Isahluko 39
Abaqhoshayo Nabathobekile
NGEMVA kokuphawula ubukhulu bukaJohane uMbhapathizi, uJesu uphendulela ukunakekela kubantu abamzungezile abaqhoshayo, abashintshantshayo. “Lesisizukulwane,” esho, “sifana nabantwana abahlezi ezigcawini bememeza abanye bethi: Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.”
Usho ukuthini uJesu? Uyachaza: “UJohane wafika engadli, engaphuzi; bathi: Unedemoni. INdodana yomuntu yafika idla, iphuza; bathi: Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni.”
Akunakwenzeka ukwanelisa abantu. Akukho okubajabulisayo. UJohane uye waphila ukuphila kokuzincisha izinjabulo nokokuzidela njengomNaziri, ngokuvumelana nesimemezelo sengelosi sokuthi “kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo.” Kodwa abantu bathi unedemoni. Ngakolunye uhlangothi, uJesu uphila njengabanye abantu, azikho izinjabulo azincisha zona, kodwa umangalelwa ngokuthi uyeqisa.
Yeka ukuthi kunzima kangakanani ukujabulisa abantu! Bafana nabantwana, abanye babo abenqaba ukusabela ngokusina lapho abanye bebetha imitshingo noma ngosizi lapho abangane babo bekhala. Nokho, uJesu uthi: “Ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho [ngemisebenzi yakho, NW].” Yebo, ubufakazi—imisebenzi—benza kucace ukuthi ukumangalelwa kwabo bobabili uJohane noJesu kungamanga.
UJesu uyaqhubeka eqokomisa futhi esola imizi emithathu yaseKorazini, eBetsayida naseKapernawume, lapho enze khona eminingi yemisebenzi yakhe yamandla. Ukuba wayeyenze emizini yaseFenike eTire naseSidoni, uJesu uthi, lemizi ngabe yaphenduka ngesaka nangomlotha. Elahla iKapernawume, ngokusobala ebeyifana nekhaya lakhe ngesikhathi senkonzo yakhe, uJesu uthi: “Kuyakuba-ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunakuwe.”
Ngokulandelayo uJesu udumisa phambi kwabantu uYise osezulwini. Ushukunyiselwa ukuba enze kanjalo ngoba uNkulunkulu ufihlela abahlakaniphile nabanokuqonda amaqiniso angokomoya ayigugu kodwa lezizinto ezimangalisayo uzambulela abathobekileyo, izingane ngokomfanekiso.
Ekugcineni, uJesu unikeza isimemo esikhangayo: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”
UJesu uyinikeza kanjani impumuzo? Uyinikeza ngokulungiselela ukukhululeka emasikweni agqilazayo abaholi benkolo abaye bawathwesa abantu, ahlanganisa, ngokwesibonelo, nemithetho enemingcele yokugcina iSabatha. Futhi ubonisa indlela yokukhululeka kulabo abezwa ukusinda okucobayo kokubuswa iziphathimandla zezombangazwe nakulabo abezwa ukusinda kwezono zabo ngonembeza obuhlungu. Kulabo abasezimweni ezinjalo wembula indlela izono zabo ezingathethelelwa ngayo nendlela abangabujabulela ngayo ubuhlobo obuyigugu noNkulunkulu.
Ijoka elihle uJesu alinikezayo elokuzinikezela ngokuphelele kuNkulunkulu, ukukwazi ukukhonza uBaba wethu osezulwini onozwela nomusa. Futhi umthwalo olula uJesu awunikeza labo abeza kuye yilowo wokulalela izimfuneko zikaNkulunkulu zokuphila, eziyimiyalo yaKhe ebhalwe eBhayibhelini. Futhi ukuzilalela akucindezeli nakancane. Mathewu 11:16-30; Luka 1:15; 7:31-35; 1 Johane 5:3.
▪ Kukanjani abantu besizukulwane sikaJesu abaqhoshayo, abashintshashintshayo befana nabantwana?
▪ Kungani uJesu eshukunyiselwa ekubeni adumise uYise osezulwini?
▪ Kungaziphi izindlela abantu abacindezelwa ngazo, futhi iyiphi inkululeko uJesu ayinikezayo?