Umsebenzi Wokuzithandela Onezinzuzo Ezihlala Njalo
UJESU KRISTU njalo wayebenzela izenzo ezinhle abasweleyo. Ngokwesibonelo, wasuthisa abalambile futhi waphulukisa abagulayo. (Mathewu 14:14-21) Nokho, yimuphi umsebenzi ayewubeka phambili kunayo yonke? Isenzakalo esenzeka ekuqaleni kwenkonzo kaJesu sinikeza impendulo. Silotshwe esahlukweni sokuqala seVangeli likaMarku.
Lapho uJesu eseKapernawume, eduze koLwandle LwaseGalile, waya emzini kaSimoni, noma uPetru. Lapho, “umkhwekazi kaSimoni wayelele phansi egula enemfiva,” futhi uJesu wamphulukisa. (Marku 1:29-31) Kamuva isixuku esasihlanganisa nabantu abaningi “ababegula ngokugula okuhlukahlukene” saqala ukubuthana emnyango womuzi kaPetru, futhi uJesu wasiphulukisa naso. (Marku 1:32-34) Ebusuku, wonke umuntu wahamba wayolala.
Ngakusasa ekuseni “kusemnyama,” uJesu wavuka buthule waphuma endlini waya “endaweni engenabantu,” lapho ‘aqala khona ukuthandaza.’ Ngokushesha ngemva kwalokho, nabafundi bavuka, babheka ngaphandle, futhi babona isixuku esikhulu sabantu silinde emnyango. Kodwa babezokwenzenjani? UJesu wayengekho! Ngokushesha uPetru nababenaye bafuna uJesu bamthola base bethi kuye: “Bonke bayakufuna.” (Marku 1:35-37; Luka 4:42) Empeleni, kubonakala sengathi babethi kuJesu: ‘Wenzani lapha? Izolo ebusuku kube kuhle kakhulu ukwelapha kwakho abagulayo. Namuhla kunelinye ithuba elikhulu elikuvulekele!’
Kodwa manje qaphela indlela uJesu asabela ngayo: “Masiyeni kwenye indawo, emadolobheni emizana aseduze, ukuze ngishumayele nakhona.” Lena yimpendulo ephawulekayo. UJesu akabuyelanga emzini kaPetru ukuyokwelapha abanye. Wasichaza isizathu lapho ethi: “Ngiphumele lenjongo [okuwukuthi, ukuba ashumayele].” (Marku 1:38, 39; Luka 4:43) UJesu wayethini kubafundi bakhe? Ukwenza izenzo ezinhle kwakubalulekile kuye, kodwa ukushumayela nokufundisa izwi likaNkulunkulu kwakuyiwona msebenzi kaJesu oyinhloko.—Marku 1:14.
Njengoba iBhayibheli likhuthaza amaKristu ‘ukuba alandele izinyathelo [zikaJesu] eduze,’ amaKristu eqiniso namuhla anesiqondiso esicacile uma kuziwa ekutheni yimuphi umsebenzi wokuzithandela oza kuqala. (1 Petru 2:21) NjengoJesu, ayabasiza abantu abaswele—njengoba isihloko esandulele sibonisa. Futhi njengoJesu, awubeka phambili umsebenzi wokushumayela isigijimi seBhayibheli sezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.a (Mathewu 5:14-16; 24:14; 28:19, 20) Kodwa-ke, kungani ukuzinikela ekufundiseni abantu ngesigijimi seBhayibheli kufanele kuze kuqala kunezinye izinhlobo zomsebenzi wokuzithandela?
Isizathu Nendlela Imfundo YeBhayibheli Eyenza Ngayo Umahluko
Isaga sase-Asia sinikeza impendulo. Sithi: “Uma uhlelela unyaka, tshala imbewu. Uma uhlelela iminyaka eyishumi, tshala izihlahla. Uma uhlelela iminyaka eyikhulu, fundisa abantu.” Yebo, uma kuziwa ekunikezeni amakhambi ahlala njalo, imfundo ibalulekile ngoba ithuthukisa ikhono lomuntu lokwenza izinqumo ezizothuthukisa ukuphila kwakhe. Yingakho namuhla izisebenzi zokuzithandela zesikhashana nezesikhathi esigcwele ezingaphezu kwezigidi eziyisithupha zisebenzisa isikhathi sazo, imizamo nengcebo ukuze zinikeze umphakathi imfundo yeBhayibheli yamahhala. Lolu hlelo lokuzithandela oselunesikhathi eside lukhona olwenziwa oFakazi BakaJehova luthinta imiphakathi kuwo wonke umhlaba. Kanjani?
Njengoba abantu besizwa ukuba baqonde futhi balandele iseluleko seBhayibheli esiwusizo, bakuhlomela kangcono ukubhekana nezinkinga zokuphila. Bazuza amandla okuziphatha adingekayo ukuze banqobe imikhuba elimazayo. UNelson, osemusha waseBrazil, ugcizelela enye inzuzo yemfundo yeBhayibheli: “Selokhu ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, senginenjabulo ngoba manje nginenjongo ekuphileni.” (UmShumayeli 12:13) Abanye abangamakhulu ezinkulungwane—abancane nabadala—abasanda kuqala ukutadisha iZwi likaNkulunkulu banomuzwa ofanayo nokaNelson. Ngaphandle kokusiza abafundi ukuba bathole injongo eyanelisayo ekuphileni, isigijimi soMbuso kaNkulunkulu sinikeza ithemba eliqinisayo lesikhathi esizayo—ithemba elenza ukuphila kujabulise, ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima kakhulu. (1 Thimothewu 4:8)—Bheka ibhokisi elithi “Indlela UMbuso KaNkulunkulu Oyokwenza Ngayo Umahluko.”
Ngokunikeza imfundo yeBhayibheli, oFakazi BakaJehova bafeza inkonzo yokuzithandela enezinzuzo ezihlala njalo. Zihlala isikhathi esingakanani? IZwi likaNkulunkulu lithi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Cabanga uhlanganyela ohlelweni olunezinzuzo ezihlala phakade—yilolo-ke uhlobo lwenkonzo yokuzithandela olwenza umahluko ngempela! Ingabe akulona uhlelo ongathanda ukufunda okwengeziwe ngalo? Uma kunjalo, thintana noFakazi BakaJehova endaweni yangakini. Ukwamukela lesi simemo kuyisinyathelo ongeke uzisole ngaso.
[Umbhalo waphansi]
a OFakazi BakaJehova babheka umsebenzi wabo wokushumayela njengomphostoli uPawulu—njengesibopho samaKristu eqiniso. UPawulu wathi: “Uma mina ngimemezela izindaba ezinhle, akusona isizathu sokuba ngiziqhayise, ngoba kubekwé isidingo phezu kwami.” (1 Korinte 9:16) Noma kunjalo, umsebenzi wabo wokushumayela wenziwa ngokuzithandela ngoba bazikhethele ngenkululeko ukuba abafundi bakaKristu, beyazi kahle imithwalo yemfanelo ehambisana nalelo lungelo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
“Uma uhlelela unyaka, tshala imbewu. Uma uhlelela iminyaka eyishumi, tshala izihlahla. Uma uhlelela iminyaka eyikhulu, fundisa abantu”
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 10]
Uletha Usizo Nethemba
UNadine, umhlengikazi waseFrance oneminyaka engu-43 ubudala, onguchwepheshe wezifo zasezindaweni ezishisayo, ungomunye wezisebenzi zokuzithandela ezisebenza e-Afrika Ephakathi. Lapho kuxoxwa naye muva nje, uthé: “Abantu bayangibuza ukuthi ngikwenzelani lokhu. Ngikholelwa kuNkulunkulu, ngiyabathanda abantu, futhi ngifisa ukuzinikela ngibasize. Futhi ukuba omunye woFakazi BakaJehova kungishukumisela ukuba ngilethele labo abahluphekayo kokubili imithi nethemba.” Njengoba esiza ngokuzithandela e-Afrika, uNadine uhlukanisa isikhathi sakhe ukuze anikeze usizo oluphuthumayo futhi ahlanganyele emsebenzini wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa oFakazi bendawo lapho.
[Izithombe]
UNadine e-Afrika
[Ibhokisi ekhasini 12]
Indlela UMbuso KaNkulunkulu Oyokwenza Ngayo Umahluko
Siza ufunde le mibhalo eBhayibhelini lakho, ubone indlela uNkulunkulu athembisa ngayo ukwanelisa izidingo zesintu ezicini ezilandelayo:
Impilo “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:4; Isaya 33:24; 35:5, 6.
Imfundo “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:9; Habakuki 2:14.
Umsebenzi “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, . . . Abayikushikashikela ize.”—Isaya 65:21-23.
Ukudla “Umhlaba [uyakuthela] izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, [uyosibusisa].”—IHubo 67:6; 72:16; Isaya 25:6.
Izimo Zenhlalo “UJehova waphulile udondolo lwababi . . . Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula.”—Isaya 14:5, 7.
Ubulungisa “Bheka, kuyakuba khona inkosi ebusa ngokulunga, izikhulu zibuse ngokwahlulela.”—Isaya 11:3-5; 32:1, 2.