Isahluko 24
Isizathu Sokuza KukaJesu Emhlabeni
USUKU lukaJesu enabafundi bakhe eKapernawume belumatasa, luphetha ngokuba abantu baseKapernawume balethe kuye ebusuku abagulayo babo ukuba abaphilise. Besingekho isikhathi sokuba abe yedwa.
Manje sekusekuseni kakhulu ngosuku olulandelayo. Kusemnyama, uJesu uyavuka futhi uya phandle eyedwa. Uya endaweni eyihlane lapho engathandaza khona ngasese kuYise. Kodwa ukuba yedwa kukaJesu kungokwesikhashana ngoba lapho uPetru nabanye bebona ukuthi akekho, bayaphuma bayomfuna.
Lapho bemthola uJesu, uPetru uthi: “Bonke bayakufuna.” Abantu baseKapernawume bafuna uJesu ahlale nabo. Bayakwazisa ngempela lokho aye wabenzela khona! Kodwa ingabe uJesu weza emhlabeni ngokuyinhloko ukuba azokwenza ukuphulukisa okunjalo okuyisimangaliso? Uthini yena ngalokhu?
Ngokokunye ukulandisa kweBhayibheli, uJesu uphendula abafundi bakhe: “Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho.” Ngisho nakuba abantu benxusa uJesu ukuba ahlale, uyabatshela: “Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.”
Yebo, uJesu weza emhlabeni ngokukhethekile ukuba azoshumayela ngoMbuso kaNkulunkulu oyolwela igama likaYise futhi uxazulule phakade konke ukugula kwabantu. Nokho, ukuze anikeze ubufakazi bokuthi uthunywe nguNkulunkulu, uJesu wenza ukuphulukisa okuyisimangaliso. Ngendlela efanayo uMose, emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambili, wenza izimangaliso ukuze abonise ubufakazi bokuba kwakhe inceku kaNkulunkulu.
Manje, lapho uJesu esuka eKapernawume eyoshumayela kweminye imizi, abafundi bakhe abane bahamba naye. Laba abane uPetru nomfowabo uAndreya, noJohane nomfowabo uJakobe. Uzokhumbula ukuthi esontweni nje elingaphambili, babemenywe ukuba babe izisebenzi zokuqala ezazihamba noJesu.
Uhambo lukaJesu lokushumayela eGalile nabafundi bakhe abane luyimpumelelo emangalisayo! Eqinisweni, umbiko ngemisebenzi yakhe usakazeka ngisho nakulo lonke elaseSiriya. Izixuku ezinkulu ezivela eGalile, eJudiya, naphesheya koMfula iJordani zilandela uJesu nabafundi bakhe. Marku 1:35-39; Luka 4:42, 43; Mathewu 4:23-25; Eksodusi 4:1-9, 30, 31.
▪ Yini eyenzeka ekuseni ngemva kosuku lukaJesu olumatasa eKapernawume?
▪ Kungani uJesu athunyelwa emhlabeni, futhi izimangaliso zakhe zifeza yiphi injongo?
▪ Obani abahamba noJesu ohambweni lwakhe lokushumayela eGalile, futhi kuyini ukusabela emisebenzini kaJesu?