Isahluko 41
Kuphikiswana Ngaye
NGOKUSHESHA ngemva kokuba ebungazwe emzini kaSimoni, uJesu uqalisa uhambo lwesibili lokushumayela eGalile. Ohambweni lwakhe oludlule kulensimu, wayehamba nabafundi bakhe bokuqala, uPetru, uAndreya, uJakobe, noJohane. Kodwa manje uhamba nabaphostoli abangu-12, kanye nabesifazane abathile. Laba bahlanganisa uMariya Magdalena, uSusana, noJowana, omyeni wakhe uyisikhulu seNkosi uHerode.
Njengoba izinga lenkonzo kaJesu likhula, kungokufanayo nangokuphikisana ngomsebenzi wakhe. Umuntu othile onamademoni, futhi oyimpumputhe noyisimungulu, ulethwa kuJesu. Lapho uJesu emphilisa, ukuze akhululeke ekulawulweni amademoni futhi akwazi kokubili ukukhuluma nokubona, izixuku ziyamangala. Ziqala ukuthi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?”
Izixuku zihlangana emzini uJesu ahlala kuwo ngamanani amakhulu kangangokuba yena nabafundi bakhe abakwazi ngisho nokudla ukudla. Ngaphandle kwalabo abacabanga ukuthi kungenzeka ‘uyiNdodana kaDavide’ ethenjisiwe, kunababhali nabaFarisi abaye bahamba yonke lendlela besuka eJerusalema bezomhlambalaza. Lapho izihlobo zikaJesu zizwa ngesiphithiphithi esikhona ngaye, ziyafika zizombamba. Ngasiphi isizathu?
Nokho, ngisho nabafowabo bakaJesu abakakholwa ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. Futhi, isiphithiphithi nesiyaluyalu somphakathi aye wasibangela asimfanele uJesu ababemazi esakhula eNazaretha. Ngakho-ke, bakholelwa ukuthi kukhona ukuphazamiseka okungathi sína engqondweni kaJesu. “Uyahlanya,” bephetha, futhi bafuna ukumbamba bamhambise.
Kodwa ubufakazi bokuthi uJesu uphulukise indoda eyayinamademoni busobala. Ababhali nabaFarisi bayazi ukuthi abanakukuphika ukuba yiqiniso kwalokhu. Ngakho ukuze bahlambalaze uJesu batshela abantu: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.”
Ekwazi abakucabangayo, uJesu ubiza ababhali nabaFarisi abese ethi: “Yilowo nalowombuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowomuzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme. Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na?”
Yeka umqondo ochithayo! Njengoba abaFarisi bezisholo ukuthi abantu abakanye nabo baye bakhipha amademoni, uJesu uyabuza futhi: “Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na?” Ngamanye amazwi, ukumangalela kwabo uJesu kumelwe kusebenze ngokufanayo kubo njengakuye. Khona-ke uJesu uyaxwayisa: “Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.”
Ukuze abonise ukuthi ukukhipha kwakhe amademoni kuwubufakazi bokuba kwakhe namandla phezu kukaSathane, uJesu uthi: “Umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na? Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.” Ngokusobala abaFarisi bamelene noJesu, bezibonakalisa bengamanxusa kaSathane. Bahlakazela amaIsrayeli kude naye.
Ngokulandelayo, uJesu uxwayisa labaphikisi abanobusathane ngokuthi “ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.” Uyachaza: “Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa; nakulelizwe nakwelizayo.” Labobabhali nabaFarisi baye benza lesosono esingenakuthethelelwa ngokusho ngokweyisa ukuthi kwenziwe uSathane lokho ngokucacile okuwukusebenza okumangalisayo komoya ongcwele kaNkulunkulu. Mathewu 12:22-32; Marku 3:19-30; Johane 7:5.
▪ Uhambo lukaJesu lwesibili lwaseGalile luhluke kanjani kolokuqala?
▪ Kungani izihlobo zikaJesu zizama ukumbamba?
▪ AbaFarisi bazama kanjani ukuhlambalaza izimangaliso zikaJesu, futhi uJesu ubachitha kanjani?
▪ LabobaFarisi banecala lani, futhi ngani?