Vumela Amazwi KaJesu Athonye Isimo Sakho Sengqondo
“Lowo uNkulunkulu amthumile ukhuluma amazwi kaNkulunkulu.”—JOH. 3:34.
1, 2. Amazwi kaJesu aseNtshumayelweni YaseNtabeni angafaniswa nani, futhi kungani singase sithi ayesekelwe ‘emazwini kaNkulunkulu’?
ELINYE lamadayimane amakhulu kunawo wonke aziwayo namuhla yilelo elibizwa ngokuthi i-Star of Africa elinama-carat angu-530. Liyitshe eliyigugu ngempela! Nokho, amagugu angokomoya atholakala eNtshumayelweni kaJesu yaseNtabeni anenani elikhulu kakhulu. Akusimangazi lokhu ngoba amazwi ashiwo uKristu ayevela kuJehova uqobo lwakhe! Likhuluma ngoJesu, iBhayibheli lithi: “Lowo uNkulunkulu amthumile ukhuluma amazwi kaNkulunkulu.”—Joh. 3:34-36.
2 Nakuba kungenzeka ukuthi iNtshumayelo YaseNtabeni yanikezwa ngesikhathi esingaphansi kwesigamu sehora, inezingcaphuno ezingu-21 ezivela ezincwadini ezingu-8 zemiBhalo YesiHebheru. Ngakho, yayisekelwe ngokuqinile ‘emazwini kaNkulunkulu.’ Manje ake sihlole indlela esingawasebenzisa ngayo amanye ala mazwi ayigugu atholakala kule ntshumayelo evelele yeNdodana kaNkulunkulu ayithandayo.
“Okokuqala Yenza Ukuthula Nomfowenu”
3. Ngemva kokuxwayisa abafundi bakhe ngemiphumela yentukuthelo, yisiphi iseluleko uJesu abanika sona?
3 NjengamaKristu, siyajabula futhi sinokuthula ngoba sinomoya ongcwele kaNkulunkulu ozithelo zawo zihlanganisa injabulo nokuthula. (Gal. 5:22, 23) UJesu wayengafuni ukuba abafundi bakhe baphelelwe ukuthula nenjabulo, ngakho wabaxwayisa ngemiphumela eyingozi yokuthukuthela isikhathi eside. (Funda uMathewu 5:21, 22.) Ngokulandelayo, wathi: “Khona-ke, uma uletha isipho sakho e-altare bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, shiya isipho sakho lapho phambi kwe-altare, uhambe; okokuqala yenza ukuthula nomfowenu, khona-ke, lapho usubuyile, unikele isipho sakho.”—Math. 5:23, 24.
4, 5. (a) Sasiyini “isipho” okukhulunywa ngaso emazwini kaJesu akuMathewu 5:23, 24? (b) Kubaluleke kangakanani ukwenza ukuthula nomfowethu omonile?
4 “Isipho” uJesu ayekhuluma ngaso sasingaba yinoma imuphi umnikelo owawulethwa ethempelini eJerusalema. Ngokwesibonelo, imihlatshelo yezilwane yayibalulekile ngoba ngaleso sikhathi yayiyingxenye yendlela abantu bakaJehova ababemkhulekela ngayo. Nokho, uJesu wagcizelela okuthile okubaluleke kakhulu—ukwenza ukuthula nomfowenu omonile ngaphambi kokunikela ngesipho kuNkulunkulu.
5 Inkulumo ethi “yenza ukuthula” isho ‘ukubuyisana.’ Ngakho, isiphi isifundo esingasifunda kula mazwi kaJesu? Ngokuqinisekile esokuthi indlela esisebenzelana ngayo nabanye ibuthinta ngokuqondile ubuhlobo bethu noJehova. (1 Joh. 4:20) Ngempela, imihlatshelo eyayinikelwa kuNkulunkulu ezikhathini zasendulo yayiyize uma lowo owayeyinikela ayengabaphathi kahle abanye abantu.—Funda uMika 6:6-8.
Ukuthobeka Kubalulekile
6, 7. Kungani kudingeka ukuthobeka lapho sizama ukubuyisana nomfowethu esimonile?
6 Ukwenza ukuthula nomfowethu esimonile cishe kuyovivinya ukuthobeka kwethu. Abantu abathobekile abaphikisani noma baqophisane namanye amakholwa ngoba bezama ukulwela amalungelo abo. Lokho kungabangela isimo esingajabulisi—esingacishe sifane naleso esake saba khona phakathi kwamaKristu aseKorinte lasendulo. Ngokuphathelene naleso simo, umphostoli uPawulu washo leli phuzu elisenza sicabange: “Kusho ukunqotshwa okuphelele ngani ukuthi niyamangalelana. Kunalokho kungani ningavumi ukuba noniwe? Kunalokho kungani ningavumi ukuba niphanjwe?”—1 Kor. 6:7.
7 UJesu akashongo ukuthi kufanele siye kumfowethu ngenjongo yokumbonisa ukuthi uyena osephutheni, thina asinaphutha. Injongo yethu kufanele ibe ukubuyisana. Ukuze senze ukuthula, kumelwe sikhulume iqiniso ngendlela esizizwa ngayo. Kudingeka futhi sivume ukuthi imizwa yomfowethu nayo ilimele. Uma kuyithi esisephutheni, ngokuqinisekile kufanele sizithobe sixolise.
‘Uma Iso Lakho Lesokunene Likwenza Ukhubeke’
8. Yisho umongo wamazwi kaJesu akuMathewu 5:29, 30.
8 ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wanikeza iseluleko esihle ngokuziphatha. Wayazi ukuthi amalungu emizimba yethu engaphelele angaba nethonya eliyingozi. Ngakho-ke, wathi: “Manje, uma lelo liso lakho lesokunene likwenza ukhubeke, likhiphe ulilahle kude. Ngoba kuyokuzuzisa ngokwengeziwe ukulahlekelwa elilodwa lamalungu akho kunokuba umzimba wakho wonke uphonswe eGehena. Futhi, uma isandla sakho sokunene sikwenza ukhubeke, sinqume usilahle kude. Ngoba kuyokuzuzisa ngokwengeziwe ukulahlekelwa elilodwa lamalungu akho kunokuba umzimba wakho wonke uphelele eGehena.”—Math. 5:29, 30.
9. “Iso” noma “isandla” ‘kungasikhubekisa’ kanjani?
9 “Iso” uJesu ayekhuluma ngalo limelela amandla noma ikhono lokugxila entweni ethile, futhi “isandla” simelela lokho esikwenzayo ngezandla zethu. Uma singaqaphile, la malungu omzimba angase ‘asikhubekise’ bese siyeka ‘ukuhamba noNkulunkulu.’ (Gen. 5:22; 6:9) Ngakho-ke, lapho silingelwa ukuba singamlaleli uJehova, kudingeka sithathe isinyathelo esiqatha, sikhiphe iso noma sinqamule isandla ngomqondo ongokomfanekiso.
10, 11. Yini engasisiza ukuba sigweme ukuziphatha okubi ngokobulili?
10 Singawavimbela kanjani amehlo ethu ukuba agxile ezintweni ezingcolile? UJobe, indoda eyesaba uNkulunkulu, wathi: “Ngenzé isivumelwano namehlo ami. Ngakho ngingaba kanjani ngonaka intombi?” (Jobe 31:1) UJobe wayeyindoda eshadile eyayizimisele ukungayephuli imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha. Kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile kufanele sibe nesimo sengqondo esifanayo. Ukuze sigweme ukuziphatha okubi ngokobulili, kudingeka siqondiswe umoya ongcwele kaNkulunkulu, oveza ukuzithiba kwabamthandayo.—Gal. 5:22-25.
11 Ukuze sigweme ukuziphatha okubi ngokobulili, siyobe senza kahle uma sizibuza: ‘Ingabe ngivumela amehlo ami ukuba avuse isithakazelo sokufunda noma sokubuka izinto ezingcolile ezitholakala kalula ezincwadini, kuyithelevishini noma kuyi-Internet?’ Masikhumbule nala mazwi omfundi uJakobe: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono; isono, lapho sesifeziwe, siveza ukufa.” (Jak. 1:14, 15) Eqinisweni, uma umuntu ozinikezele kuNkulunkulu ‘eqhubeka ebuka’ umuntu wobulili obuhlukile ngenjongo yokuziphatha kabi naye, kudingeka enze izinguquko ezinqala ezifaniswa nokukhipha iso ulilahle.—Funda uMathewu 5:27, 28.
12. Isiphi iseluleko sikaPawulu esingasisiza ukuba silwe nezifiso zokuziphatha okubi?
12 Ngenxa yokuthi ukuzisebenzisa kabi izandla zethu kungaholela ekwephuleni ngokungathí sina izindinganiso zikaJehova zokuziphatha, kumelwe sizimisele ngokuqinile ukuhlala sihlanzekile ngokokuziphatha. Ngakho-ke, kufanele silalele iseluleko sikaPawulu: “Bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokuhaha, okuwukukhonza izithombe.” (Kol. 3:5) Elithi “bulalani” ligcizelela izinyathelo ezinqala okumelwe sizithathe ukuze silwe nezifiso zenyama zokuziphatha okubi.
13, 14. Kungani kubalulekile ukugwema imicabango nezenzo zokuziphatha okubi?
13 Cishe umuntu uyovuma ukuba anqanyulwe umlenze noma ingalo uma lokho kuyosindisa ukuphila kwakhe. ‘Ukulahla’ iso nesandla ngomqondo ongokomfanekiso kubalulekile ukuze sigweme imicabango nezenzo zokuziphatha okubi ezingasibulala ngokomoya. Ukuphela kwendlela esingabalekela ngayo ukubhujiswa kwaphakade okufanekiselwa iGehena ukuba sihlale sihlanzekile engqondweni, ngokokuziphatha nangokomoya.
14 Ngenxa yesono nokungapheleli esikuzuze ngefa, kudinga umzamo ukuhlala sihlanzekile ngokokuziphatha. UPawulu wathi: “Ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuphatha njengesigqila, ukuze kuthi, ngemva kokuba sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngingabi ongamukeleki ngandlela-thile.” (1 Kor. 9:27) Ngakho-ke, masizimisele ukusebenzisa iseluleko sikaJesu esiphathelene nokuziphatha, singalokothi sizivumele ukuba siziphathe ngezindlela ezibonisa ukuthi asiwazisi umhlatshelo wakhe wesihlengo.—Math. 20:28; Heb. 6:4-6.
“Kwenzeni Umkhuba Ukupha”
15, 16. (a) UJesu wasibeka kanjani isibonelo sokupha? (b) Asho ukuthini amazwi kaJesu akuLuka 6:38?
15 Amazwi kaJesu nesibonelo sakhe esihle kakhulu kukhuthaza umoya wokupha. Wabonisa ukuthi unomoya wokupha ngendlela evelele ngokuza emhlabeni ukuze kuzuze isintu esingaphelele. (Funda eyesi-2 Korinte 8:9.) Wadela inkazimulo yasezulwini ukuze eze emhlabeni futhi anikele ukuphila kwakhe ngenxa yabantu abanesono, abanye babo ababeyothola ingcebo yasezulwini njengezindlalifa kanye naye eMbusweni. (Roma 8:16, 17) Ngokuqinisekile, uJesu wayekhuthaza ukupha lapho ethi:
16 “Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha. Bayothela emathangeni enu isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishisisiwe nesichichimayo. Ngoba isilinganiso enilinganisa ngaso, nani bayonilinganisela ngaso.” (Luka 6:38) ‘Ukuthela emathangeni’ kubhekisela esikweni labanye abathengisi lokugcwalisa isikhwama okwakufakwa kuso izinto esasenziwa ngokubopha ngebhande umphetho wengubo engenhla yomthengi. Ukuba kwethu nesandla esivulekile kungenza nathi siphiwe ngesilinganiso esihle, mhlawumbe lapho siswele.—UmSh. 11:2.
17. UJehova wasibekela kanjani isibonelo esivelele sokupha, futhi hlobo luni lokupha olungasilethela injabulo?
17 UJehova uyabathanda futhi uyabavuza labo abapha benamile. Yena ngokwakhe wasibekela isibonelo esivelele ngokunikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa “ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Joh. 3:16) UPawulu wabhala: “Lowo ohlwanyela kakhulu uyovuna kakhulu futhi. Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Kor. 9:6, 7) Ukupha ngesikhathi, amandla nangezinto zethu ezibonakalayo ukuze sithuthukise ukukhulekela kweqiniso nakanjani kuyosilethela injabulo nemivuzo ecebile.—Funda izAga 19:17; Luka 16:9.
“Ungashayi Icilongo Phambi Kwakho”
18. Kunini lapho singeke ‘sibe nomvuzo’ ovela kuBaba wethu osezulwini?
18 “Nakekelani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuze niqashelwe yibo; ngaphandle kwalokho ngeke nibe nawo umvuzo kuYihlo osemazulwini.” (Math. 6:1) Ngelithi “ukulunga,” uJesu wayesho ukuziphatha okuvumelana nentando kaNkulunkulu. Wayengasho ukuthi izenzo zokwesaba uNkulunkulu akufanele nanini zenziwe obala, ngoba wayetshele abafundi bakhe ukuba benze ‘ukukhanya kwabo kukhanye phambi kwabantu.’ (Math. 5:14-16) Kodwa ngeke ‘sibe nomvuzo’ ovela kuBaba wethu osezulwini uma senza izinto ‘ukuze siqashelwe’ futhi sinconywe, njengokungathi singabadlali baseshashalazini. Uma sinezisusa ezinjalo, ngeke sibe nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu noma sithole izibusiso zaphakade zoMbuso.
19, 20. (a) Wayesho ukuthini uJesu lapho ekhuluma ‘ngokungashayi icilongo’ lapho senza “izipho zesihe”? (b) Sikwenza kanjani ukuba isandla sethu sobunxele singakwazi lokho isandla sokunene esikwenzayo?
19 Uma sinesimo sengqondo esifanele, siyolalela lesi seluleko sikaJesu: “Ngakho lapho uyokwenza izipho zesihe, ungashayi icilongo phambi kwakho, njengoba nje nabazenzisi benza emasinagogeni nasemigwaqweni, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini, Sebethola umvuzo wabo ngokugcwele.” (Math. 6:2) “Izipho zesihe” zaziyiminikelo yokusekela abaswele. (Funda u-Isaya 58:6, 7.) UJesu nabaphostoli bakhe babenesikhwama seminikelo eyayisetshenziselwa ukusiza abampofu. (Joh. 12:5-8; 13:29) Njengoba kwakungashaywa icilongo lapho kuphiwa abampofu, kubonakala sengathi uJesu wayesebenzisa inkulumo eyihaba lapho ethi akufanele ‘sishaye icilongo phambi kwethu’ lapho senza “izipho zesihe.” Akufanele sitshele abanye lapho siye senza izipho ezinjalo, njengoba kwakwenza abaFarisi abangamaJuda. UJesu wababiza ngokuthi abazenzisi ngoba babebukisa ngeminikelo yabo yesihle “emasinagogeni nasemigwaqweni.” Labo bazenzisi ‘babethola umvuzo wabo ngokugcwele.’ Ukudunyiswa abantu nokuhlala ezindaweni eziphambili eceleni korabi abadumile esinagogeni kwakuyoba ukuphela komvuzo ababeyowuthola, ngoba uJehova wayengeke abanike lutho. (Math. 23:6) Nokho, abafundi bakaKristu kwakufanele benze kanjani lapho bepha? UJesu wabatshela—etshela nathi:
20 “Kodwa wena, lapho wenza izipho zesihe, ungavumeli isandla sakho sobunxele sazi ukuthi esokunene senzani, ukuze izipho zakho zesihe zibe sekusithekeni; khona-ke uYihlo obukele esekusithekeni uyokubuyisela.” (Math. 6:3, 4) Ngokuvamile izandla zethu ziyabambisana. Ngakho, ukungavumeli ukuba isandla sobunxele sazi lokho okwenziwa isandla sokunene kusho ukuthi asitsheli abanye abantu ngemisebenzi yethu yesihle, ngisho nalabo abaseduze nathi ngendlela isandla sethu sobunxele esiseduze ngayo nesokunene.
21. Uhlanganisani umvuzo ovela kuLowo “obukele esekusithekeni”?
21 Uma singaqhoshi ngezipho zethu zesihle, ‘izipho zethu zesihe’ ngeke zaziwe. Ngakho, uBaba wethu ‘obona ekusithekeni’ uyosivuza. UBaba wethu uhlala ezulwini futhi akabonakali emehlweni abantu, ngakho ‘usekusithekeni.’ (Joh. 1:18) Umvuzo esiwuthola kulowo ‘obukela esekusithekeni’ uhlanganisa ukuba uJehova asenze abangane bakhe, asithethelele izono zethu futhi asinike ukuphila okuphakade. (IzAga 3:32; Joh. 17:3; Efe. 1:7) Lokhu kungcono kakhulu kunokudunyiswa abantu!
Amazwi Ayigugu Okufanele Siwazise
22, 23. Kungani kufanele siwazise amazwi kaJesu?
22 Ngokuqinisekile, iNtshumayelo YaseNtabeni igcwele amagugu angokomoya anezici eziningi ezinhle. Ngokungangabazeki, iqukethe amazwi ayigugu angasilethela injabulo ngisho nakuleli zwe elinezinkinga. Yebo, siyojabula uma siwazisa amazwi kaJesu futhi siwavumela ukuba athonye isimo sethu sengqondo nendlela yethu yokuphila.
23 Wonke umuntu ‘okuzwayo futhi akwenze’ lokho uJesu akufundisa uyobusiswa. (Funda uMathewu 7:24, 25.) Ngakho-ke, masizimisele ukwenza ngokuvumelana neseluleko sikaJesu. Esihlokweni sokugcina salolu chungechunge sizoxoxa ngamanye amazwi akhe aseNtshumayelweni YaseNtabeni.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani kubalulekile ukwenza ukuthula nomfowethu esimonile?
• Singakugwema kanjani ukukhutshekiswa ‘iso lethu lesokunene’?
• Kufanele sibe yini isimo sethu sengqondo maqondana nokupha?
[Isithombe ekhasini 11]
Yeka ukuthi kuhle kanjani ‘ukwenza ukuthula’ nomKristu omonile!
[Isithombe ekhasini 12, 13]
UJehova ubusisa labo abapha benamile