Isahluko 44
Ukuthulisa Isiphepho Esisabisayo
USUKU lukaJesu belumatasa, luhlanganisa ukufundisa izixuku ogwini futhi kamuva ukuchaza imifanekiso ngasese kubafundi bakhe. Lapho kuhlwa, uthi: “Asiwele siye ngaphesheya.”
Ngaphesheya ogwini olungasempumalanga loLwandle LwaseGalile kunesifunda okuthiwa iDekapholi, okuyigama elivela kwelesiGreki elithi deʹka, elisho “ishumi,” nelithi poʹlis, elisho “umuzi.” Imizi yaseDekapholi iyizikhungo zesiko lamaGreki, nakuba ngokungangabazeki iyikhaya lamaJuda amaningi. Nokho, umsebenzi kaJesu kulesifunda ulinganiselwe kakhulu. Ngisho nakulokhu kuhambela, njengoba sizobona kamuva, uyanqatshelwa ukuba ahlale isikhathi eside.
Lapho uJesu ecela ukuba baye kolunye ugu, abafundi bamngenisa esikebheni. Nokho, ukuhamba kwabo akukhona okungabonakali. Ngokushesha abanye bangena ezikebheni zabo ukuze babaphelezele. Akukude kakhulu. Eqinisweni, uLwandle LwaseGalile lumane luyichibi elikhulu elicishe libe amakhilomitha angu-21 ubude nesilinganiso samakhilomitha angu-12 ububanzi.
Kuyaqondakala ukuthi uJesu ukhathele. Ngakho, ngokushesha ngemva kokuba behambile, ulala ngemuva emkhunjini, ubeka ikhanda lakhe emcamelweni, futhi alale azumeke. Abaphostoli abaningana bangamatilosi angomakad’ ebona, njengoba babedoba kakhulu oLwandle LwaseGalile. Ngakho baqondisa ukuhamba kwesikebhe.
Kodwa lolu ngeke kube uhambo olulula. Ngenxa yomoya ofudumele ongaphezu kwalelichibi, elingamamitha acishe abe ngu-210 ngaphansi kogu lolwandle, nomoya obandayo ezintabeni eziseduze, ngezinye izikhathi izivunguvungu ezinamandla ziyavunguza futhi zibangele iziphepho ezinamandla kakhulu kulelichibi. Yilokho okwenzekayo manje. Ngokushesha amagagasi ashaya isikebhe futhi angena kuso, kangangokuthi sisengozini yokucwila. Nokho, uJesu uyaqhubeka nokulala!
Lamatilosi angomakad’ ebona asebenza kanzima ukuze aqondise isikebhe. Akungabazeki ukuthi aye aphumelela eziphephweni ngaphambili. Kodwa kulokhu asephelelwa amasu. Esaba ukulahlekelwa ukuphila kwawo, avusa uJesu. ‘Nkosi, awunaki? Siyacwila!’ ememeza. ‘Sisindise, sizominza!’
Evuka, uJesu uyala umoya nolwandle: “Thula, uthi du.” Futhi umoya onamandla uyaphela nolwandle luyathula. Ephendukela kubafundi bakhe, uyabuza: ‘Kungani nesaba kangaka? Anikabi nokholo?’
Kulokho, abafundi baba nokwesaba okungavamile. ‘Ungubani ngempela lomuntu?’ bebuzana, ‘Ngokuba uyala ngisho nomoya namanzi, futhi kuyamlalela.’
Yeka amandla uJesu awabonisayo! Yeka ukuthi kuqinisekisa kanjani ukwazi ukuthi iNkosi yethu inamandla phezu kwamandla emvelo nokuthi lapho ukunakekela kwayo okugcwele sekuqondiswe emhlabeni wethu phakathi nokubusa koMbuso wayo, bonke bayohlala ngokulondeka ezinhlekeleleni ezingokwemvelo ezisabisayo!
Esikhathini esithile ngemva kokuba isiphepho sesiphelile, uJesu nabafundi bakhe bafika bephephile ogwini olungasempumalanga. Mhlawumbe ezinye izikebhe zasinda esiphephweni esibi futhi zabuyela ekhaya ziphephile. Marku 4:35–5:1; Mathewu 8:18, 23-27; Luka 8:22-26.
▪ Yini iDekapholi, futhi ikuphi?
▪ Yiziphi izici ezingokwemvelo ezibangela iziphepho ezinamandla oLwandle LwaseGalile?
▪ Lapho amakhono abo okugwedla engenakubasindisa, yini abafundi abayenzayo?