Isahluko 76
Ukudla NomFarisi
NGEMVA kokuba uJesu ephendule abagxeki abangabaza umthombo wamandla akhe okuphulukisa indoda eyayingakwazi ukukhuluma, umFarisi othile ummemela ekudleni kwasemini. Ngaphambi kokuba badle, abaFarisi bahlanganyela emkhubeni wokugeza izandla zabo kuze kube sendololwaneni. Benza lokhu ngaphambi nangemva kokudla ngisho nangezikhathi ezithile phakathi nokudla. Nakuba lomkhuba ungaweqi umthetho kaNkulunkulu obhaliwe, udlulela ngalé kwalokho uNkulunkulu akufunayo endabeni yenhlanzeko engokomthetho.
Lapho uJesu engaligcini lelisiko, ommemile uyamangala. Ngisho nakuba ukumangala kwakhe engenakukusho ngomlomo, uJesu uyakubona abese ethi: “Manje-ke nina-baFarisi nihlambulula ingaphandle lenkenzo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ukuphanga nokubi. Ziwula, yena owalenza ingaphandle akalenzanga nengaphakathi na?”
Ngaleyondlela uJesu udalula ubuzenzisi babaFarisi abageza izandla zabo ngenxa yokuba kuwumkhuba kodwa bahluleke ukugeza ububi ezinhliziyweni zabo. Uyeluleka: “Yiphani okungaphakathi kube-yisiphiwo sabampofu, bhekani-ke, kobe kuhlambulukile konke kini.” Ukupha kwabo kufanele kushukunyiswe inhliziyo enothando, hhayi isifiso sokuhlaba abanye umxhwele ngokuzishaya kwabo abalungile.
“Maye kinina-baFarisi,” kuqhubeka uJesu, “ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.” UMthetho kaNkulunkulu kuIsrayeli unemfuneko yokuba kukhokhwe okweshumi, noma ingxenye yeshumi, kwemikhiqizo evela emasimini. Isinkuntshane nentshungu izitshalo noma amakhambi amancane asetshenziswayo ekunongeni ukudla. AbaFarisi bakukhokha ngokunakekela okweshumi ngisho nokwalamakhambi angabalulekile, kodwa uJesu uyabalahla ngokungayinaki imfuneko ebaluleke ngokwengeziwe yokubonisa uthando, umusa, nokulinganisela.
Eqhubeka ebalahla, uJesu uthi: “Maye kinina-baFarisi, ngokuba nithanda izihlalo eziphambili emasinagogeni nokubingelelwa ezigcawini zokuthengiselana! Maye kinina, ngokuba nifana namathuna angasabonakaliyo, nabantu abahamba ngaphezu kwawo bengawazi!” Ukungcola kwabo akukho obala. Inkolo yabaFarisi iyabukeka ngaphandle kodwa ngaphakathi ayinalutho! Isekelwe ebuzenzisini.
Elalele ukulahlwa okunjalo, ummeli othile, omunye walabo abayizazi zoMthetho kaNkulunkulu, uyakhononda: “Mfundisi, ngokusho lokho uyasijivaza nathi.”
UJesu uzibeka icala nazo lezazi zoMthetho, ethi: “Maye nakinina-zazimthetho, ngokuba nithwesa abantu imithwalo ethwaleka kalukhuni! Nina-ke uqobo lwenu aniyithinti leyomithwalo nangowodwa weminwe yenu. Maye kinina, ngokuba niyawakha amathuna abaprofethi, kanti oyihlo bababulala!”
Imithwalo uJesu akhuluma ngayo ingamasiko ashiwo ngomlomo, kodwa labameli babengenakususa ngisho nomtheshwana owodwa ukuze bakwenze kube lula ngabantu. UJesu wembula ukuthi bavumela ngisho nokubulawa kwabaprofethi, futhi uyaxwayisa: “Kulesisizukulwane igazi labaprofethi bonke elachithwa kwasekusekelweni komhlaba [lizakubizwa], kusukela egazini lika-Abela kuze kufike egazini likaZakariya owabulawa phakathi kwealtare nethempeli. Yebo, ngithi kini: Lizakubizwa kulesisizukulwane.”
Izwe lesintu esidinga ukuhlengwa laqala lapho uAdamu noEva bezala abantwana; ngaleyondlela, uAbela wayephila “ekusekelweni komhlaba.” Ngemva kokubulawa okubuhlungu kukaZakariya, ibutho lama-Aramu laphanga uJuda. Kodwa uJesu ubikezela ukuphangwa okubi kakhulu kwesizukulwane sakhe siqu ngenxa yobubi baso obukhulu ngokwengeziwe. Lokhu kuphangwa kwenzeka cishe eminyakeni engu-38 kamuva, ngo-70 C.E.
Eqhubeka nokubalahla, uJesu uthi: “Maye kinina-zazimthetho, ngokuba nisisusile isihluthulelo sokwazi! Nina uqobo lwenu aningenanga, nabangenayo nabavimbela.” Izazi zoMthetho ziphoqelekile ukuba zichazele abantu iZwi likaNkulunkulu, zembule incazelo yalo. Kodwa ziyahluleka ukukwenza lokhu zize ngisho zisuse ithuba lokuqonda kubantu.
AbaFarisi nezazi zomthetho bathukuthelela uJesu ngokubadalula. Lapho ephuma endlini, baqala ukumphikisa kanzima futhi bamvimbezela ngemibuzo. Bazama ukumcupha ukuba asho okuthile abangambamba ngakho. Luka 11: 37-54; Duteronomi 14:22; Mika 6:8; 2 IziKronike 24:20-25.
▪ Kungani uJesu elahla abaFarisi nezazi zoMthetho?
▪ Imiphi imithwalo abameli abayibeka phezu kwabantu?
▪ Kwakunini ‘ukusekelwa komhlaba?’