Impilo Nenjabulo—Ungakuthola Kanjani?
KUDALA umuntu abuqaphela ubudlelwano obuseduze obuphakathi kwempilo nenjabulo. UHippocrates, ocatshangelwa ngokuthi ‘ungubaba wezokwelapha,’ wathi: “Umuntu ohlakaniphile kufanele acabangele ukuthi impilo iyisibusiso esikhulu kunazo zonke somuntu.” Isazi sefilosofi esingumJalimane uArthur Schopenhauer saphawula: “Izitha ezimbili zenjabulo yomuntu ziwubuhlungu nesizungu.”
Encwadini ethi Anatomy of an Illness as Perceived by the Patient, uNorman Cousins walandisa okuhlangenwe nakho kwakhe kokusebenzisa ukuhleka ekulweni nokugula kwakhe okwakungenzeka kusongele ukuphila. Wathi ukululama kwakhe okungenani ngokwengxenye kwakubangelwe ukuhleka kakhulu ayekujabulela lapho ebukela amafilimu amahlaya. Odokotela abahlonishwayo baye baqalisa ukuhlola inzuzo engatholakala kumakhemikhali athile, abizwa ngokuthi amaendorphin, akhishwa umzimba lapho sihleka. Kanjalo singakubona ukuhlakanipha kwalesisaga esiphefumlelwe: “Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle.”—IzAga 17:22.
Nokho, ngokuphambene, abacwaningi baye bathola ukuthi impilo enhle ayinikezi isiqinisekiso sokuthi nakanjani uyothola injabulo, ngoba abantu abaningi abanempilo enhle abajabulile. Ekuhloleni okwakusekelwe engxoxweni okubuzwa kuyo imibuzo, izimpendulo zabantu abangaphezu kwabangu-100 000 zaholela uJonathan Freedman esiphethweni esingalindelekile sokuthi amaphesenti angaphezu kuka-50 abantu ababengajabulile ngokuphila kwabo ngokuyisisekelo ayenempilo enhle.
Impilo Nenjabulo—Ngamafuphi
Khona-ke, singayifunaphi lenhlanganisela yempilo nenjabulo engafinyeleleki? Ukuqonda okuthakazelisayo kwanikezwa nguConfucius emakhulwini eminyaka adlule: “Uhulumeni olungile uyazuza uma labo abaseduze nawo bejatshuliswa, futhi nalabo abakude bekhangeka.” Uma sisondela esikhathini sethu, umbusi wezwe uThomas Jefferson wamemezela ukuthi okuwukuphela komgomo kahulumeni ‘uwukulondoloza izinga elikhulu kakhulu lenjabulo engatholakala oquqabeni ngokubanzi lwalabo abahlangene ngaphansi kwawo.’
Eqinisweni, ukuhlolisisa kwembula ukuthi ikhambi lokugcina ekufuneni kwesintu impilo nenjabulo ngempela ligxila entweni eyodwa—uhulumeni.
Phakathi neminyaka edlule, abantu baye bayifuna lapho—kuhulumeni—injabulo yabo. Ngokwesibonelo, isiMemezelo Sokuzimela SaseUnited States sinalamazwi adumile: “Lamaqiniso siwathatha njengazifakazelayo, ukuthi bonke abantu badalwe belingana, ukuthi banikezwe nguMdali wabo amaLungelo athile angenakudluliselwa komunye umuntu, phakathi kwalawa kukhona ukuPhila, iNkululeko nokuphishekela iNjabulo.” Phawula ukuthi uhulumeni okwakucatshangwa ngawo lapho wathembisa izikhonzi zawo ilungelo lokuphishekela injabulo kuphela. Ngokuphathelene nempilo, ohulumeni abaningi ngokutusekayo baye bakhuthaza izinhlelo zokuthuthukisa impilo yezakhamuzi zabo. Noma kunjalo, impilo enhle evamile kwabaningi iye yabonakala ingafinyeleleki.
Nokho kuthiwani ngohulumeni othembisa ukulungiselela ngisho nokwengeziwe? Kuthiwani uma ungathembisi ukuphishekela injabulo kuphela kodwa injabulo ngokwayo? Futhi kuthiwani uma ungathembisi isiqiniseko sempilo, kodwa impilo enhle ngokwayo? Ingabe ubungeke ujabule ngokuthi silapha isihluthulelo sokugcina ekufuneni kwesintu impilo nenjabulo?
Abaningi namuhla bangase bacabange ukuthi lokhu kuyiphupho elingenakugcwaliseka, kanti uhulumeni onjalo empeleni ubikezelwa futhi uchazwa ngokuningiliziwe. Singathola ukwaziswa okunokwethenjelwa eBhayibhelini Elingcwele, futhi lohulumeni unguMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya.
UMbuso, Noma Uhulumeni, KaNkulunkulu
IBhayibheli livame ukukhuluma ‘ngombuso kaNkulunkulu.’ Empeleni uyini? IWebster’s New World Dictionary of the American Language ichaza “umbuso” ngokuthi “uhulumeni noma yizwe eliholwa inkosi noma indlovukazi.” Kalula nje, uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni, uhulumeni wasebukhosini oholwa iNdodana kaNkulunkulu egcotshiwe neyiNkosi, uJesu Kristu. Ubaluleke kangakanani ngempela lohulumeni enjongweni kaNkulunkulu? Amazwi kaJesu mawaphendule: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu . . . Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke . . . Ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho. . . . Ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo.”—Mathewu 6:33; 24:14; Luka 4:43; 16:16.
Igama elithi “umbuso” lisetshenziswa izikhathi ezingaphezu kweziyikhulu ekulandiseni kwamaVangeli okuphila kukaJesu, ngezinye izikhathi ngokuhlobene ngokuqonde kakhulu nempilo nenjabulo. Phawula uMathewu 9:35: “UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke.” Nakuba uJesu ahlanganisa ukulethwa kwempilo enhle nokufundisa kwakhe ngoMbuso, kufanele siphawule ukuthi ukuphilisa kwakhe ukugula kwakuza kamuva ekushumayeleni nasekufundiseni kwakhe. Wayaziwa ngokuthi “uMfundisi,” hhayi ngokuthi “uMphilisi.” (Mathewu 26:18; Marku 14:14; Johane 1:38) Akazange agxile ngokuyinhloko ekuphiliseni abantu noma ekunakekeleni abagulayo. Ukukhathalela kwakhe okuyinhloko njalo kwakuba seMbusweni. Ngokunakekela ukugula kwabantu, wabonisa isihawu sakhe esikhulu futhi wabonakalisa ukuthi wayesekelwa ngokwaphezulu.
Ukuphilisa kukaJesu futhi kwaba ukuboniswa kusengaphambili kokubuyiselwa kwempilo yabantu azokufeza lapho uMbuso kaNkulunkulu ulawula umhlaba ngokugcwele. Lokhu kugcizelelwa umbono ochazwe kusAmbulo 22:1, 2: “Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu. Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emaceleni omabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe.”
Kodwa kukuphi lapho okuyokwenzeka khona ngathi ukuba sijabulele lokhu? Kungase kubonakale kuyihaba ukulindela ukwelashwa okunjalo okumangalisayo ukuba kwenzeke emhlabeni. Nokho, khumbula amazwi kaJesu okungenzeka ukuthi nawe ngokwakho uye wawasho emthandazweni: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.
Ngakho-ke, eMbusweni kaNkulunkulu wobuMesiya kulapho kunethemba lethu elingokoqobo nelinokwethenjelwa lempilo nenjabulo esikhathini esizayo. Nokho umbuzo usasele.
Ingabe Singayijabulela Impilo Nenjabulo Manje?
Ngisho namanje, ukulandela kwethu izimiso zeBhayibheli kungasenza sikwazi ukujabulela isilinganiso esikhudlwana sempilo, kanye nenjabulo eyengeziwe. Njengoba kuye kwaboniswa njalo emakhasini alomagazini, labo abasebenzisa iBhayibheli ekuphileni kwabo kwansuku zonke ngokuvamile bayavikeleka ezinkingeni ezingokwempilo eziba umphumela wokuziphatha okubi ngokobulili, ukubhema, ukuphuza ngokweqile, nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa. Futhi bathola izinzuzo zokuphila okunokuthula okukhudlwana kanye nobudlelwane obungcono nezihlobo zabo kanye nabanye.
Nokho, sesibonile kakade ukuthi akukhona ukuthi nakanjani impilo enhle iphumela enjabulweni ehlala njalo. Kuyodingani kuwe ukuba ujabulele isilinganiso esikhudlwana senjabulo?
Ekuhloleni okukhulunywe ngakho ngaphambili, uJonathan Freedman wacabangela lowombuzo ngokujulile. Wahlola izici ezinjengalezi “Uthando Nobulili,” “Ubusha Nobudala,” “Iholo Nemfundo,” ngisho nalesi “Idolobha Namaphandle.” Kungase kukuthakazelise ukwazi ukuthi wathola ukuthi lezizici zinethonya elincane enjabulweni yomuntu eyisisekelo. Ngokwesibonelo, ecaphuna izibonelo zabantu ababenezinto eziningi ezibonakalayo kodwa ababesalokhu bengajabulile, waphetha ngokuthi: “Ngokumangalisayo, sibonile ukuthi iholo nemfundo akubonakali kunendima eyinhloko enjabulweni.”
Iziphetho zakhe zenanela umlobi ohlakaniphile weBhayibheli, umphostoli uPawulu, owathi: “Ngifunde ukuba nganeliswe, kungakhathaliseki ukuthi ngikusiphi isimo.” (Filipi 4:11, King James Version) Futhi, khumbula amazwi kaJesu: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”—Luka 12:15.
Ngempela, uProfesa Freedman wathola lokhu: “Ngazo zonke izikhathi, njengoba sihlola izinkulumo ezikhulunywa abantu abangajabulile ababonakala benazo zonke izinto, sibathola bephawula ukuthi ukuphila kwabo kuntula injongo nesiqondiso.” Wanezela: “Ngiyangabaza ukusho okuningi ngalokhu, kodwa kuyabonakala ukuthi izindinganiso ezingokomoya ziyayithonya imizwa yomuntu ngezinto ezingamaqiniso, kuyilapho ukuntuleka kwazo ngezinga elithile kulimaza noma kuthikameza konke okunye.”
Osukwini lwethu sibona ubufakazi bokuba yiqiniso kwalamazwi. Ake uqalaze nxazonke. Ingabe awuboni cishe bonke abantu—abanye abaswele, abanye abanokuningi—bephishekela injabulo kodwa bengayitholi ngokugcwele? Yiqiniso, abanye baye bazidela futhi baphila esimweni sokungabi nathemba, kanti abaningi baphila ukuphila kwabo njengokungathi basemzungezweni, bejaha, kodwa bengaze bakufice, lokho abakuphishekelayo. Abanye bashadela ukuthola injabulo, ngisho nakuba umakhelwane wabo ehlukanisa ngenxa yesizathu esifanayo. Abanye bazikhandla ngomsebenzi, kuyilapho abanye bewushiya ukuze bathathe amaholide amade mhlawumbe nabizayo. Bonke bafuna umgomo ofanayo ongafinyeleleki, ukuba nempilo nokujabula. Ingabe bayakuthola? Ingabe ukutholile?
Impilo Yakho, Injabulo Yakho
Iqiniso liwukuthi, ungaba nesilinganiso esikhulu sempilo nenjabulo manje. Kanjani?
Ngokuqinisekile kuhlakaniphile ukuzama ukunakekela impilo yakho ngendlela elinganiselwe, njengokusebenzisa iseluleko seBhayibheli esiwusizo. Kuzosiza futhi ukuba ubheke izinto ngendlela engokoqobo. Lokho kuhilela ukuqaphela ukuthi imizimba yethu engaphelele ingase ingenwe izifo, kodwa ngeke siphele amandla uma lokho kwenzeka. Lokhu kungase kufune umzamo owengeziwe ukuze silondoloze umbono wokuba nethemba ngesikhathi esizayo njengoba sigxila esithembisweni sempilo ephelele ezweni elisha elizayo.
Ukuze ubone ukuthi unaso yini isilinganiso esikahle senjabulo manje, zibuze lemibuzo: 1. Ingabe ngokuyisisekelo ngiyakulawula ukuphila kwami siqu? 2. Ingabe ngokuyisisekelo nginokuthula mina ngokwami kanye nalabo abangizungezile? 3. Ingabe ngokuvamile ngiyajatshuliswa yizinto engizifezayo ekuphileni kwami uma ngiziqhathanisa nalokho okushiwo yiBhayibheli? 4. Ingabe mina nomkhaya wami siyakujabulela ukukwazi ukukhonza uNkulunkulu?
Ngezinga elikhulu, yithina okumelwe sikhethe. Abaningi bethu ngokuyisisekelo bangase babe nempilo enhle, futhi nathi singakhetha ukujabula. Kodwa kumelwe sibe nemigomo engokomoya bese sisebenzela ukuyifinyelela. Khumbula amazwi kaJesu: “Lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba-khona lapho.” (Mathewu 6:21) Futhi sinesizathu esisekelwe eBhayibhelini sokubheka phambili ngisho nasempilweni nenjabulo enkulu nangokwengeziwe ngaphansi kokubusa okuphelele koMbuso wobuMesiya. Ngalesosikhathi singaba nempilo ephelele nenjabulo.
[Isithombe ekhasini 7]
Abantu abajabulayo bayakujabulela ukuhlanganyela nabanye ithemba abanalo lokuba nempilo ephelele