Isahluko 74
Iseluleko Esiya KuMarta, Nokufundisa Ngomthandazo
PHAKATHI nesikhathi senkonzo kaJesu yaseJudiya, ungena emzini waseBethaniya. Lapha kulapho uMarta, uMariya, nomfowabo uLazaru behlala khona. Mhlawumbe uJesu wahlangana nalaba abathathu ngaphambili enkonzweni yakhe, ngakho kakade usengumngane wabo omkhulu. Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, uJesu manje uya kubo kaMarta futhi wamukelwa nguye.
UMarta unesifiso sokuhlinzeka uJesu ngokungcono kakhulu anakho. Ngempela, kuyilungelo elikhulu ukuba uMesiya othenjisiwe avakashele ikhaya lomuntu! Ngakho uMarta uba matasa ekulungiseni izibiliboco nokunakekela eminye imininingwane eminingi eyenzelwa ukwenza ukuvakasha kukaJesu kujabulise ngokwengeziwe futhi kumenze anethezeke.
Ngakolunye uhlangothi, udadewabo kaMarta uMariya uhlala phansi ezinyaweni zikaJesu amlalele. Ngemva kwesikhashana, uMarta uyasondela athi kuJesu: “Nkosi, awukhathaleli ukuthi udadewethu ungishiyile, ngisebenze ngedwa, na? Ngakho yisho kuye ukuba angisize.”
Kodwa uJesu uyenqaba ukusho noma yini kuMariya. Kunalokho, weluleka uMarta ngokukhathazeka ngokweqile ngezinto ezibonakalayo. “Marta, Marta,” esola ngomusa, “unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi. Kodwa inye into edingekile.” UJesu usho ukuthi akudingekile ukuchitha isikhathi esiningi kulungiselelwa izinhlobo eziningi zokudla. Izinhlobo ezimbalwa nje kuphela noma ngisho nohlobo olulodwa lokudla lwanele.
Izinhloso zikaMarta zinhle; ufuna ukuba umnakekeli omuhle wezivakashi. Nokho, ngokunakekela kwakhe kokukhathazeka amalungiselelo ezinto ezibonakalayo, uphuthelwa ithuba lokwamukela ukufundisa komuntu siqu okuvela eNdodaneni yakhe siqu uNkulunkulu! Ngakho uJesu uyaphetha: “UMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.”
Kamuva, ngesinye isikhathi, omunye umfundi ubuza uJesu: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.” Ngokunokwenzeka lomfundi wayengekho cishe unyaka nengxenye ngaphambili lapho uJesu enikeza umthandazo oyisibonelo eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni. Ngakho uJesu uphinda iziyalezo zakhe kodwa abeseqhubeka enikeza umfanekiso ukuze agcizelele isidingo sokuphikelela emthandazweni.
“[Yi]muphi kini oyakuba-nomhlobo,” kuqala uJesu, “aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe-zintathu, ngokuba kufiké kimi umhlobo wami evela ekuhambeni, kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe; yena-ke ophakathi aphendule athi: Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike, na? Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe, nokho ngenxa [yokuphikelela, NW] kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo.”
Ngalokhu kuqhathanisa uJesu akaqondile ukusho ukuthi uJehova uNkulunkulu akazimisele ukusabela ezicelweni, njengoba ayenjalo umhlobo endabeni yakhe. Cha, kodwa ubonisa ukuthi uma umhlobo ongathandi eyosabela ezicelweni zokuphikelela, uyokwenza kanjalo kakhulu kangakanani uBaba wethu onothando osezulwini! Ngakho uJesu uyaqhubeka: “Ngakho-ke ngithi kini, Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa. Ngoba bonke abacelayo bayamukela, bonke abafunayo bayathola, futhi bonke abangqongqozayo bayovulelwa.”—NW.
Khona-ke uJesu ubhekisela kobaba abangabantu abangaphelele, abanesono, ethi: “[Yi]muphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; uma icela iqanda, ayinike ufezela, na? Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.” Ngempela, yeka isikhuthazo esishukumisayo uJesu asinikezayo sokuba abaphikelelayo emthandazweni. Luka 10:38–11:13.
▪ Kungani uMarta elungiselela uJesu kakhulu kangaka?
▪ UMariya wenzani, futhi kungani uJesu etusa yena kunoMarta?
▪ Yini ebangela uJesu ukuba aphinde iziyalezo zakhe ngomthandazo?
▪ UJesu usifanekisa kanjani isidingo sokuba abaphikelelayo emthandazweni?