Ukuphila NeNkonzo KaJesu
UJesu Uthuma Abanye Abangama-70 Ukuba Bayoshumayela
KUSEKUPHELENI kuka-32 C.E., iminyaka emithathu egcwele kusukela ekubhapathizweni kukaJesu. Yena nabafundi bakhe basanda kuya eMkhosini WamaDokodo eJerusalema, futhi ngokusobala baseseduze nakhona. Eqinisweni, uJesu usebenzisa iningi lezinyanga ezisele eziyisithupha zenkonzo yakhe eJudiya noma ngaphesheya nje koMfula iJordani esigodini sasePerea. Nalensimu kudingeka ihlanganiswe.
Kuyiqiniso, ngemva kwePhasika lika-30 C.E., uJesu wasebenzisa cishe izinyanga eziyisishiyagalombili eshumayela eJudiya. Kodwa ngemva kokuba amaJuda ezame ukumbulala lapho ngePhasika lika-31 C.E., wasebenzisa unyaka nengxenye olandelayo eshumayela cishe eGalile kuphela. Phakathi nalesosikhathi, wamisa inhlangano yabashumayeli enkulu futhi eqeqeshwe kahle, okuthile ayengenakho ngaphambili. Ngakho manje uqalisa umkhankaso wokugcina omkhulu wokufakaza eJudiya.
UJesu uqalisa lomkhankaso ngokukhetha abafundi abangama-70 futhi ebathuma ngababili. Ngakho-ke, kunamaqembu angama-35 esewonke abashumayeli boMbuso okusebenza lensimu. Laba bahamba ngaphambili kuyo yonke imizi nezindawo uJesu, ngokusobala ehambisana nabaphostoli bakhe, ahlela ukufika kuzo.
Esikhundleni sokuqondisa abangama-70 ukuba baye emasinagogeni, uJesu ubatshela ukuba bangene emakhaya abantu, echaza: “Nakuyiphi indlu eningena kuyo, qalani nithi: Ukuthula makube-kulendlu. Kuyakuthi uma kukhona lapho indodana yokuthula, ukuthula kwenu kohlala phezu kwayo.” Kumelwe sibe yini isigijimi sabo? “Nithi kubo,” kusho uJesu, “umbuso kaNkulunkulu usondele kini.” Ngokuphathelene nomsebenzi wabangama-70, iMatthew Henry’s Commentary iyabika: “NjengeNkosi yabo, nomaphi lapho babevakashela khona, babeshumayela endlini ngendlu.”
Iziyalezo zikaJesu kwabangama-70 ziyefana nalezo azinikeza abayi-12 lapho ebathumela emkhankasweni wokushumayela eGalile cishe unyaka ngaphambili. Abangama-70 akabaxwayisi nje kuphela ngokuphikiswa abayobhekana nakho, ebalungiselela ukuba badlulisele isigijimi kubaninikhaya, kodwa ubanikeza amandla okuphilisa abagulayo. Ngalendlela, lapho uJesu elandela ngokushesha kamuva, abaningi babeyoshisekela ukubona iNkosi ebafundi bayo abakwazi ukwenza izinto ezimangalisa kangaka.
Ukushumayela kwabangama-70 nomsebenzi kaJesu wokulandelela kuthatha cishe isikhashana. Ngokushesha amaqembu angama-35 abashumayeli boMbuso aqala ukubuyela kuJesu. “Nkosi,” besho ngenjabulo, “namademoni ayasithobela ngegama lakho.” Umbiko wenkonzo omuhle kanjalo ngokuqinisekile uyamjabulisa uJesu, ngoba uyasabela: “Ngabona, uSathane ewa ezulwini njengonyazi. Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela.”
UJesu uyazi ukuthi ngemva kokuzalwa koMbuso kaNkulunkulu esikhathini sokuphela, uSathane namademoni akhe kumelwe baxoshwe ezulwini. Kodwa manje lokhu kuxoshwa kwamademoni angabonakali kubantu benyama kusebenza njengesiqinisekiso esengeziwe salesosenzakalo esizayo. Ngakho-ke, uJesu ukhuluma ngokuwa kwesikhathi esizayo kukaSathane ezulwini njengokuqinisekile. Ngakho, kungokomqondo ongokomfanekiso ukuthi abangama-70 banikezwa amandla okunyathela izinyoka nofezela. Nokho, uJesu uthi: “Ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”
UJesu ujabula kakhulu futhi udumisa uYise obala ngenxa yokusebenzisa lezinceku zakhe ezithobekile ngendlela enamandla kangaka. Ephendukela kubafundi bakhe, uthi: “Abusisiwe amehlo abona enikubonayo. Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.” Luka 10:1-24; Mathewu 10:1-42; IsAmbulo 12:7-12.
◆ Kukuphi lapho uJesu ashumayela khona phakathi neminyaka emithathu yokuqala yenkonzo yakhe, futhi uhlanganisa yiphi insimu ezinyangeni zakhe zokugcina eziyisithupha?
◆ Kukuphi lapho uJesu aqondisa khona abangama-70 ukuba bathole abantu?
◆ Kungani uJesu athi wabona uSathane esewile kakade ezulwini?
◆ Kungamuphi umqondo abangama-70 banyathela izinyoka nofezela?