Isimo Sokholo Lwakho—Sivivinywa Manje
“Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bafowethu, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene, njengoba nazi ukuthi lesisimo esivivinyiwe sokholo lwenu siveza ukukhuthazela.”—JAKOBE 1:2, 3.
1. Kungani amaKristu kufanele akulindele ukuvivinywa kokholo lwawo?
AMAKRISTU eqiniso awakufiseli ukuhlupheka, futhi awakujabuleli ukuzwa ubuhlungu noma ukwehliswa. Nokho, akhumbula amazwi angenhla abhalwa uJakobe, umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa. UKristu wakwenza kwacaca kubafundi bakhe ukuthi babengalindela ushushiso nobunye ubunzima ngenxa yokunamathela kwabo ezindinganisweni zikaNkulunkulu. (Mathewu 10:34; 24:9-13; Johane 16:33) Noma kunjalo, uvivinyo olunjalo lungaphumela enjabulweni. Kanjani?
2. (a) Ukuvivinywa kokholo lwethu kungaphumela kanjani enjabulweni? (b) Ukukhuthazela kungawuphelelisa kanjani umsebenzi wako kithi?
2 Isizathu esiyinhloko esenza sithole injabulo lapho singaphansi kokulingwa noma ukuvivinywa kokholo siwukuthi lokhu kungaveza izithelo ezinhle. Njengoba uJakobe esho, ukubekezela lapho sibhekene nokuvivinywa noma ubunzima ‘kuveza ukukhuthazela.’ Singazuza ekuthuthukiseni leyo mfanelo ebalulekile yobuKristu. UJakobe wabhala: “Vumelani ukukhuthazela kuphelelise umsebenzi wako, ukuze nibe abaphelele nabaphilile ezicini zonke, abangantuli lutho.” (Jakobe 1:4) Ukukhuthazela ‘kunomsebenzi’ okumelwe kuwenze. Isabelo sako siwukusenza siphelele kuzo zonke izici, kusisize sibe amaKristu agxilile. Ngakho, ngokuvumela ukulingwa kuqhubeke kuze kudlule ngaphandle kwemizamo yokusebenzisa izindlela ezingezona ezingokomBhalo zokukuqeda ngokushesha, ukholo lwethu luyavivinyeka futhi lucwengisiseke. Uma besintula ukubekezela, isihawu, umusa noma uthando ekubhekaneni nezimo noma ekusebenzelaneni nabanye abantu, ukukhuthazela kungasenza siphelele ngokwengeziwe. Yebo kulandelana kanje: Ukuvivinywa kuveza ukukhuthazela; ukukhuthazela kukhulisa izimfanelo zobuKristu; zona zibangela injabulo.—1 Petru 4:14; 2 Petru 1:5-8.
3. Kungani kungafanele sikhwantabale sesaba ukulingwa noma ukuvivinywa kokholo?
3 Umphostoli uPetru waqokomisa nesizathu esenza kungadingeki kusesabise noma kusikhwantabalise ukuvivinywa kokholo lwethu. Wabhala: “Nijabula kakhulu ngaleliphuzu, nakuba okwesikhathi esincane manje, uma kumelwe kube njalo, niye nenziwa lusizi izilingo ezihlukahlukene, ukuze isimo esivivinyiwe sokholo lwenu, senani elikhulu kakhulu kunegolide elibhubhayo naphezu kokuvivinywa kwalo ngomlilo, sitholakale siyisizathu sendumiso nenkazimulo nokwazisa ekwambulweni kukaJesu Kristu.” (1 Petru 1:6, 7) La mazwi akhuthaza ngokukhethekile manje ngoba “usizi olukhulu”—isikhathi sendumiso, inkazimulo, ukwazisa nensindiso—luseduze kakhulu kunalokho abaningi abangase bakucabange futhi luseduze kakhulu kunangesikhathi siba amakholwa.—Mathewu 24:21; Roma 13:11, 12.
4. Omunye umfowethu wazizwa kanjani ngovivinyo yena namanye amaKristu agcotshiwe ababebhekane nalo?
4 Esihlokweni esandulele, sicabangele ukuvivinywa insali egcotshiwe eyabhekana nakho kusukela ngo-1914 kuqhubeke. Ingabe lokho kwakuyisizathu senjabulo? U-A. H. Macmillan wanikeza lo mbono lapho ebheka emuva: “Ngiye ngabona ukulingwa okuningi okukhulu kufikela inhlangano nokuvivinywa kokholo lwalabo abakuyo. Ngosizo lomoya kaNkulunkulu yamelana nakho futhi yaqhubeka ichuma. Ngiye ngakubona ukuhlakanipha kokulindela uJehova ngokubekezela ukuba acacise ukuqonda kwethu izinto ezingokomBhalo esikhundleni sokucasukela umqondo omusha. . . . Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi ukulungisa okwakudingeka sikwenze ngezikhathi ezithile emibonweni yethu, lokho kwakungenakulishintsha ilungiselelo lomusa lesihlengo nesithembiso sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade. Ngakho sasingekho isizathu sokuba sivumele ukholo lwethu luntengantenge ngenxa yamathemba angafezekanga noma izinguquko emibonweni.”—INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-August 15, 1966, ikhasi 504.
5. (a) Yiziphi izinzuzo ezaba umphumela wokubhekana kwensali nokulingwa? (b) Kungani kufanele sibe nesithakazelo endabeni yokuvivinywa manje?
5 AmaKristu agcotshiwe asinda enkathini yokuvivinywa yango-1914-19 akhululwa ethonyeni elibusayo lezwe nasemikhubeni engokwenkolo eminingi yobuBabiloni. Insali yaqhubekela phambili njengabantu abahlanziwe nabacwengisisiwe, inikela imihlatshelo yokudumisa uNkulunkulu ngokuzithandela futhi inesiqinisekiso sokuthi iyamukeleka kuye njengeqembu. (Isaya 52:11; 2 Korinte 6:14-18) Ukwahlulela kwakuqale ngendlu kaNkulunkulu, kodwa kwakungeke kuphele ngenkathi eyodwa emisiwe. Ukuvivinywa nokuhlungwa kwabantu bakaNkulunkulu kusaqhubeka. Labo abanethemba lokusinda ‘osizini olukhulu’ olusondelayo njengengxenye ‘yesixuku esikhulu’ nabo luyavivinywa ukholo lwabo. (IsAmbulo 7:9, 14) Lokhu kwenziwa ngezindlela ezifanayo nalezo insali egcotshiwe eyabhekana nakho ngazo, kanye nangezinye.
Ungase Uvivinywe Kanjani?
6. Yiluphi olunye uhlobo lovivinyo olunzima abaningi abaye babhekana nalo?
6 AmaKristu amaningi aye acabanga ngenselele yokumelana novivinyo oluwukuhlaselwa okuqondile. Akhumbula lo mbiko: “[Abaholi bamaJuda] babiza abaphostoli, bababhambabula, futhi babayala ukuba bayeke ukukhuluma ngesisekelo segama likaJesu, babadedela. Ngakho-ke, laba basuka phambi kweSanhedrini, bejabula ngoba bebalwe njengabakufanelekele ukuhlaziswa ngenxa yegama lakhe.” (IzEnzo 5:40, 41) Futhi umlando wanamuhla wabantu bakaNkulunkulu, ikakhulukazi phakathi nezimpi zezwe, ukwenza kucace ukuthi oFakazi BakaJehova abaningi babhekana ngokoqobo nokushaywa, nokunye okubi nakakhulu, okwakwenziwa ababebashushisa.
7. Amanye amaKristu osuku lwanamuhla aye alubonisa ngezinga elingakanani ukholo?
7 Ngokuqondene nokuba kwamaKristu yizinto zokushushiswa, izwe alihlukanisi phakathi kwensali egcotshiwe nesixuku esikhulu ‘sezinye izimvu.’ (Johane 10:16) Kuyo yonke le minyaka, amalungu awo womabili la maqembu aye avivinywa kanzima ngokuboshwa ngisho nangokubulawelwa ukholo ngenxa yothando lwawo ngoNkulunkulu nokholo analo kuye. Womabili la maqembu aye adinga umoya kaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi analiphi ithemba. (Qhathanisa ne-Nqabayokulinda ka-June 15, 1996, ikhasi 31.) Phakathi nawo-1930 nawo-1940 eJalimane lobuNazi, eziningi zezinceku zikaJehova, kuhlanganise nezingane, zabonisa ukholo olungavamile, futhi ezinye eziningi zavivinywa ngokuphelele. Ezikhathini zamuva, abantu bakaJehova baye babhekana novivinyo lokushushiswa emazweni anjengaseBurundi, e-Eritrea, eMalawi, eMozambique, eRwanda, eSingapore, eTopiya naseZaire. Futhi uvivinyo lwalolu hlobo lusaqhubeka.
8. Amazwi omunye umfowethu wase-Afrika abonisa kanjani ukuthi ukuvivinywa kokholo lwethu kuhilela okungaphezu kokukhuthazelela ushushiso oluwukushaywa?
8 Nokho, njengoba sekuphawuliwe, ukholo lwethu luvivinywa nangezindlela ezicashe kakhudlwana. Okunye kokuvivinywa akuvele kuqonde futhi kube lula ukukubona. Cabangela indlela obungasabela ngayo kokunye kwalokhu okulandelayo. E-Angola, umfowethu owayenezingane eziyishumi wayesebandleni elalingakwazi ukuxhumana nabafowethu abaholayo okwesikhathi esithile. Kamuva abanye bakwazi ukuhambela leli bandla. Wabuzwa ukuthi ukwazi kanjani ukondla umkhaya wakhe. Kwakungelula ukuba aphendule, wayevele athi nje isimo sinzima. Ingabe wayekwazi ukunikeza izingane zakhe ukudla okungenani kanye ngosuku? Waphendula: “Ngibanika amanembe. Siye safunda ukuphila ngesinakho.” Khona-ke, ngezwi eligcwele ukuqiniseka, wathi: “Kodwa akukhona yini lokhu esikulindele kulezi zinsuku zokugcina?” Ukholo olunjalo luyaphawuleka ezweni, kodwa aluyona into engavamile phakathi kwamaKristu athembekile, aqiniseka ngokugcwele ukuthi izithembiso zoMbuso zizogcwaliseka.
9. Sivivinywa kanjani ngokuphathelene neyoku-1 Korinte 11:3?
9 Isixuku esikhulu sivivinywa nangokuphathelene nezinqubo ezingokwasezulwini. Ibandla lobuKristu lomhlaba wonke liqondiswa ngokwezimiso zaphezulu nezindinganiso ezingokwasezulwini. Okokuqala nje, lokhu kusho ukuqaphela uJesu njengoMholi, omiswe njengeNhloko yebandla. (1 Korinte 11:3) Ukuzithoba kuye nakuYise ngokuzithandela kubonakala ngokholo esinalo ekumisweni kwabathile ngokwaphezulu nasezinqumweni ezihlobene nokwenza kwethu intando kaJehova ngobunye. Ngaphezu kwalokho, ebandleni lendawo ngalinye, kunamadoda amiselwe ukuba ahole. Angabantu abangaphelele esingase siwabone ngokushesha amaphutha abo; kodwa sinxuswa ukuba sibahloniphe ababonisi abanjalo futhi sizithobe. (Heberu 13:7, 17) Ingabe ngezinye izikhathi ukuthola kuyinselele lokho? Ingabe lokhu kuwuvivinyo ngempela kuwe? Uma kunjalo, ingabe uyazuza kulokhu kuvivinywa kokholo lwakho?
10. Yiluphi uvivinyo esibhekana nalo ngokuqondene nenkonzo yasensimini?
10 Siyavivinywa futhi ngokuphathelene nelungelo nemfuneko yokuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini. Ukuze siphumelele kulokhu kuvivinywa, kumelwe siqaphele ukuthi ukuba nengxenye egcwele enkonzweni kuhilela okungaphezu kokushumayela nje kokugcina icala. Khumbula amazwi kaJesu okuncoma umfelokazi ompofu owanikela ngakho konke ayenakho. (Marku 12:41-44) Singase sizibuze, ‘Ingabe nami ngokufanayo nginikela ngakho konke okwami enkonzweni yami yasensimini?’ Sonke kufanele sibe oFakazi BakaJehova usuku lonke, sikulungele ngawo wonke amathuba ukwenza ukukhanya kwethu kukhanye.—Mathewu 5:16.
11. Izinguquko ekuqondeni noma iseluleko sokuziphatha kungaba kanjani uvivinyo?
11 Olunye uvivinyo esingase sibhekane nalo luhlobene nezinga lokwazisa esinakho ngokukhanya okwandayo okukhanyisa amaqiniso eBhayibheli nangeseluleko esinikezwa ngesigaba sesigqila esikholekile. (Mathewu 24:45) Ngezinye izikhathi lokhu kudinga ukulungisa ekuziphatheni, njengalapho kucaca ukuthi labo ababesebenzisa ugwayi kwakuzodingeka bawuyeke uma babefuna ukuqhubeka besebandleni.a (2 Korinte 7:1) Noma, uvivinyo lungase lube ukuvuma isidingo sokulungisa ukukhetha kwethu emculweni noma kwezinye izinhlobo zokuzilibazisa.b Ingabe siyokungabaza ukuhlakanipha kweseluleko esinikezwayo? Noma ingabe siyovumela umoya kaNkulunkulu ulolonge ukucabanga kwethu futhi usisize ukuba sigqoke ubuntu bobuKristu?—Efesu 4:20-24; 5:3-5.
12. Kudingekani ukuze siqinise ukholo ngemva kokubhapathizwa?
12 Amashumi eminyaka, inani labesixuku esikhulu belilokhu landa, futhi ngemva kokubhapathizwa bayaqhubeka beqinisa ubuhlobo babo noJehova. Lokhu kuhilela okungaphezu kokuya emhlanganweni omkhulu wobuKristu, ukuya kweminye yemihlangano eHholo LoMbuso, noma ukuhlanganyela ngankathi enkonzweni yasensimini. Ngokwesibonelo: Umuntu angase abe ngaphandle kweBabiloni Elikhulu ngokomzimba, umbuso wezwe wenkolo yamanga, kodwa ingabe uye walishiya ngempela? Ingabe usanamathela kulezo zinto ezibonisa umoya weBabiloni Elikhulu—umoya wokudelela izindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga? Ingabe ukuziphatha okuhle ngokobulili nokuthembeka emshadweni ukuthatha kalula? Ingabe ugxile ezithakazelweni zomuntu siqu nezezinto ezibonakalayo ngaphezu kwezingokomoya? Yebo, ingabe uye wahlala engenabala lezwe?—Jakobe 1:27.
Zuza Okholweni Oluvivinyiwe
13, 14. Yini abanye abaye bayenza ngemva kokuqala ukuhamba endleleni yokukhulekela kweqiniso?
13 Uma siye sabaleka ngempela eBabiloni Elikhulu futhi saphuma ezweni, masingabheki ezintweni ezingemuva. Ngokuvumelana nesimiso esikuLuka 9:62, nganoma ubani kithi ukubheka emuva kungasho ukulahlekelwa ukuba isikhonzi soMbuso kaNkulunkulu. UJesu wathi: “Akukho muntu obeké isandla sakhe egejeni futhi abheke izinto ezisemuva owufanelekela kahle umbuso kaNkulunkulu.”
14 Kodwa abanye ababa amaKristu esikhathini esidlule kamuva baye bazivumela ukuba balolongwe bafane nalesi simiso sezinto. Abazange bamelane nomoya wezwe. (2 Petru 2:20-22) Iziphazamiso zezwe ziye zathatha isithakazelo nesikhathi sabo, ngaleyo ndlela zaphazamisa intuthuko yabo. Esikhundleni sokugcina izingqondo nezinhliziyo zabo zigxile eMbusweni kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, benze lokhu kuze kuqala ekuphileni, baye bachezuka ukuze baphishekele imigomo yezinto ezibonakalayo. Ngaphandle kokuba bashukumiseleke ukuba bavume ukuthi ukholo lwabo lubuthakathaka futhi basivivi nokuba bashintshe inkambo yabo ngokufuna iseluleko saphezulu, basengozini yokulahlekelwa ubuhlobo babo obuyigugu noJehova nenhlangano yakhe.—IsAmbulo 3:15-19.
15. Kudingekani ukuze sihlale samukeleka kuNkulunkulu?
15 Ukutholakala kwethu samukeleka futhi sisesimweni sokusinda osizini olukhulu olusondela ngokushesha kuxhomeke ekuzigcineni sihlanzekile, izivatho zethu ‘sizigeze egazini leWundlu.’ (IsAmbulo 7:9-14; 1 Korinte 6:11) Uma singalondolozi ukuma okuhlanzekile, okulungile phambi kukaNkulunkulu, inkonzo yethu engcwele ngeke yamukeleke. Ngokuqinisekile, ngamunye wethu kufanele aqaphele ukuthi imfanelo evivinyiwe yokholo iyosisiza ukuba sikhuthazele futhi sigweme ukungajatshulelwa uNkulunkulu.
16. Amanga angaba ukuvivinywa kokholo lwethu ngaziphi izindlela?
16 Ngezinye izikhathi, abezindaba kanye neziphathimandla bamangalela abantu bakaNkulunkulu ngamanga, bazikhulumele ngokungeyikho izinkolelo zethu zobuKristu nendlela yethu yokuphila. Akufanele kusimangaze lokhu ngoba uJesu ubonisa ngokucacile ukuthi ‘izwe laliyosizonda ngoba asiyona ingxenye yalo.’ (Johane 17:14) Ingabe siyobavumela labo abaphuphuthekiswe uSathane ukuba basesabise, basidumaze futhi basenze sibe namahloni ngezindaba ezinhle? Ingabe siyovumela amanga ngeqiniso ukuba akhinyabeze ukuya kwethu njalo emihlanganweni nomsebenzi wethu wokushumayela? Noma ingabe siyoma siqine, sibe nesibindi futhi sizimisele ngokwengeziwe kunanini ukuqhubeka simemezela iqiniso ngoJehova noMbuso wakhe?
17. Yisiphi isiqinisekiso esingasishukumisela ukuba siqhubeke sibonisa ukholo?
17 Ngokweziprofetho zeBhayibheli ezigcwalisekile, manje singene shí esikhathini sokuphela. Nakanjani amathemba ethu asekelwe eBhayibhelini ezwe elisha lokulunga azofezeka ngokujabulisayo. Kuze kufike lolo suku, kwangathi sonke singabonisa ukholo olungenakunyakaziswa eZwini likaNkulunkulu futhi sibonise ukholo lwethu ngokungayeki ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke. Cabanga ngezinkulungwane zabafundi abasha ababhapathizwa masonto onke. Ingabe leso akusona isizathu esanele sokuba siqaphele ukuthi ukubekezela kukaJehova ngokuqondene nokukhipha isahlulelo sakhe kungaphumela ekusindisweni kwabantu abaningi abengeziwe? Asijabuli yini ngokuthi uNkulunkulu uye wavumela ukuba umsebenzi osindisa ukuphila wokushumayela ngoMbuso uqhubeke? Futhi asijabuli yini ngokuthi izigidi ziye zamukela iqiniso futhi zibonisa ukholo lwazo?
18. Yini ozimisele ukuyenza ngokuphathelene nokukhonza uJehova?
18 Ukuthi ukuvivinywa kokholo lwethu kwamanje kuzoqhubeka isikhathi eside kangakanani asinakusho. Kodwa esiqiniseka ngakho yilokhu: UJehova unosuku alumisile lokwahlulela amazulu amabi nomhlaba omubi kwamanje. Okwamanje, masizimisele ukulingisa isimo esisezingeni eliphezulu sokholo oluvivinyiwe esaboniswa uMphelelisi wokholo lwethu, uJesu. Futhi masilandele isibonelo sensali egcotshiwe esikhulile ngeminyaka nesalabo abakhonza ngesibindi phakathi kwethu.
19. Yini ongaqiniseka ukuthi iyonqoba leli lizwe?
19 Kufanele sizimisele ukumemezela ngokungayeki izindaba ezinhle ezimi phakade kuzo zonke izizwe, izizwana, izilimi nabantu sibambisene nengelosi endiza emkhathini. Mabezwe isimemezelo sengelosi: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulelwa nguye selifikile.” (IsAmbulo 14:6, 7) Lapho kukhishwa leso sahlulelo saphezulu, uyoba yini umphumela ngokuqondene nesimo esivivinyiwe sokholo lwethu? Ngeke yini ube ukunqoba okukhazimulayo—ukukhululwa esimisweni sezinto samanje singene ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga? Ngokukhuthazelela ukuvivinywa kokholo lwethu, njengomphostoli uJohane, siyokwazi ukuthi: “Lokhu kungukunqoba okunqobe izwe, ukholo lwethu.”—1 Johane 5:4.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-June 1, 1973, amakhasi 336-43 neka-July 1, 1973, amakhasi 409-11 (zesiNgisi).
b Bheka INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-July 15, 1983, amakhasi 27-31.
Uyakhumbula?
◻ Kushiwo kanjani ukuthi ukuvivinywa kokholo lwethu kungabangela injabulo?
◻ Yikuphi okunye kokuvivinywa kokholo lwethu okungase kungabonakali kalula?
◻ Singazuza kanjani ngokukhuthazelela ngokuphumelelayo ukuvivinywa kokholo lwethu?
[Izithombe ekhasini 17]
U-A. H. Macmillan (kusukela kwesobunxele) ngesikhathi yena nezikhulu ze-Watch Tower Society beboshwa ngokungafanele
Wayeyisihambeli somhlangano owawuseDetroit, eMichigan, ngo-1928
Ngeminyaka yakhe yokugcina, uMfoweth’ uMacmillan wayesabonisa ukholo
[Isithombe ekhasini 18]
Njengalo mkhaya, amaKristu amaningi e-Afrika aye abonisa imfanelo evivinyiwe yokholo