Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Umthombo Wenjabulo
PHAKATHI nenkonzo yakhe eGalile, uJesu wenza izimangaliso, futhi manje useyaziphinda eJudiya. Ngokwesibonelo, ukhipha kwenye indoda idemoni eliye layenza ukuba ingakwazi ukukhuluma. Izixuku ziyamangala, kodwa abagxeki baphakamisa impikiswano efana naleyo eyaphakanyiswa eGalile. “Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni,” besho. Abanye bafuna ubufakazi obukhudlwana kuJesu bokuthi ungubani, futhi bazama ukumlinga ngokucela isibonakaliso esivela ezulwini.
Njengoba ekwazi abakucabangayo, uJesu unikeza abagxeki bakhe baseJudiya impendulo efana naleyo ayinikeza labo abaseGalile. Uphawula ukuthi yonke imibuso ehlukene yodwa iyowa. Uyabuza: “NoSathane, uma ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na?” Ubonisa isimo esiyingozi abagxeki bakhe abakuso ngokuthi: “Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.”
Labo ababona izimangaliso zikaJesu kufanele basabele kuzo ngendlela efanayo neyalabo ababona uMose enza isimangaliso emakhulwini eminyaka ngaphambili. Bamemeza: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.” ‘Kwakungumunwe kaNkulunkulu’ futhi owaqopha iMiyalo Eyishumi ezibhebheni zamatshe. Futhi ‘umunwe kaNkulunkulu’—umoya wakhe ongcwele, noma amandla ayisiphekupheku—yiwo owenza ukuba uJesu akwazi ukukhipha amademoni nokwelapha abagulayo. Ngakho uMbuso kaNkulunkulu usufikile ngempela kulabagxeki, njengoba uJesu, iNkosi yoMbuso ekhethiwe, ikhona khona lapho phakathi kwabo.
Khona-ke uJesu ubonisa ngomfanekiso ukuthi ukwazi kwakhe ukukhipha amademoni kuwubufakazi bokuba kwakhe namandla phezu kukaSathane, njengalapho indoda eyisiqhwaga ifika futhi inqoba indoda ehlome yaphelela eqaphe isigodlo sayo. Uphinda futhi umfanekiso awulandisa eGalile mayelana nomoya ongcolile ophumayo kumuntu, kodwa lapho umuntu engasigcwalisi isikhala ngezinto ezinhle, umoya uyabuyela neminye eyisikhombisa, futhi isimo salowomuntu siba sibi ukwedlula ekuqaleni.
Njengoba elalele lezimfundiso, owesifazane osesixukwini ushukunyiselwa ukuba amemeze kakhulu: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.” Njengoba isifiso sabo bonke abesifazane abangamaJuda siwukuba umama womprofethi futhi ikakhulukazi uMesiya, kuyaqondakala ukuthi lona owesifazane wayengakusho lokhu. Ngokusobala wayecabanga ukuthi uMariya wayengajabula ngokukhethekile ngenxa yokuba unina kaJesu.
Nokho, ngokushesha uJesu uyamqondisa lona owesifazane ngokuphathelene nomthombo wangempela wenjabulo. “Yebo,” uyasabela, “kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.” UJesu akazange neze abonise ukuthi unina, uMariya, kufanele anikezwe inhlonipho ekhethekile. Kunalokho, wabonisa ukuthi injabulo yeqiniso itholakala ekubeni yinceku ethembekile kaNkulunkulu, hhayi kunoma ibuphi ubuhlobo obungokwenyama noma amakhono.
Njengoba enza eGalile, uJesu nalapha uyaqhubeka esola abantu ngenxa yokucela isibonakaliso esivela ezulwini. Ubatshela ukuthi ngeke kunikezwe isibonakaliso ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona. UJona waba isibonakaliso kokubili ngezinsuku zakhe ezintathu esenhlanzini nangokushumayela kwakhe ngesibindi, okwaphumela ekubeni abaseNineve bashukunyiselwe ukuba baphenduke. “Bhekani,” kusho uJesu, “lapha kukhona okukhulu kunoJona.” Ngokufanayo, indlovukazi yaseSheba yamangazwa ukuhlakanipha kukaSolomoni. “Bhekani,” kuphinda uJesu, “lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.”
UJesu uchaza ukuthi lapho umuntu ekhanyisa isibani, akasibeki esitha noma ngaphansi kwesitsha kodwa othini ukuze abantu babone ukukhanya. Mhlawumbe usikisela ukuthi ukufundisa nokwenza izimangaliso phambi kwalabantu abalukhuni abasezilalelini zakhe kufaniswa nokusithibeza ukukhanya kwesibani. Amehlo ezibukeli ezinjalo mabi, noma awagxilile, ngakho injongo ehloselwe lezimangaliso zakhe ayifezwa.
UJesu usanda kukhipha idemoni futhi ubangele ukuba isimungulu sikhulume. Lokhu kufanele kushukumisele abantu abanamehlo amahle, noma agxilile ukuba badumise lesisenzo esibalulekile nesihle kakhulu futhi bamemezele izindaba ezinhle! Nokho, kulabagxeki, lokhu akwenzeki. Ngakho uJesu uyaphetha: “Ngakho qaphela ukuba ukukhanya okukuwe kungabi-ngubumnyama. Njalo-ke uma umzimba wakho wonke ungukukhanya ungenandawo emnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso.” Luka 11:14-36; Eksodusi 8:18, 19; 31:18; Mathewu 12:22, 28.
◆ Kuba yini ukusabela ekuphiliseni kukaJesu indoda?
◆ Uyini umunwe kaNkulunkulu, futhi uMbuso kaNkulunkulu wawufike kanjani ezilalelini zikaJesu?
◆ Uyini umthombo wenjabulo yeqiniso?
◆ Umuntu angaba kanjani neso elihle?