abaphostoli bakaJesu, futhi ungawakhumbula kanjani amagama abo?
▪ Babevela kuziphi izindawo abaphostoli?