Isahluko 40
Isifundo Ngomusa
KUNGENZEKA ukuthi uJesu useseNayini, lapho muva nje evuse khona indodana yomfelokazi, noma mhlawumbe uhambela emzini oseduze. UmFarisi ogama lakhe linguSimoni ufisa ukumbonela eduze lomuntu owenza imisebenzi ephawuleka kangaka. Ngakho umema uJesu ukuba azokudla naye.
Ebheka lesisenzakalo njengethuba lokufundisa kulabo abakhona, uJesu uyasemukela lesimemo, njengoba emukele izicelo zokudla nabathelisi nezoni. Kodwa, lapho engena endlini kaSimoni, uJesu akakutholi ukunakekelwa okuhle okuvame ukuboniswa izivakashi.
Izinyawo zakhe ezigqokiswe izimbadada ziyashisa futhi zingcolile ngenxa yokuhamba emigwaqweni enothuli, futhi kuyisenzo sokwamukela izihambi esiyisiko ukugeza izinyawo zezivakashi ngamanzi apholile. Kodwa azigezwa izinyawo zikaJesu lapho efika. Futhi akakutholi ukwanga kokwamukela, okuwumkhuba ovamile. Futhi awalethwa amafutha ayisiko okwamukela izihambi ukuze izinwele zakhe zigcotshwe.
Phakathi nokudla, lapho izivakashi zihlezi etafuleni, owesifazane othile ongamenyiwe ungena buthule kulelokamelo. Uyaziwa emzini njengophila ukuphila kokuziphatha okubi. Cishe uye wazizwa izimfundiso zikaJesu, kuhlanganise nesimemo sakhe sokuba ‘bonke abasindwayo beze kuye abaphumuze.’ Futhi eshukunyiswe ngokujilile yilokho akubonile nakuzwile, manje usemfune waze wamthola uJesu.
Lona wesifazane uqhamuka ngemva kukaJesu etafuleni futhi uguqa ngasezinyaweni zakhe. Njengoba izinyembezi zakhe ziconsela ezinyaweni zikaJesu, uzesula ngezinwele zakhe. Uthatha futhi amafutha anamakha emfumeni wakhe, futhi njengoba ezanga ngomusa izinyawo zikaJesu, uzigcoba ngamafutha. USimoni ubuka ngokungathandi. “Uma lo ebengumprofethi,” ecabanga, “nga emazi lowesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.”
Njengoba ekuqonda akucabangayo, uJesu uthi: “Simoni, kukhona engifuna ukukukhuluma kuwe.”
“Khuluma-ke, Mfundisi,” ephendula.
“Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile,” uJesu uyaqala. “Icala lomunye lalingodenariyu abangamakhulu ayisihlanu, elomunye amashumi ayisihlanu. Bengenanto yokukhokha, wabayekela bobabili. [Yi]muphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na?”
“Ngithi,” kusho uSimoni, mhlawumbe ngomoya wokungawunaki lombuzo obonakala ungahambisani nendaba, “yilowo amyekela okukhulu.”
“Unqumé kahle,” kusho uJesu. Khona-ke ephendukela kowesifazane, uthi kuSimoni: “Uyambona lowesifazane na? Ngingené endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo, kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe. Awunganganga, kepha lo, yilokhu ngingenile, akayekanga ukwanga izinyawo zami. Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha.”
Ngakho-ke lona wesifazane unikeze ubufakazi bokuphenduka okusuka enhliziyweni ngokuziphatha kwakhe okubi kwesikhathi esidlule. Ngakho uJesu uyaphetha, ethi: “Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.”
UJesu akakuthetheleli noma akakuvuni nakancane ukuziphatha okubi. Kunalokho, lesenzakalo sembula ukucabangela kwakhe okunozwela abantu abenza amaphutha ekuphileni kodwa kamuva babonise ukuthi bayazisola ngawo bese beza kuKristu ukuba abakhulule. Enikeza lona wesifazane impumuzo yoqobo, uJesu uthi: “Zithethelelwe izono zakho. . . . Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube-nokuthula.” Luka 7:36-50; Mathewu 11:28-30.
▪ UJesu wamukelwa kanjani ommemile, uSimoni?
▪ Ubani ofuna uJesu, futhi ngani?
▪ Imuphi umfanekiso uJesu awunikezayo, futhi uwusebenzisa kanjani?