Isahluko 45
Umfundi Oyinqaba
YEKA umbukwane othusayo njengoba uJesu efika ogwini! Amadoda amabili ayizidlwangudlwangu ngokungavamile aphuma emathuneni aseduze futhi agijimela kuye. Akhwelwe amademoni. Njengoba kungenzeka ukuthi omunye wabo unobudlova kunomunye futhi sekuyisikhathi eside engaphansi kokulawulwa amademoni, ukunakekela kugxiliswa kuye.
Sekuyisikhathi eside lendoda edabukisayo ihlala inqunu emathuneni. Ngokungayeki, ubusuku nemini, iyakhala futhi izikhande ngamatshe. Inobudlova kangangokuthi akekho onesibindi sokudlula ngaleyondlela. Kuye kwenziwa imizamo yokuyibopha, kodwa igqashula amaketanga nozankosi ezinyaweni zayo. Akekho onamandla okuyinqoba.
Njengoba lendoda isondela kuJesu futhi iwa ezinyaweni zakhe, amademoni ayilawulayo ayenza imemeze: “Nginamsebenzi muni nawe-Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”
“Phuma kulomuntu, moya ongcolileyo,” uJesu uyaqhubeka esho. Kodwa uJesu uyabuza: “Ngubani igama lakho?”
“NginguLegiyona igama lami, ngokuba sibaningi,” iphendula. Amademoni ayasizakala ngokubona ukuhlupheka kwalabo akwazi ukubalawula, ngokusobala ejabula ngokubuthana kubo ngobugwala njengesixuku esisizanayo. Kodwa njengoba ebhekene noJesu, acela ukungayiswa kwalasha. Nalapha sibona ukuthi uJesu wayenamandla amakhulu; wayenamandla okunqoba ngisho namademoni ayizidlwangudlwangu. Lokhu futhi kwembula ukuthi amademoni ayaqaphela ukuthi ukuphonswa kwawo kwalasha kanye nomholi wawo, uSathane uDeveli, kuyogcina kuyisahlulelo sikaNkulunkulu kuwo.
Umhlambi wezingulube ezingaba ngu-2 000 uklabile eduze entabeni. Ngakho amademoni athi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.” Ngokusobala amademoni athola uhlobo oluthile lwenjabulo engavamile, yonya ekuhlaseleni imizimba yezidalwa zenyama. Lapho uJesu ewavumela ukuba angene ezingulubeni, zonke ezingu-2 000 zigulukudela eweni futhi ziminze olwandle.
Lapho abelusa izingulube bebona lokhu, bagijimela emzini nasemaphandleni beyobika lezindaba. Bezwa lokho, abantu bayaphuma bayobona okwenzekile. Lapho befika, babona indoda okuphume kuyo amademoni. Phela, yembethe futhi inengqondo ehluzekile, ihlezi ezinyaweni zikaJesu!
Ofakazi bokuzibonela babikela abantu indlela lendoda esindiswe ngayo. Baxoxa futhi nangokufa kwezingulube okuyinqaba. Lapho abantu bezwa lokhu, bafikelwa ukwesaba okukhulu, futhi bacelisisa uJesu ukuba aphume ezweni lakubo. Ngakho wenza kanjalo futhi agibele esikebheni. Indoda eyayikhwelwe amademoni incenga uJesu ukuba ayivumele ihambe naye. Kodwa uJesu uyayitshela: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.”
Ngokuvamile uJesu uyala labo abaphulukisayo ukuba bangatsheli muntu, njengoba engafuni ukuba abantu bafinyelele eziphethweni ngesisekelo semibiko yokuthatheka. Kodwa lokhu kwamanje kufanelekile ngoba lona owayekhwelwe amademoni uzobe efakaza kubantu cishe manje uJesu angeke asaba nethuba lokubafinyelela. Ngaphezu kwalokho, ukuba khona kwalendoda kuyonikeza ubufakazi ngamandla kaJesu okwenza okuhle, kuphikise noma yimuphi umbiko omubi okungenzeka usakazeke ngokulahleka kwezingulube.
Ngokuvumelana nokuyala kukaJesu, lona owayekhwelwe amademoni uyahamba. Uqala ukumemezela kulo lonke elaseDekapholi konke uJesu amenzele khona, futhi abantu bayamangala nje. Mathewu 8:28-34; Marku 5:1-20; Luka 8:26-39; IsAmbulo 20:1-3.
▪ Kungani, mhlawumbe, ukunakekela kugxiliswe endodeni eyodwa ekhwelwe amademoni kanti babili abakhona?
▪ Yini ebonisa ukuthi amademoni ayazi ngokuphonswa kwawo kwalasha kwesikhathi esizayo?
▪ Ngokusobala, kungani amademoni ethanda ukungena kubantu nezilwane?
▪ Kungani uJesu enza okwehlukile kowayekhwelwe amademoni, emyala ukuba atshele abanye ngalokho amenzele khona?