-
Incwadi YeBhayibheli Yama-32—UJona“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
3. Yini ebonisa ukuthi indaba kaJona iyiqiniso?
3 Akukho kungabaza ngokuthi konke ukulandisa kukaJona kuyiqiniso. ‘UMphelelisi wokukholwa kwethu, uJesu,’ wabhekisela kuJona njengomuntu ongokoqobo futhi wanikeza incazelo ephefumlelwe yezimbili zezenzakalo ezingokwesiprofetho ezikuJona, ngaleyondlela ebonisa ukuthi lencwadi iqukethe isiprofetho esiyiqiniso. (Heb. 12:2; Math. 12:39-41; 16:4; Luka 11:29-32)
-
-
Incwadi YeBhayibheli Yama-32—UJona“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
11. Siyini “isibonakaliso sikaJona”?
11 KuMathewu 12:38-41, uJesu watshela abaholi benkolo ukuthi ukuphela kwesibonakaliso ababeyonikezwa sona ‘kwakuyisibonakaliso sikaJona.’ Ngemva kokuba ‘sesiswini sendawo yabafileyo’ izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu uJona waya eNineve futhi washumayela, ngaleyondlela eba “isibonakaliso” kwabaseNineve. (Jona 1:17; 2:2; 3:1-4) Ngokufanayo, uJesu wachitha izingxenye zezinsuku ezintathu esethuneni futhi wavuswa. Lapho abafundi bakhe bememezela ubufakazi balesosenzakalo, uJesu waba isibonakaliso kulesosizukulwane. Ngokwendlela yamaJuda yokulinganisa isikhathi namaqiniso ekugcwalisekeni kwendaba kaJesu, lenkathi ‘yezinsuku ezintathu nobusuku obuthathu’ ivumela izinsuku ezingaphansi kwezintathu ezigcwele.b
-