-
Kufanele Sithandaze kanjani KuNkulunkulu?INqabayokulinda—1996 | Julayi 15
-
-
LAPHO umfundi othile ecela ukufundiswa ngokuqondene nomthandazo, uJesu akenqabanga. NgokukaLuka 11:2-4, waphendula: “Lapho nithandaza, anothi: Baba, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawufike. Siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla. Futhi usithethelele izono zethu, ngoba nathi siyabathethelela bonke abantu abanecala kithi. Futhi ungasiholeli ekulingweni.” (I-Douay Version yamaKatolika) Ngokuvamile lona waziwa ngokuthi uMthandazo WeNkosi. Unengcebo yolwazi.
-
-
Kufanele Sithandaze kanjani KuNkulunkulu?INqabayokulinda—1996 | Julayi 15
-
-
Zibekwa nje, igama lokuqala ngqá lisitshela ukuthi kufanele siyibhekise kubani imithandazo yethu—kuBaba wethu. Phawula ukuthi uJesu akazange akuvumele nakancane ukuthandaza komunye umuntu, isithombe, noma “usanta,” noma ngisho nakuye. Kakade uNkulunkulu wayethe: “Ngeke nginikeze omunye inkazimulo yami, nodumo lwami izinto ezibaziwe.” (Isaya 42:8, Dy) Ngakho-ke imithandazo eqondiswe kunoma yini noma kunoma ubani ngaphandle kukaBaba wethu wasezulwini uNkulunkulu, akayizwa, kungakhathaliseki ukuthi lowo mkhulekeli uqotho kangakanani. EBhayibhelini, uJehova uNkulunkulu kuphela obizwa ngokuthi ‘umuzwi wemikhuleko.’—IHubo 65:2, NW.
Abanye bangase bathi “osanta” bamane nje bangabanxuseli kuNkulunkulu. Kodwa uJesu ngokwakhe wayala: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami. Futhi, noma yini eniyicelayo egameni lami, ngiyoyenza leyonto, ukuze uBaba akhazinyuliswe mayelana neNdodana.” (Johane 14:6, 13) Ngaleyo ndlela uJesu wawuchitha umqondo wokuthi kunothile obizwa ngokuthi usanta ongafeza indima yokuba umnxuseli. Phawula nalokho umphostoli uPawulu akusho ngokuqondene noKristu: “Akasifelanga nje kuphela—wavuka kwabafileyo, futhi umi laphaya ngakwesokunene sikaNkulunkulu esincengela.” “Uphila phakade ukuze anxusele bonke abeza kuNkulunkulu ngaye.”—Roma 8:34; Heberu 7:25, i-Jerusalem Bible yamaKatolika.
Igama Okumelwe Lingcweliswe
Amazwi alandelayo omthandazo kaJesu athi: “Malingcweliswe igama lakho.” Umuntu angalingcwelisa, noma alihlukanise, kanjani igama likaNkulunkulu uma engalazi futhi engalisebenzisi? ‘ETestamenteni Elidala’ uNkulunkulu ubizwa ngegama lakhe elithi Jehova izikhathi ezingaphezu kuka-6 000.
Umbhalo waphansi ka-Eksodusi 6:3 kuyi-Douay Version yamaKatolika uthi ngokuqondene negama likaNkulunkulu: “Abanye abantu bosuku lwanamuhla baye baklama igama elithi Jehova . . . , ngoba indlela yangempela yokubiza igama [likaNkulunkulu], elisembhalweni wesiHeberu, seyilahleke ngokuphelele ngenxa yokungasetshenziswa isikhathi eside.” Ngakho i-New Jerusalem Bible yamaKatolika isebenzisa igama elithi Yahweh. Nakuba izazi ezithile zikhetha leyo ndlela yokulibiza, elithi “Jehovah” liyindlela esemthethweni nekade yaba khona yokubiza igama laphezulu ngesiNgisi. Ezinye izilimi zinezazo izindlela zokubiza igama laphezulu. Into esemqoka iwukuba sisebenzise leli gama ukuze silingcwelise. Ingabe isonto lakho liye lakufundisa ukuba usebenzise igama elithi Jehova lapho uthandaza?
Izinto Okufanele Ukuzithandazela
Ngokulandelayo uJesu wafundisa abafundi ukuba bathandaze bathi: “Umbuso wakho mawufike.” IVangeli likaMathewu linezela amazwi athi: “Intando yakho mayenziwe emhlabeni njengoba kunjalo ezulwini.” (Mathewu 6:10, Dy) UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni ophathiswe uJesu Kristu. (Isaya 9:6, 7) Ngokwesiprofetho seBhayibheli, maduze nje uzosusa bonke ohulumeni babantu bese ungenisa inkathi yokuthula kwembulunga yonke. (IHubo 72:1-7; Daniyeli 2:44; IsAmbulo 21:3-5) Ngakho-ke emithandazweni yawo amaKristu eqiniso akuthinta njalo ukuza koMbuso. Ingabe isonto lakho liye lakufundisa ukuba wenze kanjalo?
-